2010-05-26

Lalela la uma kimi uzimisele ngokungena la

Kuleli gumbi imina nawe akekho omunye
Ngicela ususe ifoni esandleni uncenge
izindlebe zilalele la
Kunodaba olwaziyo engifuna ukukukhumbuza
lona
Ungangibheki emehlweni ngingahle ngidideke

Kulokhu ozokulalela okuthandayo utshele
inhliziyo yakho ikugcinele kona
Ongakuthandi ungakulahli unembeza
uzokukhumbuza kona ngelinye ilanga uma
kwenzeka okunye kwakho ukona
Lokhu engikutshela kona kuyikona
uwenake osuyokona
Ungadidekike la angizile ukuzokushela
ngizokutshela
Mina nawe sizibiza ngezithandani kodwake
ngoba loluthando lwethu luselusha
lusacathula wena:

Lalela la uma kimi uzimisele ngokungena
la

Lanake angikhulumi nawe ngikhuluma
nenhliziyo yakho awazilutho wena iyona eyazi
indlela wena uyisithunywa sayo
Okwamanje letha indlebe mina ngalamazwi
ngishutheke
Uma uzwe kahle ngizoba owakho wedwa ngeke
ngihambe ngishutheka khona ngelinye ilanga
ngingeke ngingabaze ukuthi kowakho umunwe
indandatho ngiyishutheke laphoke abakini
nabakithi bobe sebesishuthake abasizalayo
bakikize ama ex uma ehluleka ukuzibamba
isililo aseyosikhihlake

Ngiyakuthanda wena angifuni ufane nalaba
abanye abangathandwa imina abathandwa ilo
othanda bonke abadlulayo ngendlela abagqoke
iziketi ezingaphelele
Ngakhoke ngifuna ukuthi uma ngila ngingekho
naseduze kwakho enhliziyweni yakho
ngitshale izimpande ngincele ukuphila kuyo

Izwi nezwi engiliphimisayo ngililetha kuwe
ngizoqale ngiligeze ngilicwebezelise ze
lingalimazi izindlebe zakho
Uma ngithi ngiyakuthanda ungilingisele usho
njengamikugcwale umlomo ungathi nami
Ungahambe ubiza wonke amadoda lawa ngochief
imina induna nenkosi yakho

Lalela la uma kimi uzimisele ngokungena la

Engikugqokile nenginakho akuhlanganise lutho
nothando lwethu
Imumva lami alisho lutho ngephambili lothando
lwethu
Ungifice nginje ungakushintshi engiyikona
kufake izinongo kube kuhle emehlweni akho
Fana nodadewethu kimi bungashintshi ubuso
bakho uma nginodadewethu nabafowethu
Izinkondlo ngizigcina laphaya ungathi
angikuhayele inkondlo ngizokubhalela kodwa

Ngizokukhumbuza njalo ukuthi umuhle
ungasukike la uye emnyango uyobuza abantu
ukuthi unjani ungakezwa ngami
Ungaphatheki kabi uma ngingakuncomanga
okugqokile ngisuke nginqena ukukuncoma njalo
ungaze uthi ngikwenza isilima

Othi uthando aluboni akasho lolu lwethu phela
wena wuthando nakhu nje uyangibona
Izimbali azikhulumi kodwa ngalolu olwethu uma
sidlula zizoblusher
Uzikhumbuze njalo uma izindebe zakho zikhohlwa
ukwenza umsebenzi wazo
Uwakhuze namehlo ami uma egqolozela isingezansi
sabanye besimame kodwa ungikhuze kancane uma
ngibuka wena

Ngekeke ngihambe nawe uma ngiya kwipoetry
abacushwa oSya banamehlo abukhali bazokubona
kanye ba-edite amapoems abo ngeskhathi bakubheke
emehlweni
ngeke ngiyikhohlwe ibirthday yakho noma
isidlule ngezinyanga eziwu-6 ngizoqhubeka ngithi
happy belated birthday … babie

