2009-03-04

MUSA UKUNGIZULISELA

Majita lo mntwana ngiziqalele yena ningamnakile
Kodwa manje ngoba sengizivusele seniyamlandela
Ngiyabona nina nifuna ngize ngihlanganise ikhalenda
ngisingili
Kanti umthetho wenu nifuna ngize ngiqonywe nini?

Okushukuthi njengenjwayelo kulo my sister ngiyaluza
futhi?
Ngiya give upper phela mina ngeke ngiyimele
lecompetition
Phela nina nicharma ngalamabhulukwe enu
anamaphakethe amaningi, izikibha ezincane nesiNgisi
Vele naye ziyamusalesalela ngoGeorge ukuze agqibe
ukuziqhenya usale esevuma konke
Oh …Yes. Yes
Yeses, ngisenkingeni la, hhayi ngiyaliphosa ithawula

Kodwa wena musa ukulokhu uzenza isihlinyane
Tshela inhliziyo yakho ukuthi ayiyeke ukulokhu
ingimamathekela
Wena uyagcwala musa ukulokhu ukungizulisela

Njalo ulokhu ungitshela ukuthi bathi abazali bakho
lolu thando asingalwenzi ngoba kuzohamba kuhambe,
kuhambe bese kwenziwa enye impambosi
Wena kanti awuyifundi yini imove banomona akanti
nabo le mpambosi bayayenzayenza
Mabebeza musa ukungizulisela uyalaz’udaba azishe

Ngoba wena angathi une experience kulegame
yomathandana mina ngisagijima amagames
kanil nil kushukuthi uma uke wathi, nami ngathi,
sathi akumina ozokhokha inhlawulo kodwa
uwena uzokhokha … idemeshe.
Phela mina ngizobe ngidlala igame yami yokuqala
idebut, ifirst appearance

Kodwa wena musa ukulokhu uzenza isihlinyane
Tshela inhliziyo yakho ukuthi ayiyeke ukulokhu
ingimamathekela
Wena uyagcwala musa ukulokhu ukungizulisela

Ngoba ulokhu ungizuliselake sengizithathela mina
izinqumo
Ngiyanimema nonke emshadweni kaSgwadi
noNtomb’iyazulisa, ningazifaki izikibha zepolitiki
Awunaye noyedwa umntwana kodwa uyabezwa laba
balokhu bethi unyathela ngabantwana so i-advice
engingakunika yona ukuthi ungabashelisi ngoba into
eziyicabangayo lezi ntwana ukukutholisa umntwana
Kodwa mina engikucabangayo ukuthi ungagodoli
ngoba uma kuke kwagodola wena imithambo yami
ephakela igazi enhliziyweni imane iphathwe istress

Kodwa phela nawe ungabi nesikhwele ngoba
uzozibeka egcupheni yokuthi njalo ngilokhu ngikukhwe…
mhhu mhhu uthi kengithule futhi vele uyalaz’udaba

Kodwa wena musa ukulokhu uzenza isihlinyane
Tshela inhliziyo yakho ukuthi ayiyeke ukulokhu
ingimamathekela
Wena uyagcwala musa ukulokhu ukungizulisela

UDADEWAMI

Lo udadewami
Uyintombi intombazane njengamanye
amantombazane kodwa yena akakabi
intomb'azale
Ubhekile naye uzibhekile laba
abanamehlo agovozile abacatshangelwa
imizwa abambhekile yena akababhekile

Usengaphansi kwesandla sabo; isandla
sakhe, akakamdingi ozoba ngaphansi
kwesandla sakhe ngoba uyakuqondisisa
ukuthi ozalwayo akahlelelwa izinkanuko
ezikhiqiza utalatiya lenzukazikeyi
uhlelelwa omuzalayo

Wamukela lokho anakho akaziphilisi
njengabanakho ebe engenakho

Udadewami. Wami mina ... udadewami

Njengemidlwane esasazelwe baya kuye
ngesivinini ngethemba lokudl'ubhedu
kodwa bafike bafice imbedumehlwana
yenkanankana yo-'angudlali umdlalo
womaqomana mina'
Umjita ushelwa amazwi aze akhohlwe
abekuzele
Ukhuluma aze aphinde nabesekushilo

Uma ucharma kuye uyazama ncese
akathathekanga lawo magama akho
kuzozusiza ukuthi uyowagcwaba mhlambe
aseyovuka kwabafileyo athathe;
aseyothatha kothathekile
Owami ukuqoma akusiwona umdlalo kapacman
Okwakho okubizayo, nokwakho okubizayo
lokho okwakho akubizi yena

Udadewami. Wami mina ... udadewami

Umzimba wakhe akusiwona owokukhangisa
nokutshengisa
Ugqoka aphelele okuphelele mhlambe
ingakho nasebuntombini bakhe esaphelele
Uhlala njengentombazane akanwebi imilenze
kungaze kuhlukumezeke impahla

Ufundisiwe ukuthi angagovozi aqothise
amadolo alahle imilenze ze bangalokothi
balahlekele kuye becabanga ukuthi
okuvezekile emiqondweni yabo kulahlile
ulahlile

Unolwazi olunqand'ikhanda lokuthi othi
mtwana womtwana wami kuye
uyingcithabuchopho ngokuphindiwe kunalo
othi mntwana wami kuye...
mina ngisho udadewami

Udadewami. Wami mina ... udadewami

Uyakwazi ukugqashula okufanele kokungafanele
Okufanele endaweni yakho...okungafanele
endaweni yakho.
Uyazi ukuthi ucansi akulona elabafanelene
kodwa elabafanele ngesikhathi esifanele

