2008-07-29

Khansela sicel'intuthuko

Bathi isemaqeleni emaqaqasini
kwangqingetshe kwankomo zikhiqiza
upholishi bathathe omame basinde
kunethezeke kuphinde kuhlanzeke
amalawu.

Ntombazane buy'esikoleni ufuqe
ukudla uthathe isigubhu uyokh'amanzi
emfuleni.
Ubuye uphembe umlilo ugeze ungxawu
ugxumeke idelifude eziko upheke.

Mfana qhuba izimbongolo uyokha
amanzi emfuleni.
Uzoth'ukha zona nezinkomo ziyaphuza
ngaphezulu.
Nalebhuduzela iyabhukuda.
Amakholwa kade ebhabhadisana ngayizolo.

Nalentombazanyana ena-16 enezingane
ezimbili iwasha amanabukeni ngenhla.
Kodwa wakhe ngoba ayikho into ozoyenza,
wakhe, nezizukulwane ezingemvakwakho
oyihlomkhulu nokhulukhulwane babephuza
wona, wakhe.

Ekhaya umama ugqula ummbila, osalayo
owebhodwe lezinkobe ngakusasa.
Izingane zibanga amalahle e-ayina
lombhadeko zilungiselela isikole
ngakusasa.

Kothiw'umlilo lenqwaba yezingane
ibheke leli bhodwe eliseziko.
Futhi kufanele bashiye umfudumezo
isikhokho sasekuseni ukuze bazibe
umphangazane esikoleni.

Konke lokhu kuyangithukuthelisa
kuthi angithuthe emphakathini kepha
ngizoyaphi ngoba inkaba yami ilele la.
Umphakathi uhlala entuthwini
esikhundleni sentuthuko ufuqwa uthuli
awuthuthukiswa yize kufanele uthuthuke,
uthuthukiswe.
Futhi awuthuli kade wawucela intuthuko
kodwa ikhansela alikhulumi lithuli.

Khansela, khansela sicel'intuthuko
"It's still in the pipeline"
Hee eeh asifune mapayipi nolayini
Khansela, khansela sicel'intuthuko

Zolo lokhu kade uhamba ngezinyawo
sifuqwa uthuli nawe.
Ubuhamb'usineka insinsitheka yonke
indlela uzenza into enomusa ngoba
ufuna sikuvotele ukuthi ube ikhansela.
Manje ngoba usuyikhansela wikhansela
ngempela usikhanselela intuthuko.

Awuhlali nala uhlala lapho kukhona
khona intuthuko ubuya ngoba uhlele
lemihlanganywana yakho engasiyisi
ndawo bese ulokhu uhamb'uqumba la
ufutheka kambe nawe usuwaba nomkhaba
usukhohliwe ukuthi wavotelwa ithina
futhi ithina esingakudiliza.

'Zwi labantu uthuleleni ikhansala
lenza izinto ezibuthuntu.
Samalung'omphakathi siyakuthuma
hamba ekhanseleni sizokulinda
emnyango.
Tell him to speak out sifun'intuthuko.
Uma egoloza push him out so that we
can sort him out.

Nawe kodwa uma usibuyela nempendulo
ebuthuntu this time ithambo
lomkhalambazo lizokhala kuwena because
we'll sort you out.
Kodwa ungakhohlwa ukumukhumbuza ukuthi:

Khansela, khansela sicel'intuthuko.
Uma ethi it's still in the pipeline
mtshele ukuthi asikubuzanga lokho
futhi thina asifune mapayipi nolayini.