2009-09-08

Musa ukungixhopha ngezinyembezi

Ngiyazi kukhona owangithwalayo
Ngiyazi kukhona owangizalayo
Kodwa mina ngizaliswe okwechwane lenyoka
kwathiwa lendlela enameva amthuqasi angiziphendlele
Ngoba owangizalayo ungikhiphe wathi angizibonele
lamahlathi ngizigawulele nalezizimbokodo ngiziqhekezele

Mina angimazi owangithwalayo, mina angimazi
owangizalayo
Mina ezami izindebe azikaze ziliphimise igama
elithi mama ngaphandle kwalabogogo abangahoshelani
nomhlaba ababuya nobaba emajoyintini njalo uma
kushona ilanga

Namhlanje 'mfana uMa wakho lo' nangakusasa omunye
'mfana uMa wakho lo'.
Nabo phambi kwamehlo akhe banweba imilomo athi
angafulathela bangitshele ezinhlamvini zamehlo
ukuthi bona abanakubizwa ngomama ingane yomunye
umfazi, bona abanakuklewulelwa ingane abangayazi

Mama ebusheni bakho mina bengiwumlando omdala kodwa
manje ngoba ususethunzini lokufa sekuthiwa mina
angizokubona angikubize ngomama ngoba wena manje
usuyakhala

Sssshhhhh thula umsindo udedele izindebe ziphimise
okunesisindo
Musa ukungithela ngezinyembezi, musa ukungixhopha
ngezinyembezi

Wena uncamele ukungilaxaza phansi ngoba ujahe umendo
nongithole phansi awumushiyelanga imbeleko
yokungibeletha kodwa wena ubukwazi ukubeletha
izingane zomyeni wakho
Wena awungigonanga mina, awungifudumezanga mina
awungithulisanga ngikhala mina kodwa ukwazile
ukushushuzela okungezona ezakho
Okungezona ezakho zikwazile ukuphimisa igama elithi
mama zilibhekise kuwe
Kodwa wena manje usuyangibihlikela

Sssshhhhh thula umsindo udedele izindebe ziphimise
okunesisindo
Musa ukungithela ngezinyembezi, musa ukungixhopha
ngezinyembezi

Kulombhede olele kuwo inyama yomzimba wakho ngiyayibona
isinamathele emathambweni, umphefumulo ngiyawubona
uklebhukile izindebe zakho zicela uxolo kimi
Ucela ukuba ngikusule izinyembezi kepha wena
ungangisulanga ezami

Sssshhhhh thula umsindo udedele izindebe ziphimise
okunesisindo
Musa ukungithela ngezinyembezi, musa ukungixhopha
ngezinyembezi