2008-11-11

ANGICELANGA

Owangidalayo mina wangidala ngenhloso
uma kungezona izinhloso ngakhoke unenhloso
ngokuphila kwami
Owangidalayo mina wathuma izithunywa ukuba
zingakhe
Uma kungukuthi zangakha bangakha ngephutha;
mina angilona iphutha kodwa ukuphuthuma
kwabo okunemiphumela engamaphutha okuyiphutha

Uma lo wesifazane ethi wayengahlelile nalo
wesilisa ethi wayengaqondile bobabili
behlangana ngami kimi bethi mina ngingumkhiqizo
wephutha mina anginalo iphutha ngoba angicelanga
futhi angishongo ukuthi ngifuna ukuzalwa

Ngangingekho mina nidla ukuphila kwenu
ningacabangi ngomzuzu olandelayo
Ngangingekho mina ngangingekho imiqondo yenu
iqosheme ngangingekho
Ngangingekho mina ongaphansi ethokoziswa ukuthi
ucindezelwe nigculisa izinkanuko zenu kungekho
inhlansi yomcabango ehlalukayo ngemiphumela
yokwenziwa ngasese ovela ngaphandle
Uma umphumela usuphumela ngaphandle bese
kuphela ukuthandana bese niyanyanyana wena
mlisa bese uyanyamalala

Mama baba baba mama uma kungukuthi aningihlelelanga
ukuthi ngizalwe ukungahleli kwezingqondo zenu
nokungahleleki kwezinkanuko zenu
akungehleli ekuphileni kwami
Ngoba mina angicelanga ukuba ngizalwe
Ngoba mina angishongo ukuthi ngifuna ukulethwa
lapha emhlabeni

Ukungabi kwakho nezinseka akusho ukuthi
ungangiseki
Akulona ihlazo ukuba khona kwami emhlabeni
ukubalekela kwakho ukuba khona kwami emhlabeni
okulihlazo
Ihlazo ukuthi udle usuthe mina ungayigqizi
qakala eyokuthi ngidlile yini uma ngidlile
ngisuthile yini

Ukuphila kwakho kulovile emqanseni wendlela
yokuphila kwami
Kungaze kugqashuke ukuphila kwakho ungabazi
ubuso bami okungcono ungibone kanye
ungiphike uphimise phambi kwami uthi umama
ukusulela ngesisu ube wazi kahle ukuthi
wanyamalala ngoba sekukhukhumala isisu

Bangalokhu befakaza bethi unothando nozwelo
zof'izinsizwa kosala izibongo
Ufile ungafile kimi kuyefana zof'izinsizwa
namanyala azo kosala amavezandlebe
nezinhliziyo ezincela emthonjeni wenhlupheko

Mama baba baba mama uma kungukuthi aningihlelelanga
ukuthi ngizalwe ukungahleli kwezingqondo zenu
nokungahleleki kwezinkanuko zenu
akungehleli ekuphileni kwami
Ngoba mina angicelanga ukuba ngizalwe
Ngoba mina angishongo ukuthi ngifuna ukulethwa
lapha emhlabeni

Mama ngoba ubaba angimazi wena ngiyakwazi
for sure wena mama uyamazi ngicela ukumazi
ungangitsheli ukuthi awumazi
'Mtanami nami angimazi sahlangana emcimbini
wokuzijuxuza sishisilwa igazi ngamgcina lapho'

Mama mina ngingumphumela wokubopheka
komqondo wakho
Mina ngumkhiqizo womzimba wakho
Ngihlale izinyanga eziyisishiyagalolunye
esibelethweni sakho
Musa ukubhodlela amaphutha akho lapha kimi
noma ngabe wawungahlelile kodwa hleleka
ngothando kimi

Uma kuthiwa ngazikhethela umama ngangingeke
ngikhethe ukuba nomama nje nje onjengawe
nje nje onje
Mhlambe angabe kungcono ukube wathi uqeda
ukungibeletha wamane wangiphonsa emgqonyeni
ngitholwe ilaba abaqoqa udoti bangiqoqe nami
bangihlalise kwabezenhlalakahle ngihlalekahle
nosonhlalakahle abangangazi ngoba wena
okufanele angabe uyangazi awungazi kodwa
uyazi ukuthi kufanele uhole imali yeqolo
ngami

Wena mama ungihlukumezela amaphutha akho,
wena mama ungena ugxikigxe isilonda njengempethu
kodwa lokhu kwakho kuncane kunalokhu okukhulu
inkosi esangibekele kona
Wena mama angathi awungizalanga wangihlanza
Mina kuyafana nokuthi angizalwanga umuntu
wesifazane kodwa ngazalwa amathumbu akhe
abolile

Mama baba baba mama uma kungukuthi aningihlelelanga
ukuthi ngizalwe ukungahleli kwezingqondo zenu
nokungahleleki kwezinkanuko zenu akungehleli
ekuphileni kwami Ngoba mina angicelanga ukuba
ngizalwe
Ngoba mina angishongo ukuthi ngifuna ukulethwa
lapha emhlabeni