2009-02-08

UKUBE NGANGAZI NGANGEKE NGIKUSHELE

Ngiyazi uyazi ukuthi ngiyazishaya ngawe ngoba
ngihlale ngikubuka kodwa asisbukani ngoba uma
kuke kwaqondana amehlo mina mina ngibheka le
kanti kade ngikubuka ngesikhathi ubheke le

Uma kuke kkwaqondana amehlo ngimane ngicabange
ukuthi mhlambe seziyasha ngaloluya daba
engakukhiphela lona ngaloya date
Angithi usakhumbula ngesikhathi ngesikhathi
ngithumela iskimu sami kuwena ukuthi
bangibikele udaba lwami kuwena, bafika kuqala
bona mina ngafollower "yebo uqinisile umfethu
hhayi njengoba eseshilo nje umfethu nami ngihamba
phezu kwamagama akhe"

Namhlanje uma ngihlangana nawe uhamba nabangani
bakho ngimane ngiswele umgodi wokucasha phela
niyaxoxana nina for sure usubatshelile ngami nami
sengiyasaba ngiyababona bayangibona ukuthi angathi
ngiyashishiliza

Sebeze baphenduka nama experts nama-analysts kulolu
daba lwethu.
Bangi anylyser ukuthi ngihamba kanjani ngigqokani,
singafanelana yini uma singase sikhiyane nokuthi
khona ukuqonywa ngake ngaqonywa yini noma
ngizofundela la kuwena.
Isilingo phela lesi angazi noma nabo
bangi-aftile yini?

Nkosi yami ngaze ngavelelwa ukube
ngangazi ngangeke ngikushele

Uma ngike ngahlangana nawe noma usuhamba wedwa
uma usekude ingqondo ithi ulahlile for sure
ngiyadlala namhlanje.
Uma ususeduze angazi konakalaphi ngike ngizibone
sengidonsa icell ngi-answer amacallz angekho.
Ngizithole sengikhophoza kuhle komjita oqala
ukuvalwa ingane endlini

Uma usawubona ekwazile ukuputshuka phakathi
kwemithambo namamuscles ovalo wena wavuma
angilali ebusuku angathi sengilishayile ikhanda
noma ngicwayiza sengimane ngizithole
ngiphuphupha wena
Yazi kuthi angikuvulele icala phela wena
uhlukumeza ilungelo lami lokulala sleeping
abuse phela le


Nkosi yami ngaze ngavelelwa ukube
ngangazi ngangeke ngikushele
Kodwa nawe uvelelwe ukube
uyazi angabe uyangiqoma

Amehlo ami alazi lonke ingaphandle lakho,
istep sakho, ishape yezindebe zakho uma
umamatheka,
Uma ufUlathela ubheka le ifocus igxila kumamoves
esingezansi... ngisho izinyawo.
Kodwa ingqondo ilazi lonke ingaphakathi lakho
Iwazi wonke amakhona, obus stop nakamphelandaba
e-ICC Arena yakho.ICC! Hayi sisi kushukuthi bengase
ngibanjwe uwena ngingangena ngiphume ezintweni

Nkosi yami ngaze ngavelelwa ukube
ngangazi ngangeke ngikushele
Kodwa nawe uvelelwe ukube
uyazi angabe uyangiqoma

Uma usuzwa inhliziyo yakho ishaya kancane ubokwazi
ukuthi ngisuke sengicabanga ngawe ngamandla
Phela wena uma kuthiwa ubuhle ihhotela wena angabe
uyi 5-star hotel ngiyasola wonke lamacelebrity
aseHollywood okuthiwa manhle abubolekwa uwena
ubuhle
Ozame naleskimu saseBollywood phela

Nkosi yami ngaze ngavelelwa ukube
ngangazi ngangeke ngikushele
Kodwa nawe uvelelwe ukube
uyazi angabe uyangiqoma

Uma ngikubuka angazi noma ngizothi imodel etsha
yini yakwaLimborghini noma mhlambe uBm usekhiphe
iX10 kodwa uma ngibuka lolu olunye uquqaba
ngimane ngibone ama E20 nama1400
Ngiyabona sekufanele ngihlale ngiphethe iSakhamuzi
nogambu ngoba njalo uma ngibona wena ngehlelwa
iCD4counter.
Uzocathi ngiyaphupha besengikubamba ngempela

Nkosi yami ngaze ngavelelwa ukube
ngangazi ngangeke ngikushele
Kodwa nawe uvelelwe ukube
uyazi angabe uyangiqoma