2009-08-16

Lezi zinkondlo sisazozidedela

Mhla abahaya izinkondlo bagqashukelwa
amazwi lezindonga zodilika lezimpande
ezisabalalisa ugqinsi lwamampunge zozimbuka
abanye abosala benyewula imilomo bophimisa
amazwi anopete ngoba lezi nkondlo sisazozidedela

Jikijela izindlebe zakho njalo uma imbongi
ikufunza ithi fumbatha mumatha ekwaziyo
Thula ulalele uthandanise izindebe ungabuzi
imibuzo eminingi njengoDelaila efuna ukudayisela
amandla kaSamsoni abaFarisi
Lola izindlebe unambithe ubumtoti bamazwi kuhle
kwezaguga ezimbili ziqeketha ezamzukwana
zidangele ngengomuso labantwana babantwana
babantwana babantwana babo

Ngoba mhla afifiyela la mazwi wofuqwa
ngemfishimfishi yamagama agwegwile onkamisa
nongwaqa abagqagqene nokuyikho
Nawe unqekuzise ikhanda uthi yikho ze
usabalalise okungeyikho esizukulwaneni
esidukelwe okuyikho esifumbethe ukhondolo
lokugagula okungeyikho ngokuyikho okuyikho
kuthiwe lokhu okungekho

Mhla abahaya izinkondlo bagqashukelwa
amazwi lezindonga zodilika lezimpande
ezisabalalisa ugqinsi lwamampunge zozimbuka
abanye abosala benyewula imilomo bophimisa
amazwi anopete ngoba lezi nkondlo sisazozidedela

Thula ulalele ucishe umkenenezo kwimfonomfono
kungalalelwa umsindo wakho esikhundleni sofanele
Iyeke ingqangqazele ekhukhwini ungayiphenduli
umthameli agcine engumthameli
Ngokuthula kukhona ongakulalela, ngokulalela
kukhona ongakuzuza kokuzuzile kukhona
ongakulondoloza
Ngikhuluma ngemigomo yobuntu engashicilelwe
kodwa elandelwa abantu abanobuntu

Mhla ngifa, mhla ngilalayo

Umzuzu, usuku nehora angikwazi
Mhla umphefumulo wami ugqashula
ubudlelwano bawo nomzimba kwabanye
koqhilika izidlathi kwabanye kungenise
imifula yezinyembezi zokukhalela
ongasekho kumbe ukukhohlisa abakhona

Mhla ngifa mhla ngilalayo

Phezu kwesidumbu sami angidinge fakazi
oyofafaza ubufakazi obungungqimphothwe
nemisho yamagama anofufunyane
Fakazi fakaza amazwi ayikho ngalokho
ebengiyikho ungaze ungivimbele indlela
Okubi kuhlale kungokubi kugqitshwe nami
okuhle kusalele abanodosi lokuncela
emthonjeni woju lokuphila kwami

Mhla ngifa, mhla ngilalayo

Makungabongwa engikwenze ngisaphila
ngingabongwanga ngisaphila
Izimpisi ezivathe izikhumba zamagusha,
oJuda nabaFarisi bakwahlaba baqhele,
bahlehle bahlelele amadimoni amile
ukubo amanye amatargets enzondo

Mhla ngifa, mhla ngilalayo

Mfundisi shesh'udede udedele izimbongi
zisine zidedelane ngokuba ziyawazi
amavesi ayiwo zingawacaphuna namazwi
afanele umufi
Zihlobo zegazi nomoya nize ningasikhihli
isililo ningaze ningivimbele indlela yami
ngamanzi anosawoti

Mhla ngifa, mhla ngilalayo

Eyami indima ngobe sengiyihlakulile
esele isalele abasele
Umphefumulo endaweni yawo, inyama
endaweni yawo seyobola kukhohlakale
ukuthi kwake kwaphila ogama lakhe
lingefaniswa nelomdlwane

Wena umdala kunawe

Kusukela phansi engqakaleni kuze kuyoshaya
okhakhayini siyakwazi uyazazi useyingane wena
Abazali abakuzalayo bayakwazi usemncane wena
Uyihlo nonyoko wena bakubiza ngengane wena
Kepha ngezenzo nokucabanga kwakho umdala wena

Siyakwazi useyingane wena kodwa wena umdala
kunawe

Wena ezakho izindebe kudala zizihlanganisa
nezindebe zabanye
Uma kuthiwa umzimba uyawohloka njengesihlahla
esishaywe izulu lo wakho angabe usubolile
ngoba lo mzimba uyabazi abaningi uyakwazi;
okuningi
Lo mzimba uswele igunya lokuhlubuka kuwe ngoba
ubudlelwano bawo nokuqonda kwakho bunyantuka
amanyala
Ngawo wena uyangenisa, kuwo bonke bayangena,
kuwo konke kuyangena

Siyakwazi useyingane wena kodwa wena umdala
kunawe

Kade wawulala, kade wawulala kade babekulala
Emlonyeni kade wawugwinya uma kuthiwa umphimbo
unephimbo angabe sizwa isikhihlo sesililo
sokubhibha kwamanxeba ayizibazibazi

Siyakwazi useyingane wena kodwa wena umdala
kunawe

Kuwe bashiya okwabo wena ulahlekelwe okwakho
Ongenamoto usnayi onemoto owakho angathi
wazalelwa efront seat
Ubona amadoda kobaba abanoshukela abashiye
amakhosikazi nezingane ezingangawe emakhaya
kodwa wena unesibindi sokulala nendoda
engangoyihlo kodwa thina

Siyakwazi useyingane wena kodwa wena umdala
kunawe
Thina sikwazi wena umncane kunalokhu oyikho