2009-02-05

Ningazilweli ngizonilwela

Labangani kuhle uma kusekuhle ebubini
nasebumnyameni ababonakali nangokhalo nemiyalezo
Ekusitheleni nasemakhoneni bakukhomba ngeminwe
engcolile imilomo ikhwifa amaconsi enzondo
bayakuhleba
Um'uqhamuka bakuthenga ngokunsinsitheka nokusineka
baze baveze namazinyo asekugcineni kwemihlathi

Kodwa wena ungazilweli ngizokulwela
nani ningazilweli ngizonilwela
Hlala kimi ngizo hlala kuwe

Laba bantu bakuzondela iziphiwo nakho konke
okuphiwe yimi imiqondo yabo seyize yahluma
amasu okukucoboshisa nokukusocongsa kodwa
nabo ngibanikile okwabo bakuphatha budlabha
budlaka wena wakulondoloza sebefuna ukukubulala
Usizi kuwena injabulo kubona, ukukhala
umbhiyozo, izinhlungu zibaveza elomhlathi

Wena bhekisa amehlo kimi ngoba lemithwalo
abakuthwesa yona mina ngiyithule
bengakakuthwesi awukwazi ukuzibulala
ngenxa yomunye umuntu
Ngilwile nabafowabo baJosefa kuJosefa
Nomzimba wethusi likaGoliath kuDavide
nenhlupheko kaJobe kuJobe, pho wena
ngizokuzibelani?

Wena ungazilweli ngizokulwela
nani ningazilweli ngizonilwela
Hlala kimi ngizo hlala kuwe

Laba bazi abakubona ngamehlo nokuseduze kwabo
kuphela mina ngazi okomoya nasekusitheleni
Ngazi ihora nomzuzu olandelayo wokuphila kwakho
kodwa bazibona ukuthi bayazi bayizazi badlula
okwami ukwazi

Lezi zizwe

Nginkosi yamakhosi nombusi wababusi
ngembethe ingubo yokukhanya nodumo lobukhosi
Ngidale lezi zizwe nokuphila kwazo
Nginqaba ezinhlungwini, enhluphekweni, osizini,
ebunzimeni nasebumnyameni bokuphila kwakho

Ngininike inkululeko yokuba nibuse emhlabeni
nakho konke okungaphezu kwawo
Kodwa lezi zizwe ... lezi zizwe zingidumisa
ngezindebe zomlomo kuphela kodwa izinhliziyo
zazo zikude nami ngoba ziphendukezela umusa
nombuso wami .... lezi zizwe

Lezi zizwe zikhonza ipolitiki nezindlela
zikaLusifa ziphatha ngeze igama lami
Enjabulweni nasembusweni yasemhlabeni
nihambela kude nobuso bami kodwa
ezivunguvungwini nasekuxakekeni nibhekisa
kimi okomzuzwana ngithele umoya wami
beseniyangifulathela niphike nama thushu-sithe
omhlaba ongaphansi kwami

Ngininike inkululeko yokuba nibuse emhlabeni
nakho konke okungaphezu kwawo kodwa
lezi zizwe ... lezi zizwe zingidumisa
ngezindebe zomlomo kuphela kodwa izinhliziyo
zazo zikude nami ngoba ziphendukezela umusa
nombuso wami .... lezi zizwe

Lezi zizwe zinemiqondo efingqiwe zibuswa
inzondo nomhobholo ngabanye nokwabanye bese
zifihla amakhanda egameni lami kanti imizimba
ivelile
Ngemizimba eyithempeli lami nenza ukukhohlakala
okuhlohlwa inkanuko nezenzo zobunyala

Amabandla azondana wodwa ukuhleba ilona vangeli
elishunyayelwayo
Ukugxekana kudume ukudlula u-eksodusi 20
Nobufundisi sekwaphenduka ibhizinisi kufuduka
abakhohlisi nabadukisi
Nimemeza igama lami mihla namalanga kodwa
nihluleka ukwamukela imifanekiso yami eduze
kwenu bese ekuhluphekeni nithi nginifulathele
kanti inina eningifulathele

