2009-03-04

UDADEWAMI

Lo udadewami
Uyintombi intombazane njengamanye
amantombazane kodwa yena akakabi
intomb'azale
Ubhekile naye uzibhekile laba
abanamehlo agovozile abacatshangelwa
imizwa abambhekile yena akababhekile

Usengaphansi kwesandla sabo; isandla
sakhe, akakamdingi ozoba ngaphansi
kwesandla sakhe ngoba uyakuqondisisa
ukuthi ozalwayo akahlelelwa izinkanuko
ezikhiqiza utalatiya lenzukazikeyi
uhlelelwa omuzalayo

Wamukela lokho anakho akaziphilisi
njengabanakho ebe engenakho

Udadewami. Wami mina ... udadewami

Njengemidlwane esasazelwe baya kuye
ngesivinini ngethemba lokudl'ubhedu
kodwa bafike bafice imbedumehlwana
yenkanankana yo-'angudlali umdlalo
womaqomana mina'
Umjita ushelwa amazwi aze akhohlwe
abekuzele
Ukhuluma aze aphinde nabesekushilo

Uma ucharma kuye uyazama ncese
akathathekanga lawo magama akho
kuzozusiza ukuthi uyowagcwaba mhlambe
aseyovuka kwabafileyo athathe;
aseyothatha kothathekile
Owami ukuqoma akusiwona umdlalo kapacman
Okwakho okubizayo, nokwakho okubizayo
lokho okwakho akubizi yena

Udadewami. Wami mina ... udadewami

Umzimba wakhe akusiwona owokukhangisa
nokutshengisa
Ugqoka aphelele okuphelele mhlambe
ingakho nasebuntombini bakhe esaphelele
Uhlala njengentombazane akanwebi imilenze
kungaze kuhlukumezeke impahla

Ufundisiwe ukuthi angagovozi aqothise
amadolo alahle imilenze ze bangalokothi
balahlekele kuye becabanga ukuthi
okuvezekile emiqondweni yabo kulahlile
ulahlile

Unolwazi olunqand'ikhanda lokuthi othi
mtwana womtwana wami kuye
uyingcithabuchopho ngokuphindiwe kunalo
othi mntwana wami kuye...
mina ngisho udadewami

Udadewami. Wami mina ... udadewami

Uyakwazi ukugqashula okufanele kokungafanele
Okufanele endaweni yakho...okungafanele
endaweni yakho.
Uyazi ukuthi ucansi akulona elabafanelene
kodwa elabafanele ngesikhathi esifanele

Impakamo nokuzazisa akuzinzile njengenzika
emanzini acwebileyo kuye
Inhlonipho yakhe akayilondolozeli idlanzana
angathi ngayo utax'intela ngoba ufundisiwe
ukuthi akuze umuntu aze abe owakini
ukuze abe ngowakini

Owami ungumlandeli nomlaleli wemiyalelo
nemithetho yabazali ingakho engakalali
ezazi engakazali

Udadewami ... wami mina ... udadewami