2010-07-26

Le nkondlo

Abahlale bekhuluma iqiniso kuthiwa bazenza ngcono
Abanye bahlale belole amehlo bagagula abagqoke
okungabafanele nabangamile kahle ungaze ufunge
ukuthi badalwa ibona
Abanye bahluleka ukwamukela abanakho babhizi bajahana
notalagu bazenza uma beke babona okwakho noma isimo
singakabavumi ngenkani nabo bafuna ukuba nakho
Imiqondo yamajita inezandla iphenya iziketi ngamehlo
benza ucansi nabo bonke abagqoke iziketi ezingaphelele
abadlula ngendlela
Abesilisa uma beyofuna umsebenzi abaqashi bavula
izandla bathi abagwaze kwabesifazane kuthiwa abavule
imilenze bagwazwe
Abasezintweni basebenzisa izinto zabo ukungena ezintweni
bafake nasezithweni
Abanye izindlela zabo zaphakathi nesonto azifani
nezinkulumo zabo ngaphakathi esontweni

Lenkondlo ayilidingi ihlombe idinga abazothwala
balungise okukuyo, le nkondlo

Amamuffins asaba nespace, inkondlo isiyaba inkondlo
ngamapunchlines nami ngingomunye wosonkondlo lalela
le nkondlo izokufundisa okwaziyo nokuzibayo
Abanye amehlo abo axegelwa isimilo uma sihaya
izinkondlo basikhomba ogcobho nezici eyi wena khohlwa
yimina lalela engikushoyo

Abathakathi bakhala ukudlula wonke umuntu emgcwabeni
ubezwa sebememeza "usishiye ngokuzuma" thula lwabishi
akanti uwena obumuphathele umshini wakhe
Igama elithi Julius Malema selaphenduka ipunchline
konke okufuna i-attention kumemeza lone nywe nywe
nywe "he is a racist", thula noyihlo uyiyona

Indlala ithunaza isthunzi sobuntu uma uvakashele
isihlobo sekumele uphathe umphako wahlala
izinsukwana abadala bakhuluma ngomlomo wengane
wozwa isikubuza "kanti uhamba nini Malume", iphendule
ithunyiwe
Imali itshala ubuwula emiqondweni yabantu babukelana
phansi bodwa ngisho nokufishane uma kuke kwanotha
ukubona sekukubukela phansi

Lenkondlo ayilidingi ihlombe idinga abazothwala
balungise okukuyo, le nkondlo

Uma kuzelwe ingane yomfana sesiyabikezelwa akazi
izokhula ibe yilokhu edalwe iyikho yini
Okwamantombazanyana uma kuke kwahluma izimponjwana
kuzibona ukuthi kuyizintombi buke wakubingelela
sekuyaqala kuyablusher emva kwezinyangana sekumithi
sekuyaqala kuyabrusher; feel it, it is here
Abesifazane badonswa ngomgqakazo ezinkwarini before
10 bangena mahhala bajovwe ngotshwala baqede
bakweletise ngesimilo bakhokhelwe ngocansi bamithe
uma bengahushulanga uhulumeni inyama uyinxephezela
ngemali yeqolo

2010-06-01

Straight sami dedel'ishandisi

Ngasekhaya bayazi ngihlale ngibatshela
ukuthi nginayo la eThekwini
Nala eThekwini bayazi; babuze, ngihlale
ngibatshela ukuthi nginayo ngasekhaya
Kodwake ngoba mina ngumuntu onamasecrete
iserete agent akekho onobufakazi balokho
kwazi mina kuphela

Thula wena musa ukungiphikisa okokuqala
istraight sakho umakhwapheni wami
Uma kuthiwa abafana bayalahla wena
angabe azikucoshi

Mina nawe straight sami kusukela sisebancane
bekuvele kuzicacele ukuthi sizokhula sibe
omaqondana ngoba njalo uma kudlalwa umacashelana
mina nawe sasingongqesta sasicasha isikhathi
eside basibheke baze bakhathale size
siziphumele thina

Indaba yonakala ngesikhathi becishe
besibamba ukuthi sasibusy ... sicashile
Nawe wamane wayilahla wakhohlwa ukuzithintitha
amahlamvu notshani emhlane since wakhubeka
wawela phansi ngesikhathi sicashile nami
ngathi ngithi ngiyakubamba ngamane ngawela
phezu kwakho

Uma osibhekayo elokhu ememeza ethi mayipati
mayipati le, ngize? Mina ngangimane ngithi
shhhhhi ... eze kuphi khona?

Straight sami kukhona la ngishoda khona
Ubesathe omunye umbhemu angizocela leyo
mpahla
Dedede dedel'ishandisi

Maqondana wami yonke into yakho isexy; yonke
into yakho yinhle ihot ngisho nalapho ngingakaze
ngibone khona
... wangitshela uBongani

Bonke abantu bayazi ngathi ngisho
nabasemthethweni amaphoyisa imbala
ngiqisile ngithi akekho ozokushela istru
God ngiyafunga bheka nayi iprotection order
Ongiphikisayo ukuthi mina nawe somaqondana
nginobufakazi obufungelwe bheka
nayi i-affidavit

Angifune muntu ozokusukela
Minake ngiyisigora ukuthi amamuscles ami
akazwani ne-attention akhuluphalele ngaphakathi
Abangangazi kahle abongibuza kuJabulani ngathi
ngiyamubamba waphunyuka ngamubona esengemuva
kwami ngamuthi 1 wangiphindisela wathi esethi
ungiphinda okwesibili eeeheh ... ngabaleka

Straight sami kukhona la ngishoda khona
Ubesathe omunye umbhemu angizocela
leyo mpahla
Dedede dedel'ishandisi

Uma kuthiwa ukuthandana nawe kuwumsebenzi
mina kuwe angabe ngiyivolontiya elipermanent
Kodwa mfethu kukhona into engixakayo njalo
uma sidlala umacashelana ngangenza
sure ukuthi ngicasha nawe kodwa njalo uma
kuhlolwa izintombi imiphumela yayithi
useyintombi nto
Haibo kanti ngangiyenzani leyonto

Lalela lanake asilingani ngimdala kunawe
esikoleni angiyenzanga iL.O, oMLMMS etc etc
yonke nje leyo mess ngakhoke ungalokhu
usho o-Oh my word la kimina angifune nakulwazi
lelo gama lakho minake ngusonkondlo ngazi
amagama amaningi oh my sentence

Straight sami kukhona la ngishoda khona
Ubesathe omunye umbhemu angizocela
leyo mpahla
Dedede dedel'ishandisi

2010-05-26

Lalela la uma kimi uzimisele ngokungena la

Kuleli gumbi imina nawe akekho omunye
Ngicela ususe ifoni esandleni uncenge
izindlebe zilalele la
Kunodaba olwaziyo engifuna ukukukhumbuza
lona
Ungangibheki emehlweni ngingahle ngidideke

Kulokhu ozokulalela okuthandayo utshele
inhliziyo yakho ikugcinele kona
Ongakuthandi ungakulahli unembeza
uzokukhumbuza kona ngelinye ilanga uma
kwenzeka okunye kwakho ukona
Lokhu engikutshela kona kuyikona
uwenake osuyokona
Ungadidekike la angizile ukuzokushela
ngizokutshela
Mina nawe sizibiza ngezithandani kodwake
ngoba loluthando lwethu luselusha
lusacathula wena:

Lalela la uma kimi uzimisele ngokungena
la

Lanake angikhulumi nawe ngikhuluma
nenhliziyo yakho awazilutho wena iyona eyazi
indlela wena uyisithunywa sayo
Okwamanje letha indlebe mina ngalamazwi
ngishutheke
Uma uzwe kahle ngizoba owakho wedwa ngeke
ngihambe ngishutheka khona ngelinye ilanga
ngingeke ngingabaze ukuthi kowakho umunwe
indandatho ngiyishutheke laphoke abakini
nabakithi bobe sebesishuthake abasizalayo
bakikize ama ex uma ehluleka ukuzibamba
isililo aseyosikhihlake

Ngiyakuthanda wena angifuni ufane nalaba
abanye abangathandwa imina abathandwa ilo
othanda bonke abadlulayo ngendlela abagqoke
iziketi ezingaphelele
Ngakhoke ngifuna ukuthi uma ngila ngingekho
naseduze kwakho enhliziyweni yakho
ngitshale izimpande ngincele ukuphila kuyo

Izwi nezwi engiliphimisayo ngililetha kuwe
ngizoqale ngiligeze ngilicwebezelise ze
lingalimazi izindlebe zakho
Uma ngithi ngiyakuthanda ungilingisele usho
njengamikugcwale umlomo ungathi nami
Ungahambe ubiza wonke amadoda lawa ngochief
imina induna nenkosi yakho

Lalela la uma kimi uzimisele ngokungena la

Engikugqokile nenginakho akuhlanganise lutho
nothando lwethu
Imumva lami alisho lutho ngephambili lothando
lwethu
Ungifice nginje ungakushintshi engiyikona
kufake izinongo kube kuhle emehlweni akho
Fana nodadewethu kimi bungashintshi ubuso
bakho uma nginodadewethu nabafowethu
Izinkondlo ngizigcina laphaya ungathi
angikuhayele inkondlo ngizokubhalela kodwa

Ngizokukhumbuza njalo ukuthi umuhle
ungasukike la uye emnyango uyobuza abantu
ukuthi unjani ungakezwa ngami
Ungaphatheki kabi uma ngingakuncomanga
okugqokile ngisuke nginqena ukukuncoma njalo
ungaze uthi ngikwenza isilima

Othi uthando aluboni akasho lolu lwethu phela
wena wuthando nakhu nje uyangibona
Izimbali azikhulumi kodwa ngalolu olwethu uma
sidlula zizoblusher
Uzikhumbuze njalo uma izindebe zakho zikhohlwa
ukwenza umsebenzi wazo
Uwakhuze namehlo ami uma egqolozela isingezansi
sabanye besimame kodwa ungikhuze kancane uma
ngibuka wena

Ngekeke ngihambe nawe uma ngiya kwipoetry
abacushwa oSya banamehlo abukhali bazokubona
kanye ba-edite amapoems abo ngeskhathi bakubheke
emehlweni
ngeke ngiyikhohlwe ibirthday yakho noma
isidlule ngezinyanga eziwu-6 ngizoqhubeka ngithi
happy belated birthday … babie

Lalela la uma kimi uzimisele ngokungena la

Ungababuki kabi abangibiza ngoSishimane
ebukhoneni bakho ngaqanjwa ibona nawe
ungangiqamba elakho
Uma ungivakashele wazi ukuthi kuzomele … ehhe
Namhlanjeke ngoba ungivakashele lala la uma
kuwe uzimisele ngokuthi kuwe … ngingene la

Umtshali wembewu ongakhulisi

Le ndoda ingumtshali wembewu
Le ndoda iphethe umgodlagodla wesaka lembewu
Ifike ichithe imbewu emhlabathini ovundileyo iqede
ifulathele
Abanini bomhlaba ovundileyo basale bewugwadule
Bahlakulele izithombo ezisakhula bahlenge bachelele
Izinyembezi zigcwele emehlweni kubona yona isifulathele

Indoda iziqhubekele yona nokutshala imbewu kube
angathi ayonanga lutho
Uma ike yafulathela ayibe isabheka emumva
Uma ike yatshala ayibe isabuya ukuzohlakula

Lo mtshali wembewu akasichelelanga lesi sihlahla
Le ndoda ayizicheleli lezizihlahla kodwa ekugcineni
izimisele ngokukha izithelo kuzo idle isuthe
Le ndoda

Nami ngingesinye sezihlahla ezitshalwe ilendoda
Yaqeda yangasichelela sakhuliswa umhlabathi
Lo mtshali wembewu ulinda umhlabathi umkhulisele
uma sekuyizihlahla aphindele emhlabathini axolise
ngokungakhulisi uxole umhlabathi awuphuce asondeze
izihlahla ngakuye khona laba abayizihlahla bezokhulisa
laba abaseyizithombo babe umthombo walaba
abaseyizithombo yena aqhubeke nokungakhulisi
adle izithelo ezihlahleni angazichelelanga

Le ndoda iyakhulelisa ingakhulisi iyekelele izithombo
zembewu yayo zikhule kanye nokhula uma sekuyizihlahla
ihambe ikhuluma ithi yona iyindoda bukani isikhulisile
Lo mtshali wembewu ungubaba kimi
Kepha ukuyibiza kanjalo akunambithiseki kimi kuyababa
Ngoba ukuyibiza kanjalo kungukuyithwesa umqhele
engawusebenzelanga yize yawenza umsebenzi

Sekukaningi ngizwa umhlabathi ubeka amacala
abatshali bembewu ukhononda uthi ukhulisa wodwa
Mina angiliboni icala kulamadoda afana nalendoda
ngibona isono ngemali engeke sakhokhwa
Unembeza okweletayo la kodwa bheka
nawo awukhokhi ngoba lamadoda asalahlekelwa
unembeza nawo unembeza awusenawo unembeza
uma uwabeka icala izinkinga zakho uyazengeza

Lo mtshali wembewu akasichelelanga lesi sihlahla
Le ndoda ayizicheleli lezizihlahla kodwa ekugcineni
izimisele ngokukha izithelo kuzo idle isuthe
Le ndoda

Le ndoda ibathanda kabi laba abasebancane ijola nabo
ibathengela lokhu engabathengeli kona abayo
Le ndoda ayizazi zonke izihlahla zayo kodwa ngoba
ikukhonzile ukutshala imbewu kothukela
itshale kwezinye zezihlahla zayo kumbe izihlahla
zayo ziqomane zodwa
Kulaphoke uNkulunkulu wobe esezitshengisa ubukhona
bakhe eqeda nokusa endodeni
Kodwa ubani yena wothi azilime ziye etsheni afulathele

Lo mtshali wembewu akasichelelanga lesi sihlahla
Le ndoda ayizicheleli lezizihlahla kodwa ekugcineni
izimisele ngokukha izithelo kuzo idle isuthe
Le ndoda

2010-03-29

UMbali intombi yami

Hheshe mbhemu umthetho wakho uqhuba intwala
ngewisa vele?
Sengikubone izikhathi eziningi uhamba oMbali.
Niyathandana noma usamshela?
Ngibuziswa ukuthi umfonela noma nginaye amaSMS
isithalavane uma usuphelelwe amatalking points
ubhaza into engapheli.

Ngiyakubona ucabanga ukuthi ngiyivaka mina,
ngalidl'iphaphu mina.
Ohlukane noMbali kungenjalo kukhona okusina
kukujeqeza.
Ongibuza kuMjay ngamfaka isibhakela kanye
waphindisela ngempama wathi esethi uyangiphinda
heeh ..... ngabaleka.

