2008-04-15

Sivukile isishimane

Khuluma ngithule, thula ngikhulume
Zithini ezakamumva?
Bathini abazishwashwathayo?
Bathi isishimane sivukile emaqandeni
sesizame kwaze kwalunga
Bengisafihle induku emqubeni bengisazulisile
Kodwa ngasho ngathi loze line nasemhlabeni
wezishimane amaNdiya azotshala
ihalaal khona nami ngizodla upelepele
ngize ngibe nesishwapha kodwa mina owami
ngeke ngimgone emphakathini
ngizohlonipha ngizomgona ehlathini

Baqinisile abazishwashwathayo yize bekade
bengicindezela phela nami sengizocindezela
...ezinye izishimane
Usizi lwesishimane seluphenduke injabulo
yesishimane sengihleka kuze kuvele elomhlathi
kudala ngithanda kodwa ngiyaqala ukuthandwa
heyi uNkulunkulu ubathanda bonke abantu bakhe.

Uma ngiyomvala ngixegelwa ibhulukwe,
amadolo nomunye umbhemu ophuma kuphela
uma ngisendlini encanyana okwathiwa ekhaya
angingamkhiphi ngoba wandisa abantu eMzansi
ngendlela edid'uSathane

Angisheshe ngivalelise phela ngeskill sothando
ziyasala ngisemusha kulendima yezothando
nalomabebeza angaze acele isinqanda umqansa
Habe! nay'ingulube inginonela

Uvukil'uMphumeleli
Heyi mina ngis'shimane