2008-02-29

NOW I'M SERIOUS

Tokolo themba
Thokola themba amathunzi ayewukela
Thokola yimvu yolahleko
Thokola ntandane naba bekuhleka … thokola
Thokola nawe mfelokazi ezivathweni zakho ezimnyama
Thokola themba … kuzolunga
Thokola uyingelosi umuhle phansi kwegama lakhe
Unkulunkulu ubathanda bonk’abantu bakhe
Bekezela kuzolunga akuvelwa kanyekanye
entabeni njengamadleb”embongolo
Kuzolunga … bazukujaha usujabule… thokola themba
… thokola themba amathunzi ayewukela thokola

Themba, idla ngedolo phansi thandaza… themba … uzothokoza
Obuza uMandela wahlala ejele waze wadela
Obuza uMbeki ukuthi kulukhuni kanjani ukubheka izwe
elinabantu ababhekile njengathi
Obuza uSteve Biko ukuthi uma ubika ukunganeliseki ngesiBhunu
noma bangakubulala abosala bodla izifiso zakho … ngisho inkululeko
Obuz’uZuma ukuthi uma ugebhile bakuzuma kanjani
ngonondindwa khona bezokudida
Eh muntu omnyama ngithi ungadideki bazofun’ukukudida
bese kuba uwena umdidi wendaba
Phel’ipolitiki idida abantu … iwumdidi … wabantu
…nempilo injalo …thokola themba amathunz’ayewukela
Obuz’uMadlala ukuthi umudlalela ngaseqinisweni they
said they will fix you maybe now they have fixed you.
Wozithol’usufile.

Obuza uMugabe ukuthi uma uwugimbela kwesakho
Omalugaju ababili double B, iBB uBush
Ne side-kick yakhe uBlair bazongxambukela
kodwa ungesabi ngeke bakwenze lutho awunawo uwoyela wena.
Ubuze umama wakho ukuthi ukhalela kanjani ngaphakathi
uma ubaba wakho engasayithumel’imali ekhaya;
esephenduke iATM, AT sebethimulela kuyena
Obuz’izinkophe zakho ukuthi zikhophoza kanjani
uma ungalalanga ekhaya.
Obuza mina, lo, naloyo oseceleni, phambi, emuva kwakho
ukuthi uma ehaya le nkondlo abamzondi yini?
Thokola themba amathunzi ayewukela thokola… uzothokoza

Thokola themba
Ithemba alibulali
Kepha kokunye lifakan’eweni uzibone usuqothukile
Kushabalal’izethembiso
Kushabalal’amathemba
Thokola themba

Phokophela ntandane
Um’uvulindlebe indlela iyavuleka,
Ndlelanhle, mpilonhle, mpilonde
Phokophela ntandane nenja ize iwaqede ngolimi
Putshuka ntandane, putshuka mfelokazi, putshuka
Khokhovula, putshuka skhotheni
Putshuka malugaju
kuloko okubi okukubambile

Khula Aubrey, all is yo’s ola, ola Aubrey
Khula Aubrey khuluma okukhungethe inhliziyo yakho
Ishaye le nkondlo kushukume umzansi
Ungakholwa abakukhohlisayo
Khumbula izinkulumo zikamkhulu wakho
uKhomba 7.
Ukhule uze ungakhokhobi, sesikhathele okhokhovula

Thokola themba amathunzi ayewukela
Thokola … Thokola … thandaza … thanda … themba …uzothokoza


Awudede
Awusondele … ngikuhlebele
Dlala ngizokubukela
Ndlala ngizokufica khona
Qala lahle imina ubhontshisi kuzogcina mina; ngizolandela
Lahlihla ilahle sekuyinto yokulahlwa
Asidlale umagida sibhekane, bheka bheka … ummmhu…
Dunu dunu…
Cha udlala kahle… umamatheka kahle,
uhleka kahle futhi; asiphinde futhi
Noma sebengangishaya emuva kwendlebe
Anginendaba kodwa ngidlalile nawe

Ngibuke-ke manje … ngibheke … uphind’ungibheke
Asithuleni khona engifuna ukukwenza kona
Uyezwa angithi?
Ngifuna ukukuqa…la uzogcina wena; uzolandela
Bese ngidelile… Uyezwa angithi?
Angithi uyazi ngifuna ukukwenzani?
Hawu! Uyazi nje? Angithi uyayazi iBold and Bloodyful?
Cimeza-ke ungabheki uzozwa ngami sengenza.
Cimeza phela … ngizoze ngicasuke phela
… Hho awufuni?

Angisadlalike ungaphinde ungikhulumise
Lento engakwaz’ukwenza lena … walala
Uyakwazi? ngenze phela sibone.
Nxi!!!!!

Yazin? Nganginawe ngiphucwa uwallet wami
Wangisekela ngingenamali
Wangithoba ngisezinhlungwini
Ngasengithole umqamelo esifubeni
sakho ngiphethwe ikhanda futhi wawuhleli eceleni
kwami egumbini labagulelukufa esibhedlela namanje usenami
sengibezwa ngendaba abangani

They’ve thrown me away like a piece of trash
Like yesterday’s garbage
Kodwa … yazin? Inkinga ikuwena.
Ungibangel’ibhadi … awudede … asihlukane

Uwena owathi angingene
Ngewindi lakini ebusuku
Uyayibona lengozi esesiphundu … ngashaywa uyihlo ngebhawodi
Lengozi ela emlenzeni ngayithola ngicashela yena phansi
kombhede
Kwasho wena….
Lesifo enginaso ingenxa yokuqethukaqethuka kwakho
… awudede … asihlukane…
Odede wemuntu … awudede

Ikona ebengifuna ukukwenza kona lokhu
Noma ungabheka-ke
Awudede … sengikhathele
Awudede … ngishaywe umoya
Awudede … hhayi asihlukane
Ungibangela iminciza uyangicika
Awudede …
Awungidedele ngiphokophele phambili
Awudede … ngifuna ukuba nodeda
Ngendlale wabantwana




Usebhobokile

Sekungena ngala, kuphume ngale
Zandil’uyaphi?
‘Ngyaphambili umile wena Weh! No future”
Zandile buya zandile izifo.
“Ongiyeke”
Zanel’uyaphi
Haw Mah ngyazula awukahle
Mhhhhh! … zula nje uzozala.
Uzothi bakuzumile kanti uwena ubuzulelwa ikhanda.

Nonhlanhla unhlanhlathek’uyaphi ebusuku?
Weeeeh nakoke… yini kodwa.
Bazokuhlaba … ngenhlamvu uzobuy’usunhlanhlatheka.
Wena Nhlanhla umufunani-ke uNhlaka
Ngithe 1, 2, 1, 2 Mah wavuma ngesikhathi, nginenhlanhla
phela mina kush’ukuthi ngifuze ubaba, NGIYISOKA.
Mhhhhu …. Idlani masoka kobola … sesibala izinsuku
Sokungcwaba kodwa.

Sekungena ngala, kuphume ngale.
Usebhobokile … mubhekeni usebhobokile.
Useqala ukuqaqeka sebemqaqile … abangani bakhe
Usebhobokile … mubhekeni …usebhobokile
Mqamben’igama “Nang’uQaqeka” eqaqeka kabi Bo!
Bazokuchutha sthutha.
Ayihambi leyondlela.

Mubhekeni usebhobokile.
Take care

Democracy
Okay … I’ve got something to mention and I’m gonna say’em
Siphila impilo lapho ngoR7 umuntu engalahlekelwa impilo yakhe
R7 ONE beer, TWO to THREE sips,
One, Two, One, Two FOUR slopes kudidek’ikhanda
Usuzwa FIVE different men on top of you for more than
SIX times.
Kushaya uSEVEN ekuseni abasazishayi ngawe
Ngo EIGHT uyaphaphama usuthola ukuthi uneAIDS
No-one wants to give an AID to you,

A.S.S (Attention Seeking Syndrome) isiphelile
Usesele yedwa neAIDS yakhe.
Unengculazi useyigcuba.
Ingenxa yenkululeko engayisindawo
I mean … don’t get me wrong
It’s the truth don’t conceal it.
What does DEMOCRACY mean to you?
Is it a DEMO where anyone can try his best on it?
If it’s that DEMO who tests and weighs it?
Is it a DEMON that lures the youth to booze and dope?
If it a DEMON abanjani abanalo?
Is it a DEAL between life and death?
Yebo it’s a deal naba bantu bedidiswa ubala

No, ayikho impendulo so Democracy is Democracy.
Democracy to a Black man means Death.
Democracy to a Black woman means Dizzy.
Democracy to a White man is a Demon.
Democracy Demeans a Boer man.
Democracy Darkens the mind of a Blackman.
It’s the Blackness of ours that activates the Demons of Democracy.
Let’s DEAL with democracy ngoba iyasiDIDA.
Democracy … is lethal

It’s only that we don’t know that we don’t know


Ungavumi
Nangu uVusi evuka esithubeni evuthulula
ulwembu oluvimbe emehlweni akhe
Nangu uVusi eveza uthando lwakhe
oluvumbuka kuyena

Nangu habe! Nangu uVusi
Eviva eveva ekuvusa uhlevane
Nawe uze uvoveke
Nangu nangu uVusi ekuvuthela
Khona uzovuleka bese uyavuma

Pho uvinjwe yini?
Ngoba vele usekuvovile
Usufuna ukuvuma.

