2008-08-31
Ngabola amathumbu
Ngangingengedwa wakhiwa …
ngizwe kahle ngangingengedwa ngikwakha
Ngakhoke ngangingengedwa sikwakha
Kepha ngangingedwa ngikuthwele izinyanga
eziyisishiyagalolunye esiswini sami.
Ngangingedwa bekupopola bekuhlola
ukuthi usakhahlela usaphila
yini ngaphakathi esiswini sami.
Ngangingedwa ezinhlungwini ezacishe
zangikhipha umphefumulo.
Ngangingedwa bengihleba bengikokozela
bethi umithiswe isipoki uphi ubaba wayo?
Ngangingedwa bengitshela ukuthi uma
ngikubeletha ngiphakathi kokufa
nokuphila kungafa mina kusale wena.
Bheka mina nginomthungo ngahlinzwa
lungakafiki usuku lwakho wena wakhulela
ebhodleleni.
Ngangikubheke ubusuku nemini mfana
wami umthandazo wase uphenduke ingoma yami.
Ngangithi ngichelela isihlahla ngegazi
nomphefumulo wami kepha namhlanje
sesikhiqiza izithelo ezibolile.
Njengomfazi inzalabantu ngazidela kepha
namhlanje kuyafana nokuthi angizalanga
ngabola amathumbu.
Uyisinengiso kimi, uyisiqalekiso kophezulu,
angizalanga ngabola amathumbu kepha
njengenzalabantu ngunyoko ngiyakuzala …
ngunyoko ngiyakuzala.
Bengehla ngenyuka nawe ngiphinde nginyuke
ngehle nawe ngisebenza kwabaseNdiya ngiwasha
ngikorobha nawe usemhlane.
Ngangithi ngibelethe ingane kanti ngibelethe
usathane.
Bengiwa ngivuka ngizamela wena ngoba
lomgulukudu owuyihlo ngamgcina ngimtshela
ukuthi ophezulu usesibusise ngosana.
Angizalanga ngabola amathumbu… angizalanga
ngabola amathumbu
Ngamgcina lapho ngoba vele uspecializer
ngehit and run isoka lamanyala akakaze
akuthengele ngisho inyala yephalishi.
Ngunyoko mina bengikuphipha ngikufinyise
mfana wami.
Bengikugeza unqunu ngikugqokise ngikuxubhe
umlomo.
Kepha manje ngawo lowo mlomo wena usukwazi
ukungibiza ngesifebe.
Uma kuthiwa ngangazi ngangizokuhushula
ungakahlumi ngisho amathambo ngaphakathi
esiswini sami.
Okungono ngihlulelwe ngecala engilaziyo
kunalawa ongithwesa wona engingawazi.
Uyisinengiso kimi, uyisiqalekiso kophezulu,
angizalanga ngabola amathumbu kepha
njengenzalabantu ngunyoko ngiyakuzala…
ngunyoko ngiyakuzala.
Ngangingazi ukuthi ngizala idimoni, uSathane
ozothi uma esedakwe iphilisi esegwinyile
abuye azofuna ukungihlahlela.
Kuke kwangqangqazela umphefumulo, kwahlasimula
umzimba izandla zathatha intambo, izandla
zabopha isihibe esizongena emqaleni wami.
Lo mphefumulo ngiyawukhipha,
lo mhlaba uyahlaba ngiyawushiya
Lo mzimba ngiyawulengisa iphambili angiliboni
imumva livusa iminjunju.
Lomntwana uyisiqalekiso kimi.
Angizalanga ngabola amathumbu … angizalanga
ngabola amathumbu.
Usuwoxola Somandla, usuwongithethelela
ngelosi yokuphila lo mphefumulo ngiyawunquma
ungakasho wena.
Ungangiqaqi mfana wami, ungayinqumi le ntambo
esemqaleni wami incane le kunalezono ezibophe
ukuphila kwakho.
Incane le kunale ebophe umphefumulo wakho.
Lokhu engikwenzayo ngikwenziswa ukukuthanda
kungcono ngife ngezandla zami kunokuthi
ngife ngezandla zakho.
Uyisinengiso kimi, uyisiqalekiso kophezulu
angizalanga ngabola amathumbu kepha
njengenzalabantu ngunyoko ngiyakuzala
ngunyoko ngiyakuzala.
Thixo thwala mina, uthwale izinkinga zami
uphinde uthwale nomthwalo wami.
Angizalanga ngabola amathumbu … angizalanga
ngazala isiqalekiso kepha ngunyoko
ngiyakuzala … ngunyoko ngiyakuzala.