2009-02-05

Ningazilweli ngizonilwela

Labangani kuhle uma kusekuhle ebubini
nasebumnyameni ababonakali nangokhalo nemiyalezo
Ekusitheleni nasemakhoneni bakukhomba ngeminwe
engcolile imilomo ikhwifa amaconsi enzondo
bayakuhleba
Um'uqhamuka bakuthenga ngokunsinsitheka nokusineka
baze baveze namazinyo asekugcineni kwemihlathi

Kodwa wena ungazilweli ngizokulwela
nani ningazilweli ngizonilwela
Hlala kimi ngizo hlala kuwe

Laba bantu bakuzondela iziphiwo nakho konke
okuphiwe yimi imiqondo yabo seyize yahluma
amasu okukucoboshisa nokukusocongsa kodwa
nabo ngibanikile okwabo bakuphatha budlabha
budlaka wena wakulondoloza sebefuna ukukubulala
Usizi kuwena injabulo kubona, ukukhala
umbhiyozo, izinhlungu zibaveza elomhlathi

Wena bhekisa amehlo kimi ngoba lemithwalo
abakuthwesa yona mina ngiyithule
bengakakuthwesi awukwazi ukuzibulala
ngenxa yomunye umuntu
Ngilwile nabafowabo baJosefa kuJosefa
Nomzimba wethusi likaGoliath kuDavide
nenhlupheko kaJobe kuJobe, pho wena
ngizokuzibelani?

Wena ungazilweli ngizokulwela
nani ningazilweli ngizonilwela
Hlala kimi ngizo hlala kuwe

Laba bazi abakubona ngamehlo nokuseduze kwabo
kuphela mina ngazi okomoya nasekusitheleni
Ngazi ihora nomzuzu olandelayo wokuphila kwakho
kodwa bazibona ukuthi bayazi bayizazi badlula
okwami ukwazi