2010-07-26

Le nkondlo

Abahlale bekhuluma iqiniso kuthiwa bazenza ngcono
Abanye bahlale belole amehlo bagagula abagqoke
okungabafanele nabangamile kahle ungaze ufunge
ukuthi badalwa ibona
Abanye bahluleka ukwamukela abanakho babhizi bajahana
notalagu bazenza uma beke babona okwakho noma isimo
singakabavumi ngenkani nabo bafuna ukuba nakho
Imiqondo yamajita inezandla iphenya iziketi ngamehlo
benza ucansi nabo bonke abagqoke iziketi ezingaphelele
abadlula ngendlela
Abesilisa uma beyofuna umsebenzi abaqashi bavula
izandla bathi abagwaze kwabesifazane kuthiwa abavule
imilenze bagwazwe
Abasezintweni basebenzisa izinto zabo ukungena ezintweni
bafake nasezithweni
Abanye izindlela zabo zaphakathi nesonto azifani
nezinkulumo zabo ngaphakathi esontweni

Lenkondlo ayilidingi ihlombe idinga abazothwala
balungise okukuyo, le nkondlo

Amamuffins asaba nespace, inkondlo isiyaba inkondlo
ngamapunchlines nami ngingomunye wosonkondlo lalela
le nkondlo izokufundisa okwaziyo nokuzibayo
Abanye amehlo abo axegelwa isimilo uma sihaya
izinkondlo basikhomba ogcobho nezici eyi wena khohlwa
yimina lalela engikushoyo

Abathakathi bakhala ukudlula wonke umuntu emgcwabeni
ubezwa sebememeza "usishiye ngokuzuma" thula lwabishi
akanti uwena obumuphathele umshini wakhe
Igama elithi Julius Malema selaphenduka ipunchline
konke okufuna i-attention kumemeza lone nywe nywe
nywe "he is a racist", thula noyihlo uyiyona

Indlala ithunaza isthunzi sobuntu uma uvakashele
isihlobo sekumele uphathe umphako wahlala
izinsukwana abadala bakhuluma ngomlomo wengane
wozwa isikubuza "kanti uhamba nini Malume", iphendule
ithunyiwe
Imali itshala ubuwula emiqondweni yabantu babukelana
phansi bodwa ngisho nokufishane uma kuke kwanotha
ukubona sekukubukela phansi

Lenkondlo ayilidingi ihlombe idinga abazothwala
balungise okukuyo, le nkondlo

Uma kuzelwe ingane yomfana sesiyabikezelwa akazi
izokhula ibe yilokhu edalwe iyikho yini
Okwamantombazanyana uma kuke kwahluma izimponjwana
kuzibona ukuthi kuyizintombi buke wakubingelela
sekuyaqala kuyablusher emva kwezinyangana sekumithi
sekuyaqala kuyabrusher; feel it, it is here
Abesifazane badonswa ngomgqakazo ezinkwarini before
10 bangena mahhala bajovwe ngotshwala baqede
bakweletise ngesimilo bakhokhelwe ngocansi bamithe
uma bengahushulanga uhulumeni inyama uyinxephezela
ngemali yeqolo

2010-06-01

Straight sami dedel'ishandisi

Ngasekhaya bayazi ngihlale ngibatshela
ukuthi nginayo la eThekwini
Nala eThekwini bayazi; babuze, ngihlale
ngibatshela ukuthi nginayo ngasekhaya
Kodwake ngoba mina ngumuntu onamasecrete
iserete agent akekho onobufakazi balokho
kwazi mina kuphela

Thula wena musa ukungiphikisa okokuqala
istraight sakho umakhwapheni wami
Uma kuthiwa abafana bayalahla wena
angabe azikucoshi

Mina nawe straight sami kusukela sisebancane
bekuvele kuzicacele ukuthi sizokhula sibe
omaqondana ngoba njalo uma kudlalwa umacashelana
mina nawe sasingongqesta sasicasha isikhathi
eside basibheke baze bakhathale size
siziphumele thina