Impakamo nokuzazisa akuzinzile njengenzika
emanzini acwebileyo kuye
Inhlonipho yakhe akayilondolozeli idlanzana
angathi ngayo utax'intela ngoba ufundisiwe
ukuthi akuze umuntu aze abe owakini
ukuze abe ngowakini

Owami ungumlandeli nomlaleli wemiyalelo
nemithetho yabazali ingakho engakalali
ezazi engakazali

Udadewami ... wami mina ... udadewami

NGIMBONGI NGONDLA ISIZWE NGAMAZWI

NgingumZulu ngobuzwe, nginsundu ngokohlanga
Ngunkunz’emnyama iyazisaba izithole
Ngunkunz’emnyama nangeshoba layo
Isishimane ngisabisa ngeziqu zokushela
“Hawe ongishela nami”
Uyabonake manje usungiqalela inkinga
Angisheli ngiya advicer, anginyatheli ngiyagxoba
Pibipu Pibipu basop basop dedendleleni
Ngifak’uforward ureverse udukile dlala s’shimane

Umzali namuhla akuseyena umlawuli, umhlengi nomhleli
Kodwa umthetho sisekelo iwona osewaphenduka umzali
Iwona lomthetho sisekelo osekela ukuqhibuka ngesivinini
kwentsha engahloniphi, osikhwili uphambana nobhoko,
umhlambi kazalusile nokhanda lingitshel’okwakhe
Hho! Yeka amandla esambane sona esimba umgodi
Singawulali.
Seziphushana izinyevu phambi kwabo bazothini
nangu uBill noConstitution bagxamalazile

Okwamabhodlongane uma kuke kwamila intshetshana,
Imilenze yomaskito le, kuzibona ukuthi sekwamadoda
Uma kukhuluma nomuntu omdala sekumane kuvuse
Izinhlozi.
Kuphenduka amaxhegu kukuncane kanti kudlala
utshwala nezidakamizwa uma kukhala ibhungezi
kukhalele kwimboza namagumunxa.
Hheyi zakhala kazehla kulegeneration yegenerations
noglomobi yanamuhla
Nayinsumansumane imbedumehlwana kodwa sobona
nawa amehlo ekake umbombo

Okwamantombazanyana uma kuke kwahlosa kuzibona
ukuthi sekuyizintombi kugcwal’umgwaqo kuhambe
kutshikiza neziketi ezingaphelele kufun’ukushelwa
Ba attenda amaklinikhi ngokungenamkhawulo kulandwa
imithi yokuhlela ngoba kujahwe ucansi ongayithathanga
imithi uyamitha
Ukumitha nokumithisa sekwaba sesitayeleni
kuyancintiswana ongenayo ubizwa ngenyoni
wekibhi wake eyangakini engaka?

Ngimbongi ngondlisizwe ngamazwi kusutha onendlebe
kulamb’ihlongandlebe nawe lol’indlebe ngizokufunza
Ukuthi uzwile noma awuzwanga kodwa ngishilo
Ukuthi ulalelile noma awulalelanga kodwa ngishilo
“Musho” – uba?
“Akaqedwa” – ngike ngamqala yini?
Ukuthi uzwile noma awuzwanga kodwa ngishilo
Ukuthi ulalelile noma awulalelanga kodwa ngishilo

Emicimbini yokuzijuxuza ikamphelandaba kufike
kudliwe izidakamizwa kudakwe umuntu nemizwa
yakhe kujuxuzeke umqondo bese bevele beyayidedela
umzimba uphenduke umazitapele kumithwe izingane
ezingahlelelwe nengculazi kanye-kanye

Ubutabani bunyuka ngesivinini njengama DVD
omkokotelo emakethe
Woza 2010 kuzoshushumbiswa izingane ezincane kuthiwe
azidayise ngocansi athenge amadoda.angangobaba bazo

Ngeke ngisaqeketha ngiqephuqephuze isiZulu nomZulu
singabaZulu ngingawuzwanga uwats-up dawg yeah dawg
Noma ngabe liyana kuyabanda it’s cool dawg yeah dawg
Umzimba ula ingqondo iseMelika
Bese omnyama ehleka omnyama emhlekela ukuthi
ubhidilisha ulimi lwabeLumbi angathi ukwazi isiNgisi
kusho ukuthi uhlakaniphile
Noma ungazishintsha
isikhumba njengalomfana wakaJackson ubumnyama umnyama
ubumhlophe umhlophe ayijiki uma ike yajika iyashayisa

Zingqengqengqe ijalukile Zulu ingculazi imbubhiso
ayilibheki ipali
UMdali usewaphenduka u-Alfa kuphela ingculazi u-Omega
Abanye ayibazingeli ibona abayizingelayo bakhuzwa mihla
namalanga kodwa abezwa bashaya skuni bacathi boguga
namagxolo njengezikhuni

Ngimbongi ngondlisizwe ngamazwi kusutha onendlebe
kulamb’ihlongandlebe nawe lol’indlebe ngizokufunza
Ukuthi uzwile noma awuzwanga kodwa ngishilo
Ukuthi ulalelile noma awulalelanga kodwa ngishilo
“Musho” – uba?
“Akaqedwa” – ngike ngamqala yini?
Ukuthi uzwile noma awuzwanga kodwa ngishilo
Ukuthi ulalelile noma awulalelanga kodwa ngishilo