2009-06-11

INCWADI KAMTAKWETHU UNOBUKHAZIKHAZI

Bukhazikhazi obukhazimula ngikhangeke ngithe
angithathe uthi lwami ngiklwiklwize kulesi
sigqejana sephepha ngidilize izindonga
nezindinduma zenkumbulo ephuphuma enhliziyweni
yami
Ngithe angiklwebhe ngidicilele uketshezi la
inki kwelimhlophe ngicikicele othandiweyo
usweaty my dululu wami

Ngithi angikwazise ngenkumbulo esingidle yaze
yakhumbula ukuthi uma ingiqeda wena wobuye
ukhumbulwe ubani
Nomzwangedwa awusezwa wodwa ngoba sekuze
kwananela ngisho izintaba namaguma ngoba
amehlo ami asesichithela kuzo isizungu akanti
ibona laba abangisithele wena

Angazi noma ngithi zintaba zikude umasithela
yini ngoba lezi ezingisithile ziseduze uwena
okude
Ngoba nakuzo kumile nezihlahla bonke badudene
ngokungisithela wena; mtakwethu

Like lithi uma seliyidliva lishubisa nomkatsha
ngifise ukuba wena ungathintwa ngisho iconsi
lemvula kumbe ngisho amakhaza awodwa
Ngike ngifise engathi abezokugodolisa agodolise
mina ngigodole ukugodola kwakho nokwami wena
uthokomale ufudumale

Bukhazikhazi obukhangayo ngikhumbula ngisakucela
eqhikizeni ngaphambi kokuba uze kimi ngiqale
ngigeze indlela ozonyathela kuyo ukuze uthuli
nameva bangazimatanisi nawe
Ngikhumbula ngisageza ngihlambulule amazwi ami
ngaphambi kokuba ngiwaphimise ukuze angalimazi
izindlebe zakho

Ngikhumbula ngisakukhuzela ushikile
nangesikhathi ungikhophozela ubopha iduku
amafindo amathathu ngabonga udaba wase uthi
akengikhe iqabunga egatsheni lokugcina
esihlahleni nami ngabhayiza ngajeqeza izihlahla
ezisikakile kanti wena ubuthi angithi manqa

Leli duku eliphephezela kithi kaHlomuka uma
isibonda salo siwohloka sengoya kwaNdukuzabantu
bangikhulumele nabakhiqizi bethusi bangigixabeze
ngesibonda sensimbi lime okwangunaphakade phela
leliya elikaNobukhazikhazi onobukhazikhazi
bangunaphakade

Lonke uhlobo lothando oluphila la emhlabeni
olwethu kulo somacaphuna kungasali… soshiyela
bani uma kusala mtakwethu ungasabi bamba
ucikicane wami ungasali
Uma siwa mina ngizowa kuqala wena uwele phezu
kwami ungalimali

Uma kuthiwa sisaphila endulo sonke isizwe
angabe siguqa kuwe ze usikhiqizele uthando
Ngisho amakhosazane emvula uMabel’amade
noNomkhubulwane angabe baguqa kuwe

Kodwa ngoba siphila manje mina ngikhonza
kuwenake uma unyathela kukikiza amaqabunga,
izimbali zivukwe umhobholo zimile upete
ushiye ilanga liphethwe ufufunyane
nezinkanyezi zififiyela

Phela mina uma ngingase ngithintwe ilezi
zindebe zakho ngeke ngiphinde ngizidle
lezinto ezinoshukela ezingoshokoledi
namavanilla ngoba zonke zikhiqizwa izindebe
zakho

Minake nguNgidi uHlomuka olwethu luvalwe
ngesimbelambela sengidi
Ngiyazi uyababuka nje laba abangibiza ngaleli
gama labangathandwa
Ngoba angikho eduze kwakho lelipheshana
engilithumele selongidlulisela yonke inkumbulo
nemicabango yamajukujuku okujula kwenhliziyo
yami