2008-11-11

ANGICELANGA

Owangidalayo mina wangidala ngenhloso
uma kungezona izinhloso ngakhoke unenhloso
ngokuphila kwami
Owangidalayo mina wathuma izithunywa ukuba
zingakhe
Uma kungukuthi zangakha bangakha ngephutha;
mina angilona iphutha kodwa ukuphuthuma
kwabo okunemiphumela engamaphutha okuyiphutha

Uma lo wesifazane ethi wayengahlelile nalo
wesilisa ethi wayengaqondile bobabili
behlangana ngami kimi bethi mina ngingumkhiqizo
wephutha mina anginalo iphutha ngoba angicelanga
futhi angishongo ukuthi ngifuna ukuzalwa

Ngangingekho mina nidla ukuphila kwenu
ningacabangi ngomzuzu olandelayo
Ngangingekho mina ngangingekho imiqondo yenu
iqosheme ngangingekho
Ngangingekho mina ongaphansi ethokoziswa ukuthi
ucindezelwe nigculisa izinkanuko zenu kungekho
inhlansi yomcabango ehlalukayo ngemiphumela
yokwenziwa ngasese ovela ngaphandle
Uma umphumela usuphumela ngaphandle bese
kuphela ukuthandana bese niyanyanyana wena
mlisa bese uyanyamalala

Mama baba baba mama uma kungukuthi aningihlelelanga
ukuthi ngizalwe ukungahleli kwezingqondo zenu
nokungahleleki kwezinkanuko zenu
akungehleli ekuphileni kwami
Ngoba mina angicelanga ukuba ngizalwe
Ngoba mina angishongo ukuthi ngifuna ukulethwa
lapha emhlabeni

Ukungabi kwakho nezinseka akusho ukuthi
ungangiseki
Akulona ihlazo ukuba khona kwami emhlabeni
ukubalekela kwakho ukuba khona kwami emhlabeni
okulihlazo
Ihlazo ukuthi udle usuthe mina ungayigqizi
qakala eyokuthi ngidlile yini uma ngidlile
ngisuthile yini

Ukuphila kwakho kulovile emqanseni wendlela
yokuphila kwami
Kungaze kugqashuke ukuphila kwakho ungabazi
ubuso bami okungcono ungibone kanye
ungiphike uphimise phambi kwami uthi umama
ukusulela ngesisu ube wazi kahle ukuthi
wanyamalala ngoba sekukhukhumala isisu

Bangalokhu befakaza bethi unothando nozwelo
zof'izinsizwa kosala izibongo
Ufile ungafile kimi kuyefana zof'izinsizwa
namanyala azo kosala amavezandlebe
nezinhliziyo ezincela emthonjeni wenhlupheko

Mama baba baba mama uma kungukuthi aningihlelelanga
ukuthi ngizalwe ukungahleli kwezingqondo zenu
nokungahleleki kwezinkanuko zenu
akungehleli ekuphileni kwami
Ngoba mina angicelanga ukuba ngizalwe
Ngoba mina angishongo ukuthi ngifuna ukulethwa
lapha emhlabeni

Mama ngoba ubaba angimazi wena ngiyakwazi
for sure wena mama uyamazi ngicela ukumazi
ungangitsheli ukuthi awumazi
'Mtanami nami angimazi sahlangana emcimbini
wokuzijuxuza sishisilwa igazi ngamgcina lapho'

Mama mina ngingumphumela wokubopheka
komqondo wakho
Mina ngumkhiqizo womzimba wakho
Ngihlale izinyanga eziyisishiyagalolunye
esibelethweni sakho
Musa ukubhodlela amaphutha akho lapha kimi
noma ngabe wawungahlelile kodwa hleleka
ngothando kimi

Uma kuthiwa ngazikhethela umama ngangingeke
ngikhethe ukuba nomama nje nje onjengawe
nje nje onje
Mhlambe angabe kungcono ukube wathi uqeda
ukungibeletha wamane wangiphonsa emgqonyeni
ngitholwe ilaba abaqoqa udoti bangiqoqe nami
bangihlalise kwabezenhlalakahle ngihlalekahle
nosonhlalakahle abangangazi ngoba wena
okufanele angabe uyangazi awungazi kodwa
uyazi ukuthi kufanele uhole imali yeqolo
ngami

Wena mama ungihlukumezela amaphutha akho,
wena mama ungena ugxikigxe isilonda njengempethu
kodwa lokhu kwakho kuncane kunalokhu okukhulu
inkosi esangibekele kona
Wena mama angathi awungizalanga wangihlanza
Mina kuyafana nokuthi angizalwanga umuntu
wesifazane kodwa ngazalwa amathumbu akhe
abolile

Mama baba baba mama uma kungukuthi aningihlelelanga
ukuthi ngizalwe ukungahleli kwezingqondo zenu
nokungahleleki kwezinkanuko zenu akungehleli
ekuphileni kwami Ngoba mina angicelanga ukuba
ngizalwe
Ngoba mina angishongo ukuthi ngifuna ukulethwa
lapha emhlabeni

2008-10-14

Lalela la

Ungumafungwase uzinyobulala kithi
Mina nabafwethu uyena kuphela esikwazi
ukuthi dadewethu kuye
Kubazali uyinkanyezi eqhakaza 24/7 uyena
kuphela abakwazi ukuthi ndodakazi kuye
Ukhuliswe ngevangeli nomthandazo zonke
izingqinamba nezinkinganyana ahlangabezana
nazo uguqa ngedolo athandaze abhekise konke
kuye.

Ukhule ephefumula inhlupheko ebhodla indlala
ubedla aphinde agqoke lokho okukhona ngaleso
sikhathi ubengenalo ithuba lokukhetha
Yize bebaningi abeza kuye bemukhetha kodwa
ngoba yena ubesekhethile ngaphakathi kuye
ukuthi akakhethi abamukhethayo ukabakhethi

Ukhule bekungabuswa kithi kupataniswa
uma ephambana nemigomo yakithi ubethethiswa,
engatotoswa engatetenyiswa engaphathiswa
okwesitatanyiswa

Labazali abangafundile kodwa abafundile
bakuqondile ukuthi kufanele afudukele
esikhungweni sezemfundo ukuze naye
ayofunda aphinde mhlambe afunde

Namhlanje usebuswa amalungelo usethi
yena akazotshelwa abazali abangafundile
Iziyalo ayalwa ngazo abadala uthi amanyala
yena udla ubusha bakhe wayengekho ebusheni
babo ngakhoke abazomutshela
Uthi bangazenzi ama-experts belokhu bethi ayihambi
leyondlela ayihambi leyandlela ngoba bona
sebekhathele futhi sebeqedile ukuyihamba
Ngoba uthi uzokwenza okuqondwa umqondo wakhe
ngoba iwona oqondwa lokhu okuqondwa uye
Ngakhoke mudedeleni enze akhulume mudedeleni

Sisi sisi lalela lana uvule la uvale la
musa ukuhamba ulala la ulalela laba
Sibadala siyakutshela sithi ayihambi
leyondlela

Akasagqokeli ukufihla umzimba kodwa usegqokela
ukuwuveza
Emicimbini yokuzijuxuza uyena phambili kodeejay
uyaziveza.
Akugqokayo ukugqokela ukuthi kuveze lonke
ingaphambili nengemumva lakhe khona ezokhangisa.
Ingakho nje bonke abafuna ukugculisa izinkanuko
zabo zabo beza kuye ngoba vele uzoveza.

