2009-02-08

LE NDODA INGIBIZA NGEDODANA

Ngoba sengumungaka ake nibhekeni
lendoda ingibiza ngendodana ithi ingubaba
Baba ubukephi sonke lesi sikhathi?
Mina angiyazi lendoda

Owesilisa oye ocansini nowesifazane owesifazane
wakhulelwa wakhiqiza umzimba nomphefumulo ophilayo
ubizwa ngokuthi ubaba owesifazane kuthiwe ungumama
Ubaba akuyena ubaba ngentshebe nokuqhosha ngoquqaba
lwezingane kodwa ebe engazondli, engazithandi

Kusukela ngazalwa mina umama ubengumama engubaba
le ndoda yakhulelisa yashiya umama nomthwalo
wokukhulisa yaqhubeka nokukhulelisa
Angilazi ikopi leNAN lale ndoda mina ebusika
bengimbatha ngisongwe izandla zikamama ngithokomale

Ukukhala ukulila nokuhayiza komzimba nengqondo
yami amehlo nezindlebe zikamama kuphela ezikwaziyo
Ukukhalela ngaphakathi okufuqa inhliziyo ngomlilo
wezinyembezi kukamama imina kuphela obengumlandeli
nesithameli esiqavile sakho
Ngoba imifula yokugobhoza kwezinyembezi zikamama
imina kuphela obebhukuda kuzo

Kodwa ngoba sengumungaka ake nibhekeni
lendoda ingibiza ngendodana ithi ingubaba
Baba ubukephi sonke lesi sikhathi?
Mina angiyazi lendoda

Lendoda ngoba sengimungaka isithushuka
ekukhanyeni ebumnyameni ubebonakala
ngamehlo njengekati elimnyama ebumnyameni
Ubuhumusha bayo bugxikigxa inhliziyo okudlula
ukungena komkhonto enyameni

Bengibezwa abangani bami bethi ubaba mina
uzongithengela amaswidi namathoyizi umama
angithengele izingubo zikakhisimusi kumina
kuhlengezele izinyembezi konke kusemahlombe
kamama kudlinze umphefumulo inhliziyo ibhibhe
izinhlungu uma bengibuza ukuthi uphi owami ubaba
ngithi usebenza eGoli uma ebuya ebusuku kuphela
kanti angimazi

Kodwa ngoba sengumungaka ake nibhekeni
lendoda ingibiza ngendodana ithi ingubaba
Baba ubukephi sonke lesi sikhathi?
Mina angiyazi lendoda

Lendoda amehlo ayo athetha usizi nokuzisola
kwenkohliso
Amazwi okuxolisa aphuma emlonyeni wayo
kimi anuka okudlula iququ lempongo
Lendoda kade ingangazi ngoba sengimungaka
isiyangazi mina angidige kuyazi ngakhoke
ingalokhu ingikhomba itshela amanye amadoda
ukuthi yona iyindoda isikhulisile ngoba
ikhulelisile yangakhulisa njengenyoka
Ithi iyangazi, mina angiyazi lendoda

Lo mlisa ucela intethelelo kimi angathi mina
ngumthetheleli ngithetha amacala kanti
yothethelelwa mhla esethethiwe
Wena udlwengule ukuphefumula komphefumulo kamama
wamulutha ngenkohliso yembubhiso
Kodwa manje ngoba usubona ukuthi khona ongakuzuza
ngami mina ngibe ngingazuzanga ngawe usulokhu
ucwebisa amehlo ungibiza ngendodana

Kodwa ngoba sengumungaka ake nibhekeni
lendoda ingibiza ngendodana ithi ingubaba
Baba ubukephi sonke lesi sikhathi?
Mina angiyazi lendoda