Hhayi bo! Ungavumi
Vuka uvantele engakavakashi
Vuka … uvuthe amalamgabi
Uvale … nangu eveza unyawo
Vala …. Angaze avule ngoba ngeke
Umuvimbe uma esekuvuthela
Uzovele uvaleke umlomo

Ungavumi uVusi, uVincent, uVictor benoVukani
Bakuvule … uthando olungekho ngoba
Uzovula bese beyakuvula bese uyavuleka

Vimba naba beza beyisithalavane.
ITsunami kavusi iyavuthela
…. UNGAVUMI …. UNGAVULI
Hey wena VULA …amehlo uvaleleni
UNGAVUMI

Mane uvive, uvuke indlobane weVicky
Naba bekuvezela bekugabisela ngothandwana
Sebevukelwe … uthando

Vala …UNGAVUMI
VALA … thaqa

Ngoba uma usuvezile bakuvezela .UZO…VE…VE…ZELA
Uvuvukal’isisu bese kuvumbuka umuntu
Akuvukele umbhejazane usuwedwa
Bese uvukelwa kakhulu … amahloni

Nangu uVusi … nanguya … (wavuma-ke wena)
Akasekho uVusi usekuhebeza njengevondwe emasimini

Vala … vuka
Ungavezi … ubuphukuphuku

VALA …UNGAVUMI
VUKA …UNGAVUMI …VALA
Watch out

Ngivumele
Ngibazwile bethi unguphuma langa sikothe
Cha he…eeh phela wena awukwazi ukothwa uwonkewonke
Ngivumele ngikothe ngedwa
Angikothe ngedwa, woza

Ngiyabezwa bethi ungusuka sambe
Thina-ke sobabili sukuma sambe
Ngiyabezwa ngibazwile futhi ngisabezwa
Bethi unyathela ngabantwana
Nyathela minake manje sengikhathele inzwabethi
Nyathela mina asinyathelane
Ngeke ngithi “ashu” uma nginyathelwa uwena
Ngizoforca ukuhleka noma ngabe sekubuhlungu

Ngivumele ngikwazise iqiniso eliqinile
Ngivumele … ngivumele ngikwazise
Okusemajukujukwini okujula kwenhliziyo yami
Ngivumele … ngivumele ngikuthathe ngikubeke
Wena uzongiph’indlebe
Ngivumele …

Ngivumele ngiwaqaqe lamaketango
Noma ngabe sekuhlengezela izinyembezi
Angiwaphimise la mazwi
Angupheqe lo mqingo wamafayela
Engingawufunda kuze kube ngiyawafulathela
Anhlamvana
Okwamanje ngivumele okungcono ngikwazise
Isihloko sale ndaba enkulu
Ngeke, ngikubheke ngoba kuzobuya le micabango
Engenza ngingalali ebusuku

Ngivumele ngikwazise iqiniso eliqinile
Ngivumele … ngivumele ngikwazise
Okusemajukujukwini okujula kwenhliziyo yami
Ngivumele … ngivumele ngikuthathe ngikubeke
Wena uzongiph’indlebe
Ngivumele …

Ngiyazi baningi beza kuwena
Ubagixabeza abanye ubagudlula
Ngicela ungangifanisi nabo mina, bona
Angikhohlisani … kholwa imina
Angidlali …angizile ukuzodlala la kuwena
Ngiyadlula kodwa uma ungivumela ngizohlala
Angiqambi amanga ngawafica ekhona
Kulomzuzu ngikhuluma iqiniso ngoba
Lona liyakha uma umuntu evunyelwa
Ababaningi abajwayele ukulikhuluma
Uma befuna ukuvunyelwa.

Ngivumele ngikwazise iqiniso eliqinile
Ngivumele … ngivumele ngikwazise
Okusemajukujukwini okujula kwenhliziyo yami
Ngivumele … ngivumele ngikuthathe ngikubeke
Wena uzongiph’indlebe
Ngivumele …

Vula indlebe ngifake lo myalezo
Lokhu akusikona ukudla kwendlebe
Kepha indlebe yakho iyona edla la mazw’ami
Lalela ngizokuxoxela ukuthi
Zizoba khona izinkinga, kepha sizofunda
Kulona lonke iphutha elizokwenzeka
Asilenzeni … asilusukele yize lungenze lutho
Kodwa bese silenzile sizoba utho
Kulona sizowuthola umfutho njengebutho
Asulenzeni mina sengivumile

Ngivumele … ngivumele
Ngikubonise nawe okubonayo
Ngivumele ngikwazise ngothando
Ngivumele ngikwazise ukuthi ngiyakuthanda
Ngivumele.

Uthando lwami ngawe
Sekunyuka iminyaka-nyaka
Ngizama ukukunyakazisa ngithi
Ngiyakunyonyobela khona uzoxakaziseka
Kepha wena uyangixaka nje ngoba
Umane ungitshele inya-ka-nya-ka
Noma ungangixakazisa uthi uyangixukuza
Ngeke ngikuxebuke
Ungixolele uma kuwukuthi ngiyangxambukela

Ukuthi nje inhliziyo yami i-xa-ke-ki-le
Angisakwazi nokuxoxa okungaphakathi
Enhlizweni yami ngoba wena uzongixoxa
Bese uyangixokiza
Nyi… Nx! Nyi… Nx! Nyi… Nx! …
Bese kuxoveka inhliziyo yam’
Uyazi angiqondile ukukubangela izixakaxaka
Ukuthi ngikhulumela umlomo wami
Phela umlomo wami uyisithunywa
Senhliziyo yami

Ha…hayi Ha…hayi
Hhayi ngoba ngikusaba… ungazikhohlisi
Phela wena angikushi..shi..lizi
Phela manje angisakusheli
Ngoba ngiyabona ngizogcina sengishelela
Okungcono angikushebe ngikushova-shove
Nalenkulumo mhlambe uzosho
Into ezongishukumisa.

Ocabange nje mina nawe, ehhe, mina nawe
Sesigibele igusheshe sidlala igumbagumba
sithi uma siligibele ezinye izimoto zisisigudlukele
kanti cha ukuth’imigwaqo iyaphambana
Ngithi uma ngifaka igiya namba 1, ngiphinde
ngifake u2 no3, sithi isandla sami uma
Sigudluka siwele kuwena bese uyahleka
Nami ngihleke besengihleka
Ukuthi uyahleka

Wena angifuni ukukukhohlisa kepha
Ngifuna sihlanganise izindebe sixoxe
Bese siphushan’izinyevu sivumelane
Kubenjeya kuphinde kube njeyaya
Bese siyajikajika sijikajike kube
Angathi siphuze ijiki kanti cha
Siyajikijelana nje.

Sekwale ngisho sengithumela otikoloshe
Ukuba bakuto..to..bise bakutotobisele ngakumina
Kwala ngisho inhliziyo isigqagqazelisa
Isifuba ishaya itoyiyoyi ngize
Ngithi “Uthando lwami ngawe” *3
“Thando ngawe, thando ngawe” *5
Yazi uma ngicabanga wena inhliziyo
Yami iyancibilika.

Sengiphelelwe amaqhinga sengicabanga
Ukuqhoqhobala uqhoqhoqho wakho
[crying] Kanti wena ungiqathazela nini?
Kanti wena uqhuma nini?.....
Ngyadlala ungaqhumi kodwa bengase
Ngiqhunyelwe uwena ngingaba yini?

Uma ngingcofoza izinombolo
Zikamakhalekhukhwini ngithi ngikuthinta
Emoyeni, wena umane ungiphendule
NgeSingisi.
Ngithi “Hi” wena uthi “Low”
Ngithi “How are you?” wena uthi “I’m cool”
Khuluma phela into ezongikhulula uma ucool
Bese ukhula ngokomqondo

Kepha ukhulele ngakumina phela.
Hhayi kulaba banye
Udlala ngami ngoba iNgilishi is not my
Mother’s tongue it’s my mother’s teeths
Ngithi “Hello mabebeza … swidadi… thambo
Lami lekhentakhi… Ngiyadlala
Thambo lami ehhe thambo lami
Kulowo mzuzu kumane kusuke ubuzukuzuku
Ngize ngifake ama-airtimes ami amabili, amathathu,
Amane, ayisithupha….
Hhay min’angisazi!

