2008-09-20

Qathaza phela (original piece)

Sekunyuka iminyakanyaka nami engingayazi ngilokhu
ngikutshelana nento eyodwa kodwa wena ubhizi ulokhu
ungitshelana nalesi saga-sisho sakho esisodwa esithi
ucu aluhlangani.
Kodwa wena walokhu uzihlupha nje ngokulokhu
uhlanganisa mina angikaze ngithi hlanganisana nocu
Ngakhoke khohlwa ilezinto zakho ozihlanganisayo
ezingahlangani hlangana nami uyabona kuyahlangana

Sekungaze kuphele iminyaka emihlanu ngilokhu
ngikutshelana nento eyodwa kanti wena ungowakwa
Nongoma yini?
Yabonake manje into engizomane ngiyenze sengizomane
ngikusheshise ngalezi zezangoma khona uzoyivuma
ushesha lengoma yami

Okulandelayo sengizomane ngikudubeke ukukushela
manje... sengizoku advicer manje ngakhoke into
ongangisiza ngayo ukuthi umane uhlukane nalo
'ntshebe' wakho kungenjalo umane usho uma
ungafuni... ngiyadlala nawe usuhamba ngempela
kanti wena udlaliswa ngempande uyingane yesangoma
yini?

Sweatie my dululu uyangihlanyisa wena wangithembisa
wathi usahamba usaya kocabanga bese uyabuya
uyangiwisela qarara qathaza phela
Ntombazane azishe azishe qathaza phela


Uthando lwami lusezingeni eliphezulu lihlolwe abakwa
SABS hhayi lolu lalo ntshebe wakho oluhlolwe abakwa
SAB

Noma usungangiphika manje kodwa ngesikhathi sisebancane
uma sidlala umasgcozi ngangiba ubaba wena ube umama
sithume izingane esitolo mbumbulu sisale sobabili
ngisale ngidedele imbumbulu

Sweatie my dululu uyangihlanyisa wena wangithembisa
wathi usahamba usaya kocabanga bese uyabuya
uyangiwisela qarara qathaza phela
Ntombazane azishe azishe qathaza phela

Bayeke laba abangithatha kancane bacabanga ukuthi
konke okwami kuncanyana balokhu bethi ayihlabi
ngakumisa basho inkomo phela thina bantu sihlaba
ngommese omuncanyana

Ningicika kabi uma senihamba nobabili nihambe
nincikana nimincisana nifuna ukubukwa ukuthi
niyathandana nibizana ngo babie la ...
agga nibadala kangaka futhi anifanelani wena ntshebe
leli geja ohamba nalo imina umphini walo wena
uyideputy iphini lami ungaphiki lohamba for sure
iphini lami

Sweatie my dululu uyangihlanyisa wena wangithembisa
wathi usahamba usaya kocabanga bese uyabuya
uyangiwisela qarara qathaza phela
Ntombazane azishe azishe qathaza phela



Khululeka ngeke ngilushaye udaka njengalokhu
kwakho onako manje.
Mina nawe sizohlala ezindaweni ezithe thuthu.
... underliner lapho ... ezindaweni ezithe
thuthu lapho kukhona khona itiyela hhayi
udaka.

Ekse ungangithathi kancane, ekse
ungangithathi kasmall ngoba ngingakaze
ngithandwe ngaphambilini.
Ungangithathi kancane ngiyazibamb'izingane
mina ... izingane zasekhaya uma ngiziwelisa
umgwaqo.

Kodwa vele nawe kuyafana nokuthi awukaze
uthande ngaphambilini ngoba vele
lento yakho iyabhacaza kodwa kithina ihlale
ithi iyadlala.
Bese iswela umgodi wokucasha ngoba wena
uhamba umkhosi womhlanga minyaka yonke.
Futhi uwubamba ungawi.



Sweatie my dululu uyangihlanyisa phela wena
wangithembisa wathi usahamba usaya kocabanga
bese uyabuya uyangiwisela
qarara qathaza phela; ntombazane azishe
... qathaza phela