Eeeeh mfethu ... icherry yami le

Usungaze usukele lenngane enhle kanje awuboni
yini ukuthi anifanelani njengoba unamakhala
amangaka angathi ingqakala yebhinca uqedela
intombi yami i-oxygen mani
Naba nje oZaele. Muhle kabi uMazet zet ukuthi
nje angathi ungamuthi jeqe ungambuki isikhathi
eside ngob'ubuhle bakhe bubuye bukutelekele
ukubukisiswa

Futhi wena wowa le kwaMhlab'uyalingana uZanele
uright ngoba uyakwazi ukusinda, ukusina,
ukukhama utshwala nokutheza
Mubheke kahle akalona imodel C usena 3 years afika
eThekwini kodwa usakhuluma isiNgisi ngesiZulu:
'Wowu ohho mayi Goshi"
Akayona ingane ephaphile ngithe ngiyamcharma
izolo wablusher ngedlela yangakubo "Hawema maye
babo yaze yangichaza insizwa yakwaNgidi ngimfunge
uMa umaMkhize ngizoyibophela ucu istru God"

Eeeeh mfethu ... icherry yami le

UMbali uyazi ngimphethe kahle kabi mina angilokothi
ngimthinte wathi asilinde umshado
Ngamfica esenengane ingibiza ngobabayi 'Baba-hhayi'
Uma ubaba wengane ecela ukuthengela ingane izingubo
uMbali uyazi ngiyamuvumela baye kohlangana mina
ngisale nengane aze abuye ngakusasa uma ethanda

Phela mina ngiya understander uma UMbali ethi ufike
wahlwelwa kubo kaMjay phela ubengeke abuye ebusuku
Uma ebuya esethi ukhathele anginankinga nokupheka
ngiya understander mina umbhede kaMjayi mncane kusho
ukuthi akalalanga kahle ebusuku
Ngimphethe kahle kabi uMbali mina ningalokhu
ningicefezela nithi wangidlisa ukuthi ngine
'care you see'
Uma kunjalo pho nixakwe yini ngoba uma
eseyowuvuselela umuthi wakhe ngohamba naye amane
angidlise owangunaphakade okungcono

Eeeeh mfethu ... icherry yami le

Mfethu ngiyakucela ngicela umyeke uyena kuphela
naye ngamtholelwa inkosi
Uma ulokhu uqhubeka ngizosuke ngimyekeke phela
... ngiyadlala habe uMbali wami lo
Mfethu plz icherry yami le

2010-02-06

Bokuchutha phambili

Mtanami uwena wedwa uwena ithemba lami
Njengabanye abafazi nami ngiyafisa ngelinye ilanga ngikukhombe usuhambela phezulu kodwa usangazi mina usabazi usabazisa abasemhlabeni
Ngiyafisa ngelinye ilanga ukukubona ugqoke ijazi usuyisifundiswa kodwa usangazi mina usabazi usabazisa abasemhlabeni

Kepha yize ulwazi usizi lwami, yize uzazi izinhlupheko zami kepha wena awunyathelanga ezinyathelweni zezifiso zami ngawe ngoba wonke amaphupho ami ngawe uwagxobagxobe ngezinyawo izifiso zami wazikhwifakhwifa ngamathe

Ugudlukile emigomweni nezinqumo zami walalela abangani abangazi lutho ngawe
Ubone ukuthi lamasentshana amancane engikuposela wona mancane wancamela ukwengeza kuwo wanikela ngomzimba kobaba abanoshukela engeke ngabalinganisa noyihlo ngoba awumazi kepha mhlambe kulabo abanoshukela ukhona ngoba naye akakwazi

Mtanami kuyona yonke imizamo ngitabalasa ngizamela wena masonto onke ngikuposela izijumbana namasentshana ngithi mina noma ngingalala ngamanzi uma kusuthi wena nami kusasa uzongisuthisa
Bengingazi ukuthi ngikusuthisa nje nawe ngalapho bayakusuthisa

Kodwa hamba juba bayokuchutha phambili; hamba Nomthandandazo bayokuchutha ngaphambili

Kubo bonke omakhelwane ngikweleta kusukela esalukazini kuze kuyoshaya enganeni yakhona ngoba njalo uma ungishayele ucingo ngitatazela ngime ngezinyawo ukuze ungalali ulambile, ukuze singaveli isimo sakho sasemumva phambili

Sengizwa ngabake bakubone bathi sewashiya phansi isikole usuhamba izindawo eziphambili nabantu abaphambili
Nemiyalezo nemikhonzo sengiphathisa bonke abaswenkile abadlula ngendlela kodwa akekho noyedwa ongibuyela nempendulo
Noma sengikuthumelela imiyaleza ihora nehora ngikukhumbuza ukuthi ngiyakuthanda ayibuyi impendulo

Sewayeka nokukholwa lokhu engikukhulise ngakho lapha ekhaya usukhonza amabhodlela
Mumva nje sengiphenduke inhlekisa komakhelwane uma bephiswe ukuhleba igama lami sekuwukhaphethe abasulela kuwo izinyawo

Esikhathini esedlule bengithi uma ngicabanga ngawe ngicabange ukuthi udleni, ugqokeni kepha namhlanje uma ngicabanga ngicabanga ukuthi angabe ukhuhlwakhuhlwa iyiphi indoda namhlanje, angabe iyiphi imoto osuyibonile yaphenduka umkwenyana walolo suku kuwe

Kodwa hamba juba bayokuchutha phambili; hamba Nomthandandazo bayokuchutha ngaphambili

Ngisho noma sengithi ngiyakufonela ngizwe okungcono izwi lakho mtanami kulungile noma impilo ngingasayizwanga uma uke wabona ukuthi imina awuliphenduli ucingo
Noma sengifona ngifihle inamba yami uyalibamba kepha uma uke wezwa izwi lami ulibeka phansi ucingo

Uma kuthiwa ulijuba angabe ngithi hamba
ungohamba manje uligazi lami
Sengaphathwa ngisho nayisifo senhliziyo ngoba ngihlale ngicabangana nawe ngiphuphuna nawe sengizisola nokuthi ngakuyiselani edolobheni khona ngakuzalelani ... njengoba namhlanje usubuya usuthwelwe usuzoba uthwalo kimi
Nomthandazo uphila ubungangiphenduli Nomthandazo usuyagula ngiphendule ... Nomthandazo uphumaphi? Nomthandazo liphi ijazi?

Kodwa hamba juba bayokuchutha phambili; hamba Nomthandandazo bayokuchutha ngaphambili

2010-01-29

Kokuqoqa ukuhlwa (Umvundla zowunqanda phambili)

Uyazazi izinhlupheko nezinsizi eziphehla usizi zalaph'ekhaya
Uyazazi izindonga ezidilikayo nophahla oluvuzayo lalaph'ekhaya
Uyayazi indlala yokukhuma uphuthu namanzi njengesidlo
sasekuseni isemini nakusihlwa laph'ekhaya
Ukuphuma kwelanga phakathi kwami noyihlo akekho ovuka
aye emsebenzini ngakhoke alukho ushintsho olulethwa
ukushona kwelanga laph'ekhaya

Ngawe sinoyihlo siklebhuke amaphakethe ukuze sithumele
wena eNyuvesi
Abafowenu nodadewenu abakulamayo zithi zidla ezinye
izingane esikoleni bona bancele izithupha ngoba konke
sikuphonse kuwena ukuze sithumele wena eNyuvesi

Sekudlule neminyaka yokufunda kwakho ngokubhangqiwe
silindile sithi uyasibiza uyasibiza uzogqoka ijazi kodwa
esikhundleni salokho mihla namalanga sesigqigqa izinkantolo
sibizelwa imisebenzi yakho engcolile, sibizelwa amanyala akho

Mfanawami usufana nempethu enxebeni
Kodwa kokuqoqa ukuhlwa, wena kokuqoqa ukuhlwa

Namhlanje usunjengenja uma sikukhombisa indlela uyakhonkotha
Laph'ekhaya asikaze sibuse sikhombe ngophakathi kodwa wena
uma ngikukhuza ungikhomba ngophakathi

Wathengela uyihlo izigebengu mina zangishiya ngikhubazekile
manje usubhizi uzingelana nami ugadulisana nami angathi
ngokukuzala kunesikweletu engikukweleta sona

Uma esekhaya thina kumele siye kobhaca
Kubafowenu usuwabona inyama yokugwazwa baklajwe bachaphwe
ngenhlamba angathi kukhona ifa abakubangisa lona
Kodadewenu usuwabona izintombi usuhlale ujahana nabo, ushayana
nabo uma kuthiwa ngiyalwazi usuku lokufa angabe ngiyalusondeza
libe namhlanje kwamanje

Mfanawami usufana nempethu enxebeni
Kodwa kokuqoqa ukuhlwa, wena kokuqoqa ukuhlwa

Wena uyisilingo kimi sengifisa nokukuthengela abazokubulala
bakusoconge ungaphinde uvuke okungcono ngiyodilikelwa ijele
kunokuhlale kudilika izinyembezi kimi
Ngoba angisakutholi ukuphumula sengihlale ngikhala, sengihlale
ngibalisa, sengihlale ngisonga kaze wofa nini ngithole
ukuphumula

Mhlambe kungangcono ngiklabhe odadewenu nabafowenu ze
ngijabulise umphefumulo wakho wena usale ubusa laph'emzini
kayihlo
Isisu esinenzalo siyisillulu sezinyembezi
Isisu esinenzalo siyisillulu sezinyembezi

Mfanawami usufana nempethu enxebeni
Kodwa kokuqoqa ukuhlwa, wena kokuqoqa ukuhlwa

DUDUZILE MY FOHLOZA

Eh majita sengithole owami, angifune muntu
ozongibangisa ngoba ngizishelele yena
enganakwe umuntu
Umuntu wami lona icherry yami lena isdudla
sami lesi
Uyivegi futhi futhi futhi futhi ifruit lami
Uma kuthiwa ungumango angabe ngithi ufish mango
Akekho mncanyana uthe ukuthi
Uma kuthiwa uwumbhede angabe akuyona isingle
leyaseres angabe iyiqueen

Sdudla sami ngizokushayela iround ntambama
namhlanje elamanqamu Duduzile my fohloza
ngizokubamba Duduzile my fohloza ngizokubamba

Ushaya ngamacurves ahot asexy slender uma
ekushodela faka i-application uzokubhekela
Kade ngilokhu nginibuka ningichomela ngalama
walala ngiyanibeater ngiphethe ihammer
Mini Cooper enu walala ngiyanibeater ngiphethe
iHummer
Kodwa sdudla sami ungihlupha ngento eyodwa noma
ngabe uyabona liyana kuyabanda emnyango umane
ungincishe nje ... itiye uliphuza wedwa

Uma sihleli nesidudla sami kukhona abantu
abaningi silokhu singidlalisa singibiza
ngoslendalicious wakhe nami ngipheye ngithi
nawe sdudlalicious acasuke kancane athi
ngathi ungangibizi ngalelo gama phambi
kwabantu ngithi ngiyadlala slender sami
... esithe xaxa


Sdudla sami ngizokushayela iround ntambama
namhlanje elamanqamu Duduzile my fohloza
ngizokubamba Duduzile my fohloza ngizokubamba

Sdudla sami uma sijola nawe ungibambile
oqhamuka ngemumva kwakho umane abone ukuthi
umi wedwa athi angadlulake bese eyangibona nami
sibabili

Ekhayake ugogo uvuka ngezintathakusa ngakhoke
uma uzongivala ekhaya ngizokukhipha phakathi
nobusuku ... phela wena ngeke uphume ngewindi

Kimina akekho ozokubangisa elokhu ethi
uyifunani indoda yami uyifunani elokhu ekubangela
iminciza la ngoba nawe uzomane uqhamuke usunyuse
iziketi nami kulowomzuzu ngimane ngiqhamuke
ngizolamula zonke izinto zisephezulu

Sdudla sami ngizokushayela iround ntambama
namhlanje elamanqamu Duduzile my fohloza
ngizokubamba Duduzile my fohloza ngizokubamba

2009-10-19

Ngintombi kamalume

Ngizalwe ngakhula umama eyisigqila sendoda emhlophe
Ukudilika kwamaconsi amanzi emkhathini bekukhomba
otapolo kuye
Ukubhamuka kwenhlamvu yelanga emkhathini bekukhomba
umakarabha kuye
Ngoba mihla namalanga bekumele awulime umhlabathi,
ngoba mihla namalanga bekumele ewuhlahlile umoba

Uma ngihlafunile ngagwinya mina yena ngokomphefumulo
usuthi
Uma ngidlile noma yena engasadlanga udlile
Uma engidlalisile ngamamatheka nenhliziyo yakhe
iyamamatheka

Kepha ngike ngacikica amehlo ekuwavuleni kwami
ubeseshabalele phambi kwamehlo ami, ngike ngagebisa
ikhanda ekulivuseni kwami ngithole engasekho phambi
kwamehlo ami
Ngithe uma ngikhala ngimemeza igama likamama abaziyo
balokhu bengitshela ukuthi angithule uyothenga
amachips uyabuya

Kodwa udadewabo kababa owahlulwa umendo ngimzwile
enyenyezela umakhelwane ethi 'esaphila wayethi
uzongcwatshwa ngani le ngane ayishiyile izokondliwa
ubani?'

Wagcina ephahlukile 'namhlanje kuzofihlwa umfazi
kamfowethu, namhlanje kuzofihlwa umama ngizobona
ngizosala nobani?'
Bangalokhu bengifundekela ngokuthi uzofihlwa kodwa
bebe bebusy bemucindezela ngamatshe nenhlabathi
ngoba ofihliwe uphinde avele, uphinde atholakale kimi
lo ngeke aphinde abonakale, emqondweni ngeke aphinde
akhohlakale

Umalume washiywa udadewabo, mina ngashiywa umama
Kumalume mina ngaphenduka unkosikazi, kumalume mina
ngaphenduka intombi
Mina ngintombi kamalume, mina ngunkosikazi kamalume

Alukho olwamahhala uma ezizwa ehala konke kimi ukwenza
mahhala
Mhlambe ukube umama usekhona angabe angisona isigqila
socansi
Mhlambe ukube umama usekhona angabe angisona isikigi
sokuchama sikamalume
Unyaka nonyaka ngibeletha ingane imbeleko emhlane,
imbeleko esifubeni enye ingane esiswini

Umalume washiywa udadewabo, mina ngashiywa umama
Kumalume mina ngaphenduka unkosikazi, kumalume mina
ngaphenduka intombi
Mina ngintombi kamalume, mina ngunkosikazi kamalume

Abazibiza ngo 'anti' bahambe befafaza bekhwifa amazwi
adungekile emphakathini bathi mina selokhu ngafelwa
umama sengihamba ngiyenga amadoda ngibuye ngizobafuqa
ngezingane

Uma ngithi ngifuna ukugonyuluka ingonyuluka kuthiwa
ngizomulandela owangizalayo
Nami ngithule njengoba kwayimanje kukhona okuthi
angithule mhlambe kukhona abazosho ukuthi sengibhale
inkondlo
Ngoba ukuze ngisuthe kumele nginwebele umalume imilenze
ukuze ngilale ngidlile, ukuze angiholele ipuleti


Ningibuke ningigcine ngoba namhlanje olwamanqamu
ngilandela obangizalayo, laba abathathu engibazalayo
ngizobaklinya baze bagqashuke imiphefumulo
Ngoba uma ngibashiya umalume uzothola amakhosikazi
Ngiyazibulala mina umalume uzofelwa inkosikazi,
umalume uzofelwa unkosikazi

Umalume washiywa udadewabo, mina ngashiywa umama,
Umalume wathola unkosikazi,unkosikazi kamalume
wazibulalakanye nezingane zabo, umalume wafelwa
unkosikazi
Mina ngintombi kamalume, mina ngunkosikazi kamalume