Ngiyaqeqemuka, ngiyaqeketha, ngiqaqa umqondo
Wami ngawe, angikufuni usuqothukile
Uzoqethukela bani uma usuqothukile?
Ngisho manje useyisibutubutu usamamatheka
Kuhle kwembali entwasahlobo
Angikufuni usukhathele, usukhwehlela,
…… ungaze ungikhahlele……
phela umkhuhlane uya..khu..khu..la
kuhle kwezikhukhula maybe kuhle kweTsunami

Girl come with me
You’ll never weakness
God is my witness
I’m not heartless
Although I may be penniless
But you’ll never depress
Your hips and lips will never feel loneliness
My lips, my nose, my eyes, my chest are
All the fans of togetherness

Woza… woza… ngipheth’iwozawoza
Ngiyazi uyazishaya ngami ukuthi
Awufuni ukuveza
Ngithande haw…
Lolu Uthando lwami ngawe


blind womans illusioned love song by THEMBEKA
they call me insane for saying i will see
for from my birth i have never seen
they say i am illussioned by these
conclusions of unfinished experiments
forgetting that i am not for experimenting
for through this darkness i will peep
through this blindness i will see
yes through your love i will conquer

i do not know you but the sound
of your voice comforts me
i have never seen you but the smile
on your face vanquishes my insecurities
giving birth to a new state of hope
i do not know you but by your touch
you have led me down my pathg
i now i know that i will see

i will see the sun rise above the horizon
live to see the lillies so, white so pure, so just like our love
yes I will live to see the stars adorning the velvety skies
and to see your face next to my face, under these stars as we...
yes my love i will see tomorrow
and tomorrow i will see because of you

BY Thembeka Madondo

When I speak I speak in tongues, but not tongues of prophecy but tongues of blamesphy
Even then I do not speak in my mother tongue but the tongue of those that are my oppressors
For my mother tongue they have come to term a sinful language
So you see I am not a product of nature or that of my mother
But I am a by-product of these sinful oppressions
So I embrace their sinful oppression with pride knowing that my pride is all I have

I am a child of AFRICA so when I speak with my elders I look down as a sign of respect
I bite my nails I write wordless words on the floor just to avoid their eyes
But they came from the west and told me that my respect was a sign of cowardice
That my gestures of respect told them that I am lying...
So which do I embrace... their teaching or my culture
For when I speak I speak in tongues but not tongues of prophecy but tongues blamesphy
Even then I do not speak in my mother tongue but the tongue of those that are my oppressors
For my mother tongue they have come to term a sinful language
And since I fear eternal condemnation I embrace their language with pride and I forget my oppression
So you see I am not a product of nature or that of my mother but I am a by-product of these sinful oppressions

umlomo ishoba lokuziphungela so I use this sword of words
Until they complement me on my culture blinding me with their smiles to the jokes they share
They say my words are pregnant with hope and they will feed me one day
They promise to take me international for my words represent me
My words are full of the respect that they condemn; they are full of my culture
But how can they if they are not the words that my mother fed me
How can they if they are written in a foreign language
ulimi engingaluncelanga kumama
But still I speak in tongues in the tongues of those that are my oppressors
Praying that their language which is sinfully oppressing me will yield to the words that produced

When I speak I speak in tongues, but not tongues of prophecy but tongues of blamesphy
Even then I do not speak in my mother tongue but the tongue of those that are my oppressors
For my mother tongue they have come to term a sinful language
So you see I am not a product of nature or that of my mother
But I am a by-product of these sinful oppressions
So I embrace they sinful oppression with pride knowing that my pride is all I have

I’m stuck between my culture and civilization I have to choose between my roots and the fruits I produced
But these fruits are results of thee roots and these roots were made for these fruits …
So which do I choose do I enjoy these pleasures of my labour and forget about who I am or do I stick to me and waste the fruits of my hard labour
I am but am no longer

By Thembeka Madondo



Hloma Hlomuka

Uma ngithi ngiyanhlanhlatheka kwamhlaba
ngizwa inhlokomo ngihletshelwa yizihlahla
onqenqemeni lwale ndlela zingazisa
ngokuhluma kwenhlakanipho kumuntu omnyama.
Ngizwa kuhlengezela izinyembezi uma
ngibona sekuhluma uqhekeko.
Ngibona, ngizwa kuheleza umoya wenhlukano.
Lwashonaph’uhleko lapho
kwakusineka ngisho umntwana engazi nanto?

Ngisho lapho ngisho ixhegu lexhegukazi
lalihleka linsinsitheke kuze kuvele elomhlathi
yize noma sekudlange izisini.
Laf’elihle kakhulu sekwavel’ogimbela kwezabo.
Ngisho esami, esakho nesaloyo; isisu
Isisusa sale ndaba phela ihlo
Liyahlola, lidlulise emqondweni, mlomo bese uyakhamisa
Ngasho, ngishilo, ngiyasho ngisazosho; isho nawe.

BoHlomuka ngicel’ukuhaya inkondlo …
Ngicel’ukumemeza lenkondlo kuhlum’ubumbano
Kuvuke izindlondlo nezindlovukazi zakoHlomuka
Ngizohlasela ngalamazwi wen’uzongipha indlebe
Hloma Hlomuka uzohlomula … hlokoma Hlomuka
Hlokoma Hlomuka alihlokome ibandla

Alingivumele ibandla bandla nami ngivule
ngivale, ngihlanganise ngehlukanise
izinyama ezingaphansi kwekhala.
Ngiqekethe ngiqephuze uze uqethuke.
Nginawo umlomo nawe futhi unawo
pho uthi mina angithuleleni ngoba angithwele
Ngiyakhuluma nje? Lalela Hlomuka.

Asazi mbhantshi kujiya phela lendaba
ijiyile kuhle kwesiqatha esigaywe kwanomasibanibani;
ngisho kwasibongo awaziwa.

Ngithi sengila weNgidi onginike ingidi
ngivale ngikhiye zonke lezi ezinye
izibongwana, zibongwa ubani?
Vele uma uphakama zonke lezi
ezinye izibongo ziyakhothama zibonge.
Zibonga nje zibophekile phela wena unguBophela.

Bopha izinkumbi ngebhande lobumbano
ngadlangadla edla ngamabala bese
sidla size sifinye ngendololwane sixoshe
ikati eziko.
Aliboni yini lona lizosha phela lomlilo
unganyelwe ubukhosi bangunaphakade.
Hheyi ngasho, ngasho, ngaphinde ngasho, ngishilo
futhi ngisazosho, awusho nawe.

BoHlomuka ngicel’ukuhaya inkondlo
Ngicel’ukumemeza lenkondlo kuhlum’ubumbano
Kuvuke izindlondlo nezindlovukazi zakoHlomuka
Ngizohlasela ngalamazwi wen’uzongipha indlebe
Hloma Hlomuka uzohlomula … hlokoma Hlomuka
Hlokoma Hlomuka alihlokome ibandla


Ngiyindlondlo nginguHlomuka
Ngingumlomo ongathethimanga
Ngiyinkosi ngokudalwa angibekwa
uzothi ungibekelani, ngizovuma ngoba
ngijabulisa wena ngiyabonga ukungcotshwa
kaninginingi ngibe ngingedwa.
NginguHlomuka. Lalela uzohlomula.
Hhayi ngoba ngiziqhenya ukuthi ngimuhle
nginguHlomuka, noma sengidiniwe ngeke
ungibone phela kugqitshwa ubuhle.
Angizenzi nami ungangizondi uzobe
uzihlukumeza ubuwena. NginguHlomuka.

Uma ngihaya lenkondlo phela uzongivumela
Angimenywa ngiyazifikela phela ukuvela
kwekhanda lami kuhlokoma izindimbane.

Hloma Hlomuka mina sengihlomile
Washonaph’u-Amen? …
Noma angabe angiwucelanga lo-Amen
vele inhliziyo yakho kade iwumemeza
kusukela ngivula umlomo ngihaya lenkondlo.
Ngasho, ngishilo, ngiyasho ngisazosho; isho nawe.

BoHlomuka ngicel’ukuhaya inkondlo
Ngicel’ukumemeza lenkondlo kuhlum’ubumbano
Kuvuke izindlondlo nezindlovukazi zakoHlomuka
Ngizohlasela ngalamazwi wen’uzongipha indlebe
Hloma Hlomuka uzohlomula … hlokoma Hlomuka
Hlokoma Hlomuka alihlokome ibandla

Ngibambe Hlomuka, ngibambe dade
phela wena wigazi lami.
Asiwanqamule lamathafa nezintabakazi
njengoba babenza obabomkhulu
Hloma Hlomuka … bambanani maHlomuka.


INSPIRED BY SEPARATION
LOVE ……..?!
Yes I mean love
L………..O……V……E
UTHANDO……?!
Yebo ngikhuluna ngothando.
Uyazi luyangidida uthando
Lungidida lungishiye ngididizela
Lungenza ngikhuluma izinto nami engingaziqondi
Kepha ngilindele ukuthi abanye baziqonde.

Love is an easy thing,
Easy to start but…. Wow it so hard to stop.

Sipho: Sthandwa sami ngiyathemba
Ngelinye lamalanga futhi ngiyalangazelela
Yebo hleze kuyokwenzeka
Lemifula esiyasha iyophinde igeleze
Uthando lwethu luyophinda luvuthe amalangabi
Njengoba kwakunjalo nasekuqaleni

Nomathemba: No ….no ….no my ex-lover
Ngiyavuma yayimnandi leyomnyaka
Zazinoju lezonsuku
Yayiwubisi leyomizuzu
Usangifumbathisa ithemba ngethembe
Kepha kusempilweni lapha
Akubuyelwa emumva kungemgqigqo
Kakusenakubuya kube njalo.

Sipho: Kodwa ntokazi emhlophe okwezihlabathi zolwandle
Ungakusho kanjani lokho?
Lapho ngisaluzwa luvutha amalangabi kweyami inhliziyo na?

Nomathemba: Mtanomuntu kangisenawo amaningi,
Kuphela-nje sala usuhlanza ngedela
Ubisi oluchithekile alusenakubuthwa
Izinyembezi nokubalisa kwakho akusenakungijika
Sala kahle sengiyahamba!

