2010-01-29

Kokuqoqa ukuhlwa (Umvundla zowunqanda phambili)

Uyazazi izinhlupheko nezinsizi eziphehla usizi zalaph'ekhaya
Uyazazi izindonga ezidilikayo nophahla oluvuzayo lalaph'ekhaya
Uyayazi indlala yokukhuma uphuthu namanzi njengesidlo
sasekuseni isemini nakusihlwa laph'ekhaya
Ukuphuma kwelanga phakathi kwami noyihlo akekho ovuka
aye emsebenzini ngakhoke alukho ushintsho olulethwa
ukushona kwelanga laph'ekhaya

Ngawe sinoyihlo siklebhuke amaphakethe ukuze sithumele
wena eNyuvesi
Abafowenu nodadewenu abakulamayo zithi zidla ezinye
izingane esikoleni bona bancele izithupha ngoba konke
sikuphonse kuwena ukuze sithumele wena eNyuvesi

Sekudlule neminyaka yokufunda kwakho ngokubhangqiwe
silindile sithi uyasibiza uyasibiza uzogqoka ijazi kodwa
esikhundleni salokho mihla namalanga sesigqigqa izinkantolo
sibizelwa imisebenzi yakho engcolile, sibizelwa amanyala akho

Mfanawami usufana nempethu enxebeni
Kodwa kokuqoqa ukuhlwa, wena kokuqoqa ukuhlwa

Namhlanje usunjengenja uma sikukhombisa indlela uyakhonkotha
Laph'ekhaya asikaze sibuse sikhombe ngophakathi kodwa wena
uma ngikukhuza ungikhomba ngophakathi

Wathengela uyihlo izigebengu mina zangishiya ngikhubazekile
manje usubhizi uzingelana nami ugadulisana nami angathi
ngokukuzala kunesikweletu engikukweleta sona

Uma esekhaya thina kumele siye kobhaca
Kubafowenu usuwabona inyama yokugwazwa baklajwe bachaphwe
ngenhlamba angathi kukhona ifa abakubangisa lona
Kodadewenu usuwabona izintombi usuhlale ujahana nabo, ushayana
nabo uma kuthiwa ngiyalwazi usuku lokufa angabe ngiyalusondeza
libe namhlanje kwamanje

Mfanawami usufana nempethu enxebeni
Kodwa kokuqoqa ukuhlwa, wena kokuqoqa ukuhlwa

Wena uyisilingo kimi sengifisa nokukuthengela abazokubulala
bakusoconge ungaphinde uvuke okungcono ngiyodilikelwa ijele
kunokuhlale kudilika izinyembezi kimi
Ngoba angisakutholi ukuphumula sengihlale ngikhala, sengihlale
ngibalisa, sengihlale ngisonga kaze wofa nini ngithole
ukuphumula

Mhlambe kungangcono ngiklabhe odadewenu nabafowenu ze
ngijabulise umphefumulo wakho wena usale ubusa laph'emzini
kayihlo
Isisu esinenzalo siyisillulu sezinyembezi
Isisu esinenzalo siyisillulu sezinyembezi

Mfanawami usufana nempethu enxebeni
Kodwa kokuqoqa ukuhlwa, wena kokuqoqa ukuhlwa