Indaba yonakala ngesikhathi becishe
besibamba ukuthi sasibusy ... sicashile
Nawe wamane wayilahla wakhohlwa ukuzithintitha
amahlamvu notshani emhlane since wakhubeka
wawela phansi ngesikhathi sicashile nami
ngathi ngithi ngiyakubamba ngamane ngawela
phezu kwakho

Uma osibhekayo elokhu ememeza ethi mayipati
mayipati le, ngize? Mina ngangimane ngithi
shhhhhi ... eze kuphi khona?

Straight sami kukhona la ngishoda khona
Ubesathe omunye umbhemu angizocela leyo
mpahla
Dedede dedel'ishandisi

Maqondana wami yonke into yakho isexy; yonke
into yakho yinhle ihot ngisho nalapho ngingakaze
ngibone khona
... wangitshela uBongani

Bonke abantu bayazi ngathi ngisho
nabasemthethweni amaphoyisa imbala
ngiqisile ngithi akekho ozokushela istru
God ngiyafunga bheka nayi iprotection order
Ongiphikisayo ukuthi mina nawe somaqondana
nginobufakazi obufungelwe bheka
nayi i-affidavit

Angifune muntu ozokusukela
Minake ngiyisigora ukuthi amamuscles ami
akazwani ne-attention akhuluphalele ngaphakathi
Abangangazi kahle abongibuza kuJabulani ngathi
ngiyamubamba waphunyuka ngamubona esengemuva
kwami ngamuthi 1 wangiphindisela wathi esethi
ungiphinda okwesibili eeeheh ... ngabaleka

Straight sami kukhona la ngishoda khona
Ubesathe omunye umbhemu angizocela
leyo mpahla
Dedede dedel'ishandisi

Uma kuthiwa ukuthandana nawe kuwumsebenzi
mina kuwe angabe ngiyivolontiya elipermanent
Kodwa mfethu kukhona into engixakayo njalo
uma sidlala umacashelana ngangenza
sure ukuthi ngicasha nawe kodwa njalo uma
kuhlolwa izintombi imiphumela yayithi
useyintombi nto
Haibo kanti ngangiyenzani leyonto

Lalela lanake asilingani ngimdala kunawe
esikoleni angiyenzanga iL.O, oMLMMS etc etc
yonke nje leyo mess ngakhoke ungalokhu
usho o-Oh my word la kimina angifune nakulwazi
lelo gama lakho minake ngusonkondlo ngazi
amagama amaningi oh my sentence

Straight sami kukhona la ngishoda khona
Ubesathe omunye umbhemu angizocela
leyo mpahla
Dedede dedel'ishandisi

2010-05-26

Lalela la uma kimi uzimisele ngokungena la

Kuleli gumbi imina nawe akekho omunye
Ngicela ususe ifoni esandleni uncenge
izindlebe zilalele la
Kunodaba olwaziyo engifuna ukukukhumbuza
lona
Ungangibheki emehlweni ngingahle ngidideke

Kulokhu ozokulalela okuthandayo utshele
inhliziyo yakho ikugcinele kona
Ongakuthandi ungakulahli unembeza
uzokukhumbuza kona ngelinye ilanga uma
kwenzeka okunye kwakho ukona
Lokhu engikutshela kona kuyikona
uwenake osuyokona
Ungadidekike la angizile ukuzokushela
ngizokutshela
Mina nawe sizibiza ngezithandani kodwake
ngoba loluthando lwethu luselusha
lusacathula wena:

Lalela la uma kimi uzimisele ngokungena
la

Lanake angikhulumi nawe ngikhuluma
nenhliziyo yakho awazilutho wena iyona eyazi
indlela wena uyisithunywa sayo
Okwamanje letha indlebe mina ngalamazwi
ngishutheke
Uma uzwe kahle ngizoba owakho wedwa ngeke
ngihambe ngishutheka khona ngelinye ilanga
ngingeke ngingabaze ukuthi kowakho umunwe
indandatho ngiyishutheke laphoke abakini
nabakithi bobe sebesishuthake abasizalayo
bakikize ama ex uma ehluleka ukuzibamba
isililo aseyosikhihlake

