2009-10-19

Ngintombi kamalume

Ngizalwe ngakhula umama eyisigqila sendoda emhlophe
Ukudilika kwamaconsi amanzi emkhathini bekukhomba
otapolo kuye
Ukubhamuka kwenhlamvu yelanga emkhathini bekukhomba
umakarabha kuye
Ngoba mihla namalanga bekumele awulime umhlabathi,
ngoba mihla namalanga bekumele ewuhlahlile umoba

Uma ngihlafunile ngagwinya mina yena ngokomphefumulo
usuthi
Uma ngidlile noma yena engasadlanga udlile
Uma engidlalisile ngamamatheka nenhliziyo yakhe
iyamamatheka

Kepha ngike ngacikica amehlo ekuwavuleni kwami
ubeseshabalele phambi kwamehlo ami, ngike ngagebisa
ikhanda ekulivuseni kwami ngithole engasekho phambi
kwamehlo ami
Ngithe uma ngikhala ngimemeza igama likamama abaziyo
balokhu bengitshela ukuthi angithule uyothenga
amachips uyabuya

Kodwa udadewabo kababa owahlulwa umendo ngimzwile
enyenyezela umakhelwane ethi 'esaphila wayethi
uzongcwatshwa ngani le ngane ayishiyile izokondliwa
ubani?'

Wagcina ephahlukile 'namhlanje kuzofihlwa umfazi
kamfowethu, namhlanje kuzofihlwa umama ngizobona
ngizosala nobani?'
Bangalokhu bengifundekela ngokuthi uzofihlwa kodwa
bebe bebusy bemucindezela ngamatshe nenhlabathi
ngoba ofihliwe uphinde avele, uphinde atholakale kimi
lo ngeke aphinde abonakale, emqondweni ngeke aphinde
akhohlakale

Umalume washiywa udadewabo, mina ngashiywa umama
Kumalume mina ngaphenduka unkosikazi, kumalume mina
ngaphenduka intombi
Mina ngintombi kamalume, mina ngunkosikazi kamalume

Alukho olwamahhala uma ezizwa ehala konke kimi ukwenza
mahhala
Mhlambe ukube umama usekhona angabe angisona isigqila
socansi
Mhlambe ukube umama usekhona angabe angisona isikigi
sokuchama sikamalume
Unyaka nonyaka ngibeletha ingane imbeleko emhlane,
imbeleko esifubeni enye ingane esiswini

Umalume washiywa udadewabo, mina ngashiywa umama
Kumalume mina ngaphenduka unkosikazi, kumalume mina
ngaphenduka intombi
Mina ngintombi kamalume, mina ngunkosikazi kamalume

Abazibiza ngo 'anti' bahambe befafaza bekhwifa amazwi
adungekile emphakathini bathi mina selokhu ngafelwa
umama sengihamba ngiyenga amadoda ngibuye ngizobafuqa
ngezingane

Uma ngithi ngifuna ukugonyuluka ingonyuluka kuthiwa
ngizomulandela owangizalayo
Nami ngithule njengoba kwayimanje kukhona okuthi
angithule mhlambe kukhona abazosho ukuthi sengibhale
inkondlo
Ngoba ukuze ngisuthe kumele nginwebele umalume imilenze
ukuze ngilale ngidlile, ukuze angiholele ipuleti


Ningibuke ningigcine ngoba namhlanje olwamanqamu
ngilandela obangizalayo, laba abathathu engibazalayo
ngizobaklinya baze bagqashuke imiphefumulo
Ngoba uma ngibashiya umalume uzothola amakhosikazi
Ngiyazibulala mina umalume uzofelwa inkosikazi,
umalume uzofelwa unkosikazi

Umalume washiywa udadewabo, mina ngashiywa umama,
Umalume wathola unkosikazi,unkosikazi kamalume
wazibulalakanye nezingane zabo, umalume wafelwa
unkosikazi
Mina ngintombi kamalume, mina ngunkosikazi kamalume