Sipho: Amaqhinga esekuphelele
Ungasenamumva naphambili
Lapho ilanga selikushonele
Namathunzi esewukela
Uyongikhumbula Nomathemba
Ithemba lakho selithambeme
Oqholosha ngabo sebekuqhelele
Ngaleyomihla yenhlupheko,
Usungiqalaza ngingasenakuqhamuka
Lapho usizi nomunyu sekuyingoma yakho
Yemihla ngemihla
Uyongifisa ngingasenakufumaneka
Lapho izinyembezi seziyisinkwa sakho semihla
Isililo sesiyihubo olihuba ubusuku nemini
Uyongikhumbula Nomathemba

Closing Stanza: Love is like a violin.
The music may stop now and then, but the strings remain forever

BY SIHLE NGIDI



Lo muntu

Kunalomuntu.
hhayi loyo, hhayi futhi loyaya.
Ngisho lo, lo muntu.
Angisho kodwa wena nhliziyo nawe
ngqondo ukuthi cabangani ngaye
phela imina kuphela okufanele
acabange ngaye lo muntu, lo.

Nhliziyo nawe ngqondo phela nina
ningakhohlwa ukuthi nakhelwa kimima
kodwa lokho akusho ukuthi kufanele
ningxambukele ezindabeni zami.
Niyezwa?
Asingaxabani-ke uma sengihaya lenkondlo.
Nawe ndlebe ngokunjalo ungangizwisi
izinto ezizongenza ngihline uma ngithi
ngiyajula ngicabanga lo muntu.
Okuzwile akugcine kuwena.
Angidinge spy and translator.

Ngisho lo muntu, lo
Hhayi loyo, hhayi futhi loyaya nalabo
Ngisho lo muntu yedwa,
Ngisho lo muntu, ehhe, lo.

Akukho suku lapho ngangiqala khona
ukumbona phela mina
naye before sizalwe seza la
emhlabeni saqale sahlangana
ezulwini sihlanganiswa uMdali omdala.
Ngoba sesila emhlabeni sesihamba
phezu kweziyalo zomdala.

Labo nalabaya ngiyababona kodwa bona
abangiyisi ndawo ngoba phela bona
ngabafica la emhlabeni sebevele behlabekile.
Mina ngihamba nalo, lo muntu.
Phela lo muntu uyahleka uma ngihleka,
ukuthi ngihlekani akayigqizi qakala leyo yena
phela kokunye uke ahleke ukuthi ngiyahleka
noma ngabe sengiqephuqephuza okungesemahlaya.

Uma ngivukelwa … ulaka ngihlanya
naye uvukelwa … ulaka ahlanye kodwa
asixabani phela thina isilona iqhude
nesikhukhukazi lapho uma uqhude
enganikwa aye ajahe usikhukhukazi
kube mapeketwane; singabakhulukazi.
Nomhlaba uyazi.

Uma ngisezinhlungwini isifuba sakhe
siphenduka sibe umqamelo wami.
Sihlanganise izindebe sixoxe ngetomorrow.
Ngisho yena, lo, lo muntu.
Kazi ubani owoba nesibindi nephaphu laso
asihlukanise ngoba thina asihlukani
sicomplex instead we re-combine and regather
uma sengibeka ngolimi londlebe zikhany’ilanga.

Hhayi ngoba sihlangene kepha sahlangana
nalo muntu.
Sahlangana kwabonakala ukuthi sihlangene.
Sahlala kwangahlambalazeka muntu.
Ungadideki angididekile dade:

Ngisho lo muntu
Hhayi loyo, hhayi futhi loyaya nalabo
Ngisho lo muntu yedwa,
Ngisho lo muntu, ehhe, lo.

Uma lo muntu ezamula phambi kwami
ngibona inhliziyo yakhe icakwe
ngokumhlophe kepha uma ezamula phambi
kwabanye bona ababoni nhliziyo futhi
isuke ibomvu.
Nabo bamane bafunde kwezabo phela
umbala obomvu usho igazi okusho ukuthi
uma bezihlanganisa naye uzobadla abafele.

Hheyi madoda lo muntu ngeke ngifa naye
noma kungafika iTsunami thina ngeke
isikhukhule nayo iyababheka abantu
enamandla yokubahlukanisa.

Lo muntu … lo muntu … lo muntu

Imemory yami isifull kodwa ngisaqhubeka
ngicabanga ngaye phela esengikucabangile
ngeke ngikususe uJesu angamane abuye
azolanda ibandla lakhe; kungal’ukwenza.

Elakubo limubhekile phela nalo liyayifunda imove.
Lo muntu ngiyacabanga ukuthi elakubo
limubhekile phela nenkukhu iyawusola umgqakazo:
Uyazi ukuthi ngicabanga ngaye.
Ngimuthanda okudlula yonk’into -
ngaphandle kwemali.

Nesilungu phela ngisikhipha ngamehlo
uma sengikhuluma ngezothando lokuthanda
lo muntu kuphela isiZulu bese
ngigoqa ngala mazwi.

Muntu come with me, come with me
You’ll never weakness
God is my witness
I’m ain’t heartless
I’m ain’t promiscuous
Hey you’ll never stress
Although I may be penniless
but you’ll never depress
Your hips and lips will never feel loneliness
My lips, my chest, my eyes
are all the fans of togetherness
For now it may seem less but one day if not weeks
you will see my love … my loveness …
ness … ness ngiyakuthanda moss.

Lo muntu … lo .. lo
Ngisho wena muntu
Ngiyamu …… uthando
Hey lo muntu




Ngiyawadabula
Excuse you mntwana okongihlahlele
le ndlela indlebe ngiyivulile.
Namhlanje akuhlukane inhloko nesixhanti,
kwenzenjani kanti? Kanti kwenzekani?
La mazwi ami ayizigidigidi
engikuposela wona imihla namalanga kanti aphelelaphi?
Loku kugidagida kwenhliziyo yami ungakubizi
ngesikhwele angikaze ngikukhwele kepha njalo njalo
ngikhwela ngidilika ngifuna ukufunda ubuso
bakhonjengencwadi kamasihambisane mtwana
mina ngihamba nawe, asambeni.

Excuse you ungangibizi ngesesheli;
angikusheli ngiyakubonisa phela mina angisheli
I’m a professional advicer kwezokushela.
Noma ungangincisha lolu thandwana lakho kodwa
ngesikhathi sisebancane uma sidlala umas’gcozi ngangiba
ubaba wena ube umama sixosh’ingane sithi azihambe
ziyothenga esitolo mbumbulu manje usuyangigolozela.

Hho excuse you mntanomuntu ngicela ungivulele amasango
enhliziyo yakho kungenjalo ngiyawadabula la mafind’othando

Uyangifaka noma uyangikhipha?
Uma ungifaka ngiyabonga ukungifaka enhliziyweni yakho.
Uma ungikhipha ngiyabonga ukungikhipha osizini lomzwangedwa.
Ungazinyezi phela wena umuhle njengonyezi
uma ngibona wena ngifikelwa usizi angizenzi.

Ntombazane ilotto phela le engikukhethisa yona.
Imain draw ukuthi uyangikhipha noma uyangifaka.
Ilotto plus ukuthi uyangigcwala noma uyangithanda;
uyangifaka noma uyangishutheka uma
ushaye esikhonkosini uzowina ivoucher yothando lwami

Ungesabi levoucher isezingeni eliphezulu ihlolwe
abakwaSABS for more informatan ungathinta mina
ku Aubrey@s’shimaneland.co.zimbabwe ngizokubamba.

Hho excuse you mntanomuntu ngicela ungivulele amasango
enhliziyo yakho kungenjalo ngiyawadabula la mafind’othando

Mangane usuyiphulile imithetho ka Jehova elishumi
uNkulunkulu wathi abantu abathandane wena ulokhu ungizulisela.
Ngizwile futhi kuthiwa uJesu uyabuya uzolanda ibandla
lakhe namhlanje ebusuku ngohalf past thengelakho
ngiqome lingaze libhubhe unesono ongasiavoida.
Futhi this time uma selibhubha uzobe engekho
uNorwa nomkhumbi wakhe khona mina nesikebhe esakhiswe
okwebhodlela lemellow-wood.

Ngiyazi uyazishaya ngoba usuzwile la mazwi ami ayashaya
usufuna ukuwaforwadela irazo yakho esihlanganis’ikhalenda
kodwa umuntu wesifazane imuzwa ngendaba njengoJosefa.
Hho nganeyendoda nowesifazane ukuqala kokuhlakanipha
ukuqom’u-Aubrey phela akasheli ngefacebook ushela ngezinga eliphezulu

Ngiyawadabula … dabula … ngisazowadabula


Umphako wendlela
Akuwona lo mtwalo okuwisa phansi
indlela indlela owuphethe ngayo ekuwisa phansi.
Bese uthi ufulathelwe abaphansi
kant’uwena awunamaphupho uzibukela phansi.
Bese abantu banshaya phasi
ngonyawo bakubhekisela phansi.
Awuna direction abazali bakho bahlale bebamb’ongezansi.
Ngithi vuka emaqandeni muntu waseMzansi
koze kube nini ukhothamela omaddam nobasi.
Bhukula seluchithekile ungalukhaleli lolu bisi.
Akugqame izenzo ungakhulumi kakhulu ungaze umile amapapisi,
azishe.

