2008-03-31

Ngicela ungahambi

Ngiyakhumbula ngikucela uxolo kodwa wena
wawuncamela ukucela empunzini uyongiceba
kini ngoba babekucebise ngokuthi abafana
ayikho enye into abayicabangayo uma becela
ukucamtha nawe basuke bekucathamela khona
bezothola ucansi.
Kodwa angikaze ngicikeke ukuthi wena uneconsi
Angicasukanga ngoba ngangincenge uthando
nawe wasizakala usuthole ozohleba ngaye
"yazi oh uyangibhora, uxamu uzufunda ukuma
ngami futhi akagqoki kahle akanamoto uhamba
ngezinyawo" bavume nabangani bakho
bekukhohlisa kanti bangi-aftile

Kwadlula imizuzu, amahora, nezinsuku kwalandela
iminyaka ithuba engalithola ngacwecwa lolu daba
lwami ngalwendlala ukuze silucubungule ukuze
lufike kuwena selunamacebo nomsoco
ozokwenza ungangiphikisi kakhulu.
Ngiyazi wawucuphe ukuthi uma ngike
ngathi "ngiyakuthanda" uzozenza into ecasukayo
isihlinyane ucathi ngizocinana kanti mina
ngangingazile kuwena ukuzokucoba kepha
ngangizokungcoba ngocu engangiluphethe
ngocikicane ngoba ngicela ukuba mina nawe
sicobelelane ngobuciko bothando
olungenazikhinyabezi,
Ngangifuna yona inhliziyo
yakho, bona ubuhle bakho nokunyeke
engeke ngisakusho ngoba senza leya deal
e-unfair

Ngabuka ubuso bakho ngamehlo osizi ngingacwayizi
ngithi angingabhayizi ngijeqeze eceleni mgoba mhlambe
uzobe usungicabangelile.
Ngabonga nganconcoza ngesikhathi unqekuzisa ikhanda
ngangisaba ukuthinta nje kodwa ngalelo langa ngaze
ngakuncinza ngisho izidlathi.
Nami sengingothandiweyo sengizochomela impintshi zami
... for sure ngeke zijabule zizokulandela phela amajita
ahlale elandela ibhodwe eliconsayo.

Ngicela ungangishiyi, please, ngicela ungahambi

Sithe sisaqhuba kahle wena usumila amaphiko
ngiyabona sekusele kancane nokuthi ungiphike;
angilazi iphutha lami, ngibatshela kanjalo abangani
bami ngikhohlwe ukuthi imina engihluleka ukubekezela.
Ngavuma ngoba ngangisancengile ukuthi uzongincisha
kuze kuba sibopha ifindokazi lomshado
mmhu asikwenze konke okwenzeka othandweni
let's make another deal ... azidume

Ngicela ungangishiyi, please, ngicela ungahambi

Loku kudabuka kwenhliziyo yami kudumaza izifiso
zami kodwa engikwenzele kona ngeke kushabalale
noma ungangishalazela bengithi ungowami kanti
ungowethu kodwa bengike ngisole lapho ngithi
'ngiyakuthanda' wena ubumane uthi 'nami kunjalo'.
Kanti wena uyazi ukuti kukhona abangcono abanako
konke, abakunika konke nawe ubagixabeze ngakho
konke, bonke ngaphande kothando kodwa.

Ngoba imina engikunika uthandokazi kazi
uyophelelaphi nalaba bakho abangenalo abafuna
lokho, ngisho lokho, lokho.
Hhayi ukuthi angikufuni mina lokho, ngiyakufuna nami,
ukuthi uthando ilona oluseqhulwini phezulu.
Yaz'ini mina ngisakuthokozela ukuba nawe empilweni
okugqashukile sisengakubopha yize kwagqashulwa
uwena.
Ngeke ngikwazi ukukubopha ngoba alikho icala
engingakuvulela lona amaphoyisa angamane
athi ngidlala ubushimane.

Ngicela ungangishiyi, please, ngicela ungahambi

uma usuyinhlikinhliki ungabuyi usunhlanhlatheka la
kumina uma sebekuhlikizile onhlenhle wohlangana
nami ngihlinyile ukuhleka angithi kwahamba nawe
phela ngangingekho uhambe ubaqethukela njengoba
usuqethukile nje; phinda kubona kulungile

please go, hamba, kulungile hamba

uma kuthiwa ulijuba angabe ngithi jubalala juba
bayokuchutha phambili manje wumuntu
i mean wawumuntu
okungcono angithi hamba muntu
vele sekuzophela maduzane ngempilo yakho
akusekho ukubuyela emuva
vuma mhlambe usengawuphila unyaka owodwa
ngaphezulu angisho ukuthi uzophila kodwa i mean
mhlambe usengawuphila unyaka owodwa ngaphezulu
phela vele wena kade uhlala phezulu emaflethini
lapho bengingeke ngifike khona mina
usula manje phansi ezingeni lami angithi kade
uthi ngiphansi ngihamba ngezinyawo manje
usulele phansi phela awukho umgcwabo eflethini
umgcwabo ilokhu enikade nikwenza i mean kona
ngisho loku okukumbele igodi

Please go, hamba, kulungile hamba

Angikakamtholi ozovala indawo hhayi eyakho wena
kuyafana nokuthi ngiphuze amanzi ngaphinde ngaphalaza
ungadideki dade angiphaphalazile ngiyafakaza kuwena kodwa
sajula isishimane, sikhipha amangwevu isishimane

please go, hamba, kulungile hamba, hamba kubona