Ngiyakuthanda wena angifuni ufane nalaba
abanye abangathandwa imina abathandwa ilo
othanda bonke abadlulayo ngendlela abagqoke
iziketi ezingaphelele
Ngakhoke ngifuna ukuthi uma ngila ngingekho
naseduze kwakho enhliziyweni yakho
ngitshale izimpande ngincele ukuphila kuyo

Izwi nezwi engiliphimisayo ngililetha kuwe
ngizoqale ngiligeze ngilicwebezelise ze
lingalimazi izindlebe zakho
Uma ngithi ngiyakuthanda ungilingisele usho
njengamikugcwale umlomo ungathi nami
Ungahambe ubiza wonke amadoda lawa ngochief
imina induna nenkosi yakho

Lalela la uma kimi uzimisele ngokungena la

Engikugqokile nenginakho akuhlanganise lutho
nothando lwethu
Imumva lami alisho lutho ngephambili lothando
lwethu
Ungifice nginje ungakushintshi engiyikona
kufake izinongo kube kuhle emehlweni akho
Fana nodadewethu kimi bungashintshi ubuso
bakho uma nginodadewethu nabafowethu
Izinkondlo ngizigcina laphaya ungathi
angikuhayele inkondlo ngizokubhalela kodwa

Ngizokukhumbuza njalo ukuthi umuhle
ungasukike la uye emnyango uyobuza abantu
ukuthi unjani ungakezwa ngami
Ungaphatheki kabi uma ngingakuncomanga
okugqokile ngisuke nginqena ukukuncoma njalo
ungaze uthi ngikwenza isilima

Othi uthando aluboni akasho lolu lwethu phela
wena wuthando nakhu nje uyangibona
Izimbali azikhulumi kodwa ngalolu olwethu uma
sidlula zizoblusher
Uzikhumbuze njalo uma izindebe zakho zikhohlwa
ukwenza umsebenzi wazo
Uwakhuze namehlo ami uma egqolozela isingezansi
sabanye besimame kodwa ungikhuze kancane uma
ngibuka wena

Ngekeke ngihambe nawe uma ngiya kwipoetry
abacushwa oSya banamehlo abukhali bazokubona
kanye ba-edite amapoems abo ngeskhathi bakubheke
emehlweni
ngeke ngiyikhohlwe ibirthday yakho noma
isidlule ngezinyanga eziwu-6 ngizoqhubeka ngithi
happy belated birthday … babie

Lalela la uma kimi uzimisele ngokungena la

Ungababuki kabi abangibiza ngoSishimane
ebukhoneni bakho ngaqanjwa ibona nawe
ungangiqamba elakho
Uma ungivakashele wazi ukuthi kuzomele … ehhe
Namhlanjeke ngoba ungivakashele lala la uma
kuwe uzimisele ngokuthi kuwe … ngingene la

Umtshali wembewu ongakhulisi

Le ndoda ingumtshali wembewu
Le ndoda iphethe umgodlagodla wesaka lembewu
Ifike ichithe imbewu emhlabathini ovundileyo iqede
ifulathele
Abanini bomhlaba ovundileyo basale bewugwadule
Bahlakulele izithombo ezisakhula bahlenge bachelele
Izinyembezi zigcwele emehlweni kubona yona isifulathele

Indoda iziqhubekele yona nokutshala imbewu kube
angathi ayonanga lutho
Uma ike yafulathela ayibe isabheka emumva
Uma ike yatshala ayibe isabuya ukuzohlakula

Lo mtshali wembewu akasichelelanga lesi sihlahla
Le ndoda ayizicheleli lezizihlahla kodwa ekugcineni
izimisele ngokukha izithelo kuzo idle isuthe
Le ndoda