2009-09-08

Musa ukungixhopha ngezinyembezi

Ngiyazi kukhona owangithwalayo
Ngiyazi kukhona owangizalayo
Kodwa mina ngizaliswe okwechwane lenyoka
kwathiwa lendlela enameva amthuqasi angiziphendlele
Ngoba owangizalayo ungikhiphe wathi angizibonele
lamahlathi ngizigawulele nalezizimbokodo ngiziqhekezele

Mina angimazi owangithwalayo, mina angimazi
owangizalayo
Mina ezami izindebe azikaze ziliphimise igama
elithi mama ngaphandle kwalabogogo abangahoshelani
nomhlaba ababuya nobaba emajoyintini njalo uma
kushona ilanga

Namhlanje 'mfana uMa wakho lo' nangakusasa omunye
'mfana uMa wakho lo'.
Nabo phambi kwamehlo akhe banweba imilomo athi
angafulathela bangitshele ezinhlamvini zamehlo
ukuthi bona abanakubizwa ngomama ingane yomunye
umfazi, bona abanakuklewulelwa ingane abangayazi

Mama ebusheni bakho mina bengiwumlando omdala kodwa
manje ngoba ususethunzini lokufa sekuthiwa mina
angizokubona angikubize ngomama ngoba wena manje
usuyakhala

Sssshhhhh thula umsindo udedele izindebe ziphimise
okunesisindo
Musa ukungithela ngezinyembezi, musa ukungixhopha
ngezinyembezi

Wena uncamele ukungilaxaza phansi ngoba ujahe umendo
nongithole phansi awumushiyelanga imbeleko
yokungibeletha kodwa wena ubukwazi ukubeletha
izingane zomyeni wakho
Wena awungigonanga mina, awungifudumezanga mina
awungithulisanga ngikhala mina kodwa ukwazile
ukushushuzela okungezona ezakho
Okungezona ezakho zikwazile ukuphimisa igama elithi
mama zilibhekise kuwe
Kodwa wena manje usuyangibihlikela

Sssshhhhh thula umsindo udedele izindebe ziphimise
okunesisindo
Musa ukungithela ngezinyembezi, musa ukungixhopha
ngezinyembezi

Kulombhede olele kuwo inyama yomzimba wakho ngiyayibona
isinamathele emathambweni, umphefumulo ngiyawubona
uklebhukile izindebe zakho zicela uxolo kimi
Ucela ukuba ngikusule izinyembezi kepha wena
ungangisulanga ezami

Sssshhhhh thula umsindo udedele izindebe ziphimise
okunesisindo
Musa ukungithela ngezinyembezi, musa ukungixhopha
ngezinyembezi

2009-08-16

Lezi zinkondlo sisazozidedela

Mhla abahaya izinkondlo bagqashukelwa
amazwi lezindonga zodilika lezimpande
ezisabalalisa ugqinsi lwamampunge zozimbuka
abanye abosala benyewula imilomo bophimisa
amazwi anopete ngoba lezi nkondlo sisazozidedela

Jikijela izindlebe zakho njalo uma imbongi
ikufunza ithi fumbatha mumatha ekwaziyo
Thula ulalele uthandanise izindebe ungabuzi
imibuzo eminingi njengoDelaila efuna ukudayisela
amandla kaSamsoni abaFarisi
Lola izindlebe unambithe ubumtoti bamazwi kuhle
kwezaguga ezimbili ziqeketha ezamzukwana
zidangele ngengomuso labantwana babantwana
babantwana babantwana babo

Ngoba mhla afifiyela la mazwi wofuqwa
ngemfishimfishi yamagama agwegwile onkamisa
nongwaqa abagqagqene nokuyikho
Nawe unqekuzise ikhanda uthi yikho ze
usabalalise okungeyikho esizukulwaneni
esidukelwe okuyikho esifumbethe ukhondolo
lokugagula okungeyikho ngokuyikho okuyikho
kuthiwe lokhu okungekho

Mhla abahaya izinkondlo bagqashukelwa
amazwi lezindonga zodilika lezimpande
ezisabalalisa ugqinsi lwamampunge zozimbuka
abanye abosala benyewula imilomo bophimisa
amazwi anopete ngoba lezi nkondlo sisazozidedela

Thula ulalele ucishe umkenenezo kwimfonomfono
kungalalelwa umsindo wakho esikhundleni sofanele
Iyeke ingqangqazele ekhukhwini ungayiphenduli
umthameli agcine engumthameli
Ngokuthula kukhona ongakulalela, ngokulalela
kukhona ongakuzuza kokuzuzile kukhona
ongakulondoloza
Ngikhuluma ngemigomo yobuntu engashicilelwe
kodwa elandelwa abantu abanobuntu

Mhla ngifa, mhla ngilalayo

Umzuzu, usuku nehora angikwazi
Mhla umphefumulo wami ugqashula
ubudlelwano bawo nomzimba kwabanye
koqhilika izidlathi kwabanye kungenise
imifula yezinyembezi zokukhalela
ongasekho kumbe ukukhohlisa abakhona

Mhla ngifa mhla ngilalayo

Phezu kwesidumbu sami angidinge fakazi
oyofafaza ubufakazi obungungqimphothwe
nemisho yamagama anofufunyane
Fakazi fakaza amazwi ayikho ngalokho
ebengiyikho ungaze ungivimbele indlela
Okubi kuhlale kungokubi kugqitshwe nami
okuhle kusalele abanodosi lokuncela
emthonjeni woju lokuphila kwami

Mhla ngifa, mhla ngilalayo

Makungabongwa engikwenze ngisaphila
ngingabongwanga ngisaphila
Izimpisi ezivathe izikhumba zamagusha,
oJuda nabaFarisi bakwahlaba baqhele,
bahlehle bahlelele amadimoni amile
ukubo amanye amatargets enzondo

Mhla ngifa, mhla ngilalayo

Mfundisi shesh'udede udedele izimbongi
zisine zidedelane ngokuba ziyawazi
amavesi ayiwo zingawacaphuna namazwi
afanele umufi
Zihlobo zegazi nomoya nize ningasikhihli
isililo ningaze ningivimbele indlela yami
ngamanzi anosawoti

Mhla ngifa, mhla ngilalayo

Eyami indima ngobe sengiyihlakulile
esele isalele abasele
Umphefumulo endaweni yawo, inyama
endaweni yawo seyobola kukhohlakale
ukuthi kwake kwaphila ogama lakhe
lingefaniswa nelomdlwane

Wena umdala kunawe

Kusukela phansi engqakaleni kuze kuyoshaya
okhakhayini siyakwazi uyazazi useyingane wena
Abazali abakuzalayo bayakwazi usemncane wena
Uyihlo nonyoko wena bakubiza ngengane wena
Kepha ngezenzo nokucabanga kwakho umdala wena

Siyakwazi useyingane wena kodwa wena umdala
kunawe

Wena ezakho izindebe kudala zizihlanganisa
nezindebe zabanye
Uma kuthiwa umzimba uyawohloka njengesihlahla
esishaywe izulu lo wakho angabe usubolile
ngoba lo mzimba uyabazi abaningi uyakwazi;
okuningi
Lo mzimba uswele igunya lokuhlubuka kuwe ngoba
ubudlelwano bawo nokuqonda kwakho bunyantuka
amanyala
Ngawo wena uyangenisa, kuwo bonke bayangena,
kuwo konke kuyangena

Siyakwazi useyingane wena kodwa wena umdala
kunawe

Kade wawulala, kade wawulala kade babekulala
Emlonyeni kade wawugwinya uma kuthiwa umphimbo
unephimbo angabe sizwa isikhihlo sesililo
sokubhibha kwamanxeba ayizibazibazi

Siyakwazi useyingane wena kodwa wena umdala
kunawe

Kuwe bashiya okwabo wena ulahlekelwe okwakho
Ongenamoto usnayi onemoto owakho angathi
wazalelwa efront seat
Ubona amadoda kobaba abanoshukela abashiye
amakhosikazi nezingane ezingangawe emakhaya
kodwa wena unesibindi sokulala nendoda
engangoyihlo kodwa thina

Siyakwazi useyingane wena kodwa wena umdala
kunawe
Thina sikwazi wena umncane kunalokhu oyikho

2009-06-11

INCWADI KAMTAKWETHU UNOBUKHAZIKHAZI

Bukhazikhazi obukhazimula ngikhangeke ngithe
angithathe uthi lwami ngiklwiklwize kulesi
sigqejana sephepha ngidilize izindonga
nezindinduma zenkumbulo ephuphuma enhliziyweni
yami
Ngithe angiklwebhe ngidicilele uketshezi la
inki kwelimhlophe ngicikicele othandiweyo
usweaty my dululu wami

Ngithi angikwazise ngenkumbulo esingidle yaze
yakhumbula ukuthi uma ingiqeda wena wobuye
ukhumbulwe ubani
Nomzwangedwa awusezwa wodwa ngoba sekuze
kwananela ngisho izintaba namaguma ngoba
amehlo ami asesichithela kuzo isizungu akanti
ibona laba abangisithele wena

Angazi noma ngithi zintaba zikude umasithela
yini ngoba lezi ezingisithile ziseduze uwena
okude
Ngoba nakuzo kumile nezihlahla bonke badudene
ngokungisithela wena; mtakwethu

Like lithi uma seliyidliva lishubisa nomkatsha
ngifise ukuba wena ungathintwa ngisho iconsi
lemvula kumbe ngisho amakhaza awodwa
Ngike ngifise engathi abezokugodolisa agodolise
mina ngigodole ukugodola kwakho nokwami wena
uthokomale ufudumale

Bukhazikhazi obukhangayo ngikhumbula ngisakucela
eqhikizeni ngaphambi kokuba uze kimi ngiqale
ngigeze indlela ozonyathela kuyo ukuze uthuli
nameva bangazimatanisi nawe
Ngikhumbula ngisageza ngihlambulule amazwi ami
ngaphambi kokuba ngiwaphimise ukuze angalimazi
izindlebe zakho

Ngikhumbula ngisakukhuzela ushikile
nangesikhathi ungikhophozela ubopha iduku
amafindo amathathu ngabonga udaba wase uthi
akengikhe iqabunga egatsheni lokugcina
esihlahleni nami ngabhayiza ngajeqeza izihlahla
ezisikakile kanti wena ubuthi angithi manqa

Leli duku eliphephezela kithi kaHlomuka uma
isibonda salo siwohloka sengoya kwaNdukuzabantu
bangikhulumele nabakhiqizi bethusi bangigixabeze
ngesibonda sensimbi lime okwangunaphakade phela
leliya elikaNobukhazikhazi onobukhazikhazi
bangunaphakade

Lonke uhlobo lothando oluphila la emhlabeni
olwethu kulo somacaphuna kungasali… soshiyela
bani uma kusala mtakwethu ungasabi bamba
ucikicane wami ungasali
Uma siwa mina ngizowa kuqala wena uwele phezu
kwami ungalimali

Uma kuthiwa sisaphila endulo sonke isizwe
angabe siguqa kuwe ze usikhiqizele uthando
Ngisho amakhosazane emvula uMabel’amade
noNomkhubulwane angabe baguqa kuwe

Kodwa ngoba siphila manje mina ngikhonza
kuwenake uma unyathela kukikiza amaqabunga,
izimbali zivukwe umhobholo zimile upete
ushiye ilanga liphethwe ufufunyane
nezinkanyezi zififiyela

Phela mina uma ngingase ngithintwe ilezi
zindebe zakho ngeke ngiphinde ngizidle
lezinto ezinoshukela ezingoshokoledi
namavanilla ngoba zonke zikhiqizwa izindebe
zakho

Minake nguNgidi uHlomuka olwethu luvalwe
ngesimbelambela sengidi
Ngiyazi uyababuka nje laba abangibiza ngaleli
gama labangathandwa
Ngoba angikho eduze kwakho lelipheshana
engilithumele selongidlulisela yonke inkumbulo
nemicabango yamajukujuku okujula kwenhliziyo
yami

2009-05-03

NGEKE UKUTHOLE UKUPHILA

Mina ngudadewenu ungumfowethu wena
Mina nawe siyimikhiqizo yemizimba
nemiphefumulo yababodwa
Mina nawe savundla esiswini soyedwa
izinyanga ezilinganayo
Mina, mina ngudadewenu wena
ungumfowethu

Kodwa wena ngomzuzu owavukelwa ngawo
izinkanuko kwasuka engqondweni yakho
ukuthi mina ngudadewenu
Wena ngomzuzu owavukelwa ngawo
izinkanuko wacatshangelwa yizo
nemizwa yobunyala wabona ukuthi
mina kuwe ngintombi

Ngendluzula ummese entanyeni,
isibhakela ebusweni, iminwe ephentini
umphambili esithweni kimi ngasese
Mhla ... mhla izinkanuko zigculisa
omunye komunye zinamathisela amanxeba
nezilonda zanguna phakade kakade kuze
kube phakade

Kimi wena ukuthathe konke ukuphila kwami
Kimi wena ukuthathe konke ukuzethemba kwami
Angabe kungcono ukube wathi uwubeka nje
umcondo wakho kwamhlaba wabe ufa kunokuba
uphile uphilele ukubulala abaphilayo

Nalaba abasizalayo uma ngibatshela
bayakuphikela bathi mina wena
ulunge kabi ukuthi ungaqoqobala
mina ngiyakusukela
Nawe uphika nabo yize unembeza
uvuma kanye nokucabanga kwemicabango
yakho

Kodwa wena ngeke ukuthole ukuphila
uma mina ngisaphila
Wena ngeke ukuthole ukuphefumula
uma mina ngisaphefumula
Ngiqalekisa umzuzu engazalwa ngawo
ngincamela ukufa; okungcono ngizibulale

Sengihlulwa imicabango mhlambe ukucabanga
okuhlula mina noma imina esengihluleka
ukucabanga
Mhlambe kufanele ngike ngithule umzuzwana
Ngibona kufanelekile ukuba ngithule lo
mthwalo nalo mphefumulo ngunqamule
Sala wena uphile ngihambe mina ngiyophila

Bonke bangifulathele nabangibukayo
ngemiqondo bangifulathele bangikhomba
ngeziphundu bathi sengaba yisidomu
empilweni sengawa ngamabomu
Nawe uyafakaza uyafafaza ngami
Mina usuyangisinda lo mphefumulo,
Lo mzimba usungumthwalo nakimi
kimi njengenja encinzwa amazenze
uma ngibona wena ngifikelwa yisiyezi
wena uyisinengiso ekuphileni kwami

Uma kuthiwa nginalamandla owawasebenzisa
kimi bengizokuklinya lesitho ocabanga ngaso
Wena kimi akuhlukile ukuthi ungibhokode
ngomkhonto waqede wangibuka ngigqiha
umphefumulo ugoloza ukuphuma

Kodwa wena ngeke ukuthole ukuphila
uma mina ngisaphila
Wena ngeke ukuthole ukuphefumula
uma mina ngisaphefumula
Ngiqalekisa umzuzu engazalwa ngawo
ngincamela ukufa; okungcono ngizibulale

