2008-06-10

KUYOQHUMA NHLAMVU

Nangu umabhengwane omabhadubhadu ixoki
lephixiphixi elixova izinhliziyo zabantu
ngokushoshela phansi njengomswenya
ngenxa yenzondo, umona nenhliziyo embi
licabanga ukuthi alibonwa.

Umbulali, umdlwenguli, umthakathi,
usomona nawe mzondi kodwa lemini
iyeza nakuwe.
Kuyoqhuma nhlamvu ezinye zofekela.

Uzibona uyisihlakaniphi esihlakaniphe
okudlula umvelinqangi.
Uthi ungumfundisi ushumayela umemeze
igama lendodana yokuphila athandazele
abantu uthi uyabagcwelisa kanti
uyabangcolisa ngoba izandla zakho
esezishiye intandane nabafelokazi.
Emzimbeni ufake izivatho zesonto
ngezandla upheth’ibhayibheli.

Uthi uyakholwa kanti ulikholwa
mbumbulu ukhohlisa abasemhlabeni
kanti awazi udlala ngegeja
kuziliwe usukhohliwe ukuthi umdali
owakudalayo ukwazi uzalwa, ucabanga,
wazi namanyala owenza ebumnyameni.
Ngoba wadala wena nami wakhulisa,
waphilisa, wahlenga futhi angathatha
noma inini.

Hhayi bo! Khuza wenembeza, nqanda
wenliziyo, khumbuza wengqondo ukuthi
konke esikwenza laph'emhlabeni
okwesikhashana konke ngamaphelela
phansi.

Kodwa lemini iyeza nakuwe.
Kuyoqhuma nhlamvu ezinye zofekela.

Uyimbuzi ugudl’iguma uma kukhalwa
uyakhala kanti ungena ngenxeba
njengempethu.
Uma kuhlekwa nawe uhleka
ugegetheke uveze elomhlathi kanti
uzifihla ubunjalo bakho unone
ngaphakathi njengendlanzi uthi
lala lulaza ngizokwengula; inhliziyo
iyathatha iyabeka ngaphakathi.

Yajula ingqondo, yavuk'umbhejazane
inzondo, wamila amaphiko umona.
Uthi izingane zabanye azikwazi
ukuphumelela zibe nekusasa
eliqhakazile eyakho elayo libe
lilele etarven nakwimfulamfula.

Ayikwazi ingane yomunye ukuba notho
imunikeze utho abe notho eyakho
ibe ihlale ibuya nezinkambabeyibuza
yezingozi ezingeqiwa ntwala akanti
iyisidakwa yahlulwa isikole ngoba
ithi siyabambezela ithi ifuna ukuba
isikhokho ngoba bona abufundelwa
uma usubona ezingezona izikhokho ufuna
ukuthi nezabanye azibe njengeyakho.

Kuyoqhuma nhlamvu ezinye zofekela.
Wobe ungasekho ureverse;
kodwa kuyayiwa ezulwini

Akuvelwa entabeni kanyekanye
njengamadleb’embongolo.
Yebo suqale sonke lomshikashika
kodwa asikwazi ukunqoba sonke
abanye bophumelela abanye ngeke
baphumelele.

Mina nguMphumeleli success is
my fate ngunkunz’emnyama
iyazisabithole, ngisimbelambela
angithi nyaka ngimbela
ongimbelayo ngimdwayidwa ngimdaka
ngiyisishimane saseMzansi.

Kuyoqhuma nhlamvu ezinye zofekela.

Yilowo nalowo uzalelwe esonweni futhi
ngoba ukufa kwafika ngesono ungabuzi
mina obuza u-Adamu inyoka nesithelo
esiphakathi nendawo ngoba mina
engikwaziyo ukuthi uNkulunkulu
usiphile ukuphila, lokhu kuphila
okusendodaneni yakhe ngoba onoJesu
Christu unokuphila.

Wadala mina, wena, bona,
thina nabo ukuba sibe ikhaya lakhe
kepha uSathane ufuna sibe ikhaya
lakhe lokucasha isikhashana.