Lalela la uma kimi uzimisele ngokungena la

Ungababuki kabi abangibiza ngoSishimane
ebukhoneni bakho ngaqanjwa ibona nawe
ungangiqamba elakho
Uma ungivakashele wazi ukuthi kuzomele … ehhe
Namhlanjeke ngoba ungivakashele lala la uma
kuwe uzimisele ngokuthi kuwe … ngingene la

Umtshali wembewu ongakhulisi

Le ndoda ingumtshali wembewu
Le ndoda iphethe umgodlagodla wesaka lembewu
Ifike ichithe imbewu emhlabathini ovundileyo iqede
ifulathele
Abanini bomhlaba ovundileyo basale bewugwadule
Bahlakulele izithombo ezisakhula bahlenge bachelele
Izinyembezi zigcwele emehlweni kubona yona isifulathele

Indoda iziqhubekele yona nokutshala imbewu kube
angathi ayonanga lutho
Uma ike yafulathela ayibe isabheka emumva
Uma ike yatshala ayibe isabuya ukuzohlakula

Lo mtshali wembewu akasichelelanga lesi sihlahla
Le ndoda ayizicheleli lezizihlahla kodwa ekugcineni
izimisele ngokukha izithelo kuzo idle isuthe
Le ndoda

Nami ngingesinye sezihlahla ezitshalwe ilendoda
Yaqeda yangasichelela sakhuliswa umhlabathi
Lo mtshali wembewu ulinda umhlabathi umkhulisele
uma sekuyizihlahla aphindele emhlabathini axolise
ngokungakhulisi uxole umhlabathi awuphuce asondeze
izihlahla ngakuye khona laba abayizihlahla bezokhulisa
laba abaseyizithombo babe umthombo walaba
abaseyizithombo yena aqhubeke nokungakhulisi
adle izithelo ezihlahleni angazichelelanga

Le ndoda iyakhulelisa ingakhulisi iyekelele izithombo
zembewu yayo zikhule kanye nokhula uma sekuyizihlahla
ihambe ikhuluma ithi yona iyindoda bukani isikhulisile
Lo mtshali wembewu ungubaba kimi
Kepha ukuyibiza kanjalo akunambithiseki kimi kuyababa
Ngoba ukuyibiza kanjalo kungukuyithwesa umqhele
engawusebenzelanga yize yawenza umsebenzi

Sekukaningi ngizwa umhlabathi ubeka amacala
abatshali bembewu ukhononda uthi ukhulisa wodwa
Mina angiliboni icala kulamadoda afana nalendoda
ngibona isono ngemali engeke sakhokhwa
Unembeza okweletayo la kodwa bheka
nawo awukhokhi ngoba lamadoda asalahlekelwa
unembeza nawo unembeza awusenawo unembeza
uma uwabeka icala izinkinga zakho uyazengeza

Lo mtshali wembewu akasichelelanga lesi sihlahla
Le ndoda ayizicheleli lezizihlahla kodwa ekugcineni
izimisele ngokukha izithelo kuzo idle isuthe
Le ndoda

Le ndoda ibathanda kabi laba abasebancane ijola nabo
ibathengela lokhu engabathengeli kona abayo
Le ndoda ayizazi zonke izihlahla zayo kodwa ngoba
ikukhonzile ukutshala imbewu kothukela
itshale kwezinye zezihlahla zayo kumbe izihlahla
zayo ziqomane zodwa
Kulaphoke uNkulunkulu wobe esezitshengisa ubukhona
bakhe eqeda nokusa endodeni
Kodwa ubani yena wothi azilime ziye etsheni afulathele

Lo mtshali wembewu akasichelelanga lesi sihlahla
Le ndoda ayizicheleli lezizihlahla kodwa ekugcineni
izimisele ngokukha izithelo kuzo idle isuthe
Le ndoda