2008-10-14

Lalela la

Ungumafungwase uzinyobulala kithi
Mina nabafwethu uyena kuphela esikwazi
ukuthi dadewethu kuye
Kubazali uyinkanyezi eqhakaza 24/7 uyena
kuphela abakwazi ukuthi ndodakazi kuye
Ukhuliswe ngevangeli nomthandazo zonke
izingqinamba nezinkinganyana ahlangabezana
nazo uguqa ngedolo athandaze abhekise konke
kuye.

Ukhule ephefumula inhlupheko ebhodla indlala
ubedla aphinde agqoke lokho okukhona ngaleso
sikhathi ubengenalo ithuba lokukhetha
Yize bebaningi abeza kuye bemukhetha kodwa
ngoba yena ubesekhethile ngaphakathi kuye
ukuthi akakhethi abamukhethayo ukabakhethi

Ukhule bekungabuswa kithi kupataniswa
uma ephambana nemigomo yakithi ubethethiswa,
engatotoswa engatetenyiswa engaphathiswa
okwesitatanyiswa

Labazali abangafundile kodwa abafundile
bakuqondile ukuthi kufanele afudukele
esikhungweni sezemfundo ukuze naye
ayofunda aphinde mhlambe afunde

Namhlanje usebuswa amalungelo usethi
yena akazotshelwa abazali abangafundile
Iziyalo ayalwa ngazo abadala uthi amanyala
yena udla ubusha bakhe wayengekho ebusheni
babo ngakhoke abazomutshela
Uthi bangazenzi ama-experts belokhu bethi ayihambi
leyondlela ayihambi leyandlela ngoba bona
sebekhathele futhi sebeqedile ukuyihamba
Ngoba uthi uzokwenza okuqondwa umqondo wakhe
ngoba iwona oqondwa lokhu okuqondwa uye
Ngakhoke mudedeleni enze akhulume mudedeleni

Sisi sisi lalela lana uvule la uvale la
musa ukuhamba ulala la ulalela laba
Sibadala siyakutshela sithi ayihambi
leyondlela

Akasagqokeli ukufihla umzimba kodwa usegqokela
ukuwuveza
Emicimbini yokuzijuxuza uyena phambili kodeejay
uyaziveza.
Akugqokayo ukugqokela ukuthi kuveze lonke
ingaphambili nengemumva lakhe khona ezokhangisa.
Ingakho nje bonke abafuna ukugculisa izinkanuko
zabo zabo beza kuye ngoba vele uzoveza.

Yize esemumva ngezinga lempilo kodwa kukhazikhazi
bezimoto zohlobo oluphambili, imicimbi ephambili
uyena phambili.
Uphuzo uludakayo nomgwinyo kubuthwa ngamafosholo
Usehogelile ngamakhala wavula umphimbo wakhamisa
kwadlulela emuqondweni.
Ingqondo yasala ngemumva inkanuko yahamba phambili
kwashisa igazi useqethukile useketukile, imilenze
iwozawoza ibabiza bonke.
Useyahayiza useyakhala amadoda ashadile nangashadile,
anezifo namsulwa, amanye anezingane ezingangaye
ayashintshana ayagqiga oseqedile uyanyamalala.

Uyavuka uyazithuntutha ingaphandle ngoba
ingaphakathi ngeke esalithuntutha osekungenile
kungenile.
Kodwa ekhaya bazi ukuthi uyafunda
Ngoba ekhaya waphuma ethi uya kofunda.
Uma bemukhuza uthi ngivumeleni.

Sisi sisi lalela lana uvule la uvale la
musa ukuhamba ulala la ulalela laba
Sibadala siyakutshela sithi ayihambi
leyondlela

Yonke imicimbi uyakhangisa enziwe, akhangise
enziwe
Sikhukhumale isisu ahhushusle... sikhukhumale
isisu hhayi siyamubambezela ahhushule
Simuhlulile isikole wancamela ukudayisa
ngomzimba ukuze alale edlile kodwa namhlanje
iwona lo mzimba odayisA yena.

Namhlanje akasakwazi ukuzenzela useyenzelwa
wenzelwa ilabo ababengekho enza
Useyakhomba mama mama bamba lana, lana lana,
kubuhlungu lana lana lana bamba lana.
Umama akasakwazi ukumsiza usewaphathwa isifo
samathambo.
Baba baba bamba lana, lana lana kubuhlungu bamba
lana bamba baba lana.
Uthi ubaba akaphindele lapho ephuma khona

Bengithi uzongibiza nami athi Mphumeleli
ngibambe lana kubuhlungu lana kodwa angilitholanga
lelo thuba ngoba ubesebiziwe ngingazi noma
ubesebizwe ngoba ebiziwe noma uyena ozisondezele
izinsuku zokuthi abizwe