Yize esemumva ngezinga lempilo kodwa kukhazikhazi
bezimoto zohlobo oluphambili, imicimbi ephambili
uyena phambili.
Uphuzo uludakayo nomgwinyo kubuthwa ngamafosholo
Usehogelile ngamakhala wavula umphimbo wakhamisa
kwadlulela emuqondweni.
Ingqondo yasala ngemumva inkanuko yahamba phambili
kwashisa igazi useqethukile useketukile, imilenze
iwozawoza ibabiza bonke.
Useyahayiza useyakhala amadoda ashadile nangashadile,
anezifo namsulwa, amanye anezingane ezingangaye
ayashintshana ayagqiga oseqedile uyanyamalala.

Uyavuka uyazithuntutha ingaphandle ngoba
ingaphakathi ngeke esalithuntutha osekungenile
kungenile.
Kodwa ekhaya bazi ukuthi uyafunda
Ngoba ekhaya waphuma ethi uya kofunda.
Uma bemukhuza uthi ngivumeleni.

Sisi sisi lalela lana uvule la uvale la
musa ukuhamba ulala la ulalela laba
Sibadala siyakutshela sithi ayihambi
leyondlela

Yonke imicimbi uyakhangisa enziwe, akhangise
enziwe
Sikhukhumale isisu ahhushusle... sikhukhumale
isisu hhayi siyamubambezela ahhushule
Simuhlulile isikole wancamela ukudayisa
ngomzimba ukuze alale edlile kodwa namhlanje
iwona lo mzimba odayisA yena.

Namhlanje akasakwazi ukuzenzela useyenzelwa
wenzelwa ilabo ababengekho enza
Useyakhomba mama mama bamba lana, lana lana,
kubuhlungu lana lana lana bamba lana.
Umama akasakwazi ukumsiza usewaphathwa isifo
samathambo.
Baba baba bamba lana, lana lana kubuhlungu bamba
lana bamba baba lana.
Uthi ubaba akaphindele lapho ephuma khona

Bengithi uzongibiza nami athi Mphumeleli
ngibambe lana kubuhlungu lana kodwa angilitholanga
lelo thuba ngoba ubesebiziwe ngingazi noma
ubesebizwe ngoba ebiziwe noma uyena ozisondezele
izinsuku zokuthi abizwe

2008-09-20

Qathaza phela (original piece)

Sekunyuka iminyakanyaka nami engingayazi ngilokhu
ngikutshelana nento eyodwa kodwa wena ubhizi ulokhu
ungitshelana nalesi saga-sisho sakho esisodwa esithi
ucu aluhlangani.
Kodwa wena walokhu uzihlupha nje ngokulokhu
uhlanganisa mina angikaze ngithi hlanganisana nocu
Ngakhoke khohlwa ilezinto zakho ozihlanganisayo
ezingahlangani hlangana nami uyabona kuyahlangana

Sekungaze kuphele iminyaka emihlanu ngilokhu
ngikutshelana nento eyodwa kanti wena ungowakwa
Nongoma yini?
Yabonake manje into engizomane ngiyenze sengizomane
ngikusheshise ngalezi zezangoma khona uzoyivuma
ushesha lengoma yami

Okulandelayo sengizomane ngikudubeke ukukushela
manje... sengizoku advicer manje ngakhoke into
ongangisiza ngayo ukuthi umane uhlukane nalo
'ntshebe' wakho kungenjalo umane usho uma
ungafuni... ngiyadlala nawe usuhamba ngempela
kanti wena udlaliswa ngempande uyingane yesangoma
yini?

Sweatie my dululu uyangihlanyisa wena wangithembisa
wathi usahamba usaya kocabanga bese uyabuya
uyangiwisela qarara qathaza phela
Ntombazane azishe azishe qathaza phela


Uthando lwami lusezingeni eliphezulu lihlolwe abakwa
SABS hhayi lolu lalo ntshebe wakho oluhlolwe abakwa
SAB

Noma usungangiphika manje kodwa ngesikhathi sisebancane
uma sidlala umasgcozi ngangiba ubaba wena ube umama
sithume izingane esitolo mbumbulu sisale sobabili
ngisale ngidedele imbumbulu

Sweatie my dululu uyangihlanyisa wena wangithembisa
wathi usahamba usaya kocabanga bese uyabuya
uyangiwisela qarara qathaza phela
Ntombazane azishe azishe qathaza phela

Bayeke laba abangithatha kancane bacabanga ukuthi
konke okwami kuncanyana balokhu bethi ayihlabi
ngakumisa basho inkomo phela thina bantu sihlaba
ngommese omuncanyana

Ningicika kabi uma senihamba nobabili nihambe
nincikana nimincisana nifuna ukubukwa ukuthi
niyathandana nibizana ngo babie la ...
agga nibadala kangaka futhi anifanelani wena ntshebe
leli geja ohamba nalo imina umphini walo wena
uyideputy iphini lami ungaphiki lohamba for sure
iphini lami

Sweatie my dululu uyangihlanyisa wena wangithembisa
wathi usahamba usaya kocabanga bese uyabuya
uyangiwisela qarara qathaza phela
Ntombazane azishe azishe qathaza phela



Khululeka ngeke ngilushaye udaka njengalokhu
kwakho onako manje.
Mina nawe sizohlala ezindaweni ezithe thuthu.
... underliner lapho ... ezindaweni ezithe
thuthu lapho kukhona khona itiyela hhayi
udaka.

Ekse ungangithathi kancane, ekse
ungangithathi kasmall ngoba ngingakaze
ngithandwe ngaphambilini.
Ungangithathi kancane ngiyazibamb'izingane
mina ... izingane zasekhaya uma ngiziwelisa
umgwaqo.

Kodwa vele nawe kuyafana nokuthi awukaze
uthande ngaphambilini ngoba vele
lento yakho iyabhacaza kodwa kithina ihlale
ithi iyadlala.
Bese iswela umgodi wokucasha ngoba wena
uhamba umkhosi womhlanga minyaka yonke.
Futhi uwubamba ungawi.



Sweatie my dululu uyangihlanyisa phela wena
wangithembisa wathi usahamba usaya kocabanga
bese uyabuya uyangiwisela
qarara qathaza phela; ntombazane azishe
... qathaza phela

2008-08-31

Agizalanga ngabola amathumbu

Ngangingengedwa wakhiwa …
ngangingengedwa ngikwakha
lalela la mhlambe uzongizwa kahle ngithi
ngangingengedwa sikwakha
Kepha ngangingedwa ngikuthwele ngaphakathi kimi
izinyanga eziyisishiyagalolunye ngangingedwa
Ngangingedwa bekupopola bekuhlola ukuthi
usakhahlela usaphila yini ngaphakathi kimi
Ngangingedwa bengihleba bengikokozela
bethi angabe umithiswe isipoki yini uphi ubaba
wayo?