Muntu zama uhluleke kodwa ungehluleki ukuzama.
Ungabanaki abakuphushel’egodini noJesu wakhashelwa.
Uma unezifiso kodwa uvilapha zoshabalala
kuhle kombethe uthamel’ilanga;
kuhle kwamazolo ebalekel’ilanga.
Ayikh’imana eyophinde iqhamuke ezulwini bhukula
induku elukhuni ima esiweni.
Kunzima la emhlabeni
hhey wake-up wake-up ingane engakhali
ifela embelekweni.

Ake sithule lo mthwalo sibhukule sihlomele le ndlela.
Yize uvalo inqobo isibindi. Asishoshele nalo mphako wendlela.

Bathi intsha yanamhlanje ikhulelwa ubuthaphuthaphu
abasho kodwa ukuthi abesilisa bamithisa ubuthaphuthaphu
babizwa ngamasoka.
Abesifazane ibona abaningi abahola imali
yeqolo ngoba ibona abathwala izingane.
Mmmmhu angabe bazikhulelisa bona yini?

Upetrol unyuka cishe inyanga nenyanga ngaleyondlela
nemali yokugibela inyuka njalo kodwa uma
sewehlile upetrol imali yokugibela ayehli.
Kuhlale kugqugquzelwa ukuthi blacks must be
selected in our rugby and cricket national teams.
Kodwa angikaze ngizwe kuthiwa kuBafana Bafana akufakwe
abamhlophe.
Is it still affirmative action?

Mihla namalanga it is reported ukuthi abantu besifazane
bayahlukunyezwa kodwa uma umuntu wesilisa ehlukunyeziwe
kuthiwa indoda enjani eshaywa umfazi?
Abanazo yini izandla nematerial yokuhlukumeza bona?

Ake sithule lo mthwalo sibhukule sihlomele le ndlela.
Yize uvalo inqobo isibindi. Asishoshele nalo mphako wendlela.

It have been said and written ukuthi intsha
ihushula noma ikipha izisu.
Iziphi lezi zisu ezikhishwayo ngoba kusuke
kubulawa izingane ezingakazalwa.
Uma kukhishwa izisu kusho ukuthi phela
bonke laba abakhipha izisu abasenazo.

Lindani nibekezele noma kunzima ungaboni benza
bese uyenza nawe.
Liyez’elakho ithuba; asihlomele lolu hambo esingazi
ukuthi luyaphi futhi ligcinaphi, asambe kodwa.
Inkawu iyoze ihlangane nesikhwebu.
Noma ungaphumelelanga zama futhi ithunga
liyagcwala ngomphehlu.
Yizo Zulu, yizo mfethu ningasheshe nilahle ithemba
nenkonjane ize iqede indlu ngodaka kanjalo nomgodoyi
uze uwaqede amanzi ngolimi. Asambe

Ake sithule lo mthwalo sibhukule sihlomele le ndlela.
Yize uvalo inqobo isibindi. Asishoshele nalo mphako wendlela.

Asambe.




Laf’elihle kakhulu
Sekungena ngala kuphume ngale kuphume ngale
kube kungene ngala okusho ukuthi kufana nokuthi
akushiwongo ndlebe ndlebe kawuzwa
Yebo igula lendlela kaligcwali kodwa
eletsha yanamhlanje angathi alikho lona leli gula;
igulelwa amakhanda.
Ngisho sona lesi sizukulwane sama cereals,
amasamsung umsangano lo sizulelwa amakhanda.
Uyadela owaziyo.
Kazi iyozala nkomoni?

Hho laf’elihle kakhulu
kwakungenje ngezikhathi zobab’omkhulu
babengebakhulu kodwa isiko babelazi kakhulu.
Hhe lentsha yanamhlanje uthi uma uyithela uswazi
ithi inkomo kayimithi ingaphindwanga akanti
isinamalungelo ifuna ukukuqhatha nabakwasigonyela.
Ungaze ufunge ukuthi impi kamabonabulawe, inkukhu
nempaka kanti ingane nomzali.
Phela letsha yanamhlanje isifaka inyongo nesinye,
isithwal’ishoba.

Laf’elihle kakhulu
okusaketshezi sekuphuzwa njengamanzi,
asazi, abazi heyi angazi.
Intsha nezidakamizwa sekuwudwendwe lolimu namathe.
Usethi umzali uma ekhuluma nengane imane imgqolozele
emehlweni angathi angayingquzula ngempama ebe
engeke phela sekwaba khona umqulu womuthetho
sisekelo namalungelo akhona iBill eRight phela.
Umzali akaselutho umpheki usedla intuthu.
Ukuzala ukuzelula amathambo kwakushiwo njalo endulo
manje sebewuphemba bengawothi.

Hho laf’elihle kakhulu ngeke uzithinte uma
seziqephuqephuza ulimu londlebe zikhanya ilanga.
Angabe lingcono ngani lona?
Amaparties nasemanight clubs sekudanswa okwasa
Kwasa ngisho kungakasi.
Otsipa tsipa nodunu dunu kunwetshwe imilenze,
kuketukwe kuqethukwe kuthiwe woza wengculaza
sofa ngalokhu vele esafika ngakho.
Bhasobhani wetsha phela igqala ngobuhle ingcina ngobubi.

WeSihle ndoda emadodeni ngivumele ngithi angiyona
imbongi phela angibhongi, angiyena umfundisi phela
angifundisi ngiyaphasisa ha … ha hallelujah.
Ngivumeleni ngigeqe amagula nina nizongiph’indlebe.
Ngasho, ngishilo, ngisazosho, ngisasho namanje isho
… nawe intsha ididekile.

Sekwafika amacharma kwakhona abacharmekayo.
Ngeke ngisaligqoka ibhesho nesinene sami kuzothiwa ngiqaba.
Angabe ngiqale bani?
Phela abantu bamanje sebande ngemilomo njengembenge.
Imilomo yabo ihlal’ivulekile njengmilenze kaKelly Khumalo.

Uma ngibeka udaba kowesimame sekufanele ngitshengise
engenginako.
Hhayi ingamane ingangiqomi phela mina angingeni
kaEdigazi nakaMarkhamusi. Yey wentombi.
Mina ngithi Gegelegege ntombi ziyamugegela akukho
ntombi yaqoma izinyamazane sikhona.
Dudlu madolo kanyoko angithuki wena ngithuka lenhliziyo
yakho engithandayo kodwa umlomo wakho
awufuni ukuvuma.

Ononkiloyi, ondingasithebeni nosikhotheni sekwaba
insakavukela umchilo wesidwaba.
Ukudakwa sekwaba yisitayela uma ngingadakwa
kuzothiwa ngi-old fashioned.
Nisho yiphi ifashion, ubutabani?
Ubudoda nibusabani, kanti le mpilo ekabani?
Kanti emhlabeni nifunani?

Indoda nendoda yeyeni ubutabani;
owesifazane nowesifazane mamo ubutabani.
Kanti kwenzekani?

Okungcono azilime ziye etsheni ngoba akuyeki ebusheni
abantu sebesuka ebunganeni babeamakhehla nezalukazi.
Kanti we ma-Afrika sibhekephi.
Thina sabafana sibhekephi ngoba nina anazi nibhekephi
kodwa sobona nawa amehlo ekake umbombo.

WeSihle ndoda emadodeni ngivumele ngithi angiyona
imbongi phela angibhongi, angiyena umfundisi phela
angifundisi ngiyaphasisa ha … ha hallelujah.
Ngivumeleni ngigeqe amagula nina nizongiph’indlebe.
Ngasho, ngishilo, ngisazosho, ngisasho namanje isho
… nawe intsha ididekile.


WE ARE DIFFERENT
They draw an inference of what she did and does.
They draw an inference of him. An inference creation
created by a non-creator creature is to that creature’s
preference and perspective with a biased motive.

But the acceptance of the mind and the reluctance
of the brain b rainstorm a false mission backed by
jealously that jell-up the constituents and ingredients
of hatred.
She doesn’t mind of what their brains digest
wherenever she’he passes; whenever she’he crosses.
She differ in conduct and words because she is unique.
Different

I am being differed by their differences and inferences
of diffemation and the deafness of their minds and souls.
Whilst I’m being differed, she differ, he differ, yeah,
they differ because we are different.

We are different in words and acts.
I differ with these poetic words using different words
like Gxabhashe who is being called different names
in different areas.
I use these swords of words to murder their minds
with one tongue but to different people in one world
with different words.
Words of redemption and liberation of the people’s minds
of this nation have conquered my unique thinkings.

I don’t rent for these words
I am a poet I act in words so I utter these words
with no restriction.
They are quick to criticize but lazy and late to give
credit where it due because they fail to weigh the size
of I say, of what you say and they say of what
hey … we differ, we are different.

I am being differed by their differences and inferences
of defamation and the deafness of their minds and souls.
Whilst I’m being differed, she differ, he differ, yeah,
they differ because we are different.

Deceptions, life deductions, and downs of life differ.
You know wherenever there is light darkness cast
but through passion, patience, perseverance and pride
we pull progress to us and head forward.
Although forward we don’t know the wayward.
But we keep on walking like Johnny Walker who
intoxicates their minds and they fail to walk forward
and end-up following Mr Walker who is no longer
walking but he keep on dreaming as if he is walking in hell.

