2010-05-26

Umtshali wembewu ongakhulisi

Le ndoda ingumtshali wembewu
Le ndoda iphethe umgodlagodla wesaka lembewu
Ifike ichithe imbewu emhlabathini ovundileyo iqede
ifulathele
Abanini bomhlaba ovundileyo basale bewugwadule
Bahlakulele izithombo ezisakhula bahlenge bachelele
Izinyembezi zigcwele emehlweni kubona yona isifulathele

Indoda iziqhubekele yona nokutshala imbewu kube
angathi ayonanga lutho
Uma ike yafulathela ayibe isabheka emumva
Uma ike yatshala ayibe isabuya ukuzohlakula

Lo mtshali wembewu akasichelelanga lesi sihlahla
Le ndoda ayizicheleli lezizihlahla kodwa ekugcineni
izimisele ngokukha izithelo kuzo idle isuthe
Le ndoda

Nami ngingesinye sezihlahla ezitshalwe ilendoda
Yaqeda yangasichelela sakhuliswa umhlabathi
Lo mtshali wembewu ulinda umhlabathi umkhulisele
uma sekuyizihlahla aphindele emhlabathini axolise
ngokungakhulisi uxole umhlabathi awuphuce asondeze
izihlahla ngakuye khona laba abayizihlahla bezokhulisa
laba abaseyizithombo babe umthombo walaba
abaseyizithombo yena aqhubeke nokungakhulisi
adle izithelo ezihlahleni angazichelelanga

Le ndoda iyakhulelisa ingakhulisi iyekelele izithombo
zembewu yayo zikhule kanye nokhula uma sekuyizihlahla
ihambe ikhuluma ithi yona iyindoda bukani isikhulisile
Lo mtshali wembewu ungubaba kimi
Kepha ukuyibiza kanjalo akunambithiseki kimi kuyababa
Ngoba ukuyibiza kanjalo kungukuyithwesa umqhele
engawusebenzelanga yize yawenza umsebenzi

Sekukaningi ngizwa umhlabathi ubeka amacala
abatshali bembewu ukhononda uthi ukhulisa wodwa
Mina angiliboni icala kulamadoda afana nalendoda
ngibona isono ngemali engeke sakhokhwa
Unembeza okweletayo la kodwa bheka
nawo awukhokhi ngoba lamadoda asalahlekelwa
unembeza nawo unembeza awusenawo unembeza
uma uwabeka icala izinkinga zakho uyazengeza

Lo mtshali wembewu akasichelelanga lesi sihlahla
Le ndoda ayizicheleli lezizihlahla kodwa ekugcineni
izimisele ngokukha izithelo kuzo idle isuthe
Le ndoda

Le ndoda ibathanda kabi laba abasebancane ijola nabo
ibathengela lokhu engabathengeli kona abayo
Le ndoda ayizazi zonke izihlahla zayo kodwa ngoba
ikukhonzile ukutshala imbewu kothukela
itshale kwezinye zezihlahla zayo kumbe izihlahla
zayo ziqomane zodwa
Kulaphoke uNkulunkulu wobe esezitshengisa ubukhona
bakhe eqeda nokusa endodeni
Kodwa ubani yena wothi azilime ziye etsheni afulathele

Lo mtshali wembewu akasichelelanga lesi sihlahla
Le ndoda ayizicheleli lezizihlahla kodwa ekugcineni
izimisele ngokukha izithelo kuzo idle isuthe
Le ndoda