2009-01-16

sphalaphala ngiyaqhaqhazelisa

Ukubhakubhakuza kwenhliziyo yami in
collaboration with ukucabanga kwengqondo
yami featuring udubulageqe kadel'unina
siphethe imasterkey songqekeza inhliziyo
yale shander par egolozayo
For sure nawe uyazizwela
namhlanje mntwana uyangiwisela

Nazi izimbali zomhlaba izinto ... kazi
zomhlaba
Ngicela ukukhetha phakathi kwaglamour,
ismomo-Ndiya nesiphalaphala
Pitipiti Botha (hhayi Botha angikubalanga
wayona manje le list yami?)
dayi futefute futelema weh. Weeeeeh mame

Ngihamba nowesithathu kulaba abathathu
sengimuthathile ngiyazi anicushwa mathatha
please ningabe nisamuthatha
Phela lo uyilo engimufunayo, engimudingayo,
engimufisayo ngoba unale material
engingculisayo

Ngiyazi nawe sphalaphala kade wangi-after
before kodwa.
Uzoba wedwa kimina akekho ozokubangisa
elokhu efuna ukukucoboshisa nokukusoconga
ethi "uyifunani indoda yami" x2
elokhu enyusa iziketi ngoba nawe uzosuke
unyuse iziketi
Qhalaqhala sorry I mean sphalaphala
... ngiyathanda lapho

Musani ukungibhebhe ... bhedela aniboni
ngigudla nesiphalaphala hhe mhlaba
ngiyaqhaqhazelisa

Sphalaphala thena mba, phezulu kancane,
kancane phansi gijima gijima for sure
phakathi nendawo ziyasha wini ikhadi

Sengigadle zephuka ngagcoba namashiya aze
afuna ukuqothuka, sengiphuphe ngaze ngagive
upper inhliziyo yami isidabuke okudlula
amansense esangoma
Uma ngingase ngibanjwe uwena njengethwasa
angabe sengiphothulile selingamane libhubhe
noma usengabuya azolanda ibandla lakhe
Uma bengathi ungidlisile angiliboni iphutha
wenza kahle ungibize uma usuyowuvuselela
umane ube owangunaphakade

Musani ukungibhebhe ... bhedela aniboni
ngigudla nesiphalaphala hhe mhlaba
ngiyaqhaqhazelisa

Phela wena umu... hhayi fill in the missing
words ngama alphabets amathathu nawe uyazazi
ukuthi wimodel answer yobuhle, uma kuthiwa
eskoleni kuphaswa ngobuhle wena angabe wasuka
kwagrade R waya kamatric

Mina nawe ngifuna sibe amazinyo nolimi
singahlukani njengamachoice assorted
nokhisimusi, sizwanisise njengomfundi
wakwa-engeneering nescrew-driver

Musani ukungibhebhe ... bhedela aniboni
ngigudla nesiphalaphala hhe mhlaba
ngiyaqhaqhazelisa

Bonke laba abakufaneli ungabashelisi wena nabo
nifana namanzi namafutha, akuhlangani njengePirates
nendebe akuzwani inkukhu nempaka
Kodwa nawe njalo uhlale ungiphikisa nje ukuthi
ngiwrong noma ngiright wena uma uphikile
uqedile
Uma kuthiwa wiqembu lezepolitiki angabe ngithi
wilunga lokuqina leDA

Kodwa noma usungangiphika manje kodwa ngesikhathi
sisebancane uma sidlala umas'gcozi ngangiba ubaba
wena ube umama sithume izingane estolo mbumbulu
ngisale ngidedel'imbumbulu

Musani ukungibhebhe ... bhedela aniboni
ngigudla nesiphalaphala hhe mhlaba
ngiyaqhaqhazelisa

Bayeke laba abangithatha kancane ngoba ngimncanyana
ngiyababona bacabanga ukuthi konke okwami kuncanyana
Nabanye balokhu bethi ayihlabi ngakumisa
Basho inkomo hhayi mina phela thina bothina uma
sihlaba siyammisa ... ummese omncanyana