Mfethu sengiyahamba, ungidlulisele lo
myalezo kwabasizalayo
ubatshele ukuthi sengihambile sesohlangana
phambili uma kuhlanganwa ngicela ungangilandeli
Sala wena nabo nonke niphile ukuthanda kwenu
Kuphila kwami ngoba wena ufe uphila asihambe
nawe

Mphefumulo wami ngoba ukuphefumula kwakho
akusaphefumuli ngoba kuphefumula kugcina
icala nqamula ubudlelwano bakho nomzimba wami
Mlenze khahlela ibhakede ntambo ungisize
ungagqashuki bangisize bangakugqashuli
ungakawuphothuli umsebenzi engikubekele wona
Wena ungakhali uma sengifile; wena ungangibuki
kumbe ungithinte ungasondeli ngisho ukusondela
lapho sebengimboza ngenhlabathi

2009-05-01

Khona engizomushela

ukubhaku bhaku bhaku ... ukubhakubhakuza
kwenhliziyo yami in collaboration with ukuzwa
kwemizwa yami sobabili siphethe imaster key
sogqekeza lenhliziyo yalento ... kazi egoloza
ukungi crowner for sure namhlanje mntwana
uyangiwisela

Eeeh bafethu kunalomabebeza othe uzongibamba
although kade engakaconfirmi
Uma ngingase ngibanjwe uyena ngingashintsha
igama
Uma ngingase ngibanjwe uyena ngingachitha ...
zonke izinkomo zasekhaya ngiyolobola
ngazo kubo kodwa engine sure yakho ukuthi uma
esezogana ekhaya uzobuya nayo eyodwa
Kuyonake angifune muntu ozongiphikisa
nesiZulu siyasho ohlaba eyakhe akaphikiswa

Hhayi ngoba bengimsaba ukuthi bengisanqena
nje ukumkhulumisa
Hhayi ngoba bengimsaba ukuthi njengembongi
bengisabudgetha amapunchlines okumushela

Uma angase angangibambi sengombamba ngebhodlela
elincanyana elibhalwe ngamagamana amancanyana
"sibuyisa isithandwa sakho ngo 2days"


Musani ukungibhe...dedede bhedela aniboni
ngigudla nesipatsha lesi isibabane ngoba
mina khona khona kholwa imina khona lona
engizomshela
Kodwa hhayi manje ngoba ngise-sober
Ngizokubamba uma sengibudlile;
uma sengiplakile

Minake nguMlalazi uHlomuka ngakithi kusadlalwa
izinduku nami uma ngiza ngakini ngizophatha
induku ngiyimise ithi mpo ingasheshe iwe ...
khona ngizobashaya kahle abangisukelayo
endleleni

Olwethu uthando ngeke lufane nalolu lolunye
uquqaba luzoba advanced.
Ngeke silokhu silufihla njengoglamour escratcher
i airtime kaR5
Uma sixabana soxabana igxabano eromantic uma
sihleka sihleke uhleko olusexy eeehihi

Musani ukungibhe...dedede bhedela aniboni
ngigudla nesipatsha lesi isibabane ngoba
mina khona khona kholwa imina khona lona
engizomshela
Kodwa hhayi manje ngoba ngise-sober
Ngizokubamba uma sengibudlile;
uma sengiplakile

Ngiyezwa kuthiwa kini emasimini ukudla
nikubutha namafosholo nami ngiyeza kini
ungiphekele amabele, amathanga nobontshisi
hehe kwaze kwamnandi ngeke usinike esingaboni

Mina nawe uma sihamba sizohamba njengezita...
'oh my gosh' njengezi tatanyiswa

Phela wena umu hhayi fill in the missing words
ngama alphabets amathathu uyazazi ukuthi unjani
awufani nalo mngani wakho othi uma bemushela
ngesiNgisi ngoba vele ziyamusalesalela ngoJoji
usale esevuma konke eh? oh yes, yes yeses

Musani ukungibhe...dedede bhedela aniboni
ngigudla nesipatsha lesi isibabane ngoba
mina khona khona kholwa imina khona lona
engizomshela
Kodwa hhayi manje ngoba ngise-sober
Ngizokubamba uma sengibudlile;
uma sengiplakile

2009-04-29

Ngilambile

Yabona mina ngimina, mina ngimina
angiphili njengawe ngoba wena uwena.
Mina ngiphila ngokucela kwabanakho
nawe onakho
Nina aningiboni mina ngifana nani ngoba
njalo nina uma ngicela nina nithi mina
ngiyisicefe abanye benu bangikhwifa
ngamathe uma bengibona bathi ngiyanyanyisa

Abadala uma behamba nabancane abancane
bangikhomba ngeminwe bangibuke banyanye
bathi mina nguhlanya angisile
Abadala ababakhuzi laba abancane,
abadala bavumelana nabancane bathi
mina ngigqoka okudabukile angishintshi
ngiyanuka

Kodwa mina bengithi kukho konke eninakho
bengicela ungiphe okuncane onakho
Selokhu kutheni angidlile; ngilambile
Izikelemu ziyangiluma ngilambile
Ngicela ungiphe okuncane onakho

Nami bengifisa ukuba nekhaya uma lina
liduma ngingene endlini
Uma kubanda ngingene phansi kwengubo
Uma ngilambile ngidle ngisuthe
Ukuthi umama ukupatanise kanjani ukudla
kodwa mina ngingalali ngingadlile
Nami bengifisa ukudlala nabangangami
ngibabize ngabangani bami ngikhulume
ngomama wami mhlambe nangobaba wami

Kodwa akubanga njalo ngoba ubaba
esikhundleni sokuthi athenge ukudla
ekhaya ubethenga utshwala;
esikhundleni sokuthi asondle ubondla
amanye amadoda emajoyintinikodwa uma
ebuya ekhaya ubekufuna ngendluzula
ukudla

Ubehlale efingqe amaqupha izibhakela
zakhe besezakhe ubudlelwano nomzimba
kamama
Kuye ubesethole ipunchbag kithi
ubesethole amabhola okukhahlelwa
Kodwa uma seyiphelile imali sebudamukile
notshwala ubesiqoqa sonke athi thina
siyizingane zakhe uyasithanda umama
umfazi wakhe uyamthanda

Mina ngihlulekile ukubekezela ngabaleka
ekhaya
Ngikhuluma nje angazi yini noma umama
nabafowethu basaphila mhlambe
isiyabahlafuna lengwenya engabashiya nabo;
mhlambe seyakhonkotha yaze yabadla lenja
yegovu engabashiya nalo

Mina ngifuna ukubuyela ekhaya nami
ngiyafisa ukubuyela ekhaya ngoba nina
ningibiza ngamagama okungesiwona awami,
uma ngikhuluma akekho ongizwayo
nabadakwayo bathi bangcono kunami,
abanye kuthi abahlanze baphalaze uma
bengibona
Nina anazi mina angizenzanga ukuthi ngibe
njena, mina angithandi ukuba njena

Mina kukho konke eninakho bengicela
ningiphe okuncane eninakho.
Selokhu kutheni angidlile;
ngilambile.
Ngilunywa izikelemu; ngilambile
Ngicela ungiphe okuncane onakho

Ngoba nina nithi thina uma nisinika
imali thina sithenga insangu ngicela
unginike ukudlake
Mhlambe leyonsangu iwusizo kimi ngoba
ingizibisa indlala nosizi olwakha
izinsizi emqondweni

Wena uma okwakho ukudla ukuthola ebhodweni
mina okwami ngikuthola uma wena usudlile
watshinga
Wena uma okwakho ukudla ukuthola epuletini
okwami ngikuthola kubhangqwe nokubolile
emgqonyeni

Kuthi hlanza phalaza nje uma ungibona
mhlambe eyakho ngomuso izobe ila,
mhlambe eyakho ngomuso izobe icela njengami,
isisu sayo silunywe izikelemu njengami
Shhhhh ... thula wena ngane enekhaya esuthi
awungazi ngilethwe yini la nami nginengqondo
nemizwa njengawe, umzimba nomphefumulo
thula wena ngane enekhaya esuthi wena
awunakukhuluma ngami wena awazi ngami tshela
lohamba naye ukuthi

kukho konke eninakho bengicela ningiphe
okuncane eninakho.
Selokhu kutheni angidlile; ngilambile
Ngilunywa izikelemu; ngilambile
Ngicela ungiphe okuncane onakho

2009-04-11

NEMBEZA UNGANGIPHIKISI

Wayedalile ukuthi amudalile akhukhumale
asindwe
isisu izinyanga eziyisishiyagalolunye;
kodwa emunye
Wayedalile ukuthi amudalile emva
kobuhlungu akhiqize imizimba yabesilisa
nabesifazane kuye; kodwa emunye
Azondle zisuthe emunye zibuye zize kuye
uma sezikhulile
Zizomchapha ngenhlamba zimkhombe ngeminwe,
emunye
Ezikufunayo zikufune ngendluzula kuye,
emunye

Owesifazane ongizalayo mina ukubekezela
nesizi kuye kungumthwalo obethelwe
Owesifazane ongizalayo mina emunye
ukhulelwe wakhulisa ingasekho le ndoda
eyafika yagculisa izinkanuko zayo
yakhulelisa kodwa yangakhulisa yanyamalala
yaqhubekela phambili yakhulelisa
yangakhulisa

Laba abaningi lo emunye bayamxova
bayamgxobagxoba bambiza ngokuningi
nangamagama amaningi
Ngisho nabafowabo nodadewabo abashiyela
ibele bamdibi munye nabangaphandle
bamchapha ngenhlamba bayanxapha babuza
ukuthi ekabanike lentombazanyana
ayikhulisayo?

Yize bengayitholi impendulo kuye kodwa
sebephume nesiphetho bathi wayiqwayiza
nabangamazi bathi bayamazi uyabhayiza
bayavumelana ehhe wayiqwayiza
Kepha akabaphenduli, imikhonto yamazwi
abo imugwaza ngaphakathi kodwa izinyembezi
akazikhipheli ngaphandle ukhalela
ngaphakathi

Hhayi ngoba amehlo akhe esakhathala
ukukhiqiza izinyembezi selokhu akhulelwa
uyadlokodlwa uyaxakaziswa mhlambe
izinyembezi izona esezakhathala ukuphuma
emehlweni akhe
Banxaphe, bamthuke, bamthuke banxaphe
bamchaphe kodwa akangakhala uma luphumile
unyembezi alesule lesuke laba babuke idle
ngakho ehhene bahleke

Njengenja edla amaqanda sonke isikhali
sijikijelwa kuye
Njengengane ehhushuliwe ukukhala kwakhe
kuzwiwa uyena kuphela
Njengomnikazi wesilonda esibhibhayo uyena
kuphela ozwa izinhlungu zobovu obuphihlika
kuso
Njengodlwenguliwe izinhlungu zomphefumulo
nenyama zihlangana kuye zikhiphe izinsizi
zosizi engekho ozomsiza

Umcabango wokuzibulala kuye ungene waphuma,
waphuma wangena wacabanga ihluli lomzimba
nomphefumulo ongaphakathi esiswini kuye
akazange azibulale zaphika izinseka
Waziphothula izinyanga eziyisishiyagalolunye
akazange ayiphonse emgqonyeni kumbe
ayihhushule isikhathi sayo singakafiki
wayiqamba igama lo uMbali ulama uMphumeleli
uzokhula aqhakaze.

Zimbili indodana nendodakazi ubucu obuhle
obuhamba ngabubili naye uzojabula uma
ngelinye ilanga sezikhulile engasondli
sezimondla

Kepha akubanga njalo izifiso zasala
ziyizifiso zomfisi
Esikhundleni sokondliwa namhlanje uyena
owondla leli bhokisi nabathamele lomgwcabo
ngoba namhlanje

Kulomgodi kuzogqitshwa udadewethu
Kuleli bhokisi khona umzimba kadadewethu
Ngalentambo nami ngiyazilengisa
ngiyamulandela
Nembeza ungangiphikisi
Nembeza ungangiphikisi

Nembeza nembeza uma wena unonemeza
ungangiphikisi wena nalaba abathamele
lomgcwabo nina anazi ngaye mina ngiyazi
ngaye
ningangiphikisi ngoba nonke nihlangene
ukuzogqiba yena
Ningathi umafungwase wakithi uzofihlwa
ngoba ofihliwe uphinde atholakale lo ngeke
aphinde abonakale kumina ngeke aphinde
akhohlakale

Ningalokhu nifafaza amanga la nithi
ubesebiziwe ngoba omubizile ubengeke
amubize ashiye mina
Ubengeke amuzwise izinhlungu amugwaze
ekhanda ephindelela
Ukube umama wayazi wayengeke angilamanise
Kungcono ukube wamane wafa engakazalwa
ngingamboni

Mina mina mina ngifuna ukumemeza igama
likadadewethu
ngifuna ukuhleka naye mvuseni ulele
ningamugqibi uzophuma kanjani uma esevuka,
mvuseni ulele mvuseni

Kulomgodi kuzogqitshwa udadewethu
Kuleli bhokisi khona umzimba kadadewethu
Ngalentambo ngiyazilengisa
Nembeza ungangiphikisi
Nembeza ungangiphikisi

Kodwa ngoba beningeke nisamyeka isikhashana
ngihlale naye ngimkhuze uma eqoma esemncane
sixabane athi umama umthetho wazo izingane
ezilamanayo
Ngoba nikwazile ukumbulala yena engashongo
minake ngiyazicelela ngicela ningibulala nami
ngizonilekelela vulani ibhokisi ngilale eduze
kwakhe nivale nisigqibe sobabili, ngoba nina
niyagqibana nisigqibe sobabili ngoba

Kulomgodi kuzogqitshwa udadewethu
Kuleli bhokisi khona umzimba kadadewethu
Nami ngiyamulandela ngalentambo ngiyazigqashula
Nembeza ungangiphikisi
Nembeza ungangiphikisi

DUDUZILE MY FOHLOZA NGIZOKUBAMBA

Ngikhiph’unyawo ngidle uqhafaskontshi
nodelela for sure lezi ezikanokusho ake
ngisho please call ngiyakuthanda- iZunglish
Sisi bengithi ngicela ufonele ungiyakuthanda
Yabonake manje sengizulelwa ikhanda
njengomfundi wakwa engeeneering ehluleka
ukusolva u- x

Ngizwile ukuthi nibuyelene nale ex yakho
Nkosazane i-ex ilokhu osekudlulile ungadlali
laba abalokhu bethi amanzi aphinde ame lapho
ake ama khona; amanga ayiqiniso lawo
Wena qinisa la kumina uzozuza olweqiniso

Kahle kahle hhayi ngoba mina ngikushela;
mina angisheli ngiya applaya kodwa njalo
wena uma ngikubuza ukuthi ihamba kanjani
i-application yami njalo ungitshela ukuthi
the application is still pending

Mtakwethu,sdudla sami ngizokushayela
iround ntambama ungangibhekiselike phansi
Namhlanje elamanqamu
Duduzile my fohloza ngizokubamba *2
Duduzile my fulukuhlu ngizokubamba

Okungapheli kuyahlola kodwa okwenu nale
'o' yakho kuyaxaka
Niyahlukana, niyabuyelana, nibuyelane,
nihlukane
Yini ningasale senihlukana unomphela?