I’m a poet I use these swords of words of verbs
to address the residents.
Differed from a pornstar who use that body and get
fucked in front of underage children who enjoys looking
for as long as she knows she won’t reproduce she keeps
on screaming.
I am differed from a rapstar who use those words of insult
to insult whoever will buy the label.
And the blind world with no direction buys the label.
Differed from a male prisoner who is convicted of raping a
84 year old women and in jail learn the skill of sodomising
other male prisoners.
Differed from Black people who attend model C schools
and think they are white and forget who they are.
Let me remind you Black is black and that will never change.
I repeat myself Black is Black and that shall never change
don’t deceive yourself.
We differ in misconducts and conducts we conduct because
we are different.

If any of these words demean or defame your dignity
and well-being hey I don’t apologize for that or this.
I’ll rather apologize to the dictionary for almost using all its
verbs and subjects that make sense.
I’ll rather say sorry to the one who missed these poetic words,
the words that build and break.

Hey hey good people we differ. Differences,
inferences they draw, in our preferences, reluctance and the
acceptance of the mind and on our conscience we differ
in confidence.


I am being differed by their differences and inferences
of defamation and the deafness of their minds and souls.
Whilst I’m being differed, she differ, he differ, yeah,
they differ because we are different.



THE SAGA CONTINUES Majita nizongivuma

Umzansi Ngisazowushukumisa
Sekunyuka iminyakanyaka ngithi ngiyakunyakazisa
ngithi ngiyakunyonyobela khona uzoxakaziseka
kepha wena uyangixaka nje ngob’ungitshela inyakanyaka
Ungixolele uma kuwukuthi ngiyangxambukela
Noma ungazama ukungixukuza uthi uyangixakazisa

Ngeke ngikuxebuke
Ukuthi inhliziyo yami ixakekile
Angisakwazi ngisho ukuxoxa okungaphakathi
Enhliziyweni yami ngoba wena uzongixoxa bese
uyangixokiza bese kuxoveka inhliziyo yami
Uyazi angiqondile ukukubangela izixakaxaka,
angiqonde kukuxaka
Kodwa wena walokhu uzixaka uzixukuza nje
ngoba uyasazi isixazululo salengxoxo … uthando

Hey bafethu kunalomntwana engimfunayo
engifuna ayithole yonke into ayifunayo
ngesikhathi asithandayo ngoba konke nginakho;
Umlomo … soxoxa ngothando,
Ibhayisikili ngizomuhambisa emajukujukwini okujula
kwenhliziyo yami, uthando ngizomuthanda.
Uma ngingase ngimuthole ophezulu wongithethelela

ngoba for sure ngizowuphula umuthetho owodwa
kwelishumi.

Pho ngizokwenzenjani?
Ngoba nonke nina majita niyabanjwa niyabamba

kusuka ezimbanjeni udilike njalo uze ufike edawa.
Hey bafethu akeningimbuleleni izimfihlo zenu
Hey bafethu akeningivuleleni izimfihlo zenu
Nami ngiyafuna ukubhukula ngihambe ngimamatheka,
ngihleka..nyi..nyi..nyi..nyi..nyi …ngisineka
nothandiweyo wami.
Pho ngizomutholaphi ngoba ngiphethwe isifo esingalapheki?
... ngiphethwe isifo esingalapheki
... ngiphethwe ubushimane

Angifuni ukuyivuma induku ukuthi lomntwana
ngi…ya…mu…shi…shiliza
Ngiphethwe ubushimane.

Hey bafethu musani ukungisukela, hey bafethu musani
ukungibiza ngesishimane ngoba mina ngiziphethe kahle
ngisaba uNgculazi
Hhayi ngoba ubushimane bumi ngenxa …
angiphethwe ubushimane

Hey bafethu musani ukungisukela, hey bafethu musani
ukungibiza ngesishimane ngoba ngizothi uma sengishoshela
sengimushela lomntwana nizoshwabana nizoqala
nilokhu ningishalazela abanye benu boze bavukwe umona
baze bafune ukungishaya

Phela lomntwana angisamusheli ngoba ngiyabona
ngizogcina sengishelela.
Okungcono angimushova … shove nale nkulumo
mhlambe uzosho into ezongishukumisa

Hey bafethu umzansi ngisazowushukumisa

Kusazoshuba uma sengishosholoza nalomtwana
esefake umshuqulo wasekhaya
Nofisa ngisho ukumushutha uma esenehlulile

esenishukile nithi niyamucharma.

Hey bafethu umzansi ngisazowushukumisa

Shh … shh … shh thulani vele ngoba

anazi ngisazoshosholoza
nale nkondlo; leli vangeli ngisazolishumayela

ngalenkondlo kophela zonke izinkulumo, koba
khona ukugedla kwamazinyo uma sesifakana
imilomo sixoxa ngefuture bese kubanjeya
kuphinde kube njeya bese siyajikajika
siphinde sijikajike kube angathi omunye
wethu uphuze ijiki kanti cha
siyajikijelana nje

Hey bafethu umzansi ngisazowushukumisa

Ngisazohamba ngihambe, ngishone ngivumbuke
noze nithi nine shobolo kanti cha ngasho ngathi
oshukumayo asibhej’ishumi
Lomntwana ngeke ngimushwebe … ngizombamba
ngizo … mbamba

Hey bafethu umzansi ngisazowushukumisa

But not for now, for now I will forever, ever be isishimane
Because I shall never be umashiyakukhalwa
Hey ezweni kushubile ikakhulukazi uma ushoshela ngasemzansi
Okungcono ngibe isishimane khona umashayabhuqe ungeke
ungishobozele.
Intsha ivukelwe … uthando olungayi ndawo

Hey bafethu umzansi ngisazowushukumisa





Sengihlomile


IQEMBU LEZISHIMANE

Shukuma shukuma
Ngishilo ngathi umzansi ngisazowushukumisa
Manje sengihlome ngiyizingovolo
Angichomi phela angilona icharma
Yonke lento ihlangene la kumina
Ichakalaka ihalaal imix masala
ungasali asambe sgwadi let's
make a collaboration asakhe iqembu
lezishimane

Nizozibonela ngo “si” …
Hhayi angathi ngiyalahla manje
Nizobona ngamehlo
Hhayi ngoba ngiyisigwadi ukuthi
ngisaqinisa leliqembu lezishimane
ngisazulisile ngisafund’imove
ngibuka amamovie non-stop
ukuthi labantwana bamuva kanjani
ukuthi lamapantsula amuva kanjani

Uvalo obelungivalile ngiluvule
Nge-upper cut lahamba laya phezulu
Phela lolu valo beselingihluphe very much
okungcono angimashe
Besengikhathele izimpintshi zami zingipitshiza
noma ngabe sisemnyango uma sezikhuluma
ngaloluthandwana lazo lomaBebe …bhe ..beza
engingabazi futhi abangekho
bathi mina angiphumele emnyango
Ngoba mina angizazi lezi ezothando

Hhe! … ungaze ufunge ukuthi bayabanjwa
kanti basuke benikana amaqhinga okushela
IShelling 101
Abaz’ukuthi mina sengishaya am “Shukumising
Skills” 501;
I’m a veteran, senguMaster kwezokushela
Majita ngimdala kulendima nizongivuma

Shayan’ihlombe sengihlome ngiyizingovolo
Sengihlome ngiphelele
Shayan’ihlombe senguProffessor kwezokushela
Ngipheth’ovolo bothando … ehhe niyangizwa
Isheling ka-Aubrey iyavuthela … uvutha amalangabi

Zethameli, zebukeli, ngibukeni
I’m a rising Sheling Machine
Lo mshini wokushela nguthathe eChina;
the headquarters of ama-charma

Okay angingakhulumi kakhulu
phela manje sengikhuluma indab’enkulu
ukhulu uhleli yedwa ekhaya
Ngifuna umabhebeza ozomuphekela
Phela umsebenzi kababes ukupheka
bese ngenza “sure” ukuthi wandisa
umndeni ekhaya
Uma ehluleka ijazi ligcwala umoya
Phela elam’ijazi ngiliqgoka njalo
Angipheli moya.
Hhayi angathi sengikhuluma
ezabantu abadala manje ingane
ezincane aziphumele emnyango
abantu abadala abasale.

