2009-05-03

NGEKE UKUTHOLE UKUPHILA

Mina ngudadewenu ungumfowethu wena
Mina nawe siyimikhiqizo yemizimba
nemiphefumulo yababodwa
Mina nawe savundla esiswini soyedwa
izinyanga ezilinganayo
Mina, mina ngudadewenu wena
ungumfowethu

Kodwa wena ngomzuzu owavukelwa ngawo
izinkanuko kwasuka engqondweni yakho
ukuthi mina ngudadewenu
Wena ngomzuzu owavukelwa ngawo
izinkanuko wacatshangelwa yizo
nemizwa yobunyala wabona ukuthi
mina kuwe ngintombi

Ngendluzula ummese entanyeni,
isibhakela ebusweni, iminwe ephentini
umphambili esithweni kimi ngasese
Mhla ... mhla izinkanuko zigculisa
omunye komunye zinamathisela amanxeba
nezilonda zanguna phakade kakade kuze
kube phakade

Kimi wena ukuthathe konke ukuphila kwami
Kimi wena ukuthathe konke ukuzethemba kwami
Angabe kungcono ukube wathi uwubeka nje
umcondo wakho kwamhlaba wabe ufa kunokuba
uphile uphilele ukubulala abaphilayo

Nalaba abasizalayo uma ngibatshela
bayakuphikela bathi mina wena
ulunge kabi ukuthi ungaqoqobala
mina ngiyakusukela
Nawe uphika nabo yize unembeza
uvuma kanye nokucabanga kwemicabango
yakho

Kodwa wena ngeke ukuthole ukuphila
uma mina ngisaphila
Wena ngeke ukuthole ukuphefumula
uma mina ngisaphefumula
Ngiqalekisa umzuzu engazalwa ngawo
ngincamela ukufa; okungcono ngizibulale

Sengihlulwa imicabango mhlambe ukucabanga
okuhlula mina noma imina esengihluleka
ukucabanga
Mhlambe kufanele ngike ngithule umzuzwana
Ngibona kufanelekile ukuba ngithule lo
mthwalo nalo mphefumulo ngunqamule
Sala wena uphile ngihambe mina ngiyophila

Bonke bangifulathele nabangibukayo
ngemiqondo bangifulathele bangikhomba
ngeziphundu bathi sengaba yisidomu
empilweni sengawa ngamabomu
Nawe uyafakaza uyafafaza ngami
Mina usuyangisinda lo mphefumulo,
Lo mzimba usungumthwalo nakimi
kimi njengenja encinzwa amazenze
uma ngibona wena ngifikelwa yisiyezi
wena uyisinengiso ekuphileni kwami

Uma kuthiwa nginalamandla owawasebenzisa
kimi bengizokuklinya lesitho ocabanga ngaso
Wena kimi akuhlukile ukuthi ungibhokode
ngomkhonto waqede wangibuka ngigqiha
umphefumulo ugoloza ukuphuma

Kodwa wena ngeke ukuthole ukuphila
uma mina ngisaphila
Wena ngeke ukuthole ukuphefumula
uma mina ngisaphefumula
Ngiqalekisa umzuzu engazalwa ngawo
ngincamela ukufa; okungcono ngizibulale

Mfethu sengiyahamba, ungidlulisele lo
myalezo kwabasizalayo
ubatshele ukuthi sengihambile sesohlangana
phambili uma kuhlanganwa ngicela ungangilandeli
Sala wena nabo nonke niphile ukuthanda kwenu
Kuphila kwami ngoba wena ufe uphila asihambe
nawe

Mphefumulo wami ngoba ukuphefumula kwakho
akusaphefumuli ngoba kuphefumula kugcina
icala nqamula ubudlelwano bakho nomzimba wami
Mlenze khahlela ibhakede ntambo ungisize
ungagqashuki bangisize bangakugqashuli
ungakawuphothuli umsebenzi engikubekele wona
Wena ungakhali uma sengifile; wena ungangibuki
kumbe ungithinte ungasondeli ngisho ukusondela
lapho sebengimboza ngenhlabathi

2009-05-01

Khona engizomushela

ukubhaku bhaku bhaku ... ukubhakubhakuza
kwenhliziyo yami in collaboration with ukuzwa
kwemizwa yami sobabili siphethe imaster key
sogqekeza lenhliziyo yalento ... kazi egoloza
ukungi crowner for sure namhlanje mntwana
uyangiwisela

Eeeh bafethu kunalomabebeza othe uzongibamba
although kade engakaconfirmi
Uma ngingase ngibanjwe uyena ngingashintsha
igama
Uma ngingase ngibanjwe uyena ngingachitha ...
zonke izinkomo zasekhaya ngiyolobola
ngazo kubo kodwa engine sure yakho ukuthi uma
esezogana ekhaya uzobuya nayo eyodwa
Kuyonake angifune muntu ozongiphikisa
nesiZulu siyasho ohlaba eyakhe akaphikiswa

Hhayi ngoba bengimsaba ukuthi bengisanqena
nje ukumkhulumisa
Hhayi ngoba bengimsaba ukuthi njengembongi
bengisabudgetha amapunchlines okumushela

Uma angase angangibambi sengombamba ngebhodlela
elincanyana elibhalwe ngamagamana amancanyana
"sibuyisa isithandwa sakho ngo 2days"


Musani ukungibhe...dedede bhedela aniboni
ngigudla nesipatsha lesi isibabane ngoba
mina khona khona kholwa imina khona lona
engizomshela
Kodwa hhayi manje ngoba ngise-sober
Ngizokubamba uma sengibudlile;
uma sengiplakile

Minake nguMlalazi uHlomuka ngakithi kusadlalwa
izinduku nami uma ngiza ngakini ngizophatha
induku ngiyimise ithi mpo ingasheshe iwe ...
khona ngizobashaya kahle abangisukelayo
endleleni

Olwethu uthando ngeke lufane nalolu lolunye
uquqaba luzoba advanced.
Ngeke silokhu silufihla njengoglamour escratcher
i airtime kaR5
Uma sixabana soxabana igxabano eromantic uma
sihleka sihleke uhleko olusexy eeehihi

Musani ukungibhe...dedede bhedela aniboni
ngigudla nesipatsha lesi isibabane ngoba
mina khona khona kholwa imina khona lona
engizomshela
Kodwa hhayi manje ngoba ngise-sober
Ngizokubamba uma sengibudlile;
uma sengiplakile

Ngiyezwa kuthiwa kini emasimini ukudla
nikubutha namafosholo nami ngiyeza kini
ungiphekele amabele, amathanga nobontshisi
hehe kwaze kwamnandi ngeke usinike esingaboni

Mina nawe uma sihamba sizohamba njengezita...
'oh my gosh' njengezi tatanyiswa

Phela wena umu hhayi fill in the missing words
ngama alphabets amathathu uyazazi ukuthi unjani
awufani nalo mngani wakho othi uma bemushela
ngesiNgisi ngoba vele ziyamusalesalela ngoJoji
usale esevuma konke eh? oh yes, yes yeses

Musani ukungibhe...dedede bhedela aniboni
ngigudla nesipatsha lesi isibabane ngoba
mina khona khona kholwa imina khona lona
engizomshela
Kodwa hhayi manje ngoba ngise-sober
Ngizokubamba uma sengibudlile;
uma sengiplakile