Ngangingedwa bengitshela ukuthi mina
sengiphakathi kokufa nokuphila kungafa mina
kusale wena, kungasala wena kufe mina
Bheka mina nginomthungo ngahlinzwa lungakafiki
usuku lwakho wena wakhulela ebhodleleni

Ngangithi ngichelela isihlahla ngegazi
nomphefumulo wami kepha namhlanje
sesikhiqiza izithelo ezibolile

Kepha namhlanje kuyafana nokuthi angizalanga
ngabola amathumbu, angizalanga ngabola amathimbu

Wena uyisiqalekiso kimi uyisinengiso kophezulu
angizalanga ngabola, angizalanga ngabola amathumbu

Mina bengehla ngenyuka nawe nginyuka ngehla nawe
ngisebenza, ngishanela, ngiwasha ngikorobha
emakhishini nawe emhlane
Ngangithi ngibelethe ingane kanti ngibelethe
uSathane kanti ngibelethe idimoni
Bengiwa ngivuka nawe, ngivuka ngiwa nawe ngizamela
wena ngoba lomgulukudu owuyihlo ngamgcina
ngimtshela ukuthi uSomandla usesibusise ngosana
Ngamugcina lapho ngoba vele uspecializer nge hit
and run isoka lamanyala akakaze akuthengele ngisho
iNyala yephalishi leli

Lalela la ngunyoko mina ngiyakuzala bengikuphipha
ngikufinyise ngikugeze unqunu ngikuxubhe
lamazinywana akho mfana wami
Kepha namhlanje ngalo mlomo wakho wena usukwazi
ukuchapha mina ngenhlamba, ungibize ngonondindwa
Uma kuthiwa ngangazi ngangizokuhushula ungakaphumi
ngaphakathi kimi, ungakahlumi ngisho amathambo
ngaphakathi esiswini sami, ungakamili ngisho ihluli
legazi ngaphakathi kimi
Okungono ngihlulelwe ngecala engilaziyo
kunalamacala ongithwesa wona engingawazi

Angizalanga ngabola amathumbu, angizalanga
ngabola amathumbu

Ngangingazi ukuthi ngizala isixhwanguxhwangu
esizothi uma sesidakwe iphilisi sibuye sizofuna
ukungihlahlela
Kuke kwangqangqazela umphefumulo, kwahlasimula
umzimba izandla zathatha intambo, izandla
zabopha isihibe esizongena emqaleni wami
Lo mphefumulo ngiyawukhipha,
lo mhlaba uyahlaba ngiyawushiya
Lo mzimba ngiyawulengisa
Lomntwana uyisiqalekiso kimi

Angizalanga ngabola amathumbu … angizalanga
ngabola amathumbu.

Usuwoxola Somandla, usuwongithethelela
ngelosi yokuphila lo mphefumulo ngiyawunquma
ungakasho wena
Ungangiqaqi mfana wami, ungayinqumi le ntambo
esemqaleni wami incane kabi kunalezono ezibophe
ukuphila kwakho
Incane le kunale ebophe umphefumulo wakho
Lokhu engikwenzayo ngikwenziswa ukukuthanda
okungcono ngife ngezandla zami kunokuthi
ngife ngezandla zakho

Angizalanga ngabola amathumbu, angizalanga
ngabola amathumbu

Thixo thwala mina, uthwale izinkinga zami
uphinde uthwale nomthwalo wami.
Inhliziyo enecala ayikutholi ukuphumula
Inhliziyo enecala ayikutholi ukuphumula

2008-08-19

CLICK HERE TO VIEW MY IMAGES SLIDE SHOW

Slide - Share Slide Show: "http://www.slide.com/r/2lzp_WLh1j_eCTgqeJq3Fo5D0AYd67KY?previous_view=mscd_embedded_url&view=original"

2008-07-29

Khansela sicel'intuthuko

Bathi isemaqeleni emaqaqasini
kwangqingetshe kwankomo zikhiqiza
upholishi bathathe omame basinde
kunethezeke kuphinde kuhlanzeke
amalawu.

Ntombazane buy'esikoleni ufuqe
ukudla uthathe isigubhu uyokh'amanzi
emfuleni.
Ubuye uphembe umlilo ugeze ungxawu
ugxumeke idelifude eziko upheke.

Mfana qhuba izimbongolo uyokha
amanzi emfuleni.
Uzoth'ukha zona nezinkomo ziyaphuza
ngaphezulu.
Nalebhuduzela iyabhukuda.
Amakholwa kade ebhabhadisana ngayizolo.

Nalentombazanyana ena-16 enezingane
ezimbili iwasha amanabukeni ngenhla.
Kodwa wakhe ngoba ayikho into ozoyenza,
wakhe, nezizukulwane ezingemvakwakho
oyihlomkhulu nokhulukhulwane babephuza
wona, wakhe.

Ekhaya umama ugqula ummbila, osalayo
owebhodwe lezinkobe ngakusasa.
Izingane zibanga amalahle e-ayina
lombhadeko zilungiselela isikole
ngakusasa.

Kothiw'umlilo lenqwaba yezingane
ibheke leli bhodwe eliseziko.
Futhi kufanele bashiye umfudumezo
isikhokho sasekuseni ukuze bazibe
umphangazane esikoleni.

Konke lokhu kuyangithukuthelisa
kuthi angithuthe emphakathini kepha
ngizoyaphi ngoba inkaba yami ilele la.
Umphakathi uhlala entuthwini
esikhundleni sentuthuko ufuqwa uthuli
awuthuthukiswa yize kufanele uthuthuke,
uthuthukiswe.
Futhi awuthuli kade wawucela intuthuko
kodwa ikhansela alikhulumi lithuli.

Khansela, khansela sicel'intuthuko
"It's still in the pipeline"
Hee eeh asifune mapayipi nolayini
Khansela, khansela sicel'intuthuko

Zolo lokhu kade uhamba ngezinyawo
sifuqwa uthuli nawe.
Ubuhamb'usineka insinsitheka yonke
indlela uzenza into enomusa ngoba
ufuna sikuvotele ukuthi ube ikhansela.
Manje ngoba usuyikhansela wikhansela
ngempela usikhanselela intuthuko.

Awuhlali nala uhlala lapho kukhona
khona intuthuko ubuya ngoba uhlele
lemihlanganywana yakho engasiyisi
ndawo bese ulokhu uhamb'uqumba la
ufutheka kambe nawe usuwaba nomkhaba
usukhohliwe ukuthi wavotelwa ithina
futhi ithina esingakudiliza.

'Zwi labantu uthuleleni ikhansala
lenza izinto ezibuthuntu.
Samalung'omphakathi siyakuthuma
hamba ekhanseleni sizokulinda
emnyango.
Tell him to speak out sifun'intuthuko.
Uma egoloza push him out so that we
can sort him out.

Nawe kodwa uma usibuyela nempendulo
ebuthuntu this time ithambo
lomkhalambazo lizokhala kuwena because
we'll sort you out.
Kodwa ungakhohlwa ukumukhumbuza ukuthi:

Khansela, khansela sicel'intuthuko.
Uma ethi it's still in the pipeline
mtshele ukuthi asikubuzanga lokho
futhi thina asifune mapayipi nolayini.

