2008-08-31

Agizalanga ngabola amathumbu

Ngangingengedwa wakhiwa …
ngangingengedwa ngikwakha
lalela la mhlambe uzongizwa kahle ngithi
ngangingengedwa sikwakha
Kepha ngangingedwa ngikuthwele ngaphakathi kimi
izinyanga eziyisishiyagalolunye ngangingedwa
Ngangingedwa bekupopola bekuhlola ukuthi
usakhahlela usaphila yini ngaphakathi kimi
Ngangingedwa bengihleba bengikokozela
bethi angabe umithiswe isipoki yini uphi ubaba
wayo?

Ngangingedwa bengitshela ukuthi mina
sengiphakathi kokufa nokuphila kungafa mina
kusale wena, kungasala wena kufe mina
Bheka mina nginomthungo ngahlinzwa lungakafiki
usuku lwakho wena wakhulela ebhodleleni

Ngangithi ngichelela isihlahla ngegazi
nomphefumulo wami kepha namhlanje
sesikhiqiza izithelo ezibolile

Kepha namhlanje kuyafana nokuthi angizalanga
ngabola amathumbu, angizalanga ngabola amathimbu

Wena uyisiqalekiso kimi uyisinengiso kophezulu
angizalanga ngabola, angizalanga ngabola amathumbu

Mina bengehla ngenyuka nawe nginyuka ngehla nawe
ngisebenza, ngishanela, ngiwasha ngikorobha
emakhishini nawe emhlane
Ngangithi ngibelethe ingane kanti ngibelethe
uSathane kanti ngibelethe idimoni
Bengiwa ngivuka nawe, ngivuka ngiwa nawe ngizamela
wena ngoba lomgulukudu owuyihlo ngamgcina
ngimtshela ukuthi uSomandla usesibusise ngosana
Ngamugcina lapho ngoba vele uspecializer nge hit
and run isoka lamanyala akakaze akuthengele ngisho
iNyala yephalishi leli

Lalela la ngunyoko mina ngiyakuzala bengikuphipha
ngikufinyise ngikugeze unqunu ngikuxubhe
lamazinywana akho mfana wami
Kepha namhlanje ngalo mlomo wakho wena usukwazi
ukuchapha mina ngenhlamba, ungibize ngonondindwa
Uma kuthiwa ngangazi ngangizokuhushula ungakaphumi
ngaphakathi kimi, ungakahlumi ngisho amathambo
ngaphakathi esiswini sami, ungakamili ngisho ihluli
legazi ngaphakathi kimi
Okungono ngihlulelwe ngecala engilaziyo
kunalamacala ongithwesa wona engingawazi

Angizalanga ngabola amathumbu, angizalanga
ngabola amathumbu

Ngangingazi ukuthi ngizala isixhwanguxhwangu
esizothi uma sesidakwe iphilisi sibuye sizofuna
ukungihlahlela
Kuke kwangqangqazela umphefumulo, kwahlasimula
umzimba izandla zathatha intambo, izandla
zabopha isihibe esizongena emqaleni wami
Lo mphefumulo ngiyawukhipha,
lo mhlaba uyahlaba ngiyawushiya
Lo mzimba ngiyawulengisa
Lomntwana uyisiqalekiso kimi

Angizalanga ngabola amathumbu … angizalanga
ngabola amathumbu.

Usuwoxola Somandla, usuwongithethelela
ngelosi yokuphila lo mphefumulo ngiyawunquma
ungakasho wena
Ungangiqaqi mfana wami, ungayinqumi le ntambo
esemqaleni wami incane kabi kunalezono ezibophe
ukuphila kwakho
Incane le kunale ebophe umphefumulo wakho
Lokhu engikwenzayo ngikwenziswa ukukuthanda
okungcono ngife ngezandla zami kunokuthi
ngife ngezandla zakho

Angizalanga ngabola amathumbu, angizalanga
ngabola amathumbu

Thixo thwala mina, uthwale izinkinga zami
uphinde uthwale nomthwalo wami.
Inhliziyo enecala ayikutholi ukuphumula
Inhliziyo enecala ayikutholi ukuphumula

2008-08-19

CLICK HERE TO VIEW MY IMAGES SLIDE SHOW

Slide - Share Slide Show: "http://www.slide.com/r/2lzp_WLh1j_eCTgqeJq3Fo5D0AYd67KY?previous_view=mscd_embedded_url&view=original"