Uma ungase ungiqome ngizohamba ngiqholosha,
ngichoma uma ngikhuluma nawe ifoni ngiyibeke
kuloud speaker phela nawe uloud … ngobuhle
Uma ngingase ngibanjwe uwena ngingabhala
inkondlo ngesingisi ngigunde imbungculu
or isithwalaphishi wena ushaye ibaca bese
ngikh'ihlamvu lokugcina esihlahleni
Bazosivuma sosiphatha isitayela babie
... eehihihi

Ngiyabezwa belokhu bethi umnyama kodwa mina
angikuboni lokho ngibona idarkie, lendoni
yamanzi
Noma bengalokhu bezixaka bethi uyimbalakaxa
uma uza kumina awubonakali noma ufulathele
noma ubheke ngakumina anginendaba noma
bengathini uma ufikile nje kumina sofikisana
Nayi ingulube inginonela bo

Mtakwethu sdudla sami ngizokushayela iround
ntambama ungangibhekiselike phansi
Namhlanje elamanqamu
Duduzile my fohloza ngizokubamba *2
Duduzile my fulukuhlu ngizokubamba

Lendaba isingaphezu kwamandla ami kodwa
akusiyona impicabadala phela thina zisasha
sisebasha ziyasha kusho ukuthi impicabasha

Ngizokucall backer uma sengikandawo please
call engoja
Uphume nama extension uthi uyoluka uzobe
usungifica engoja

Mtakwethu sdudla sami ngizokushayela iround
ntambama ungangibhekiselike phansi
Namhlanje elamanqamu
Duduzile my fohloza ngizokubamba *2
Duduzile my fulukuhlu ngizokubamba

2009-03-04

MUSA UKUNGIZULISELA

Majita lo mntwana ngiziqalele yena ningamnakile
Kodwa manje ngoba sengizivusele seniyamlandela
Ngiyabona nina nifuna ngize ngihlanganise ikhalenda
ngisingili
Kanti umthetho wenu nifuna ngize ngiqonywe nini?

Okushukuthi njengenjwayelo kulo my sister ngiyaluza
futhi?
Ngiya give upper phela mina ngeke ngiyimele
lecompetition
Phela nina nicharma ngalamabhulukwe enu
anamaphakethe amaningi, izikibha ezincane nesiNgisi
Vele naye ziyamusalesalela ngoGeorge ukuze agqibe
ukuziqhenya usale esevuma konke
Oh …Yes. Yes
Yeses, ngisenkingeni la, hhayi ngiyaliphosa ithawula

Kodwa wena musa ukulokhu uzenza isihlinyane
Tshela inhliziyo yakho ukuthi ayiyeke ukulokhu
ingimamathekela
Wena uyagcwala musa ukulokhu ukungizulisela

Njalo ulokhu ungitshela ukuthi bathi abazali bakho
lolu thando asingalwenzi ngoba kuzohamba kuhambe,
kuhambe bese kwenziwa enye impambosi
Wena kanti awuyifundi yini imove banomona akanti
nabo le mpambosi bayayenzayenza
Mabebeza musa ukungizulisela uyalaz’udaba azishe

Ngoba wena angathi une experience kulegame
yomathandana mina ngisagijima amagames
kanil nil kushukuthi uma uke wathi, nami ngathi,
sathi akumina ozokhokha inhlawulo kodwa
uwena uzokhokha … idemeshe.
Phela mina ngizobe ngidlala igame yami yokuqala
idebut, ifirst appearance

Kodwa wena musa ukulokhu uzenza isihlinyane
Tshela inhliziyo yakho ukuthi ayiyeke ukulokhu
ingimamathekela
Wena uyagcwala musa ukulokhu ukungizulisela

Ngoba ulokhu ungizuliselake sengizithathela mina
izinqumo
Ngiyanimema nonke emshadweni kaSgwadi
noNtomb’iyazulisa, ningazifaki izikibha zepolitiki
Awunaye noyedwa umntwana kodwa uyabezwa laba
balokhu bethi unyathela ngabantwana so i-advice
engingakunika yona ukuthi ungabashelisi ngoba into
eziyicabangayo lezi ntwana ukukutholisa umntwana
Kodwa mina engikucabangayo ukuthi ungagodoli
ngoba uma kuke kwagodola wena imithambo yami
ephakela igazi enhliziyweni imane iphathwe istress

Kodwa phela nawe ungabi nesikhwele ngoba
uzozibeka egcupheni yokuthi njalo ngilokhu ngikukhwe…
mhhu mhhu uthi kengithule futhi vele uyalaz’udaba

Kodwa wena musa ukulokhu uzenza isihlinyane
Tshela inhliziyo yakho ukuthi ayiyeke ukulokhu
ingimamathekela
Wena uyagcwala musa ukulokhu ukungizulisela

UDADEWAMI

Lo udadewami
Uyintombi intombazane njengamanye
amantombazane kodwa yena akakabi
intomb'azale
Ubhekile naye uzibhekile laba
abanamehlo agovozile abacatshangelwa
imizwa abambhekile yena akababhekile

Usengaphansi kwesandla sabo; isandla
sakhe, akakamdingi ozoba ngaphansi
kwesandla sakhe ngoba uyakuqondisisa
ukuthi ozalwayo akahlelelwa izinkanuko
ezikhiqiza utalatiya lenzukazikeyi
uhlelelwa omuzalayo

Wamukela lokho anakho akaziphilisi
njengabanakho ebe engenakho

Udadewami. Wami mina ... udadewami

Njengemidlwane esasazelwe baya kuye
ngesivinini ngethemba lokudl'ubhedu
kodwa bafike bafice imbedumehlwana
yenkanankana yo-'angudlali umdlalo
womaqomana mina'
Umjita ushelwa amazwi aze akhohlwe
abekuzele
Ukhuluma aze aphinde nabesekushilo

Uma ucharma kuye uyazama ncese
akathathekanga lawo magama akho
kuzozusiza ukuthi uyowagcwaba mhlambe
aseyovuka kwabafileyo athathe;
aseyothatha kothathekile
Owami ukuqoma akusiwona umdlalo kapacman
Okwakho okubizayo, nokwakho okubizayo
lokho okwakho akubizi yena

Udadewami. Wami mina ... udadewami

Umzimba wakhe akusiwona owokukhangisa
nokutshengisa
Ugqoka aphelele okuphelele mhlambe
ingakho nasebuntombini bakhe esaphelele
Uhlala njengentombazane akanwebi imilenze
kungaze kuhlukumezeke impahla

Ufundisiwe ukuthi angagovozi aqothise
amadolo alahle imilenze ze bangalokothi
balahlekele kuye becabanga ukuthi
okuvezekile emiqondweni yabo kulahlile
ulahlile

Unolwazi olunqand'ikhanda lokuthi othi
mtwana womtwana wami kuye
uyingcithabuchopho ngokuphindiwe kunalo
othi mntwana wami kuye...
mina ngisho udadewami

Udadewami. Wami mina ... udadewami

Uyakwazi ukugqashula okufanele kokungafanele
Okufanele endaweni yakho...okungafanele
endaweni yakho.
Uyazi ukuthi ucansi akulona elabafanelene
kodwa elabafanele ngesikhathi esifanele

Impakamo nokuzazisa akuzinzile njengenzika
emanzini acwebileyo kuye
Inhlonipho yakhe akayilondolozeli idlanzana
angathi ngayo utax'intela ngoba ufundisiwe
ukuthi akuze umuntu aze abe owakini
ukuze abe ngowakini

Owami ungumlandeli nomlaleli wemiyalelo
nemithetho yabazali ingakho engakalali
ezazi engakazali

Udadewami ... wami mina ... udadewami

NGIMBONGI NGONDLA ISIZWE NGAMAZWI

NgingumZulu ngobuzwe, nginsundu ngokohlanga
Ngunkunz’emnyama iyazisaba izithole
Ngunkunz’emnyama nangeshoba layo
Isishimane ngisabisa ngeziqu zokushela
“Hawe ongishela nami”
Uyabonake manje usungiqalela inkinga
Angisheli ngiya advicer, anginyatheli ngiyagxoba
Pibipu Pibipu basop basop dedendleleni
Ngifak’uforward ureverse udukile dlala s’shimane

Umzali namuhla akuseyena umlawuli, umhlengi nomhleli
Kodwa umthetho sisekelo iwona osewaphenduka umzali
Iwona lomthetho sisekelo osekela ukuqhibuka ngesivinini
kwentsha engahloniphi, osikhwili uphambana nobhoko,
umhlambi kazalusile nokhanda lingitshel’okwakhe
Hho! Yeka amandla esambane sona esimba umgodi
Singawulali.
Seziphushana izinyevu phambi kwabo bazothini
nangu uBill noConstitution bagxamalazile

Okwamabhodlongane uma kuke kwamila intshetshana,
Imilenze yomaskito le, kuzibona ukuthi sekwamadoda
Uma kukhuluma nomuntu omdala sekumane kuvuse
Izinhlozi.
Kuphenduka amaxhegu kukuncane kanti kudlala
utshwala nezidakamizwa uma kukhala ibhungezi
kukhalele kwimboza namagumunxa.
Hheyi zakhala kazehla kulegeneration yegenerations
noglomobi yanamuhla
Nayinsumansumane imbedumehlwana kodwa sobona
nawa amehlo ekake umbombo

Okwamantombazanyana uma kuke kwahlosa kuzibona
ukuthi sekuyizintombi kugcwal’umgwaqo kuhambe
kutshikiza neziketi ezingaphelele kufun’ukushelwa
Ba attenda amaklinikhi ngokungenamkhawulo kulandwa
imithi yokuhlela ngoba kujahwe ucansi ongayithathanga
imithi uyamitha
Ukumitha nokumithisa sekwaba sesitayeleni
kuyancintiswana ongenayo ubizwa ngenyoni
wekibhi wake eyangakini engaka?

Ngimbongi ngondlisizwe ngamazwi kusutha onendlebe
kulamb’ihlongandlebe nawe lol’indlebe ngizokufunza
Ukuthi uzwile noma awuzwanga kodwa ngishilo
Ukuthi ulalelile noma awulalelanga kodwa ngishilo
“Musho” – uba?
“Akaqedwa” – ngike ngamqala yini?
Ukuthi uzwile noma awuzwanga kodwa ngishilo
Ukuthi ulalelile noma awulalelanga kodwa ngishilo

Emicimbini yokuzijuxuza ikamphelandaba kufike
kudliwe izidakamizwa kudakwe umuntu nemizwa
yakhe kujuxuzeke umqondo bese bevele beyayidedela
umzimba uphenduke umazitapele kumithwe izingane
ezingahlelelwe nengculazi kanye-kanye

Ubutabani bunyuka ngesivinini njengama DVD
omkokotelo emakethe
Woza 2010 kuzoshushumbiswa izingane ezincane kuthiwe
azidayise ngocansi athenge amadoda.angangobaba bazo

Ngeke ngisaqeketha ngiqephuqephuze isiZulu nomZulu
singabaZulu ngingawuzwanga uwats-up dawg yeah dawg
Noma ngabe liyana kuyabanda it’s cool dawg yeah dawg
Umzimba ula ingqondo iseMelika
Bese omnyama ehleka omnyama emhlekela ukuthi
ubhidilisha ulimi lwabeLumbi angathi ukwazi isiNgisi
kusho ukuthi uhlakaniphile
Noma ungazishintsha
isikhumba njengalomfana wakaJackson ubumnyama umnyama
ubumhlophe umhlophe ayijiki uma ike yajika iyashayisa

Zingqengqengqe ijalukile Zulu ingculazi imbubhiso
ayilibheki ipali
UMdali usewaphenduka u-Alfa kuphela ingculazi u-Omega
Abanye ayibazingeli ibona abayizingelayo bakhuzwa mihla
namalanga kodwa abezwa bashaya skuni bacathi boguga
namagxolo njengezikhuni

Ngimbongi ngondlisizwe ngamazwi kusutha onendlebe
kulamb’ihlongandlebe nawe lol’indlebe ngizokufunza
Ukuthi uzwile noma awuzwanga kodwa ngishilo
Ukuthi ulalelile noma awulalelanga kodwa ngishilo
“Musho” – uba?
“Akaqedwa” – ngike ngamqala yini?
Ukuthi uzwile noma awuzwanga kodwa ngishilo
Ukuthi ulalelile noma awulalelanga kodwa ngishilo

2009-02-08

Inkosi ibe nawe

Ebuhlungwini nasekuhluphekeni okukukhungethe
Emabhandeni enzondo asebewabophile
Amanzi abakubilisela wona nezibopho eziboshwe
izinhliziyo nemiqondo ekhonza uSathane
ngithi sithi bathi

Kulezozinhlungu ezikuwe nathi zikithi
UThixo akusikelele, inkosi ibe nawe
inkosi ibe nawe

Yize sikubeke ezinhliziyweni zethu sicela umusa
kuye abanye bethu izinnhliziyo zabo zilele
unyendle bakufisa ufile ngemiqondo sebembe
negodi lethuna bakugqiba nezinhlelo zomngcwabo
sebezidwebile ngawe sebeqedile njengob'ugula
kubona usufile

Kulezozinhlungu ezikuwe nathi zikithi
UThixo akusikelele, inkosi ibe nawe
inkosi ibe nawe

Uzibona usebumnyameni angathi ulahliwe,
umphefumulo unqanyuliwe, umzimba ubolile,
ukuphila kuphelile nomzuzu olandelayo ufuphele.
Thina sisazophila sihambe nawe
Kulowombhede wethunzi lokufa qin'isibindi sinawe
beka ithemba kuye

Kulezozinhlungu ezikuwe nathi zikithi
UThixo akusikelele, inkosi ibe nawe
inkosi ibe nawe

Qina ndlovukazi emanxebanxeba,
nkosazane emdwayidwa
nxusa lezingelosi emhlabeni, ngadlangadla
yenzalabantu
Uzobizwa usubiziwe ngeke ubizwe bekubiza
Kulelo thunzi lokufa awulahliwe usazovuka
ngiyakuthanda kholwa yimi

Kulezozinhlungu ezikuwe nathi zikithi
UThixo akusikelele, inkosi ibe nawe
inkosi ibe nawe

UKUBE NGANGAZI NGANGEKE NGIKUSHELE

Ngiyazi uyazi ukuthi ngiyazishaya ngawe ngoba
ngihlale ngikubuka kodwa asisbukani ngoba uma
kuke kwaqondana amehlo mina mina ngibheka le
kanti kade ngikubuka ngesikhathi ubheke le

Uma kuke kkwaqondana amehlo ngimane ngicabange
ukuthi mhlambe seziyasha ngaloluya daba
engakukhiphela lona ngaloya date
Angithi usakhumbula ngesikhathi ngesikhathi
ngithumela iskimu sami kuwena ukuthi
bangibikele udaba lwami kuwena, bafika kuqala
bona mina ngafollower "yebo uqinisile umfethu
hhayi njengoba eseshilo nje umfethu nami ngihamba
phezu kwamagama akhe"

Namhlanje uma ngihlangana nawe uhamba nabangani
bakho ngimane ngiswele umgodi wokucasha phela
niyaxoxana nina for sure usubatshelile ngami nami
sengiyasaba ngiyababona bayangibona ukuthi angathi
ngiyashishiliza

Sebeze baphenduka nama experts nama-analysts kulolu
daba lwethu.
Bangi anylyser ukuthi ngihamba kanjani ngigqokani,
singafanelana yini uma singase sikhiyane nokuthi
khona ukuqonywa ngake ngaqonywa yini noma
ngizofundela la kuwena.
Isilingo phela lesi angazi noma nabo
bangi-aftile yini?