2008-07-09

Bakhuluma ngobulungiswa

Umthetho nobulungiswa eSouth Africa ubhuti
nosisi abangakhulumisani futhi abangezwani
ngoba baqhelelene.
Kodwa basuka ndawonye futhi baya ndawonye
ngoba bazalwa ndawonye ingakho kungafanele
bahlukaniswe ngoba kufanele bahlale
bendawonye.

But justice walks right and the law walks
left instead of togetherness.
Nginezandla ezimbili (law and justice)
ngakho lezi zandla zami kufanele
ngiphefumulele kuzona ukuze zifudumale
bese ngithatha umqondo wami ngubeke
phezu kwazo ukuze zisebenze kanyekanye
zenze lokho ezikucabangelwe umqondo wami.

They talk justice, justice but fail to
do what is just.
Justice, justice but fail to live justice
Bakhuluma ngobulungiswa ngobulungiswa
kodwa abalungile la (emqondweni)instead
balungisa imikhba yabo.

Uhulumeni akawuvikeli umphakathi
kdwa osopolitiki nosophalamende
emizini yabo, nabo bagadwa njengemali
yasereserve bank.

Isikhathi sokuthi the government voted
by the people to be the government for
he people.
Isikhathi sokuthi iBlack Economic Empowerment
ibe iBlack Economic Empowerment
besekuyekwa ukudayiselwa umphakathi izibhamu
because there is no reason to reason that
reason of selling something with one reason:
which is to shoot people

I'm the voice of these people let these
people perceive and conceive the notion of
justice and give birth to the spirit of
ubuntu.

They talk justice, justice but fail to
do what is just.
Justice, justice but fail to live justice
Bakhuluma ngobulungiswa ngobulungiswa
kodwa abalungile la (emqondweni)instead
balungisa imikhaba yabo.

Akusona isikhathi sokulapha abahlukumezekile
kodwa isikhathi sokwakha amajele abahlukumezayo
hhayi ukubopha ingane angabe ziyayalwa

Isikhathi sokuthi ngiqale impilo yami
kabusha ukuze ngibe musha.

2008-06-10

KUYOQHUMA NHLAMVU

Nangu umabhengwane omabhadubhadu ixoki
lephixiphixi elixova izinhliziyo zabantu
ngokushoshela phansi njengomswenya
ngenxa yenzondo, umona nenhliziyo embi
licabanga ukuthi alibonwa.

Umbulali, umdlwenguli, umthakathi,
usomona nawe mzondi kodwa lemini
iyeza nakuwe.
Kuyoqhuma nhlamvu ezinye zofekela.

Uzibona uyisihlakaniphi esihlakaniphe
okudlula umvelinqangi.
Uthi ungumfundisi ushumayela umemeze
igama lendodana yokuphila athandazele
abantu uthi uyabagcwelisa kanti
uyabangcolisa ngoba izandla zakho
esezishiye intandane nabafelokazi.
Emzimbeni ufake izivatho zesonto
ngezandla upheth’ibhayibheli.

Uthi uyakholwa kanti ulikholwa
mbumbulu ukhohlisa abasemhlabeni
kanti awazi udlala ngegeja
kuziliwe usukhohliwe ukuthi umdali
owakudalayo ukwazi uzalwa, ucabanga,
wazi namanyala owenza ebumnyameni.
Ngoba wadala wena nami wakhulisa,
waphilisa, wahlenga futhi angathatha
noma inini.

Hhayi bo! Khuza wenembeza, nqanda
wenliziyo, khumbuza wengqondo ukuthi
konke esikwenza laph'emhlabeni
okwesikhashana konke ngamaphelela
phansi.

Kodwa lemini iyeza nakuwe.
Kuyoqhuma nhlamvu ezinye zofekela.

Uyimbuzi ugudl’iguma uma kukhalwa
uyakhala kanti ungena ngenxeba
njengempethu.
Uma kuhlekwa nawe uhleka
ugegetheke uveze elomhlathi kanti
uzifihla ubunjalo bakho unone
ngaphakathi njengendlanzi uthi
lala lulaza ngizokwengula; inhliziyo
iyathatha iyabeka ngaphakathi.

Yajula ingqondo, yavuk'umbhejazane
inzondo, wamila amaphiko umona.
Uthi izingane zabanye azikwazi
ukuphumelela zibe nekusasa
eliqhakazile eyakho elayo libe
lilele etarven nakwimfulamfula.

Ayikwazi ingane yomunye ukuba notho
imunikeze utho abe notho eyakho
ibe ihlale ibuya nezinkambabeyibuza
yezingozi ezingeqiwa ntwala akanti
iyisidakwa yahlulwa isikole ngoba
ithi siyabambezela ithi ifuna ukuba
isikhokho ngoba bona abufundelwa
uma usubona ezingezona izikhokho ufuna
ukuthi nezabanye azibe njengeyakho.

Kuyoqhuma nhlamvu ezinye zofekela.
Wobe ungasekho ureverse;
kodwa kuyayiwa ezulwini

Akuvelwa entabeni kanyekanye
njengamadleb’embongolo.
Yebo suqale sonke lomshikashika
kodwa asikwazi ukunqoba sonke
abanye bophumelela abanye ngeke
baphumelele.

Mina nguMphumeleli success is
my fate ngunkunz’emnyama
iyazisabithole, ngisimbelambela
angithi nyaka ngimbela
ongimbelayo ngimdwayidwa ngimdaka
ngiyisishimane saseMzansi.

Kuyoqhuma nhlamvu ezinye zofekela.

Yilowo nalowo uzalelwe esonweni futhi
ngoba ukufa kwafika ngesono ungabuzi
mina obuza u-Adamu inyoka nesithelo
esiphakathi nendawo ngoba mina
engikwaziyo ukuthi uNkulunkulu
usiphile ukuphila, lokhu kuphila
okusendodaneni yakhe ngoba onoJesu
Christu unokuphila.

Wadala mina, wena, bona,
thina nabo ukuba sibe ikhaya lakhe
kepha uSathane ufuna sibe ikhaya
lakhe lokucasha isikhashana.

2008-05-23

Umbulalelani um-Afrika

"why you kill me my broda why you kill
me my friend bekos im black you black
my blood is red and you is red we are all
africans and even worse we are all black"

Wadinwa umuntu omnyama udinelwe omunye
umuntu omnyama
Wadinwa umuntu omnyama intukuthelo yahamba
phambili ingqondo yasal'emumava ujabulela
ukuvela esixukwini sabangaphusile
ngokomqondo.

Vela la (engqondweni)hhayi la(empini)
Um-Afrika versus um-Afrika impi yomdabu
with no mission nor vision only violence
pursued by racist faces
Bashonaph'ubuntu kubantu?

umshayelani? Umbulalelani?
uzotholani uma esehambile?
wenzeni?

Asisngaphelelwa ubuntu nenhlonipho
ukukhula kwethu akusho inhlonopho
ngoba uma sesehlelwa amabhadi sithi
ukuthi vele mina ngimnyama ngadalelwa
ukuhlupheka.

Bese sithi uNkulunkulu usifulathele
kanti ithina esifulathele uNkulunkulu
ngezenzo zethu zobunyoka
Sithandaze sibhekise kophezulu futhi
silindele okuhle
Uthi akakuzwe kanjani ubulala abantu bakhe?

umshayelani? umbulalelani?
uzotholani uma esehambile?
wenzeni?

