2009-04-29

Ngilambile

Yabona mina ngimina, mina ngimina
angiphili njengawe ngoba wena uwena.
Mina ngiphila ngokucela kwabanakho
nawe onakho
Nina aningiboni mina ngifana nani ngoba
njalo nina uma ngicela nina nithi mina
ngiyisicefe abanye benu bangikhwifa
ngamathe uma bengibona bathi ngiyanyanyisa

Abadala uma behamba nabancane abancane
bangikhomba ngeminwe bangibuke banyanye
bathi mina nguhlanya angisile
Abadala ababakhuzi laba abancane,
abadala bavumelana nabancane bathi
mina ngigqoka okudabukile angishintshi
ngiyanuka

Kodwa mina bengithi kukho konke eninakho
bengicela ungiphe okuncane onakho
Selokhu kutheni angidlile; ngilambile
Izikelemu ziyangiluma ngilambile
Ngicela ungiphe okuncane onakho

Nami bengifisa ukuba nekhaya uma lina
liduma ngingene endlini
Uma kubanda ngingene phansi kwengubo
Uma ngilambile ngidle ngisuthe
Ukuthi umama ukupatanise kanjani ukudla
kodwa mina ngingalali ngingadlile
Nami bengifisa ukudlala nabangangami
ngibabize ngabangani bami ngikhulume
ngomama wami mhlambe nangobaba wami

Kodwa akubanga njalo ngoba ubaba
esikhundleni sokuthi athenge ukudla
ekhaya ubethenga utshwala;
esikhundleni sokuthi asondle ubondla
amanye amadoda emajoyintinikodwa uma
ebuya ekhaya ubekufuna ngendluzula
ukudla

Ubehlale efingqe amaqupha izibhakela
zakhe besezakhe ubudlelwano nomzimba
kamama
Kuye ubesethole ipunchbag kithi
ubesethole amabhola okukhahlelwa
Kodwa uma seyiphelile imali sebudamukile
notshwala ubesiqoqa sonke athi thina
siyizingane zakhe uyasithanda umama
umfazi wakhe uyamthanda

Mina ngihlulekile ukubekezela ngabaleka
ekhaya
Ngikhuluma nje angazi yini noma umama
nabafowethu basaphila mhlambe
isiyabahlafuna lengwenya engabashiya nabo;
mhlambe seyakhonkotha yaze yabadla lenja
yegovu engabashiya nalo

Mina ngifuna ukubuyela ekhaya nami
ngiyafisa ukubuyela ekhaya ngoba nina
ningibiza ngamagama okungesiwona awami,
uma ngikhuluma akekho ongizwayo
nabadakwayo bathi bangcono kunami,
abanye kuthi abahlanze baphalaze uma
bengibona
Nina anazi mina angizenzanga ukuthi ngibe
njena, mina angithandi ukuba njena

Mina kukho konke eninakho bengicela
ningiphe okuncane eninakho.
Selokhu kutheni angidlile;
ngilambile.
Ngilunywa izikelemu; ngilambile
Ngicela ungiphe okuncane onakho

Ngoba nina nithi thina uma nisinika
imali thina sithenga insangu ngicela
unginike ukudlake
Mhlambe leyonsangu iwusizo kimi ngoba
ingizibisa indlala nosizi olwakha
izinsizi emqondweni

Wena uma okwakho ukudla ukuthola ebhodweni
mina okwami ngikuthola uma wena usudlile
watshinga
Wena uma okwakho ukudla ukuthola epuletini
okwami ngikuthola kubhangqwe nokubolile
emgqonyeni

Kuthi hlanza phalaza nje uma ungibona
mhlambe eyakho ngomuso izobe ila,
mhlambe eyakho ngomuso izobe icela njengami,
isisu sayo silunywe izikelemu njengami
Shhhhh ... thula wena ngane enekhaya esuthi
awungazi ngilethwe yini la nami nginengqondo
nemizwa njengawe, umzimba nomphefumulo
thula wena ngane enekhaya esuthi wena
awunakukhuluma ngami wena awazi ngami tshela
lohamba naye ukuthi

kukho konke eninakho bengicela ningiphe
okuncane eninakho.
Selokhu kutheni angidlile; ngilambile
Ngilunywa izikelemu; ngilambile
Ngicela ungiphe okuncane onakho