Lezi zizwe lezi zizwe ziphendula umusa
nombuso wami lezi zizwe

Abanye bafike badlwengule, babambe inkunzi,
bathakathe, baqwayize, bafebe bese bebuswa
inzondo nomona bese bezenza ongcwelengcwele
emasontweni bathandaze baze baqhashe imithambo
eziphongweni nasezidlathini kanti balele
unyendle nicashela ba ngoba ngiyanibona

Ukube umama usekhona

Ubethi mshana ngithi malume
malume mshana, mshana malume
Uthando lwakhe benguluzwa lugijima ngemithambo
yegazi obekungenza ngikhohlwe ukuthi umama
akasekho emhlabeni ngikholwe ukuthi wazalwa
nendoda emadodeni indoda ngezenzo zobudoda

Kodwa imicabango yami yaphenduka izimpethu
zenzondo ngomzuzu angihudulela ngawo embhedeni
Ukukhala nokuhayiza kwami kwawela emandleni
akhe nezindlebe ezimbozwe iqulu lezigonogono
zenkanuko

Shhhhhh .... val'umlomo ummese entanyeni,
isibhakela ekhaleni, isandla ephentini,
iminwe ngasese esithweni
Yagqiha indoda umzimba wakhiqiza izithukuthuku,
indoda igculisa izinkanuko zayo enganeni
kadadewabo
Umshana ukhihla isililo sezinhlungu nezilonda
zangunaphakade

Uzizwele nomyalezo wokuthi ihluli lenyama
nomphefumulo ongaphakathi esiswini sakhe
akasihushule ukuze umndeni ungazi ngamanyala
kamalume kungenjalo uzokuswela ukuphila kwakhe

Ngiqalekisa umzuzu nehora engazalwa ngawo
Mhlambe ukube umama usekhona angabe
akangidlwengulanga umalume
Mhlambe ukube umama usekhona angabe
angabe ngitshela yana

Umzimba unezibazi nginecala ngiyalazi
kodwa nomalume unolwazi akwenzayo uyakwazi
uyazazi
Ngizibona ngiyihlazo ngingumlahlwa emphakathini
Ngiyawuzwa umsindo wamazwi abo amaningi
bayaxokozela bangibiza ngamagama amaningi
kepha wena ngiyazi uwena kuphela osho
okuhlukile ngami

Okwami ukuhlupheka kudlula okukaJobe ngoba
okwakhe kwafika kwadlula futhi yena akasekho
okwami ngiphila nakho koze kulamule ithuna
Inyama yami yembeswe imijuluko kamalume
enyanyekayo
Sengiwumthwalo nakimi ngifisa umphefumulo wami
ubudube ubudlelwano bawo nomzimba wami
Mphefumulo xebuka emzimbeni wami umile emanyaleni

Ngiqalekisa umzuzu nehora engazalwa ngawo
Mhlambe ukube umama usekhona angabe
akangidlwengulanga umalume
Mhlambe ukube umama usekhona angabe
angabe ngitshela yana

Nkosi lalela udaba lwami kuwe ngizobhodla
ingonyuluka njengenyoka egingile ngizobhodla
izinsalela
Lalela udaba lwami ngizovula izindlebe
emsindweni wezwi lakho ngivale izindlebe
emazwini oquqaba nokubalisa kwenhliziyo

Malume angabe uyalizwa izwi lezinyembezi zami
ukubalisa kwenhliziyo yami nezwi lesililo
sengane yethu egodini owalimbayo?
Mhlambe ukube awudlwengulanga mina angabe
ikhalela wena nomama wayo niyithulise
niyifudumeze nobabili

Ngiqalekisa umzuzu nehora engazalwa ngawo
Mhlambe ukube umama usekhona angabe
akangidlwengulanga umalume
Mhlambe ukube umama usekhona angabe
angabe ngitshela yana