2010-02-06

Bokuchutha phambili

Mtanami uwena wedwa uwena ithemba lami
Njengabanye abafazi nami ngiyafisa ngelinye ilanga ngikukhombe usuhambela phezulu kodwa usangazi mina usabazi usabazisa abasemhlabeni
Ngiyafisa ngelinye ilanga ukukubona ugqoke ijazi usuyisifundiswa kodwa usangazi mina usabazi usabazisa abasemhlabeni

Kepha yize ulwazi usizi lwami, yize uzazi izinhlupheko zami kepha wena awunyathelanga ezinyathelweni zezifiso zami ngawe ngoba wonke amaphupho ami ngawe uwagxobagxobe ngezinyawo izifiso zami wazikhwifakhwifa ngamathe

Ugudlukile emigomweni nezinqumo zami walalela abangani abangazi lutho ngawe
Ubone ukuthi lamasentshana amancane engikuposela wona mancane wancamela ukwengeza kuwo wanikela ngomzimba kobaba abanoshukela engeke ngabalinganisa noyihlo ngoba awumazi kepha mhlambe kulabo abanoshukela ukhona ngoba naye akakwazi

Mtanami kuyona yonke imizamo ngitabalasa ngizamela wena masonto onke ngikuposela izijumbana namasentshana ngithi mina noma ngingalala ngamanzi uma kusuthi wena nami kusasa uzongisuthisa
Bengingazi ukuthi ngikusuthisa nje nawe ngalapho bayakusuthisa

Kodwa hamba juba bayokuchutha phambili; hamba Nomthandandazo bayokuchutha ngaphambili

Kubo bonke omakhelwane ngikweleta kusukela esalukazini kuze kuyoshaya enganeni yakhona ngoba njalo uma ungishayele ucingo ngitatazela ngime ngezinyawo ukuze ungalali ulambile, ukuze singaveli isimo sakho sasemumva phambili

Sengizwa ngabake bakubone bathi sewashiya phansi isikole usuhamba izindawo eziphambili nabantu abaphambili
Nemiyalezo nemikhonzo sengiphathisa bonke abaswenkile abadlula ngendlela kodwa akekho noyedwa ongibuyela nempendulo
Noma sengikuthumelela imiyaleza ihora nehora ngikukhumbuza ukuthi ngiyakuthanda ayibuyi impendulo

Sewayeka nokukholwa lokhu engikukhulise ngakho lapha ekhaya usukhonza amabhodlela
Mumva nje sengiphenduke inhlekisa komakhelwane uma bephiswe ukuhleba igama lami sekuwukhaphethe abasulela kuwo izinyawo

Esikhathini esedlule bengithi uma ngicabanga ngawe ngicabange ukuthi udleni, ugqokeni kepha namhlanje uma ngicabanga ngicabanga ukuthi angabe ukhuhlwakhuhlwa iyiphi indoda namhlanje, angabe iyiphi imoto osuyibonile yaphenduka umkwenyana walolo suku kuwe

Kodwa hamba juba bayokuchutha phambili; hamba Nomthandandazo bayokuchutha ngaphambili

Ngisho noma sengithi ngiyakufonela ngizwe okungcono izwi lakho mtanami kulungile noma impilo ngingasayizwanga uma uke wabona ukuthi imina awuliphenduli ucingo
Noma sengifona ngifihle inamba yami uyalibamba kepha uma uke wezwa izwi lami ulibeka phansi ucingo

Uma kuthiwa ulijuba angabe ngithi hamba
ungohamba manje uligazi lami
Sengaphathwa ngisho nayisifo senhliziyo ngoba ngihlale ngicabangana nawe ngiphuphuna nawe sengizisola nokuthi ngakuyiselani edolobheni khona ngakuzalelani ... njengoba namhlanje usubuya usuthwelwe usuzoba uthwalo kimi
Nomthandazo uphila ubungangiphenduli Nomthandazo usuyagula ngiphendule ... Nomthandazo uphumaphi? Nomthandazo liphi ijazi?

Kodwa hamba juba bayokuchutha phambili; hamba Nomthandandazo bayokuchutha ngaphambili