2008-04-30

Siyizimbongi sakh’isizwe

Abanye obaba bayasikhohlisa
Abanye obaba bayasilahlekisa
ungizwe kahle dade angididekile
ngithi abanye obaba bayasidukisa
Uma senza kahle bathi sifuze bona
‘Oh my boy boy ufuze mina mfana
wami okusho ukuthi uhamba
ezinyathelweni zikayihlo’

Kodwa uma sike senza iphutha bayasiduba
bathi sidudwa omamabethu bayasivuna
bakhohlwe ukuthi ibona abajola phambi
kwethuuma sibabamba oqotsheni bathi
asibabize ngomalume nobhuti

Koze kube nini mihla namalanga lomama
ukhiqiza isiphethu sezinyembezi?
Koze kube nini mihla namalanga kulomama
kugobhoza umfula wezinyembezi?
Usunakene nalaba othi asibabize ngomam’ncane
awusho ngani ukuthi ibona omam’khulu ngoba
lona owashada naye wafunga izithembiso phambi
komfundisi usumlahlise okwenyongo
yenyathi.

Usengumtshingo ubethwa ngubani.
Minake nezingane zakwethu usenzelani
suffice it I say wake wasenzelani?
Ubhizi wondlana nezingane zamanye
amadoda sewaphenduka i-ATM labo nondindwa
nabangani bamanga dadonsa kuwena.

Baba bangaki odadewethu nabafwethu
obafihlile esingabazi ekhaya?
Noma ungangithembisa isibhakela anginendaba
kodwa akukho okufihliwe okungasoze kwavela
obala.
Bonke bokubona la, sonke sokubona la
nazo zonke zokubona la.
… baba ngicel’impendulo

Ngimbongi ngakh’isizwe
vumelani lesi sizwe sizwe lemiyalezo yami
Simbongi sakh’izizwe vumelani lezizizwe
zizwe lemiyalezo yalezinkondlo zethu.
Buphi ubuntu emadodeni?

Angilahlekelwe inhlonipho,
Ukukhula kwami okusho inhlakanipho
Kudala ngithuli ngoba ngisaba isibhakela, impama,
unyawo nokungaphakelwa uma ngike ngabuza.
Ma anginayo imali yokudl’esikoleni
impendulo izinyembezi ubab’akanazo izinseka
ingakho engangiseki

Mama mama ungakhali ubaba komqoqa ukuhlwa
Mama mama ubaba komqoqa ukufa.
Ilamapiki namafosholo nalomhlabathi
kobe sekuphenduke ikhaya lakhe.

Nalo ekade ngithembele kuyena usemile
izimpiko wangiphika ngoba anginamali,
angigqoki kahle, ngihamba ngezinyawo
anginamoto.
Usethole abazomnika ngakho konke naye
abagixabeze ngakho konke futhi bonke.
...
Usedayisa ngomzimba wakhe akhohlwe ukuthi
uyithempeli lophezulu usehambela phezulu
uhlala emaflethini lapho ngingeke ngifike
khona mina.
Usekhohliwe ukuthi awukho umngwcabo
eflethini uzobuya somgwcaba la.

Bobe sebemulaxazile ngoba vele bayilamagovu
akhonkothayo, nezimbodla ezibhodla amazwi
enkohliso nezethembiso zembumbiso nemiqondo
ehlale iqhonyelwe.
Bavukelwe ...uthando olungekho ngoba bahlale
bebheke njalo ngaphansi kwesiketi
ngoba imiqondo yabo ihlale ingqanyelwe ucansi

Ngimbongi ngakh’isizwe
vumelani lesi sizwe sizwe lemiyalezo yami
Simbongi sakh’izizwe vumelani lezizizwe
zizwe lemiyalezo yalezinkondlo zethu.

We are the poets we are building this,
that, these the...the...the
those nations.
Let these people perceive and conceive
the notion of justice and give birth to
the spirit of ubuntu.
Buphi ubuntu emadodeni?
Buphi ubuntu emadodeni?




Egameni lezimbongi
Kubona bonke laba abasilalelayo abasikhuthazayo-
Siyabonga
Kubona bonke laba abasigxeka ngokwakhayo-
Ukwanda kwaliwa umthakathi.
Kubona bonke laba abasicindezelayo
… asinendaba

Ngimbongi ngakh’isizwe
vumelani isizwe sizwe lemiyalezo yami
Simbongi sakh’izizwe vumelani izizwe
zizwe lemiyalezo yalezinkondlo zethu