Nkosi yami ngaze ngavelelwa ukube
ngangazi ngangeke ngikushele

Uma ngike ngahlangana nawe noma usuhamba wedwa
uma usekude ingqondo ithi ulahlile for sure
ngiyadlala namhlanje.
Uma ususeduze angazi konakalaphi ngike ngizibone
sengidonsa icell ngi-answer amacallz angekho.
Ngizithole sengikhophoza kuhle komjita oqala
ukuvalwa ingane endlini

Uma usawubona ekwazile ukuputshuka phakathi
kwemithambo namamuscles ovalo wena wavuma
angilali ebusuku angathi sengilishayile ikhanda
noma ngicwayiza sengimane ngizithole
ngiphuphupha wena
Yazi kuthi angikuvulele icala phela wena
uhlukumeza ilungelo lami lokulala sleeping
abuse phela le


Nkosi yami ngaze ngavelelwa ukube
ngangazi ngangeke ngikushele
Kodwa nawe uvelelwe ukube
uyazi angabe uyangiqoma

Amehlo ami alazi lonke ingaphandle lakho,
istep sakho, ishape yezindebe zakho uma
umamatheka,
Uma ufUlathela ubheka le ifocus igxila kumamoves
esingezansi... ngisho izinyawo.
Kodwa ingqondo ilazi lonke ingaphakathi lakho
Iwazi wonke amakhona, obus stop nakamphelandaba
e-ICC Arena yakho.ICC! Hayi sisi kushukuthi bengase
ngibanjwe uwena ngingangena ngiphume ezintweni

Nkosi yami ngaze ngavelelwa ukube
ngangazi ngangeke ngikushele
Kodwa nawe uvelelwe ukube
uyazi angabe uyangiqoma

Uma usuzwa inhliziyo yakho ishaya kancane ubokwazi
ukuthi ngisuke sengicabanga ngawe ngamandla
Phela wena uma kuthiwa ubuhle ihhotela wena angabe
uyi 5-star hotel ngiyasola wonke lamacelebrity
aseHollywood okuthiwa manhle abubolekwa uwena
ubuhle
Ozame naleskimu saseBollywood phela

Nkosi yami ngaze ngavelelwa ukube
ngangazi ngangeke ngikushele
Kodwa nawe uvelelwe ukube
uyazi angabe uyangiqoma

Uma ngikubuka angazi noma ngizothi imodel etsha
yini yakwaLimborghini noma mhlambe uBm usekhiphe
iX10 kodwa uma ngibuka lolu olunye uquqaba
ngimane ngibone ama E20 nama1400
Ngiyabona sekufanele ngihlale ngiphethe iSakhamuzi
nogambu ngoba njalo uma ngibona wena ngehlelwa
iCD4counter.
Uzocathi ngiyaphupha besengikubamba ngempela

Nkosi yami ngaze ngavelelwa ukube
ngangazi ngangeke ngikushele
Kodwa nawe uvelelwe ukube
uyazi angabe uyangiqoma

LE NDODA INGIBIZA NGEDODANA

Ngoba sengumungaka ake nibhekeni
lendoda ingibiza ngendodana ithi ingubaba
Baba ubukephi sonke lesi sikhathi?
Mina angiyazi lendoda

Owesilisa oye ocansini nowesifazane owesifazane
wakhulelwa wakhiqiza umzimba nomphefumulo ophilayo
ubizwa ngokuthi ubaba owesifazane kuthiwe ungumama
Ubaba akuyena ubaba ngentshebe nokuqhosha ngoquqaba
lwezingane kodwa ebe engazondli, engazithandi

Kusukela ngazalwa mina umama ubengumama engubaba
le ndoda yakhulelisa yashiya umama nomthwalo
wokukhulisa yaqhubeka nokukhulelisa
Angilazi ikopi leNAN lale ndoda mina ebusika
bengimbatha ngisongwe izandla zikamama ngithokomale

Ukukhala ukulila nokuhayiza komzimba nengqondo
yami amehlo nezindlebe zikamama kuphela ezikwaziyo
Ukukhalela ngaphakathi okufuqa inhliziyo ngomlilo
wezinyembezi kukamama imina kuphela obengumlandeli
nesithameli esiqavile sakho
Ngoba imifula yokugobhoza kwezinyembezi zikamama
imina kuphela obebhukuda kuzo

Kodwa ngoba sengumungaka ake nibhekeni
lendoda ingibiza ngendodana ithi ingubaba
Baba ubukephi sonke lesi sikhathi?
Mina angiyazi lendoda

Lendoda ngoba sengimungaka isithushuka
ekukhanyeni ebumnyameni ubebonakala
ngamehlo njengekati elimnyama ebumnyameni
Ubuhumusha bayo bugxikigxa inhliziyo okudlula
ukungena komkhonto enyameni

Bengibezwa abangani bami bethi ubaba mina
uzongithengela amaswidi namathoyizi umama
angithengele izingubo zikakhisimusi kumina
kuhlengezele izinyembezi konke kusemahlombe
kamama kudlinze umphefumulo inhliziyo ibhibhe
izinhlungu uma bengibuza ukuthi uphi owami ubaba
ngithi usebenza eGoli uma ebuya ebusuku kuphela
kanti angimazi

Kodwa ngoba sengumungaka ake nibhekeni
lendoda ingibiza ngendodana ithi ingubaba
Baba ubukephi sonke lesi sikhathi?
Mina angiyazi lendoda

Lendoda amehlo ayo athetha usizi nokuzisola
kwenkohliso
Amazwi okuxolisa aphuma emlonyeni wayo
kimi anuka okudlula iququ lempongo
Lendoda kade ingangazi ngoba sengimungaka
isiyangazi mina angidige kuyazi ngakhoke
ingalokhu ingikhomba itshela amanye amadoda
ukuthi yona iyindoda isikhulisile ngoba
ikhulelisile yangakhulisa njengenyoka
Ithi iyangazi, mina angiyazi lendoda

Lo mlisa ucela intethelelo kimi angathi mina
ngumthetheleli ngithetha amacala kanti
yothethelelwa mhla esethethiwe
Wena udlwengule ukuphefumula komphefumulo kamama
wamulutha ngenkohliso yembubhiso
Kodwa manje ngoba usubona ukuthi khona ongakuzuza
ngami mina ngibe ngingazuzanga ngawe usulokhu
ucwebisa amehlo ungibiza ngendodana

Kodwa ngoba sengumungaka ake nibhekeni
lendoda ingibiza ngendodana ithi ingubaba
Baba ubukephi sonke lesi sikhathi?
Mina angiyazi lendoda

2009-02-05

Ningazilweli ngizonilwela

Labangani kuhle uma kusekuhle ebubini
nasebumnyameni ababonakali nangokhalo nemiyalezo
Ekusitheleni nasemakhoneni bakukhomba ngeminwe
engcolile imilomo ikhwifa amaconsi enzondo
bayakuhleba
Um'uqhamuka bakuthenga ngokunsinsitheka nokusineka
baze baveze namazinyo asekugcineni kwemihlathi

Kodwa wena ungazilweli ngizokulwela
nani ningazilweli ngizonilwela
Hlala kimi ngizo hlala kuwe

Laba bantu bakuzondela iziphiwo nakho konke
okuphiwe yimi imiqondo yabo seyize yahluma
amasu okukucoboshisa nokukusocongsa kodwa
nabo ngibanikile okwabo bakuphatha budlabha
budlaka wena wakulondoloza sebefuna ukukubulala
Usizi kuwena injabulo kubona, ukukhala
umbhiyozo, izinhlungu zibaveza elomhlathi

Wena bhekisa amehlo kimi ngoba lemithwalo
abakuthwesa yona mina ngiyithule
bengakakuthwesi awukwazi ukuzibulala
ngenxa yomunye umuntu
Ngilwile nabafowabo baJosefa kuJosefa
Nomzimba wethusi likaGoliath kuDavide
nenhlupheko kaJobe kuJobe, pho wena
ngizokuzibelani?

Wena ungazilweli ngizokulwela
nani ningazilweli ngizonilwela
Hlala kimi ngizo hlala kuwe

Laba bazi abakubona ngamehlo nokuseduze kwabo
kuphela mina ngazi okomoya nasekusitheleni
Ngazi ihora nomzuzu olandelayo wokuphila kwakho
kodwa bazibona ukuthi bayazi bayizazi badlula
okwami ukwazi

Lezi zizwe

Nginkosi yamakhosi nombusi wababusi
ngembethe ingubo yokukhanya nodumo lobukhosi
Ngidale lezi zizwe nokuphila kwazo
Nginqaba ezinhlungwini, enhluphekweni, osizini,
ebunzimeni nasebumnyameni bokuphila kwakho

Ngininike inkululeko yokuba nibuse emhlabeni
nakho konke okungaphezu kwawo
Kodwa lezi zizwe ... lezi zizwe zingidumisa
ngezindebe zomlomo kuphela kodwa izinhliziyo
zazo zikude nami ngoba ziphendukezela umusa
nombuso wami .... lezi zizwe

Lezi zizwe zikhonza ipolitiki nezindlela
zikaLusifa ziphatha ngeze igama lami
Enjabulweni nasembusweni yasemhlabeni
nihambela kude nobuso bami kodwa
ezivunguvungwini nasekuxakekeni nibhekisa
kimi okomzuzwana ngithele umoya wami
beseniyangifulathela niphike nama thushu-sithe
omhlaba ongaphansi kwami

Ngininike inkululeko yokuba nibuse emhlabeni
nakho konke okungaphezu kwawo kodwa
lezi zizwe ... lezi zizwe zingidumisa
ngezindebe zomlomo kuphela kodwa izinhliziyo
zazo zikude nami ngoba ziphendukezela umusa
nombuso wami .... lezi zizwe

Lezi zizwe zinemiqondo efingqiwe zibuswa
inzondo nomhobholo ngabanye nokwabanye bese
zifihla amakhanda egameni lami kanti imizimba
ivelile
Ngemizimba eyithempeli lami nenza ukukhohlakala
okuhlohlwa inkanuko nezenzo zobunyala

Amabandla azondana wodwa ukuhleba ilona vangeli
elishunyayelwayo
Ukugxekana kudume ukudlula u-eksodusi 20
Nobufundisi sekwaphenduka ibhizinisi kufuduka
abakhohlisi nabadukisi
Nimemeza igama lami mihla namalanga kodwa
nihluleka ukwamukela imifanekiso yami eduze
kwenu bese ekuhluphekeni nithi nginifulathele
kanti inina eningifulathele

Lezi zizwe lezi zizwe ziphendula umusa
nombuso wami lezi zizwe

Abanye bafike badlwengule, babambe inkunzi,
bathakathe, baqwayize, bafebe bese bebuswa
inzondo nomona bese bezenza ongcwelengcwele
emasontweni bathandaze baze baqhashe imithambo
eziphongweni nasezidlathini kanti balele
unyendle nicashela ba ngoba ngiyanibona

Ukube umama usekhona

Ubethi mshana ngithi malume
malume mshana, mshana malume
Uthando lwakhe benguluzwa lugijima ngemithambo
yegazi obekungenza ngikhohlwe ukuthi umama
akasekho emhlabeni ngikholwe ukuthi wazalwa
nendoda emadodeni indoda ngezenzo zobudoda

Kodwa imicabango yami yaphenduka izimpethu
zenzondo ngomzuzu angihudulela ngawo embhedeni
Ukukhala nokuhayiza kwami kwawela emandleni
akhe nezindlebe ezimbozwe iqulu lezigonogono
zenkanuko

Shhhhhh .... val'umlomo ummese entanyeni,
isibhakela ekhaleni, isandla ephentini,
iminwe ngasese esithweni
Yagqiha indoda umzimba wakhiqiza izithukuthuku,
indoda igculisa izinkanuko zayo enganeni
kadadewabo
Umshana ukhihla isililo sezinhlungu nezilonda
zangunaphakade

Uzizwele nomyalezo wokuthi ihluli lenyama
nomphefumulo ongaphakathi esiswini sakhe
akasihushule ukuze umndeni ungazi ngamanyala
kamalume kungenjalo uzokuswela ukuphila kwakhe

Ngiqalekisa umzuzu nehora engazalwa ngawo
Mhlambe ukube umama usekhona angabe
akangidlwengulanga umalume
Mhlambe ukube umama usekhona angabe
angabe ngitshela yana

Umzimba unezibazi nginecala ngiyalazi
kodwa nomalume unolwazi akwenzayo uyakwazi
uyazazi
Ngizibona ngiyihlazo ngingumlahlwa emphakathini
Ngiyawuzwa umsindo wamazwi abo amaningi
bayaxokozela bangibiza ngamagama amaningi
kepha wena ngiyazi uwena kuphela osho
okuhlukile ngami

Okwami ukuhlupheka kudlula okukaJobe ngoba
okwakhe kwafika kwadlula futhi yena akasekho
okwami ngiphila nakho koze kulamule ithuna
Inyama yami yembeswe imijuluko kamalume
enyanyekayo
Sengiwumthwalo nakimi ngifisa umphefumulo wami
ubudube ubudlelwano bawo nomzimba wami
Mphefumulo xebuka emzimbeni wami umile emanyaleni

Ngiqalekisa umzuzu nehora engazalwa ngawo
Mhlambe ukube umama usekhona angabe
akangidlwengulanga umalume
Mhlambe ukube umama usekhona angabe
angabe ngitshela yana

Nkosi lalela udaba lwami kuwe ngizobhodla
ingonyuluka njengenyoka egingile ngizobhodla
izinsalela
Lalela udaba lwami ngizovula izindlebe
emsindweni wezwi lakho ngivale izindlebe
emazwini oquqaba nokubalisa kwenhliziyo

Malume angabe uyalizwa izwi lezinyembezi zami
ukubalisa kwenhliziyo yami nezwi lesililo
sengane yethu egodini owalimbayo?
Mhlambe ukube awudlwengulanga mina angabe
ikhalela wena nomama wayo niyithulise
niyifudumeze nobabili

Ngiqalekisa umzuzu nehora engazalwa ngawo
Mhlambe ukube umama usekhona angabe
akangidlwengulanga umalume
Mhlambe ukube umama usekhona angabe
angabe ngitshela yana

2009-01-16

sphalaphala ngiyaqhaqhazelisa

Ukubhakubhakuza kwenhliziyo yami in
collaboration with ukucabanga kwengqondo
yami featuring udubulageqe kadel'unina
siphethe imasterkey songqekeza inhliziyo
yale shander par egolozayo
For sure nawe uyazizwela
namhlanje mntwana uyangiwisela

Nazi izimbali zomhlaba izinto ... kazi
zomhlaba
Ngicela ukukhetha phakathi kwaglamour,
ismomo-Ndiya nesiphalaphala
Pitipiti Botha (hhayi Botha angikubalanga
wayona manje le list yami?)
dayi futefute futelema weh. Weeeeeh mame