Luyeza luyanyelela usuku esingalaziyo
angabe sothini uma indodana isizolanda
abakholelwa kophezulu?
Mdali khumbul'i-Afrika ... Mdali khumbula
uMzansi.
God can you hear me speak?
God remember Afrika ... God remember the
South side of Afrika

umshayelani? umbulalelani?
uzotholani uma esehambile?
wenzeni?

2008-05-20

Khona engizomdidisa

Heh ma-Afrika ngicela ukubhala inkondlo
edidisayo kodwa engadukisi ngoba mina
khona lona engizomdidisa.
Khuluma ngilalele, lalela ngikhulume.
Khuluma ngithule, thula ngikhulume.

Phela mina ngumshini wokushela
angipheli moya.
Ngizokulandela woze ungiqathazele.
Ngizokulandela woze ungiwisele.
Ngeke ngikuyeke woze uthi "hhayi
okungcono iba uno.1 makhwapheni wami"

Angingqongqozi ngiyaknocka ngalomqulu
wamazwi onguqukethe angizile
ukuzokuqulisa amacala okuthi kade
ngakuqala wena awungiqomi ngani kepha
ngithe asiqondane siqu siqu ukuze
siqinisekise ukuthi ngempela ngempela
ubani iqili nengqungqulu phakathi kwami
nawe uma sekuziwa ngasebucikweni bamazwi
okushela nokushelwa.

Ngizokubuza ukuthi uqonda nini ukuthi
ngiyakuthanda … ukuxoxa nawe.
Uqonda nini ukuthi kade ngazishaya
ngawe futhi angabe kade ngakukhiphela
ngoba nginaso isifiso sokukhuluma
ukuthi bengingathi ngiyakushela
angazi ukuthi ngingakuqala ngithini.

Ngoba nginalenkinga engaxazululeki
esihlule imithi namaphilisi,onesi
nalabodokotela baseCuba, abathandazi
nezinyangakazi zakuloMhlab'uyalingana.
Inkinga yami ukuthi ukuthi ngiyakusaba.
Kodwa okuhle ukuthi mina nawe siyathandana.
Inkinga ekhona ukuthi ngenxa yamaphupho
nemicabango yami wena awazi kwazi mina
kuphela.

Kodwa noma ningathin mina khona
lona engizomdidisa.
Eeeh bafethu khon'engizomdidisa.
Hhawu majita ake ningiforwadeleni
amaqhinga okushela ngifuna ukudididisa
lomabebeza engimshelayo.

Angithi uzosuke ungibuze ukuthi
ngikuthandelani besengiphelelwa ulayini.
Angithi uyalazi usizi lwami lokuthi
ziyasala ngeskill sokushela.
Angithi nawe bengike ngaqala umane ulokhu
ungitshela ukuthi hhayi wena une ‘O’ yakho
kanti nina nihlukana nini nalento yakho?

Mane ungenzele lento ibe-easy so ke,
Mane ungenzele lento ibe lula so ke
ngoba uyabona awuqondeki, mane ungigaye
ngenamba yakho khona lolu daba lwami
ngizolugcizelela kumxit.
Ngimdaka ngisishimane esineziqu zokushela.
Yes women through mxit for sure I will
definitely say it.

Kodwa noma ningathin mina khona lona
engizomdidisa.
Eeeh bafethu khon'engizomdidisa.
Hhawu majita ake ningiforwadeleni
amaqhinga okushela ngifuna ukudididisa
lomabebeza engimshelayo.

Ngifuna mina naye siphule ireckodi lomhlaba
lokuba abantu bokuqala abaqala ukuqoma
at the age over 25 khona wonke umuntu
ezosho ukuthi cha lezi ngane kade
ziziphethe kahle enye ayikwazi ukushela
enye ayishelwa okusho ukuthu lolu thando
lwazo luzoba sezingeni eli-extra small.
Awukahle munt'omdala namacomments
ngangingekho ebusheni bakho.

Uma ngingase ngimbambe angabe ngomqalelwa
ubani?
He eeh angisheshe ngivalelise lo mtwana
angaze acele isinqanda.
Nayingulube inginonela ngizomqala ngalaphi?

Ngifuna ukugudla naye ngamabomu phambi
kolova khona bezoshaya amakhwela becabanga
ukuthi sengiyokhwela eJerusalema kanti
mina ngisaqhuba indabandaba futhi
angiboni ukuthi kuzolonga.

Kulungile mntanomuntu sengokubona kusasa
usizeke ungasiqgoki leso siketi sakho
ngoba lolu daba lwami ngeke ngiluqede
omunye umbhemu ongazicuph'ikhala uzosuke
aqumbe phansi kwengxazu.

Phela mina khona engizomdidisa.

Angipheli moya ungitshelele lowakho ukuthi
oyishayile akakayosi,; oyosile akakayidli;
oyidlile udl'icala.
The one hitting no frying,
the one frying no eating,
the one eating eat the case.

2008-04-30

Siyizimbongi sakh’isizwe

Abanye obaba bayasikhohlisa
Abanye obaba bayasilahlekisa
ungizwe kahle dade angididekile
ngithi abanye obaba bayasidukisa
Uma senza kahle bathi sifuze bona
‘Oh my boy boy ufuze mina mfana
wami okusho ukuthi uhamba
ezinyathelweni zikayihlo’

Kodwa uma sike senza iphutha bayasiduba
bathi sidudwa omamabethu bayasivuna
bakhohlwe ukuthi ibona abajola phambi
kwethuuma sibabamba oqotsheni bathi
asibabize ngomalume nobhuti

Koze kube nini mihla namalanga lomama
ukhiqiza isiphethu sezinyembezi?
Koze kube nini mihla namalanga kulomama
kugobhoza umfula wezinyembezi?
Usunakene nalaba othi asibabize ngomam’ncane
awusho ngani ukuthi ibona omam’khulu ngoba
lona owashada naye wafunga izithembiso phambi
komfundisi usumlahlise okwenyongo
yenyathi.

Usengumtshingo ubethwa ngubani.
Minake nezingane zakwethu usenzelani
suffice it I say wake wasenzelani?
Ubhizi wondlana nezingane zamanye
amadoda sewaphenduka i-ATM labo nondindwa
nabangani bamanga dadonsa kuwena.

Baba bangaki odadewethu nabafwethu
obafihlile esingabazi ekhaya?
Noma ungangithembisa isibhakela anginendaba
kodwa akukho okufihliwe okungasoze kwavela
obala.
Bonke bokubona la, sonke sokubona la
nazo zonke zokubona la.
… baba ngicel’impendulo

Ngimbongi ngakh’isizwe
vumelani lesi sizwe sizwe lemiyalezo yami
Simbongi sakh’izizwe vumelani lezizizwe
zizwe lemiyalezo yalezinkondlo zethu.
Buphi ubuntu emadodeni?