Nami ngingesinye sezihlahla ezitshalwe ilendoda
Yaqeda yangasichelela sakhuliswa umhlabathi
Lo mtshali wembewu ulinda umhlabathi umkhulisele
uma sekuyizihlahla aphindele emhlabathini axolise
ngokungakhulisi uxole umhlabathi awuphuce asondeze
izihlahla ngakuye khona laba abayizihlahla bezokhulisa
laba abaseyizithombo babe umthombo walaba
abaseyizithombo yena aqhubeke nokungakhulisi
adle izithelo ezihlahleni angazichelelanga

Le ndoda iyakhulelisa ingakhulisi iyekelele izithombo
zembewu yayo zikhule kanye nokhula uma sekuyizihlahla
ihambe ikhuluma ithi yona iyindoda bukani isikhulisile
Lo mtshali wembewu ungubaba kimi
Kepha ukuyibiza kanjalo akunambithiseki kimi kuyababa
Ngoba ukuyibiza kanjalo kungukuyithwesa umqhele
engawusebenzelanga yize yawenza umsebenzi

Sekukaningi ngizwa umhlabathi ubeka amacala
abatshali bembewu ukhononda uthi ukhulisa wodwa
Mina angiliboni icala kulamadoda afana nalendoda
ngibona isono ngemali engeke sakhokhwa
Unembeza okweletayo la kodwa bheka
nawo awukhokhi ngoba lamadoda asalahlekelwa
unembeza nawo unembeza awusenawo unembeza
uma uwabeka icala izinkinga zakho uyazengeza

Lo mtshali wembewu akasichelelanga lesi sihlahla
Le ndoda ayizicheleli lezizihlahla kodwa ekugcineni
izimisele ngokukha izithelo kuzo idle isuthe
Le ndoda

Le ndoda ibathanda kabi laba abasebancane ijola nabo
ibathengela lokhu engabathengeli kona abayo
Le ndoda ayizazi zonke izihlahla zayo kodwa ngoba
ikukhonzile ukutshala imbewu kothukela
itshale kwezinye zezihlahla zayo kumbe izihlahla
zayo ziqomane zodwa
Kulaphoke uNkulunkulu wobe esezitshengisa ubukhona
bakhe eqeda nokusa endodeni
Kodwa ubani yena wothi azilime ziye etsheni afulathele

Lo mtshali wembewu akasichelelanga lesi sihlahla
Le ndoda ayizicheleli lezizihlahla kodwa ekugcineni
izimisele ngokukha izithelo kuzo idle isuthe
Le ndoda

2010-03-29

UMbali intombi yami

Hheshe mbhemu umthetho wakho uqhuba intwala
ngewisa vele?
Sengikubone izikhathi eziningi uhamba oMbali.
Niyathandana noma usamshela?
Ngibuziswa ukuthi umfonela noma nginaye amaSMS
isithalavane uma usuphelelwe amatalking points
ubhaza into engapheli.

Ngiyakubona ucabanga ukuthi ngiyivaka mina,
ngalidl'iphaphu mina.
Ohlukane noMbali kungenjalo kukhona okusina
kukujeqeza.
Ongibuza kuMjay ngamfaka isibhakela kanye
waphindisela ngempama wathi esethi uyangiphinda
heeh ..... ngabaleka.