Ngihamba nowesithathu kulaba abathathu
sengimuthathile ngiyazi anicushwa mathatha
please ningabe nisamuthatha
Phela lo uyilo engimufunayo, engimudingayo,
engimufisayo ngoba unale material
engingculisayo

Ngiyazi nawe sphalaphala kade wangi-after
before kodwa.
Uzoba wedwa kimina akekho ozokubangisa
elokhu efuna ukukucoboshisa nokukusoconga
ethi "uyifunani indoda yami" x2
elokhu enyusa iziketi ngoba nawe uzosuke
unyuse iziketi
Qhalaqhala sorry I mean sphalaphala
... ngiyathanda lapho

Musani ukungibhebhe ... bhedela aniboni
ngigudla nesiphalaphala hhe mhlaba
ngiyaqhaqhazelisa

Sphalaphala thena mba, phezulu kancane,
kancane phansi gijima gijima for sure
phakathi nendawo ziyasha wini ikhadi

Sengigadle zephuka ngagcoba namashiya aze
afuna ukuqothuka, sengiphuphe ngaze ngagive
upper inhliziyo yami isidabuke okudlula
amansense esangoma
Uma ngingase ngibanjwe uwena njengethwasa
angabe sengiphothulile selingamane libhubhe
noma usengabuya azolanda ibandla lakhe
Uma bengathi ungidlisile angiliboni iphutha
wenza kahle ungibize uma usuyowuvuselela
umane ube owangunaphakade

Musani ukungibhebhe ... bhedela aniboni
ngigudla nesiphalaphala hhe mhlaba
ngiyaqhaqhazelisa

Phela wena umu... hhayi fill in the missing
words ngama alphabets amathathu nawe uyazazi
ukuthi wimodel answer yobuhle, uma kuthiwa
eskoleni kuphaswa ngobuhle wena angabe wasuka
kwagrade R waya kamatric

Mina nawe ngifuna sibe amazinyo nolimi
singahlukani njengamachoice assorted
nokhisimusi, sizwanisise njengomfundi
wakwa-engeneering nescrew-driver

Musani ukungibhebhe ... bhedela aniboni
ngigudla nesiphalaphala hhe mhlaba
ngiyaqhaqhazelisa

Bonke laba abakufaneli ungabashelisi wena nabo
nifana namanzi namafutha, akuhlangani njengePirates
nendebe akuzwani inkukhu nempaka
Kodwa nawe njalo uhlale ungiphikisa nje ukuthi
ngiwrong noma ngiright wena uma uphikile
uqedile
Uma kuthiwa wiqembu lezepolitiki angabe ngithi
wilunga lokuqina leDA

Kodwa noma usungangiphika manje kodwa ngesikhathi
sisebancane uma sidlala umas'gcozi ngangiba ubaba
wena ube umama sithume izingane estolo mbumbulu
ngisale ngidedel'imbumbulu

Musani ukungibhebhe ... bhedela aniboni
ngigudla nesiphalaphala hhe mhlaba
ngiyaqhaqhazelisa

Bayeke laba abangithatha kancane ngoba ngimncanyana
ngiyababona bacabanga ukuthi konke okwami kuncanyana
Nabanye balokhu bethi ayihlabi ngakumisa
Basho inkomo hhayi mina phela thina bothina uma
sihlaba siyammisa ... ummese omncanyana

2008-11-11

ANGICELANGA

Owangidalayo mina wangidala ngenhloso
uma kungezona izinhloso ngakhoke unenhloso
ngokuphila kwami
Owangidalayo mina wathuma izithunywa ukuba
zingakhe
Uma kungukuthi zangakha bangakha ngephutha;
mina angilona iphutha kodwa ukuphuthuma
kwabo okunemiphumela engamaphutha okuyiphutha

Uma lo wesifazane ethi wayengahlelile nalo
wesilisa ethi wayengaqondile bobabili
behlangana ngami kimi bethi mina ngingumkhiqizo
wephutha mina anginalo iphutha ngoba angicelanga
futhi angishongo ukuthi ngifuna ukuzalwa

Ngangingekho mina nidla ukuphila kwenu
ningacabangi ngomzuzu olandelayo
Ngangingekho mina ngangingekho imiqondo yenu
iqosheme ngangingekho
Ngangingekho mina ongaphansi ethokoziswa ukuthi
ucindezelwe nigculisa izinkanuko zenu kungekho
inhlansi yomcabango ehlalukayo ngemiphumela
yokwenziwa ngasese ovela ngaphandle
Uma umphumela usuphumela ngaphandle bese
kuphela ukuthandana bese niyanyanyana wena
mlisa bese uyanyamalala

Mama baba baba mama uma kungukuthi aningihlelelanga
ukuthi ngizalwe ukungahleli kwezingqondo zenu
nokungahleleki kwezinkanuko zenu
akungehleli ekuphileni kwami
Ngoba mina angicelanga ukuba ngizalwe
Ngoba mina angishongo ukuthi ngifuna ukulethwa
lapha emhlabeni

Ukungabi kwakho nezinseka akusho ukuthi
ungangiseki
Akulona ihlazo ukuba khona kwami emhlabeni
ukubalekela kwakho ukuba khona kwami emhlabeni
okulihlazo
Ihlazo ukuthi udle usuthe mina ungayigqizi
qakala eyokuthi ngidlile yini uma ngidlile
ngisuthile yini

Ukuphila kwakho kulovile emqanseni wendlela
yokuphila kwami
Kungaze kugqashuke ukuphila kwakho ungabazi
ubuso bami okungcono ungibone kanye
ungiphike uphimise phambi kwami uthi umama
ukusulela ngesisu ube wazi kahle ukuthi
wanyamalala ngoba sekukhukhumala isisu

Bangalokhu befakaza bethi unothando nozwelo
zof'izinsizwa kosala izibongo
Ufile ungafile kimi kuyefana zof'izinsizwa
namanyala azo kosala amavezandlebe
nezinhliziyo ezincela emthonjeni wenhlupheko

Mama baba baba mama uma kungukuthi aningihlelelanga
ukuthi ngizalwe ukungahleli kwezingqondo zenu
nokungahleleki kwezinkanuko zenu
akungehleli ekuphileni kwami
Ngoba mina angicelanga ukuba ngizalwe
Ngoba mina angishongo ukuthi ngifuna ukulethwa
lapha emhlabeni

Mama ngoba ubaba angimazi wena ngiyakwazi
for sure wena mama uyamazi ngicela ukumazi
ungangitsheli ukuthi awumazi
'Mtanami nami angimazi sahlangana emcimbini
wokuzijuxuza sishisilwa igazi ngamgcina lapho'

Mama mina ngingumphumela wokubopheka
komqondo wakho
Mina ngumkhiqizo womzimba wakho
Ngihlale izinyanga eziyisishiyagalolunye
esibelethweni sakho
Musa ukubhodlela amaphutha akho lapha kimi
noma ngabe wawungahlelile kodwa hleleka
ngothando kimi

Uma kuthiwa ngazikhethela umama ngangingeke
ngikhethe ukuba nomama nje nje onjengawe
nje nje onje
Mhlambe angabe kungcono ukube wathi uqeda
ukungibeletha wamane wangiphonsa emgqonyeni
ngitholwe ilaba abaqoqa udoti bangiqoqe nami
bangihlalise kwabezenhlalakahle ngihlalekahle
nosonhlalakahle abangangazi ngoba wena
okufanele angabe uyangazi awungazi kodwa
uyazi ukuthi kufanele uhole imali yeqolo
ngami

Wena mama ungihlukumezela amaphutha akho,
wena mama ungena ugxikigxe isilonda njengempethu
kodwa lokhu kwakho kuncane kunalokhu okukhulu
inkosi esangibekele kona
Wena mama angathi awungizalanga wangihlanza
Mina kuyafana nokuthi angizalwanga umuntu
wesifazane kodwa ngazalwa amathumbu akhe
abolile

Mama baba baba mama uma kungukuthi aningihlelelanga
ukuthi ngizalwe ukungahleli kwezingqondo zenu
nokungahleleki kwezinkanuko zenu akungehleli
ekuphileni kwami Ngoba mina angicelanga ukuba
ngizalwe
Ngoba mina angishongo ukuthi ngifuna ukulethwa
lapha emhlabeni

2008-10-14

Lalela la

Ungumafungwase uzinyobulala kithi
Mina nabafwethu uyena kuphela esikwazi
ukuthi dadewethu kuye
Kubazali uyinkanyezi eqhakaza 24/7 uyena
kuphela abakwazi ukuthi ndodakazi kuye
Ukhuliswe ngevangeli nomthandazo zonke
izingqinamba nezinkinganyana ahlangabezana
nazo uguqa ngedolo athandaze abhekise konke
kuye.

Ukhule ephefumula inhlupheko ebhodla indlala
ubedla aphinde agqoke lokho okukhona ngaleso
sikhathi ubengenalo ithuba lokukhetha
Yize bebaningi abeza kuye bemukhetha kodwa
ngoba yena ubesekhethile ngaphakathi kuye
ukuthi akakhethi abamukhethayo ukabakhethi

Ukhule bekungabuswa kithi kupataniswa
uma ephambana nemigomo yakithi ubethethiswa,
engatotoswa engatetenyiswa engaphathiswa
okwesitatanyiswa

Labazali abangafundile kodwa abafundile
bakuqondile ukuthi kufanele afudukele
esikhungweni sezemfundo ukuze naye
ayofunda aphinde mhlambe afunde

Namhlanje usebuswa amalungelo usethi
yena akazotshelwa abazali abangafundile
Iziyalo ayalwa ngazo abadala uthi amanyala
yena udla ubusha bakhe wayengekho ebusheni
babo ngakhoke abazomutshela
Uthi bangazenzi ama-experts belokhu bethi ayihambi
leyondlela ayihambi leyandlela ngoba bona
sebekhathele futhi sebeqedile ukuyihamba
Ngoba uthi uzokwenza okuqondwa umqondo wakhe
ngoba iwona oqondwa lokhu okuqondwa uye
Ngakhoke mudedeleni enze akhulume mudedeleni

Sisi sisi lalela lana uvule la uvale la
musa ukuhamba ulala la ulalela laba
Sibadala siyakutshela sithi ayihambi
leyondlela

Akasagqokeli ukufihla umzimba kodwa usegqokela
ukuwuveza
Emicimbini yokuzijuxuza uyena phambili kodeejay
uyaziveza.
Akugqokayo ukugqokela ukuthi kuveze lonke
ingaphambili nengemumva lakhe khona ezokhangisa.
Ingakho nje bonke abafuna ukugculisa izinkanuko
zabo zabo beza kuye ngoba vele uzoveza.

Yize esemumva ngezinga lempilo kodwa kukhazikhazi
bezimoto zohlobo oluphambili, imicimbi ephambili
uyena phambili.
Uphuzo uludakayo nomgwinyo kubuthwa ngamafosholo
Usehogelile ngamakhala wavula umphimbo wakhamisa
kwadlulela emuqondweni.
Ingqondo yasala ngemumva inkanuko yahamba phambili
kwashisa igazi useqethukile useketukile, imilenze
iwozawoza ibabiza bonke.
Useyahayiza useyakhala amadoda ashadile nangashadile,
anezifo namsulwa, amanye anezingane ezingangaye
ayashintshana ayagqiga oseqedile uyanyamalala.

Uyavuka uyazithuntutha ingaphandle ngoba
ingaphakathi ngeke esalithuntutha osekungenile
kungenile.
Kodwa ekhaya bazi ukuthi uyafunda
Ngoba ekhaya waphuma ethi uya kofunda.
Uma bemukhuza uthi ngivumeleni.

Sisi sisi lalela lana uvule la uvale la
musa ukuhamba ulala la ulalela laba
Sibadala siyakutshela sithi ayihambi
leyondlela

Yonke imicimbi uyakhangisa enziwe, akhangise
enziwe
Sikhukhumale isisu ahhushusle... sikhukhumale
isisu hhayi siyamubambezela ahhushule
Simuhlulile isikole wancamela ukudayisa
ngomzimba ukuze alale edlile kodwa namhlanje
iwona lo mzimba odayisA yena.

Namhlanje akasakwazi ukuzenzela useyenzelwa
wenzelwa ilabo ababengekho enza
Useyakhomba mama mama bamba lana, lana lana,
kubuhlungu lana lana lana bamba lana.
Umama akasakwazi ukumsiza usewaphathwa isifo
samathambo.
Baba baba bamba lana, lana lana kubuhlungu bamba
lana bamba baba lana.
Uthi ubaba akaphindele lapho ephuma khona

Bengithi uzongibiza nami athi Mphumeleli
ngibambe lana kubuhlungu lana kodwa angilitholanga
lelo thuba ngoba ubesebiziwe ngingazi noma
ubesebizwe ngoba ebiziwe noma uyena ozisondezele
izinsuku zokuthi abizwe

2008-09-20

Qathaza phela (original piece)

Sekunyuka iminyakanyaka nami engingayazi ngilokhu
ngikutshelana nento eyodwa kodwa wena ubhizi ulokhu
ungitshelana nalesi saga-sisho sakho esisodwa esithi
ucu aluhlangani.
Kodwa wena walokhu uzihlupha nje ngokulokhu
uhlanganisa mina angikaze ngithi hlanganisana nocu
Ngakhoke khohlwa ilezinto zakho ozihlanganisayo
ezingahlangani hlangana nami uyabona kuyahlangana

Sekungaze kuphele iminyaka emihlanu ngilokhu
ngikutshelana nento eyodwa kanti wena ungowakwa
Nongoma yini?
Yabonake manje into engizomane ngiyenze sengizomane
ngikusheshise ngalezi zezangoma khona uzoyivuma
ushesha lengoma yami

Okulandelayo sengizomane ngikudubeke ukukushela
manje... sengizoku advicer manje ngakhoke into
ongangisiza ngayo ukuthi umane uhlukane nalo
'ntshebe' wakho kungenjalo umane usho uma
ungafuni... ngiyadlala nawe usuhamba ngempela
kanti wena udlaliswa ngempande uyingane yesangoma
yini?

Sweatie my dululu uyangihlanyisa wena wangithembisa
wathi usahamba usaya kocabanga bese uyabuya
uyangiwisela qarara qathaza phela
Ntombazane azishe azishe qathaza phela


Uthando lwami lusezingeni eliphezulu lihlolwe abakwa
SABS hhayi lolu lalo ntshebe wakho oluhlolwe abakwa
SAB

Noma usungangiphika manje kodwa ngesikhathi sisebancane
uma sidlala umasgcozi ngangiba ubaba wena ube umama
sithume izingane esitolo mbumbulu sisale sobabili
ngisale ngidedele imbumbulu

Sweatie my dululu uyangihlanyisa wena wangithembisa
wathi usahamba usaya kocabanga bese uyabuya
uyangiwisela qarara qathaza phela
Ntombazane azishe azishe qathaza phela

Bayeke laba abangithatha kancane bacabanga ukuthi
konke okwami kuncanyana balokhu bethi ayihlabi
ngakumisa basho inkomo phela thina bantu sihlaba
ngommese omuncanyana

Ningicika kabi uma senihamba nobabili nihambe
nincikana nimincisana nifuna ukubukwa ukuthi
niyathandana nibizana ngo babie la ...
agga nibadala kangaka futhi anifanelani wena ntshebe
leli geja ohamba nalo imina umphini walo wena
uyideputy iphini lami ungaphiki lohamba for sure
iphini lami

Sweatie my dululu uyangihlanyisa wena wangithembisa
wathi usahamba usaya kocabanga bese uyabuya
uyangiwisela qarara qathaza phela
Ntombazane azishe azishe qathaza phela



Khululeka ngeke ngilushaye udaka njengalokhu
kwakho onako manje.
Mina nawe sizohlala ezindaweni ezithe thuthu.
... underliner lapho ... ezindaweni ezithe
thuthu lapho kukhona khona itiyela hhayi
udaka.