Angilahlekelwe inhlonipho,
Ukukhula kwami okusho inhlakanipho
Kudala ngithuli ngoba ngisaba isibhakela, impama,
unyawo nokungaphakelwa uma ngike ngabuza.
Ma anginayo imali yokudl’esikoleni
impendulo izinyembezi ubab’akanazo izinseka
ingakho engangiseki

Mama mama ungakhali ubaba komqoqa ukuhlwa
Mama mama ubaba komqoqa ukufa.
Ilamapiki namafosholo nalomhlabathi
kobe sekuphenduke ikhaya lakhe.

Nalo ekade ngithembele kuyena usemile
izimpiko wangiphika ngoba anginamali,
angigqoki kahle, ngihamba ngezinyawo
anginamoto.
Usethole abazomnika ngakho konke naye
abagixabeze ngakho konke futhi bonke.
...
Usedayisa ngomzimba wakhe akhohlwe ukuthi
uyithempeli lophezulu usehambela phezulu
uhlala emaflethini lapho ngingeke ngifike
khona mina.
Usekhohliwe ukuthi awukho umngwcabo
eflethini uzobuya somgwcaba la.

Bobe sebemulaxazile ngoba vele bayilamagovu
akhonkothayo, nezimbodla ezibhodla amazwi
enkohliso nezethembiso zembumbiso nemiqondo
ehlale iqhonyelwe.
Bavukelwe ...uthando olungekho ngoba bahlale
bebheke njalo ngaphansi kwesiketi
ngoba imiqondo yabo ihlale ingqanyelwe ucansi

Ngimbongi ngakh’isizwe
vumelani lesi sizwe sizwe lemiyalezo yami
Simbongi sakh’izizwe vumelani lezizizwe
zizwe lemiyalezo yalezinkondlo zethu.

We are the poets we are building this,
that, these the...the...the
those nations.
Let these people perceive and conceive
the notion of justice and give birth to
the spirit of ubuntu.
Buphi ubuntu emadodeni?
Buphi ubuntu emadodeni?




Egameni lezimbongi
Kubona bonke laba abasilalelayo abasikhuthazayo-
Siyabonga
Kubona bonke laba abasigxeka ngokwakhayo-
Ukwanda kwaliwa umthakathi.
Kubona bonke laba abasicindezelayo
… asinendaba

Ngimbongi ngakh’isizwe
vumelani isizwe sizwe lemiyalezo yami
Simbongi sakh’izizwe vumelani izizwe
zizwe lemiyalezo yalezinkondlo zethu

2008-04-27

Dear nkosazane - lo muntu

Dear nkosazane ngicela ungivulele
amaphiko enhliziyo yakho
Ngicela uvule izandla zakho
ngikwazise ukusemajukujukwini
okujula kwenhliziyo yami
Dear nko...si yenhliziyo yami
Sterling senjabulo nendumalo yami
President wothando lwami
be the resident of my heart

Bafethu kunalomuntu.
hhayi loyo, hhayi futhi loyaya, nalabo
Ngisho lo, lo muntu.
Angisho kodwa wena nhliziyo nawe
ngqondo ukuthi cabangani ngaye
phela imina kuphela okufanele
acabange ngaye lo muntu, lo.

Nhliziyo nawe ngqondo phela nina
ningakhohlwa ukuthi nakhelwa kimima
kodwa lokho akusho ukuthi kufanele
ningxambukele ezindabeni zami.
Niyezwa?
Asingaxabani-ke uma sengihaya lenkondlo.
Nawe ndlebe ngokunjalo ungangizwisi
izinto ezizongenza ngicasuke uma ngithi
ngiyajula ngicabanga lo muntu.
Okuzwile kugcine kuwena.
Angidinge spy and translator.

Ngisho lo muntu, lo
Hhayi loyo, hhayi loyaya nalabo
Ngisho lo muntu, lo
Lo muntu, lo.

Akukho suku lapho ngangiqala khona
ukumbona phela mina
naye before sizalwe size la
emhlabeni saqale sahlangana
ezulwini sihlanganiswa uMdali omdala
Ngoba sesila emhlabeni sesihamba
phezu kweziyalo zomdala

Labo nalabaya ngiyababona kodwa bona
abangiyisi ndawo ngoba phela bona
ngabafica la emhlabeni sebevele behlabekile.
Mina ngihamba nalo, lo muntu.
Phela lo muntu uyahleka uma ngihleka,
ukuthi ngihlekani akayigqizi qakala leyo yena
phela kokunye uke ahleke ukuthi ngiyahleka
noma ngabe sengiqephuqephuza okungesemahlaya.

Uma ngivukelwa … ulaka ngihlanya
naye uvukelwa … ulaka ahlanye kodwa
asixabani phela thina isilona iqhude
nesikhukhukazi lapho uma uqhude
enganikwa aye ajahe usikhukhukazi
kube mapeketwane; singabakhulukazi.
Nomhlaba uyazi.

Uma ngisezinhlungwini isifuba sakhe
siphenduka sibe umqamelo wami.
Sihlanganise izindebe sixoxe ngetomorrow.
Ngisho yena, lo, lo muntu.
Kazi ubani owoba nesibindi nephaphu laso
asihlukanise ngoba thina asihlukani
sicomplex instead we re-combine and regather
uma sengibeka ngolimi londlebe zikhany’ilanga.

Hhayi ngoba sihlangene kepha sahlangana
nalo muntu.
Sahlangana kwabonakala ukuthi sihlangene.
Sahlala kwangahlambalazeka muntu.
Ungadideki angididekile dade:

Ngisho lo muntu
Hhayi loyo, hhayi futhi loyaya nalabo
Ngisho lo muntu yedwa,
Ngisho lo muntu, ehhe, lo.

Uma lo muntu ezamula phambi kwami
ngibona inhliziyo yakhe icakwe
ngokumhlophe kepha uma ezamula phambi
kwabanye bona ababoni nhliziyo futhi
isuke ibomvu.
Nabo bamane bafunde kwezabo phela
umbala obomvu usho igazi okusho ukuthi
uma bezihlanganisa naye uzobadla abafele.

Hheyi madoda lo muntu ngeke ngifa naye
noma kungafika iTsunami thina ngeke
isikhukhule nayo iyababheka abantu
enamandla yokubahlukanisa.

Lo muntu … lo muntu … lo muntu

Imemory yami isifull kodwa ngisaqhubeka
ngicabanga ngaye phela esengikucabangile
ngeke ngikususe uJesu angamane abuye
azolanda ibandla lakhe; kungal’ukwenza.

Elakubo limubhekile phela nalo liyayifunda imove:
Uyazi ukuthi ngicabanga ngaye.
Ngimuthanda okudlula yonk’into -
ngaphandle kwemali.

Nesilungu phela ngisikhipha ngamakhla
uma sengikhuluma ngezothando lokuthanda
lo muntu kuphela isiZulu bese
ngigoqa ngala mazwi.

Muntu come with me, come with me
You’ll never weakness
God is my witness
I’m ain’t heartless
I’m ain’t promiscuous
Hey you’ll never stress
Although I may be penniless
but you’ll never depress
Your hips and lips will never feel loneliness
My lips, my chest, my eyes
are all the fans of togetherness
For now it may seem less but one day if not weeks
you will see my love … my loveness …
ness … ness ngiyakuthanda moss.