Shayan’ihlombe sengihlome ngiyizingovolo
Shayan’ihlombe senguProffessor kwezokushela
Sengihlome ngiphelele
Ngipheth’ovolo bothando … ehhe niyangizwa
Isheling ka-Aubrey iyavuthela … uvutha amalangabi


Thulani-ke sengiyamqala lamaskills
ami kuleSheling 101 ningawaplagiarazi.
Hu hahaha …nizoloosa iDP,
Copyright is
Before ngiqale …

Shayan’ihlombe ninginike umdlandla
Ngipheth’ovolo bothando …. For sure ngiyayithatha lewini

Mina-ke angizulisi ngihlala odabeni
Sure maBebeza igama nguAubrey
(Africa Unite Because Reconciliation and Enlightenment is for You)
Wangcwala umtwana ngibona ngokungikhophozela
Ngicela … ukukushela … ublind yezwa
Angisho ukuthi awuboni ukuthi nje hhayi ublind

Okay …Alright …Alleft
Ungakhophozi kanti uzokhophoza kanjena
Yini uma sesenzana … uthando?
Wezingane ngithe phumelani emnyango

Ikhala lakho liyangichaza angathi
ingqakala yomlungu
Isiphongo sakho eiiishhh… angath’ibhodlela
leSmirnoff livele esikhotheni
Cha uyangichaza …
Lomntwana akamuhle … kakhulu umedium nje
Ngeke ngibangiswe umuntu kuyena
umnyamanyamana angathi
umuthi wokuhlehisa icala


Shayan’ihlombe sengiwinile
ISkill nginaso
Shayan’ihlombe kulomaBebeza ngeke
ngibangiswe umuntu.
Lo maBebeza usezoncikwa yimina

Shayan’ihlombe sengihlome ngiyizingovolo
Shayan’ihlombe sengiyabanjwa … ukuthi
uma ngishela ngiyabheda
Shayan’ihlombe hhayi izandla is’shimane esishukumisa
ngezinga eliphezulu sesiyayideda lenkundla






Ngishelise
Uyabona manje sengihlome ngiphelele
amaSheling Skills ami ase-edithwe
i-expert ene-experience
ka-over 20 years, all the way from enhliziyweni
yami.
Hhiyo futhi le nhliziyo engibekele umnqamula juqu
ukuthi uma ngingayithathi le wini ngeke iphinde
ivibrate, isizogxuma manje.

Okay nami ngithe okungcono angizijwibe
Habe! It will drink to know me
Yazi le nhliziyo izophuza ukungazi.
Okungcono sengosala khona; heyi
azilime ziye etsheni
Let izilima cultivate to the stone

Lomntwana namhlanje ngizomucharma
Ngizomshela ngesiNgisi
I love you’s okusho ukuthi ngimugcwala
kaningi … ningi

Namhlanje usuku lokuthi ngikucharme, ufunani?
Ngizokunikeza phela mina ukucharma
ngakufundela le phesheya … komfula wangasekhaya
Lapho ngangithi uma nginyakazisa isiqu sesihlahla
ngibone kushaker ngisho amahlamvu azo.
Ima kanjalo ngikushuthe ngefoni yami
irole model entsha uzovela kuTV
Uchocolate kodwa ngeke uwuthole usulate

Uma uqoma ukungiqoma ngizokuthengela
Iphinifa le leather
Mina-ke nginodelela we adi …didas
Sizoba nezingane eziwu-12 khona sizoba
neteam kanobhujuzwayo, kodwa thina sobhubha
singezwa
Igama layo kuzoba Ikhuluma S’shimane FC
Unga ‘worry’ amareserves sizowa adopta

Nginayo imoto kodwa ihlale ikusevirce
futhi ayibonwa, phela ayiguli izolunga ngo2010
Hho sisakhuluma ngo2010 imali enginayo
leyo ebank, eMzansi account
Ezansi le eduze kwaseposini
Hhayi ngoba kuphakathi eposini
ukuthi iPosi Office noMzansi kuyazwana
Izindlu zabo zindawonye, zihlangene

Lomntwana namhlanje ngizomucharma
Ngizomshela ngesiNgisi
I love you’s okusho ukuthi ngimugcwala
Kaningi … ningi

Ngizokukhisa … ngizokukhisa uma uyokha
amanzi emfuleni.
Ngeke silale ocansini luyahlaba lubuhlungu
Sizolala kutriple bed, iKing Aubrey
Sizosizana, okusho ukuthi wena uzoba imemory
card yami uma ngikhohlwa.
Uyifake ekhaleni khona uzo-increasa ukucabanga
kwakho phela wena ingqondo yakho angiyitholi kahle
angathi isemthunzini; khona ungeke uze
ukhohlwe ukuthi imina ngedwa uBig Boy wakho.

Yazi angikholwa ukuthi kukhona umfana
owake wakushela ngezinga eliphezulu kanje njengami
Mi nawu uR10 ohlangene uthenge iburger eJubs,
ngisho igwinya.
Ungibuyisele ushintshi ka R8.50 ungaligwinyi lonke
lelo gwinya ozolithenga - ungishiyele

Lomntwana namhlanje ngizomucharma
Ngizomshela ngesiNgisi
I love you’s okusho ukuthi ngimugcwala
Kaningi … ningi


Mmmmmhu ohho awufuni … awugcwali
You are not full ngami
Kodwa vele nami bengizidlalela nje
Mina angikaka graduate kuShelling 501
bengithi nawe ngikwenza umuntu ebantwini
phela kuwena sekwaba ilegacy ukungashelwa

Eishi … kanti koze kube nini ngiyacharma
Ngiyashela kodwa ngiyaloosa njalo
Angathi kufanele ngihlabe imbuzi emhlophe
Ngirounde indlu yasekhaya ngikhiphe ibhadi
Mhlambe nelakithi lizongibheka
NgiyaGraduatha kuleShelling Course
uma ngike ngabanjwa



Dlala S’shimane
Heeh eh majita kudala ngigudla
Ngithe ngihamba ngahlangana nemodel C
Ngilibone ngo “si”
Alilihle kakhulu limedium nje
Ngathi ‘eita’ lathi ‘hi’
Ngimane ngabona ukuthi liqond’ukuthi ngihigh
ngisezingeni eliphezulu nani niyazi nizongivuma
Ngasengimane ngiyalinyusa ngaliph’imendlela
ngathi wena awulona imodel C wimodel Z manje
ukuthi awazi.

Lathi Oh! My god that’s an insult
Ngacishelwa ngadinwa ngagana iselesele,
leli model Z lithi ngigodi likasathane
Licathi angisifici isingisi kanti alazi
ngiyasifica isingisi: I reach English
Lizophuz’ukungazi: she will drink to know me
Hey wena …
Ngiyasishaya isingisi ngisikhipha ngamakhala
I hit English and I release by noses

Lathi lizongivulel’icase
Kulungile inqobo nje uma lelokesi linezinkwa
Nayi neprize yesinkwa imb’eqolo
ngibe ngingayiholi ngisho imali yeqolo
Futhi angithule kungaze kuthiwe ngenza
imodel C abuse kanti mina angi ‘abuzi’
ngiqondisa amagwegwe ezicwicwicwi
ziyangicika

Angilona Imodel C phela mina abantu abangiboni
ngo “si” bangibona ngamehlo ngimodel s’shimane
Dlala s’shimane
IDean yezishimane phela mina ngishela ngefacebook
Irole model yami uOsama Bin Laden.
Hey bolova al’bhubhe

Pibip pibip; basop basop ded’endleleni
ngifak’uforward ureverse udukile
Ngizodlala; dlala, dlala s’shimane
Hlokoma South Africa, hlokoma mzansi

Idiploma yokushukumisa ngiyiphothule sengibambe ongezansi
amasupps engibambe phansi ngiyasola nabaphansi
bebengibhekisele phansi
nalo mntwana ushaya phansi ngedolo uthi
ngeke amqome umfana onebala elimnyama njengami
ngizomandisela inzalo emnyama njengomlomo
kaJammie Foxx angaz’abizelwe amasosha
netear-gas kuthiwe ufuye imikhovu, weh!

Lo mntwana uthi inkomo ingazala iChina
ngeke as’khiye isishimane ngifuna ukugainer
i-experience la kuyena phela yena
akafundisi uyaphasisa,
akayibhemi uyayidayisa
boo al’bhubhe Zulu opink

Pibip pibip basop basop ded’endleleni ngifak’uforward
ureverse udukile
Ngizodlala; dlala, dlala s’shimane
Hlokoma South Africa, hlokoma mzansi

Imina umc hey bomrapper thulani umsindo
ngilindeni kakhulu ngisathumel’umsindo
wemms ngalecellphone
yami yakwaCell C “I miss u sindi”
the message is sent and then sengisineka lapho
kuze kuvele elomhlathi angathi kade ngihlafuna
ushwamu

Uma kuthiwa ukude angabe ngithi ntaba zikude
umasithela manje ukhona khona la kamakhelwane
usithwe yizihlahla kushukuthi angimane
ngithi zihlahla useduze umasithela.
Noma angazulisa laph’ekhona ngiyazi utholile
lo myalezo nayi nenetwork is full okushukuthi kahle kahle
imin’isilima im a fool.

Okwamanje ngiyazi mina naye sifana noMugabe noGeorge
Dabul’uBhushi kodwa mhlambe ngelinye ilanga sofana
noZuma ne Cosatu.
Sengingaze ngigez’izandla njengo Pppppppiiiiiilatu
ngiyazi ngeke angishaye nango call backs owodwa yize
uCell C unabawu7 ngoba her back is for izinkinsela.
Kodwa angipheli moya njengemilenze yomgijimi wase-Ethopia
(njengabafundi bakwa engineering betelekela amaDP)
phela mina ngineziqu zokushela manje sengenz’iMasters
ngi-expert kwezokusukumisa.

