2008-03-23

Usizi lwesishimane - Nginenkinga

Mvusi wenyamazane, abuser yobuthongo bami
uma kudlula wena inhliziyo yami
ivuk’umbhejazane ngithi

uma ngivula amafayela ezifiso zami
ngibone ukuthi ngiphelelwe ushatini ayikho lento yami
okungcono angishise impepho ngivuse abaphansi
kube ibona abahola lolu hambo lwami
olusuka eJerusalema lenhliziyo yami
liye eGoligotha yobuso bakho kuwena
khona bezongilekelela kulenkinga
engibhekene nayo la emhlabeni.

Imina engakuqala ngakucela uxolo kepha
manje sengishele ngaze ngakhathala uma

kuwukuthi ngenza iphutha ngicela
umaluju ngiyabona sekufanele ngiphinde
ngicel’uxolo ngihoxe.
Sekuphele amaqhinga sengibathe
ngiyakuxina, ngiyakuxina kepha wena
awuxakaziseki.
Sengiphelelwe amazwi okushela esiZulu sekukudala

inhliziyo yami yathuma umlomo wami nami ukuba
siyikhulumele kuwena ngaphandleke uma
ungangivumela ngicaphune imbijana

kancane esiBhunwini nohhafu wesiPutukezi
ngibone ukuthi ngiphelelaphi

Phela lempicabasha isingaphezu kwami
namazwi ami; mina namazwi ami sobabili.
Ixoxwa ngekhwela … angisho ukuthi
ngizokukhwela kodwa ngingayenza kanjani
into enjengaleyo ngoba wena awukakanginiki
ithikithi lokukhwela ikheshi eliya endumisweni,

ezulwini lakho elincane lakukhwelwa khona;
sengingaligcinake icala ngisale sengidlulela
nakulokhu okhuluma ngakho.
Kodwa ithuba elincane nje elingangivelela
ngingenza sure ukuthi ngikhwela ngiyadilika
ngalamazwi woze ungiwisele selingamane
lithethwe lidlule.

Everytime uma ngikubona no “ntshebe”
wakho inhliziyo yami igay’ibozi ngiyazi
uyaboza futhi akekho fit for wena
hhayi ngoba mina ngitop goal scorer
… ngihlushwa ubuhlungu benhliziyo

WeNtshebe lelo geja ohamba nalo imina umphini
walo wena wideputy yami iphini lami
ungaphiki lo’hamba naye uyisiphiwo sami
ingakho ngifisa mihla namalanga angathi
lolo thandokazi tha … thandwana
lenu kungasa liphele ngisho ozwaneni
… ngihlushwa ubuhlungu benhliziyo
Hhayi mina angisazi

Eh mntwana nginesicelo;
Eh bafethu nginenkinga: lo mntwana akazishayi
usizi lwesishimane… senzenjani isishimane … dlala
Hhah ngiyesababa!

Cabanga nje mina nawe sesigudla sigibele
igusheshe sidlala igumbagumba sithi uma
sihamba ezinye izimoto zisigudlukele kanti
cha ukuthi imigwaqo iyaphambana nje.
Ngithi uma ngishintsha igiya from number1
kuze kube ngizwa isandla sami sifudumala
kanti sesigudlukele kwezinye indawo
… sishintsha isiteshi kwigumbagumba sifaka esejazz
bese uyahleka nami ngihleke wena kodwa
uhleke ukuthi ngiyahleka vice versa
waziveza vele uyazishaya musa ukuzulisa

Eh mntwana nginesicelo;
Eh bafethu nginenkinga: lo mntwana akazishayi
usizi lwesishimane… senzenjani isishimane … dlala
Hhah ngiyesababa

Idlani masoka kobola kodwa ngiyanazisa
is’shimane revolution is imminent watch
this space ubani owathi angithandwa
ngoba ngithanda
… nami angizenzi ukuqina kolimu, inkwethu

igcwel'ulimu

OK angikhohliwe getting back to ngiyamfuna

lomntwana theme uma ngingase ngithole
ivelabahleke for sure ngeke aphunyule ngibuye
ngezinkani angisasheli sengiya adviser, angisesona
is’shimane sengiyisithixo sazo
… kodwa nginenkinga

Eh mntwana nginesicelo;
Eh bafethu nginenkinga: lo mntwana akazishayi
usizi lwesishimane … senzenjani isishimane … dlala
Hhah ngiyesababa

Ibhayibheli elisha eliphume izolo Chapter 1818
ngoKwezishimane verse 90 & a half lithi
kuyoba khona ukugedla kwamazinyo uma leli
likaMthaniya selibuswa izishimane
Angivale ngomthandazo wezishimane


“Somandla baba oyigcwele mnini mandla
wonke wathi abantu abathandane kodwa
mina angithandwa ngiyafunake manje ngoba uma ngicela awuzwa

phela awenze lapho bonke labantwana
engibathafunayo abamane bazizele bona”

Unamanga s'shimane usiza ozisizayo

Eh mntwana nginesicelo;
Eh bafethu nginenkinga: lo mntwana akazishayi
usizilwesishimane… senzenjani isishimane … dlala
Hhah ngiyesababa