Eeeeh mfethu ... icherry yami le

Usungaze usukele lenngane enhle kanje awuboni
yini ukuthi anifanelani njengoba unamakhala
amangaka angathi ingqakala yebhinca uqedela
intombi yami i-oxygen mani
Naba nje oZaele. Muhle kabi uMazet zet ukuthi
nje angathi ungamuthi jeqe ungambuki isikhathi
eside ngob'ubuhle bakhe bubuye bukutelekele
ukubukisiswa

Futhi wena wowa le kwaMhlab'uyalingana uZanele
uright ngoba uyakwazi ukusinda, ukusina,
ukukhama utshwala nokutheza
Mubheke kahle akalona imodel C usena 3 years afika
eThekwini kodwa usakhuluma isiNgisi ngesiZulu:
'Wowu ohho mayi Goshi"
Akayona ingane ephaphile ngithe ngiyamcharma
izolo wablusher ngedlela yangakubo "Hawema maye
babo yaze yangichaza insizwa yakwaNgidi ngimfunge
uMa umaMkhize ngizoyibophela ucu istru God"

Eeeeh mfethu ... icherry yami le

UMbali uyazi ngimphethe kahle kabi mina angilokothi
ngimthinte wathi asilinde umshado
Ngamfica esenengane ingibiza ngobabayi 'Baba-hhayi'
Uma ubaba wengane ecela ukuthengela ingane izingubo
uMbali uyazi ngiyamuvumela baye kohlangana mina
ngisale nengane aze abuye ngakusasa uma ethanda

Phela mina ngiya understander uma UMbali ethi ufike
wahlwelwa kubo kaMjay phela ubengeke abuye ebusuku
Uma ebuya esethi ukhathele anginankinga nokupheka
ngiya understander mina umbhede kaMjayi mncane kusho
ukuthi akalalanga kahle ebusuku
Ngimphethe kahle kabi uMbali mina ningalokhu
ningicefezela nithi wangidlisa ukuthi ngine
'care you see'
Uma kunjalo pho nixakwe yini ngoba uma
eseyowuvuselela umuthi wakhe ngohamba naye amane
angidlise owangunaphakade okungcono

Eeeeh mfethu ... icherry yami le

Mfethu ngiyakucela ngicela umyeke uyena kuphela
naye ngamtholelwa inkosi
Uma ulokhu uqhubeka ngizosuke ngimyekeke phela
... ngiyadlala habe uMbali wami lo
Mfethu plz icherry yami le

2010-02-06

Bokuchutha phambili

Mtanami uwena wedwa uwena ithemba lami
Njengabanye abafazi nami ngiyafisa ngelinye ilanga ngikukhombe usuhambela phezulu kodwa usangazi mina usabazi usabazisa abasemhlabeni
Ngiyafisa ngelinye ilanga ukukubona ugqoke ijazi usuyisifundiswa kodwa usangazi mina usabazi usabazisa abasemhlabeni

Kepha yize ulwazi usizi lwami, yize uzazi izinhlupheko zami kepha wena awunyathelanga ezinyathelweni zezifiso zami ngawe ngoba wonke amaphupho ami ngawe uwagxobagxobe ngezinyawo izifiso zami wazikhwifakhwifa ngamathe

Ugudlukile emigomweni nezinqumo zami walalela abangani abangazi lutho ngawe
Ubone ukuthi lamasentshana amancane engikuposela wona mancane wancamela ukwengeza kuwo wanikela ngomzimba kobaba abanoshukela engeke ngabalinganisa noyihlo ngoba awumazi kepha mhlambe kulabo abanoshukela ukhona ngoba naye akakwazi

Mtanami kuyona yonke imizamo ngitabalasa ngizamela wena masonto onke ngikuposela izijumbana namasentshana ngithi mina noma ngingalala ngamanzi uma kusuthi wena nami kusasa uzongisuthisa
Bengingazi ukuthi ngikusuthisa nje nawe ngalapho bayakusuthisa

Kodwa hamba juba bayokuchutha phambili; hamba Nomthandandazo bayokuchutha ngaphambili

Kubo bonke omakhelwane ngikweleta kusukela esalukazini kuze kuyoshaya enganeni yakhona ngoba njalo uma ungishayele ucingo ngitatazela ngime ngezinyawo ukuze ungalali ulambile, ukuze singaveli isimo sakho sasemumva phambili