Lo muntu … lo .. lo
Ngisho wena muntu
Ngiyamu …… uthando
Hey lo muntu

THE GIRL NEXT DOOR

Yo ntombazane
Uyazi uyangihlanyisa
Futhi uyangihlahlamelisa
Amahips ,amalips kuvele kuthi angikukisse
Those sexy eyes drive me crazy
Kuvele kuthi angikwenze isex
Sengizwa ngishiselwa nayigazi
Kodwa y ungihlanyisa ka so
Uyazi phela ngawe ngingazishaya ziphele ezelobolo
Twenty five wezinkukhu it what you deserve
Kodwa ngoba uwena ungcono u -6 wezimbuzi
Never izinkomo khohlwa
Phela neyakho inkomo ayisaphelele
Ku Joe uwena, ku Mandla, uwena, ku Myende uwena…. Ko yini ube isifebe
Yo phela iqembu lebhola leli
With the reserves ayi -3 ngaphezulu
Abafana basendaweni sebeyayazi bonke imbobo yakho
but still y ungihlanyisa so
phela I don’t mind ukukwenza umfazi
Phela uSihle no Anele bona laba owabazala ngingabakhulisa
Not forgetting u Sanele noSqgemeza
No …no I have made a mistake
Angeke ngikwenze umfazi vele kade waba uye
Mina sengingakwenza umfazikazi
Noma nje intombi yami yokugcina
Kwenginazo
Mhu u kodwa ngingaze ngithi ngizokwenza eyokugcina
Uma kade uyinto yokubalwa yini wena?
Ube nje ungunamba bani kodwa
Uma ziphelele zizonke?
Phela nami ngicela kufana nabo o-joe no mandla, ngicela phale ungizwiswa
Mangabe isekhona yona i-taste
But I don’t think induku yami izofitha
I’ll try and use isibhakela
Although naso ngodinga zibe ningi
Kodwa akunani ngizobhangqa amacondom
Not the usually one ngidinga at least enziwe ngesikhumba senkomo
Kodwa y ungihlanyisa ka so
I love u …
No ..no I wanna make love with you
Just satify my feelings
Im sure nawe uyafuna, vele uhlezi ugovozile
Uveze obala i-anaconda

No matter what they say
The fact is ukuthi uyangihlanyisa
Futhi uyangihalisa
Vele ungivulele maqede ngizenelise
I remember sisakhula sidlala omasgcosi
You were my breakfast, lunch and Supper
Hha ntombazane yakamakhelwane

Collaboration of:
 Crisas Ndlovu
 Sihle Ngidi
 Sanele Mnyende
 Anele Zondi

2008-04-16

LOVE

Sbu: Kudala ngibezwa bekhuluma ngothando
Thinking ukuthi bayayazi lento abakhuluma ngayo
They say bayathanda but abazi yini uthando?
My brother can you tell me what is love?

Sihle: love is nothing till we make it to be something
Love does not exist till you make it exist.
Love can be created but never destroyed
You can’t touch love but you can feel it

Sbu: Hhayi angiyazi mina lento
Ngike ngizwe inhliziyo yami ishaya ngamandla
I can even feel my blood running through my vains
Ingabe wuthand lolu noma cha.

Sihle: Suka lapha wena,
Kanti awuyifundanga yini ibiology at school
Lokhu okushoyo is just blood circulation.
Love is about imaginations
It has nothing to do with the movement of your blood.

Sbu: Okush’ ukuthi this thing of love is complicated
Nakhu ulokhu ushona le nale
Ungangitsheli into eqondile

Sihle: Love is a simple thing
It is us who complicate it.
And it end up complicating our lives
Anyway mfana kithi my advise to you
Ukuthi stay away from this love thing
Wena usemncane kabi
Uthando lukankulunkulu nolwabazali bakho ikhona okusakufanele.

Collaboration of Sihle Ngidi and Crisas Ndlovu (2008)

2008-04-15

Sivukile isishimane

Khuluma ngithule, thula ngikhulume
Zithini ezakamumva?
Bathini abazishwashwathayo?
Bathi isishimane sivukile emaqandeni
sesizame kwaze kwalunga
Bengisafihle induku emqubeni bengisazulisile
Kodwa ngasho ngathi loze line nasemhlabeni
wezishimane amaNdiya azotshala
ihalaal khona nami ngizodla upelepele
ngize ngibe nesishwapha kodwa mina owami
ngeke ngimgone emphakathini
ngizohlonipha ngizomgona ehlathini

Baqinisile abazishwashwathayo yize bekade
bengicindezela phela nami sengizocindezela
...ezinye izishimane
Usizi lwesishimane seluphenduke injabulo
yesishimane sengihleka kuze kuvele elomhlathi
kudala ngithanda kodwa ngiyaqala ukuthandwa
heyi uNkulunkulu ubathanda bonke abantu bakhe.

Uma ngiyomvala ngixegelwa ibhulukwe,
amadolo nomunye umbhemu ophuma kuphela
uma ngisendlini encanyana okwathiwa ekhaya
angingamkhiphi ngoba wandisa abantu eMzansi
ngendlela edid'uSathane

Angisheshe ngivalelise phela ngeskill sothando
ziyasala ngisemusha kulendima yezothando
nalomabebeza angaze acele isinqanda umqansa
Habe! nay'ingulube inginonela

Uvukil'uMphumeleli
Heyi mina ngis'shimane

2008-03-31

Ngicela ungahambi

Ngiyakhumbula ngikucela uxolo kodwa wena
wawuncamela ukucela empunzini uyongiceba
kini ngoba babekucebise ngokuthi abafana
ayikho enye into abayicabangayo uma becela
ukucamtha nawe basuke bekucathamela khona
bezothola ucansi.
Kodwa angikaze ngicikeke ukuthi wena uneconsi
Angicasukanga ngoba ngangincenge uthando
nawe wasizakala usuthole ozohleba ngaye
"yazi oh uyangibhora, uxamu uzufunda ukuma
ngami futhi akagqoki kahle akanamoto uhamba
ngezinyawo" bavume nabangani bakho
bekukhohlisa kanti bangi-aftile

Kwadlula imizuzu, amahora, nezinsuku kwalandela
iminyaka ithuba engalithola ngacwecwa lolu daba
lwami ngalwendlala ukuze silucubungule ukuze
lufike kuwena selunamacebo nomsoco
ozokwenza ungangiphikisi kakhulu.
Ngiyazi wawucuphe ukuthi uma ngike
ngathi "ngiyakuthanda" uzozenza into ecasukayo
isihlinyane ucathi ngizocinana kanti mina
ngangingazile kuwena ukuzokucoba kepha
ngangizokungcoba ngocu engangiluphethe
ngocikicane ngoba ngicela ukuba mina nawe
sicobelelane ngobuciko bothando
olungenazikhinyabezi,
Ngangifuna yona inhliziyo
yakho, bona ubuhle bakho nokunyeke
engeke ngisakusho ngoba senza leya deal
e-unfair

Ngabuka ubuso bakho ngamehlo osizi ngingacwayizi
ngithi angingabhayizi ngijeqeze eceleni mgoba mhlambe
uzobe usungicabangelile.
Ngabonga nganconcoza ngesikhathi unqekuzisa ikhanda
ngangisaba ukuthinta nje kodwa ngalelo langa ngaze
ngakuncinza ngisho izidlathi.
Nami sengingothandiweyo sengizochomela impintshi zami
... for sure ngeke zijabule zizokulandela phela amajita
ahlale elandela ibhodwe eliconsayo.