Ekse ungangithathi kancane, ekse
ungangithathi kasmall ngoba ngingakaze
ngithandwe ngaphambilini.
Ungangithathi kancane ngiyazibamb'izingane
mina ... izingane zasekhaya uma ngiziwelisa
umgwaqo.

Kodwa vele nawe kuyafana nokuthi awukaze
uthande ngaphambilini ngoba vele
lento yakho iyabhacaza kodwa kithina ihlale
ithi iyadlala.
Bese iswela umgodi wokucasha ngoba wena
uhamba umkhosi womhlanga minyaka yonke.
Futhi uwubamba ungawi.



Sweatie my dululu uyangihlanyisa phela wena
wangithembisa wathi usahamba usaya kocabanga
bese uyabuya uyangiwisela
qarara qathaza phela; ntombazane azishe
... qathaza phela

2008-08-31

Agizalanga ngabola amathumbu

Ngangingengedwa wakhiwa …
ngangingengedwa ngikwakha
lalela la mhlambe uzongizwa kahle ngithi
ngangingengedwa sikwakha
Kepha ngangingedwa ngikuthwele ngaphakathi kimi
izinyanga eziyisishiyagalolunye ngangingedwa
Ngangingedwa bekupopola bekuhlola ukuthi
usakhahlela usaphila yini ngaphakathi kimi
Ngangingedwa bengihleba bengikokozela
bethi angabe umithiswe isipoki yini uphi ubaba
wayo?

Ngangingedwa bengitshela ukuthi mina
sengiphakathi kokufa nokuphila kungafa mina
kusale wena, kungasala wena kufe mina
Bheka mina nginomthungo ngahlinzwa lungakafiki
usuku lwakho wena wakhulela ebhodleleni

Ngangithi ngichelela isihlahla ngegazi
nomphefumulo wami kepha namhlanje
sesikhiqiza izithelo ezibolile

Kepha namhlanje kuyafana nokuthi angizalanga
ngabola amathumbu, angizalanga ngabola amathimbu

Wena uyisiqalekiso kimi uyisinengiso kophezulu
angizalanga ngabola, angizalanga ngabola amathumbu

Mina bengehla ngenyuka nawe nginyuka ngehla nawe
ngisebenza, ngishanela, ngiwasha ngikorobha
emakhishini nawe emhlane
Ngangithi ngibelethe ingane kanti ngibelethe
uSathane kanti ngibelethe idimoni
Bengiwa ngivuka nawe, ngivuka ngiwa nawe ngizamela
wena ngoba lomgulukudu owuyihlo ngamgcina
ngimtshela ukuthi uSomandla usesibusise ngosana
Ngamugcina lapho ngoba vele uspecializer nge hit
and run isoka lamanyala akakaze akuthengele ngisho
iNyala yephalishi leli

Lalela la ngunyoko mina ngiyakuzala bengikuphipha
ngikufinyise ngikugeze unqunu ngikuxubhe
lamazinywana akho mfana wami
Kepha namhlanje ngalo mlomo wakho wena usukwazi
ukuchapha mina ngenhlamba, ungibize ngonondindwa
Uma kuthiwa ngangazi ngangizokuhushula ungakaphumi
ngaphakathi kimi, ungakahlumi ngisho amathambo
ngaphakathi esiswini sami, ungakamili ngisho ihluli
legazi ngaphakathi kimi
Okungono ngihlulelwe ngecala engilaziyo
kunalamacala ongithwesa wona engingawazi

Angizalanga ngabola amathumbu, angizalanga
ngabola amathumbu

Ngangingazi ukuthi ngizala isixhwanguxhwangu
esizothi uma sesidakwe iphilisi sibuye sizofuna
ukungihlahlela
Kuke kwangqangqazela umphefumulo, kwahlasimula
umzimba izandla zathatha intambo, izandla
zabopha isihibe esizongena emqaleni wami
Lo mphefumulo ngiyawukhipha,
lo mhlaba uyahlaba ngiyawushiya
Lo mzimba ngiyawulengisa
Lomntwana uyisiqalekiso kimi

Angizalanga ngabola amathumbu … angizalanga
ngabola amathumbu.

Usuwoxola Somandla, usuwongithethelela
ngelosi yokuphila lo mphefumulo ngiyawunquma
ungakasho wena
Ungangiqaqi mfana wami, ungayinqumi le ntambo
esemqaleni wami incane kabi kunalezono ezibophe
ukuphila kwakho
Incane le kunale ebophe umphefumulo wakho
Lokhu engikwenzayo ngikwenziswa ukukuthanda
okungcono ngife ngezandla zami kunokuthi
ngife ngezandla zakho

Angizalanga ngabola amathumbu, angizalanga
ngabola amathumbu

Thixo thwala mina, uthwale izinkinga zami
uphinde uthwale nomthwalo wami.
Inhliziyo enecala ayikutholi ukuphumula
Inhliziyo enecala ayikutholi ukuphumula

2008-08-19

CLICK HERE TO VIEW MY IMAGES SLIDE SHOW

Slide - Share Slide Show: "http://www.slide.com/r/2lzp_WLh1j_eCTgqeJq3Fo5D0AYd67KY?previous_view=mscd_embedded_url&view=original"

2008-07-29

Khansela sicel'intuthuko

Bathi isemaqeleni emaqaqasini
kwangqingetshe kwankomo zikhiqiza
upholishi bathathe omame basinde
kunethezeke kuphinde kuhlanzeke
amalawu.

Ntombazane buy'esikoleni ufuqe
ukudla uthathe isigubhu uyokh'amanzi
emfuleni.
Ubuye uphembe umlilo ugeze ungxawu
ugxumeke idelifude eziko upheke.

Mfana qhuba izimbongolo uyokha
amanzi emfuleni.
Uzoth'ukha zona nezinkomo ziyaphuza
ngaphezulu.
Nalebhuduzela iyabhukuda.
Amakholwa kade ebhabhadisana ngayizolo.

Nalentombazanyana ena-16 enezingane
ezimbili iwasha amanabukeni ngenhla.
Kodwa wakhe ngoba ayikho into ozoyenza,
wakhe, nezizukulwane ezingemvakwakho
oyihlomkhulu nokhulukhulwane babephuza
wona, wakhe.

Ekhaya umama ugqula ummbila, osalayo
owebhodwe lezinkobe ngakusasa.
Izingane zibanga amalahle e-ayina
lombhadeko zilungiselela isikole
ngakusasa.

Kothiw'umlilo lenqwaba yezingane
ibheke leli bhodwe eliseziko.
Futhi kufanele bashiye umfudumezo
isikhokho sasekuseni ukuze bazibe
umphangazane esikoleni.

Konke lokhu kuyangithukuthelisa
kuthi angithuthe emphakathini kepha
ngizoyaphi ngoba inkaba yami ilele la.
Umphakathi uhlala entuthwini
esikhundleni sentuthuko ufuqwa uthuli
awuthuthukiswa yize kufanele uthuthuke,
uthuthukiswe.
Futhi awuthuli kade wawucela intuthuko
kodwa ikhansela alikhulumi lithuli.

Khansela, khansela sicel'intuthuko
"It's still in the pipeline"
Hee eeh asifune mapayipi nolayini
Khansela, khansela sicel'intuthuko

Zolo lokhu kade uhamba ngezinyawo
sifuqwa uthuli nawe.
Ubuhamb'usineka insinsitheka yonke
indlela uzenza into enomusa ngoba
ufuna sikuvotele ukuthi ube ikhansela.
Manje ngoba usuyikhansela wikhansela
ngempela usikhanselela intuthuko.

Awuhlali nala uhlala lapho kukhona
khona intuthuko ubuya ngoba uhlele
lemihlanganywana yakho engasiyisi
ndawo bese ulokhu uhamb'uqumba la
ufutheka kambe nawe usuwaba nomkhaba
usukhohliwe ukuthi wavotelwa ithina
futhi ithina esingakudiliza.

'Zwi labantu uthuleleni ikhansala
lenza izinto ezibuthuntu.
Samalung'omphakathi siyakuthuma
hamba ekhanseleni sizokulinda
emnyango.
Tell him to speak out sifun'intuthuko.
Uma egoloza push him out so that we
can sort him out.

Nawe kodwa uma usibuyela nempendulo
ebuthuntu this time ithambo
lomkhalambazo lizokhala kuwena because
we'll sort you out.
Kodwa ungakhohlwa ukumukhumbuza ukuthi:

Khansela, khansela sicel'intuthuko.
Uma ethi it's still in the pipeline
mtshele ukuthi asikubuzanga lokho
futhi thina asifune mapayipi nolayini.

2008-07-09

Bakhuluma ngobulungiswa

Umthetho nobulungiswa eSouth Africa ubhuti
nosisi abangakhulumisani futhi abangezwani
ngoba baqhelelene.
Kodwa basuka ndawonye futhi baya ndawonye
ngoba bazalwa ndawonye ingakho kungafanele
bahlukaniswe ngoba kufanele bahlale
bendawonye.

But justice walks right and the law walks
left instead of togetherness.
Nginezandla ezimbili (law and justice)
ngakho lezi zandla zami kufanele
ngiphefumulele kuzona ukuze zifudumale
bese ngithatha umqondo wami ngubeke
phezu kwazo ukuze zisebenze kanyekanye
zenze lokho ezikucabangelwe umqondo wami.

They talk justice, justice but fail to
do what is just.
Justice, justice but fail to live justice
Bakhuluma ngobulungiswa ngobulungiswa
kodwa abalungile la (emqondweni)instead
balungisa imikhba yabo.

Uhulumeni akawuvikeli umphakathi
kdwa osopolitiki nosophalamende
emizini yabo, nabo bagadwa njengemali
yasereserve bank.

Isikhathi sokuthi the government voted
by the people to be the government for
he people.
Isikhathi sokuthi iBlack Economic Empowerment
ibe iBlack Economic Empowerment
besekuyekwa ukudayiselwa umphakathi izibhamu
because there is no reason to reason that
reason of selling something with one reason:
which is to shoot people

I'm the voice of these people let these
people perceive and conceive the notion of
justice and give birth to the spirit of
ubuntu.

They talk justice, justice but fail to
do what is just.
Justice, justice but fail to live justice
Bakhuluma ngobulungiswa ngobulungiswa
kodwa abalungile la (emqondweni)instead
balungisa imikhaba yabo.

Akusona isikhathi sokulapha abahlukumezekile
kodwa isikhathi sokwakha amajele abahlukumezayo
hhayi ukubopha ingane angabe ziyayalwa

Isikhathi sokuthi ngiqale impilo yami
kabusha ukuze ngibe musha.

2008-06-10

KUYOQHUMA NHLAMVU

Nangu umabhengwane omabhadubhadu ixoki
lephixiphixi elixova izinhliziyo zabantu
ngokushoshela phansi njengomswenya
ngenxa yenzondo, umona nenhliziyo embi
licabanga ukuthi alibonwa.

Umbulali, umdlwenguli, umthakathi,
usomona nawe mzondi kodwa lemini
iyeza nakuwe.
Kuyoqhuma nhlamvu ezinye zofekela.

Uzibona uyisihlakaniphi esihlakaniphe
okudlula umvelinqangi.
Uthi ungumfundisi ushumayela umemeze
igama lendodana yokuphila athandazele
abantu uthi uyabagcwelisa kanti
uyabangcolisa ngoba izandla zakho
esezishiye intandane nabafelokazi.
Emzimbeni ufake izivatho zesonto
ngezandla upheth’ibhayibheli.

Uthi uyakholwa kanti ulikholwa
mbumbulu ukhohlisa abasemhlabeni
kanti awazi udlala ngegeja
kuziliwe usukhohliwe ukuthi umdali
owakudalayo ukwazi uzalwa, ucabanga,
wazi namanyala owenza ebumnyameni.
Ngoba wadala wena nami wakhulisa,
waphilisa, wahlenga futhi angathatha
noma inini.

Hhayi bo! Khuza wenembeza, nqanda
wenliziyo, khumbuza wengqondo ukuthi
konke esikwenza laph'emhlabeni
okwesikhashana konke ngamaphelela
phansi.

Kodwa lemini iyeza nakuwe.
Kuyoqhuma nhlamvu ezinye zofekela.

Uyimbuzi ugudl’iguma uma kukhalwa
uyakhala kanti ungena ngenxeba
njengempethu.
Uma kuhlekwa nawe uhleka
ugegetheke uveze elomhlathi kanti
uzifihla ubunjalo bakho unone
ngaphakathi njengendlanzi uthi
lala lulaza ngizokwengula; inhliziyo
iyathatha iyabeka ngaphakathi.

Yajula ingqondo, yavuk'umbhejazane
inzondo, wamila amaphiko umona.
Uthi izingane zabanye azikwazi
ukuphumelela zibe nekusasa
eliqhakazile eyakho elayo libe
lilele etarven nakwimfulamfula.

Ayikwazi ingane yomunye ukuba notho
imunikeze utho abe notho eyakho
ibe ihlale ibuya nezinkambabeyibuza
yezingozi ezingeqiwa ntwala akanti
iyisidakwa yahlulwa isikole ngoba
ithi siyabambezela ithi ifuna ukuba
isikhokho ngoba bona abufundelwa
uma usubona ezingezona izikhokho ufuna
ukuthi nezabanye azibe njengeyakho.

Kuyoqhuma nhlamvu ezinye zofekela.
Wobe ungasekho ureverse;
kodwa kuyayiwa ezulwini

Akuvelwa entabeni kanyekanye
njengamadleb’embongolo.
Yebo suqale sonke lomshikashika
kodwa asikwazi ukunqoba sonke
abanye bophumelela abanye ngeke
baphumelele.

Mina nguMphumeleli success is
my fate ngunkunz’emnyama
iyazisabithole, ngisimbelambela
angithi nyaka ngimbela
ongimbelayo ngimdwayidwa ngimdaka
ngiyisishimane saseMzansi.

Kuyoqhuma nhlamvu ezinye zofekela.

Yilowo nalowo uzalelwe esonweni futhi
ngoba ukufa kwafika ngesono ungabuzi
mina obuza u-Adamu inyoka nesithelo
esiphakathi nendawo ngoba mina
engikwaziyo ukuthi uNkulunkulu
usiphile ukuphila, lokhu kuphila
okusendodaneni yakhe ngoba onoJesu
Christu unokuphila.

Wadala mina, wena, bona,
thina nabo ukuba sibe ikhaya lakhe
kepha uSathane ufuna sibe ikhaya
lakhe lokucasha isikhashana.