2009-04-11

NEMBEZA UNGANGIPHIKISI

Wayedalile ukuthi amudalile akhukhumale
asindwe
isisu izinyanga eziyisishiyagalolunye;
kodwa emunye
Wayedalile ukuthi amudalile emva
kobuhlungu akhiqize imizimba yabesilisa
nabesifazane kuye; kodwa emunye
Azondle zisuthe emunye zibuye zize kuye
uma sezikhulile
Zizomchapha ngenhlamba zimkhombe ngeminwe,
emunye
Ezikufunayo zikufune ngendluzula kuye,
emunye

Owesifazane ongizalayo mina ukubekezela
nesizi kuye kungumthwalo obethelwe
Owesifazane ongizalayo mina emunye
ukhulelwe wakhulisa ingasekho le ndoda
eyafika yagculisa izinkanuko zayo
yakhulelisa kodwa yangakhulisa yanyamalala
yaqhubekela phambili yakhulelisa
yangakhulisa

Laba abaningi lo emunye bayamxova
bayamgxobagxoba bambiza ngokuningi
nangamagama amaningi
Ngisho nabafowabo nodadewabo abashiyela
ibele bamdibi munye nabangaphandle
bamchapha ngenhlamba bayanxapha babuza
ukuthi ekabanike lentombazanyana
ayikhulisayo?

Yize bengayitholi impendulo kuye kodwa
sebephume nesiphetho bathi wayiqwayiza
nabangamazi bathi bayamazi uyabhayiza
bayavumelana ehhe wayiqwayiza
Kepha akabaphenduli, imikhonto yamazwi
abo imugwaza ngaphakathi kodwa izinyembezi
akazikhipheli ngaphandle ukhalela
ngaphakathi

Hhayi ngoba amehlo akhe esakhathala
ukukhiqiza izinyembezi selokhu akhulelwa
uyadlokodlwa uyaxakaziswa mhlambe
izinyembezi izona esezakhathala ukuphuma
emehlweni akhe
Banxaphe, bamthuke, bamthuke banxaphe
bamchaphe kodwa akangakhala uma luphumile
unyembezi alesule lesuke laba babuke idle
ngakho ehhene bahleke

Njengenja edla amaqanda sonke isikhali
sijikijelwa kuye
Njengengane ehhushuliwe ukukhala kwakhe
kuzwiwa uyena kuphela
Njengomnikazi wesilonda esibhibhayo uyena
kuphela ozwa izinhlungu zobovu obuphihlika
kuso
Njengodlwenguliwe izinhlungu zomphefumulo
nenyama zihlangana kuye zikhiphe izinsizi
zosizi engekho ozomsiza

Umcabango wokuzibulala kuye ungene waphuma,
waphuma wangena wacabanga ihluli lomzimba
nomphefumulo ongaphakathi esiswini kuye
akazange azibulale zaphika izinseka
Waziphothula izinyanga eziyisishiyagalolunye
akazange ayiphonse emgqonyeni kumbe
ayihhushule isikhathi sayo singakafiki
wayiqamba igama lo uMbali ulama uMphumeleli
uzokhula aqhakaze.

Zimbili indodana nendodakazi ubucu obuhle
obuhamba ngabubili naye uzojabula uma
ngelinye ilanga sezikhulile engasondli
sezimondla

Kepha akubanga njalo izifiso zasala
ziyizifiso zomfisi
Esikhundleni sokondliwa namhlanje uyena
owondla leli bhokisi nabathamele lomgwcabo
ngoba namhlanje

Kulomgodi kuzogqitshwa udadewethu
Kuleli bhokisi khona umzimba kadadewethu
Ngalentambo nami ngiyazilengisa
ngiyamulandela
Nembeza ungangiphikisi
Nembeza ungangiphikisi

Nembeza nembeza uma wena unonemeza
ungangiphikisi wena nalaba abathamele
lomgcwabo nina anazi ngaye mina ngiyazi
ngaye
ningangiphikisi ngoba nonke nihlangene
ukuzogqiba yena
Ningathi umafungwase wakithi uzofihlwa
ngoba ofihliwe uphinde atholakale lo ngeke
aphinde abonakale kumina ngeke aphinde
akhohlakale

Ningalokhu nifafaza amanga la nithi
ubesebiziwe ngoba omubizile ubengeke
amubize ashiye mina
Ubengeke amuzwise izinhlungu amugwaze
ekhanda ephindelela
Ukube umama wayazi wayengeke angilamanise
Kungcono ukube wamane wafa engakazalwa
ngingamboni

Mina mina mina ngifuna ukumemeza igama
likadadewethu
ngifuna ukuhleka naye mvuseni ulele
ningamugqibi uzophuma kanjani uma esevuka,
mvuseni ulele mvuseni

Kulomgodi kuzogqitshwa udadewethu
Kuleli bhokisi khona umzimba kadadewethu
Ngalentambo ngiyazilengisa
Nembeza ungangiphikisi
Nembeza ungangiphikisi

Kodwa ngoba beningeke nisamyeka isikhashana
ngihlale naye ngimkhuze uma eqoma esemncane
sixabane athi umama umthetho wazo izingane
ezilamanayo
Ngoba nikwazile ukumbulala yena engashongo
minake ngiyazicelela ngicela ningibulala nami
ngizonilekelela vulani ibhokisi ngilale eduze
kwakhe nivale nisigqibe sobabili, ngoba nina
niyagqibana nisigqibe sobabili ngoba

Kulomgodi kuzogqitshwa udadewethu
Kuleli bhokisi khona umzimba kadadewethu
Nami ngiyamulandela ngalentambo ngiyazigqashula
Nembeza ungangiphikisi
Nembeza ungangiphikisi