2009-02-05

Lezi zizwe

Nginkosi yamakhosi nombusi wababusi
ngembethe ingubo yokukhanya nodumo lobukhosi
Ngidale lezi zizwe nokuphila kwazo
Nginqaba ezinhlungwini, enhluphekweni, osizini,
ebunzimeni nasebumnyameni bokuphila kwakho

Ngininike inkululeko yokuba nibuse emhlabeni
nakho konke okungaphezu kwawo
Kodwa lezi zizwe ... lezi zizwe zingidumisa
ngezindebe zomlomo kuphela kodwa izinhliziyo
zazo zikude nami ngoba ziphendukezela umusa
nombuso wami .... lezi zizwe

Lezi zizwe zikhonza ipolitiki nezindlela
zikaLusifa ziphatha ngeze igama lami
Enjabulweni nasembusweni yasemhlabeni
nihambela kude nobuso bami kodwa
ezivunguvungwini nasekuxakekeni nibhekisa
kimi okomzuzwana ngithele umoya wami
beseniyangifulathela niphike nama thushu-sithe
omhlaba ongaphansi kwami

Ngininike inkululeko yokuba nibuse emhlabeni
nakho konke okungaphezu kwawo kodwa
lezi zizwe ... lezi zizwe zingidumisa
ngezindebe zomlomo kuphela kodwa izinhliziyo
zazo zikude nami ngoba ziphendukezela umusa
nombuso wami .... lezi zizwe

Lezi zizwe zinemiqondo efingqiwe zibuswa
inzondo nomhobholo ngabanye nokwabanye bese
zifihla amakhanda egameni lami kanti imizimba
ivelile
Ngemizimba eyithempeli lami nenza ukukhohlakala
okuhlohlwa inkanuko nezenzo zobunyala

Amabandla azondana wodwa ukuhleba ilona vangeli
elishunyayelwayo
Ukugxekana kudume ukudlula u-eksodusi 20
Nobufundisi sekwaphenduka ibhizinisi kufuduka
abakhohlisi nabadukisi
Nimemeza igama lami mihla namalanga kodwa
nihluleka ukwamukela imifanekiso yami eduze
kwenu bese ekuhluphekeni nithi nginifulathele
kanti inina eningifulathele

Lezi zizwe lezi zizwe ziphendula umusa
nombuso wami lezi zizwe

Abanye bafike badlwengule, babambe inkunzi,
bathakathe, baqwayize, bafebe bese bebuswa
inzondo nomona bese bezenza ongcwelengcwele
emasontweni bathandaze baze baqhashe imithambo
eziphongweni nasezidlathini kanti balele
unyendle nicashela ba ngoba ngiyanibona