Sengizwa ngabake bakubone bathi sewashiya phansi isikole usuhamba izindawo eziphambili nabantu abaphambili
Nemiyalezo nemikhonzo sengiphathisa bonke abaswenkile abadlula ngendlela kodwa akekho noyedwa ongibuyela nempendulo
Noma sengikuthumelela imiyaleza ihora nehora ngikukhumbuza ukuthi ngiyakuthanda ayibuyi impendulo

Sewayeka nokukholwa lokhu engikukhulise ngakho lapha ekhaya usukhonza amabhodlela
Mumva nje sengiphenduke inhlekisa komakhelwane uma bephiswe ukuhleba igama lami sekuwukhaphethe abasulela kuwo izinyawo

Esikhathini esedlule bengithi uma ngicabanga ngawe ngicabange ukuthi udleni, ugqokeni kepha namhlanje uma ngicabanga ngicabanga ukuthi angabe ukhuhlwakhuhlwa iyiphi indoda namhlanje, angabe iyiphi imoto osuyibonile yaphenduka umkwenyana walolo suku kuwe

Kodwa hamba juba bayokuchutha phambili; hamba Nomthandandazo bayokuchutha ngaphambili

Ngisho noma sengithi ngiyakufonela ngizwe okungcono izwi lakho mtanami kulungile noma impilo ngingasayizwanga uma uke wabona ukuthi imina awuliphenduli ucingo
Noma sengifona ngifihle inamba yami uyalibamba kepha uma uke wezwa izwi lami ulibeka phansi ucingo

Uma kuthiwa ulijuba angabe ngithi hamba
ungohamba manje uligazi lami
Sengaphathwa ngisho nayisifo senhliziyo ngoba ngihlale ngicabangana nawe ngiphuphuna nawe sengizisola nokuthi ngakuyiselani edolobheni khona ngakuzalelani ... njengoba namhlanje usubuya usuthwelwe usuzoba uthwalo kimi
Nomthandazo uphila ubungangiphenduli Nomthandazo usuyagula ngiphendule ... Nomthandazo uphumaphi? Nomthandazo liphi ijazi?

Kodwa hamba juba bayokuchutha phambili; hamba Nomthandandazo bayokuchutha ngaphambili

2010-01-29

Kokuqoqa ukuhlwa (Umvundla zowunqanda phambili)

Uyazazi izinhlupheko nezinsizi eziphehla usizi zalaph'ekhaya
Uyazazi izindonga ezidilikayo nophahla oluvuzayo lalaph'ekhaya
Uyayazi indlala yokukhuma uphuthu namanzi njengesidlo
sasekuseni isemini nakusihlwa laph'ekhaya
Ukuphuma kwelanga phakathi kwami noyihlo akekho ovuka
aye emsebenzini ngakhoke alukho ushintsho olulethwa
ukushona kwelanga laph'ekhaya

Ngawe sinoyihlo siklebhuke amaphakethe ukuze sithumele
wena eNyuvesi
Abafowenu nodadewenu abakulamayo zithi zidla ezinye
izingane esikoleni bona bancele izithupha ngoba konke
sikuphonse kuwena ukuze sithumele wena eNyuvesi

Sekudlule neminyaka yokufunda kwakho ngokubhangqiwe
silindile sithi uyasibiza uyasibiza uzogqoka ijazi kodwa
esikhundleni salokho mihla namalanga sesigqigqa izinkantolo
sibizelwa imisebenzi yakho engcolile, sibizelwa amanyala akho

Mfanawami usufana nempethu enxebeni
Kodwa kokuqoqa ukuhlwa, wena kokuqoqa ukuhlwa

Namhlanje usunjengenja uma sikukhombisa indlela uyakhonkotha
Laph'ekhaya asikaze sibuse sikhombe ngophakathi kodwa wena
uma ngikukhuza ungikhomba ngophakathi

Wathengela uyihlo izigebengu mina zangishiya ngikhubazekile
manje usubhizi uzingelana nami ugadulisana nami angathi
ngokukuzala kunesikweletu engikukweleta sona