Pibip pibip basop basop ded’endleleni ngifak’uforward
ureverse udukile
Ngizodlala; dlala, dlala s’shimane
Hlokoma South Africa, hlokoma mzansi

Ibhayibheli elisha eliphume izolo Chapter 1818
ngokwezishimane verse 90 & a half lithi qom’u-Aubrey
ukuze izinsuku zakho zande ezweni. Albhubhe
Dlala s’shimane



Umntwan’osharp
Uma ngithi ngithath’ukubheka ngithi ngiyamubheka
lo mabebeza akabhekeki ubuso bakhe buhlale
bubhizi buyavibreta angathi bubhaziwe.
Okungcono angimubhalele inwadi ngesiBhunu
ngoba angathi akangizwa ngesiZulu.
Ek is … eish ngingaze ngizilum’ulimi.
Ngifun’ukubhula lamazolo abhabhadisa imedulla oblongata yakhe.
Useze washitsh’ishape yekhanda ngengebhola lombhoxo.

Kwathi angibhukule ngishay’itoyi toyi njengezayoni
zizungeze insika.
Nami phela ngiyamufuna owami khona ngizofudumala
ebusika njengofudu ngimbathe ingubo enamehlo nekhanda.
Inhliziyo yami idabukile njengamansense esangoma.
Lo muntu useze wabopha amagoda agqagqene uma
kuthiwa nguweatherman angabe ngithi lithe gqabagqaba
ngamafu.

Ekse majita kudala ngifun’umntwana osharp
Lo mntwan’ogrand one degree yo thando necare

Ngifuna lo mntwana oziphethe kahle ongalokhu ehla
enyuka njengeprice kapetrol.
Okungcono akehle wayawaya njengedollar laseZimbabwe.
Ngisho lo ngane ongasineki kodwa o’smila’ angathi une
BA yoku‘smila’ ayithola e-university of smiling and love.
Engizothi uma ngicula unkosi sikelel’i-Afrika athi
maluphakanyiswe uphondo lwakho Aubrey.

Angizishayi ngodla amakota angaze akhulume
kakhulu njengoLekota.
Mangithath’ukubheka umntwana osharp ilo ongayifuni
imali yempesheni yo grandfather ngoba yena usharp.
Othi bephethwe ikhanda angyigwinyi igrandpa kodwa
uphuza iskwashu neginger stone
ezama ukuzenza uSharone Stone
ngezikhathi zakhe nezinwele zakhe ezigingiwe.
Angagijimi ngoba uzohlangana nezimbila zithutha
ziholwa epink neyello phambili.

Ekse majita kudala ngifun’umntwana osharp
Lo mntwan’ogrand one degree yo thando necare

Hhilo oneskill sokuphika uma eshelwa ngezinga
eliphansi izishimane.
Mangane asibe munye njengezinweloe zeNdiya lase Bombay.
Angaphazami ngoba ngizomgqema ingozi engeqiwa
mpukane woze axoxele amagwababa echachana
ukuthi yena uyiwar veteran surviva idomestic
civil war … war … war violence
Woza asambe sengiqedile


Ngisazodudula
Selokhu ngibathe ngibathe ngithi ngithi
bangishaya emvakwendlebe onhlenhle
nabamsukelayo akamuhle-hle
uqhelelene nobuhle
Kushukuthi labolova abangithathi serious
ukuthi nami ngisezingeni eliphezulu
lokuthi ngibambe ngibanjwe
ngivale ngivalwe, ngincike ngincikwe
hey ngithande ngithandwe

Phela lo mntwana engibona sengimubanga
nabo ngazivusela ngazikhulisela yena
enganakwe umuntu.
Okokuqala lo ngane uyen’uyena, owokuqala
owokugcina mhlambe futhi uyena kuphela uMdali
ayedale ukuthi abe ubambo lwami.

Wayengashongo ophezulu ukuthi asimubange lo mtwana.
Bolova an’dede … an’dede otherwise nizokubona
okwehlel’uSaddam.
Angithuli ngoba nginishishiliza ngisazama
amaqhinga okunichiliza noze nichifize nizongizwa.

Ningibangiselani ngoba niyazi ukuthandwa kuyivela
kancane la kumina kuhle kwamazinyo eqhude.
Nith’omunye ngomthathaphi ngoba nalona
ngamthola ngoba eswele abazomkhulumisa
phela ngase ngiyagalela mina s’shimane esishukumisa
ngezinga eliphezulu kodwa manje labolova
sebeyangihlukumeza.
Niyazi is’shimane abuse lento eniyenzayo?

Shh … shhh du … du dudu nina thulani du;
Ngisazodudula
Ningabaduduzi uma sebedumele
Hey bafethu ngisazodudula

Lo mabebeza ungowami
Konk’okwakhe kungokwami
Udalelwe mina hhayi nina
Asingambangi-ke
Ngi-investe amashares kuyena
I’m the one and only shareholder,
Umbuz’umuthanda nay’uyazi amaterms and conditions
othando lwami naye akwicontract ebhalw’enhliziyweni yakhe.

Ngi-owna 99,9 and a half percent wothando lwakhe.
No50% wezindebe zakhe, u50% osalayo owokusmila,
ukukhuluma nyi … hi hi hi nokusineka, hhay’okunye.
Imilenze anyathela ngayo angiyi-owni-ke yona ngingudirector.
Konk’akwenzayo smiling included uproducelwa imina
Ungambuki um’ekhuluma ngizokucharg’ ivat netax
phela mina ngusound engineer wezwi lakhe.

Hey bafethu asingambangini lomabe … be … bebeza
Phela nina aninamashare kulomuntu
Futhi ngeke nikubone lokho lingawa licoshwe uKhanyisile Mbau.
Ngilifunge idlozi lezishimane
Hey majita an’dede

Shh … shhh du … du dudu nina thulani du;
Ngisazodudula
Ningabaduduzi uma sebedumele
Hey bafethu ngisazodudula

Bolova an’dede … an’dede … an’dede
Okungcono ngizonithengela isitimela ujantshi nizozizamela;
noma ibhanoyi uphephela nizozizamela.
Phela lo mntwana ngimthanda okudlula inyoka ithanda igundane.
OkukaGorge Bush ethanda imali kawoyela.
OkukaMbeki ethanda isikhundla sobumengameli.

Lo mtwana akamfuni umakhwapheni; ideputy yami,
phela mina ngupresident wothando lwakhe.
Isterling senjabulo nendumalo yakhe.
Hey mina ngizogijimis’indoda an’dede

Shh … shhh du … du dudu nina thulani du;
Ngisazodudula
Ningabaduduzi uma sebedumele
Hey bafethu ngisazodudula

Oqhubekayo ngizomvulel’icala for interrupting the
ends of love and contempt of ubushimane affair

Kusazoshuba

Wenzani lo angidlali nawe
Angijwibi ngiyajikijela
Injalo le ndabandaba ayijiki.
Le ndaba uma ngithi ngiyayijulela iyangijulukisa.
Mjita noma ungajabula kusazoshuba
ngisadl’amathambo engqondo.

Ngizogijimisa indoda akukho zinyane
lemvubu ladliwa ingwenya kwacweba iziziba.
Uthini lo anginyatheli ngiyagxoba,
angisheli ngiya-adviser

Kwaphela iminyakanyaka ngishela lo ngane
kwala ngisho sengimucharma 33 times
nge3310 ngine airtimes ka33c.
Ngimuthembisa izulu nomhlaba ngibe ngisahluleka
ngisho ukuzithengela i-All Star.
Wena umucharma ngemoto enesondo emhlane;
Hummhu cha cha sengiyaflopa phela manje;
imoto ayinawo umhlane uwena onomhlane
oqinile njengenyama yomhlwehlwe.
Umuthatha umufaka indandatho.

Hhawu ngeke … kusazoshuba
Oyishayile akakayosi
Oyosile akakayidli
Oyidlile udl’icala

‘Intsha zanamhlanje’ hhayi mtomdala awkahle
ngangingekho ebusheni bakho.
Lo mangane muhle ngokudlulele uma ungamuqhathanisi
namuntu phela uma umqhathanisa nabanye akafit
bona bagqok’u-extra large yena ugqoka umedium uma
bethi bayamkhava bethi nabo bagqok’umedium
yena ugqok’u-extra extra medium no extra small
kanyekanye.

Ningaqambi amanga nithi unyathela ngabantwana
ngoba yena unyathela ngezinyawo ukuthi lapho
enyathele khona kusalela amafootsteps ezinkanyezi
hho kambe khona nezinzwane ezinyaweni
phela nazo ziyanyathela kushukuthi kusalela
nezinzwane steps.

Ungamlandeli ngomfutho uzovukwa ihigh high bese
wehlelwa icd 4 counter sishay’icount down
namahumusha …
7, 6, mhhu kuyashuba, 54321 zawushaya kulova
… wayejah’intombi.

Heeh bolova fundani imove
ungazidonseli iloose uyibhekile.

Hhawu ngeke … kusazoshuba
Oyishayile akakayosi
Oyosile akakayidli
Oyidlile udl’icala

Hhhi … ngahlanya inhliziyo yami idabukile
njengamansense esangoma.
Ubuso bami bunyukubele angathi ngikhoth’imbiza.
Wenzani lo ngihlinyile angathi imbuzi ihlafun’ameva.
UMaster uma ethi thee my African diamond mina
ngithi though my South African load shedding.

Hhawu ngeke … kusazoshuba
Oyishayile akakayosi
Oyosile akakayidli
Oyidlile udl’icala

Hhawu ngeke …
The one who hit had not fried, the one who
fried had not eating, who eating,
eat the case.
Kusazoshuba.