2009-05-03

NGEKE UKUTHOLE UKUPHILA

Mina ngudadewenu ungumfowethu wena
Mina nawe siyimikhiqizo yemizimba
nemiphefumulo yababodwa
Mina nawe savundla esiswini soyedwa
izinyanga ezilinganayo
Mina, mina ngudadewenu wena
ungumfowethu

Kodwa wena ngomzuzu owavukelwa ngawo
izinkanuko kwasuka engqondweni yakho
ukuthi mina ngudadewenu
Wena ngomzuzu owavukelwa ngawo
izinkanuko wacatshangelwa yizo
nemizwa yobunyala wabona ukuthi
mina kuwe ngintombi

Ngendluzula ummese entanyeni,
isibhakela ebusweni, iminwe ephentini
umphambili esithweni kimi ngasese
Mhla ... mhla izinkanuko zigculisa
omunye komunye zinamathisela amanxeba
nezilonda zanguna phakade kakade kuze
kube phakade

Kimi wena ukuthathe konke ukuphila kwami
Kimi wena ukuthathe konke ukuzethemba kwami
Angabe kungcono ukube wathi uwubeka nje
umcondo wakho kwamhlaba wabe ufa kunokuba
uphile uphilele ukubulala abaphilayo

Nalaba abasizalayo uma ngibatshela
bayakuphikela bathi mina wena
ulunge kabi ukuthi ungaqoqobala
mina ngiyakusukela
Nawe uphika nabo yize unembeza
uvuma kanye nokucabanga kwemicabango
yakho

Kodwa wena ngeke ukuthole ukuphila
uma mina ngisaphila
Wena ngeke ukuthole ukuphefumula
uma mina ngisaphefumula
Ngiqalekisa umzuzu engazalwa ngawo
ngincamela ukufa; okungcono ngizibulale

Sengihlulwa imicabango mhlambe ukucabanga
okuhlula mina noma imina esengihluleka
ukucabanga
Mhlambe kufanele ngike ngithule umzuzwana
Ngibona kufanelekile ukuba ngithule lo
mthwalo nalo mphefumulo ngunqamule
Sala wena uphile ngihambe mina ngiyophila

Bonke bangifulathele nabangibukayo
ngemiqondo bangifulathele bangikhomba
ngeziphundu bathi sengaba yisidomu
empilweni sengawa ngamabomu
Nawe uyafakaza uyafafaza ngami
Mina usuyangisinda lo mphefumulo,
Lo mzimba usungumthwalo nakimi
kimi njengenja encinzwa amazenze
uma ngibona wena ngifikelwa yisiyezi
wena uyisinengiso ekuphileni kwami

Uma kuthiwa nginalamandla owawasebenzisa
kimi bengizokuklinya lesitho ocabanga ngaso
Wena kimi akuhlukile ukuthi ungibhokode
ngomkhonto waqede wangibuka ngigqiha
umphefumulo ugoloza ukuphuma

Kodwa wena ngeke ukuthole ukuphila
uma mina ngisaphila
Wena ngeke ukuthole ukuphefumula
uma mina ngisaphefumula
Ngiqalekisa umzuzu engazalwa ngawo
ngincamela ukufa; okungcono ngizibulale

Mfethu sengiyahamba, ungidlulisele lo
myalezo kwabasizalayo
ubatshele ukuthi sengihambile sesohlangana
phambili uma kuhlanganwa ngicela ungangilandeli
Sala wena nabo nonke niphile ukuthanda kwenu
Kuphila kwami ngoba wena ufe uphila asihambe
nawe

Mphefumulo wami ngoba ukuphefumula kwakho
akusaphefumuli ngoba kuphefumula kugcina
icala nqamula ubudlelwano bakho nomzimba wami
Mlenze khahlela ibhakede ntambo ungisize
ungagqashuki bangisize bangakugqashuli
ungakawuphothuli umsebenzi engikubekele wona
Wena ungakhali uma sengifile; wena ungangibuki
kumbe ungithinte ungasondeli ngisho ukusondela
lapho sebengimboza ngenhlabathi