Uma esekhaya thina kumele siye kobhaca
Kubafowenu usuwabona inyama yokugwazwa baklajwe bachaphwe
ngenhlamba angathi kukhona ifa abakubangisa lona
Kodadewenu usuwabona izintombi usuhlale ujahana nabo, ushayana
nabo uma kuthiwa ngiyalwazi usuku lokufa angabe ngiyalusondeza
libe namhlanje kwamanje

Mfanawami usufana nempethu enxebeni
Kodwa kokuqoqa ukuhlwa, wena kokuqoqa ukuhlwa

Wena uyisilingo kimi sengifisa nokukuthengela abazokubulala
bakusoconge ungaphinde uvuke okungcono ngiyodilikelwa ijele
kunokuhlale kudilika izinyembezi kimi
Ngoba angisakutholi ukuphumula sengihlale ngikhala, sengihlale
ngibalisa, sengihlale ngisonga kaze wofa nini ngithole
ukuphumula

Mhlambe kungangcono ngiklabhe odadewenu nabafowenu ze
ngijabulise umphefumulo wakho wena usale ubusa laph'emzini
kayihlo
Isisu esinenzalo siyisillulu sezinyembezi
Isisu esinenzalo siyisillulu sezinyembezi

Mfanawami usufana nempethu enxebeni
Kodwa kokuqoqa ukuhlwa, wena kokuqoqa ukuhlwa

DUDUZILE MY FOHLOZA

Eh majita sengithole owami, angifune muntu
ozongibangisa ngoba ngizishelele yena
enganakwe umuntu
Umuntu wami lona icherry yami lena isdudla
sami lesi
Uyivegi futhi futhi futhi futhi ifruit lami
Uma kuthiwa ungumango angabe ngithi ufish mango
Akekho mncanyana uthe ukuthi
Uma kuthiwa uwumbhede angabe akuyona isingle
leyaseres angabe iyiqueen

Sdudla sami ngizokushayela iround ntambama
namhlanje elamanqamu Duduzile my fohloza
ngizokubamba Duduzile my fohloza ngizokubamba

Ushaya ngamacurves ahot asexy slender uma
ekushodela faka i-application uzokubhekela
Kade ngilokhu nginibuka ningichomela ngalama
walala ngiyanibeater ngiphethe ihammer
Mini Cooper enu walala ngiyanibeater ngiphethe
iHummer
Kodwa sdudla sami ungihlupha ngento eyodwa noma
ngabe uyabona liyana kuyabanda emnyango umane
ungincishe nje ... itiye uliphuza wedwa

Uma sihleli nesidudla sami kukhona abantu
abaningi silokhu singidlalisa singibiza
ngoslendalicious wakhe nami ngipheye ngithi
nawe sdudlalicious acasuke kancane athi
ngathi ungangibizi ngalelo gama phambi
kwabantu ngithi ngiyadlala slender sami
... esithe xaxa


Sdudla sami ngizokushayela iround ntambama
namhlanje elamanqamu Duduzile my fohloza
ngizokubamba Duduzile my fohloza ngizokubamba

Sdudla sami uma sijola nawe ungibambile
oqhamuka ngemumva kwakho umane abone ukuthi
umi wedwa athi angadlulake bese eyangibona nami
sibabili

Ekhayake ugogo uvuka ngezintathakusa ngakhoke
uma uzongivala ekhaya ngizokukhipha phakathi
nobusuku ... phela wena ngeke uphume ngewindi

Kimina akekho ozokubangisa elokhu ethi
uyifunani indoda yami uyifunani elokhu ekubangela
iminciza la ngoba nawe uzomane uqhamuke usunyuse
iziketi nami kulowomzuzu ngimane ngiqhamuke
ngizolamula zonke izinto zisephezulu

Sdudla sami ngizokushayela iround ntambama
namhlanje elamanqamu Duduzile my fohloza
ngizokubamba Duduzile my fohloza ngizokubamba