Ngicela ungangishiyi, please, ngicela ungahambi

Sithe sisaqhuba kahle wena usumila amaphiko
ngiyabona sekusele kancane nokuthi ungiphike;
angilazi iphutha lami, ngibatshela kanjalo abangani
bami ngikhohlwe ukuthi imina engihluleka ukubekezela.
Ngavuma ngoba ngangisancengile ukuthi uzongincisha
kuze kuba sibopha ifindokazi lomshado
mmhu asikwenze konke okwenzeka othandweni
let's make another deal ... azidume

Ngicela ungangishiyi, please, ngicela ungahambi

Loku kudabuka kwenhliziyo yami kudumaza izifiso
zami kodwa engikwenzele kona ngeke kushabalale
noma ungangishalazela bengithi ungowami kanti
ungowethu kodwa bengike ngisole lapho ngithi
'ngiyakuthanda' wena ubumane uthi 'nami kunjalo'.
Kanti wena uyazi ukuti kukhona abangcono abanako
konke, abakunika konke nawe ubagixabeze ngakho
konke, bonke ngaphande kothando kodwa.

Ngoba imina engikunika uthandokazi kazi
uyophelelaphi nalaba bakho abangenalo abafuna
lokho, ngisho lokho, lokho.
Hhayi ukuthi angikufuni mina lokho, ngiyakufuna nami,
ukuthi uthando ilona oluseqhulwini phezulu.
Yaz'ini mina ngisakuthokozela ukuba nawe empilweni
okugqashukile sisengakubopha yize kwagqashulwa
uwena.
Ngeke ngikwazi ukukubopha ngoba alikho icala
engingakuvulela lona amaphoyisa angamane
athi ngidlala ubushimane.

Ngicela ungangishiyi, please, ngicela ungahambi

uma usuyinhlikinhliki ungabuyi usunhlanhlatheka la
kumina uma sebekuhlikizile onhlenhle wohlangana
nami ngihlinyile ukuhleka angithi kwahamba nawe
phela ngangingekho uhambe ubaqethukela njengoba
usuqethukile nje; phinda kubona kulungile

please go, hamba, kulungile hamba

uma kuthiwa ulijuba angabe ngithi jubalala juba
bayokuchutha phambili manje wumuntu
i mean wawumuntu
okungcono angithi hamba muntu
vele sekuzophela maduzane ngempilo yakho
akusekho ukubuyela emuva
vuma mhlambe usengawuphila unyaka owodwa
ngaphezulu angisho ukuthi uzophila kodwa i mean
mhlambe usengawuphila unyaka owodwa ngaphezulu
phela vele wena kade uhlala phezulu emaflethini
lapho bengingeke ngifike khona mina
usula manje phansi ezingeni lami angithi kade
uthi ngiphansi ngihamba ngezinyawo manje
usulele phansi phela awukho umgcwabo eflethini
umgcwabo ilokhu enikade nikwenza i mean kona
ngisho loku okukumbele igodi

Please go, hamba, kulungile hamba

Angikakamtholi ozovala indawo hhayi eyakho wena
kuyafana nokuthi ngiphuze amanzi ngaphinde ngaphalaza
ungadideki dade angiphaphalazile ngiyafakaza kuwena kodwa
sajula isishimane, sikhipha amangwevu isishimane

please go, hamba, kulungile hamba, hamba kubona

2008-03-23

Usizi lwesishimane - Nginenkinga

Mvusi wenyamazane, abuser yobuthongo bami
uma kudlula wena inhliziyo yami
ivuk’umbhejazane ngithi

uma ngivula amafayela ezifiso zami
ngibone ukuthi ngiphelelwe ushatini ayikho lento yami
okungcono angishise impepho ngivuse abaphansi
kube ibona abahola lolu hambo lwami
olusuka eJerusalema lenhliziyo yami
liye eGoligotha yobuso bakho kuwena
khona bezongilekelela kulenkinga
engibhekene nayo la emhlabeni.

Imina engakuqala ngakucela uxolo kepha
manje sengishele ngaze ngakhathala uma

kuwukuthi ngenza iphutha ngicela
umaluju ngiyabona sekufanele ngiphinde
ngicel’uxolo ngihoxe.
Sekuphele amaqhinga sengibathe
ngiyakuxina, ngiyakuxina kepha wena
awuxakaziseki.
Sengiphelelwe amazwi okushela esiZulu sekukudala

inhliziyo yami yathuma umlomo wami nami ukuba
siyikhulumele kuwena ngaphandleke uma
ungangivumela ngicaphune imbijana

kancane esiBhunwini nohhafu wesiPutukezi
ngibone ukuthi ngiphelelaphi

Phela lempicabasha isingaphezu kwami
namazwi ami; mina namazwi ami sobabili.
Ixoxwa ngekhwela … angisho ukuthi
ngizokukhwela kodwa ngingayenza kanjani
into enjengaleyo ngoba wena awukakanginiki
ithikithi lokukhwela ikheshi eliya endumisweni,

ezulwini lakho elincane lakukhwelwa khona;
sengingaligcinake icala ngisale sengidlulela
nakulokhu okhuluma ngakho.
Kodwa ithuba elincane nje elingangivelela
ngingenza sure ukuthi ngikhwela ngiyadilika
ngalamazwi woze ungiwisele selingamane
lithethwe lidlule.

Everytime uma ngikubona no “ntshebe”
wakho inhliziyo yami igay’ibozi ngiyazi
uyaboza futhi akekho fit for wena
hhayi ngoba mina ngitop goal scorer
… ngihlushwa ubuhlungu benhliziyo

WeNtshebe lelo geja ohamba nalo imina umphini
walo wena wideputy yami iphini lami
ungaphiki lo’hamba naye uyisiphiwo sami
ingakho ngifisa mihla namalanga angathi
lolo thandokazi tha … thandwana
lenu kungasa liphele ngisho ozwaneni
… ngihlushwa ubuhlungu benhliziyo
Hhayi mina angisazi

Eh mntwana nginesicelo;
Eh bafethu nginenkinga: lo mntwana akazishayi
usizi lwesishimane… senzenjani isishimane … dlala
Hhah ngiyesababa!

Cabanga nje mina nawe sesigudla sigibele
igusheshe sidlala igumbagumba sithi uma
sihamba ezinye izimoto zisigudlukele kanti
cha ukuthi imigwaqo iyaphambana nje.
Ngithi uma ngishintsha igiya from number1
kuze kube ngizwa isandla sami sifudumala
kanti sesigudlukele kwezinye indawo
… sishintsha isiteshi kwigumbagumba sifaka esejazz
bese uyahleka nami ngihleke wena kodwa
uhleke ukuthi ngiyahleka vice versa
waziveza vele uyazishaya musa ukuzulisa

Eh mntwana nginesicelo;
Eh bafethu nginenkinga: lo mntwana akazishayi
usizi lwesishimane… senzenjani isishimane … dlala
Hhah ngiyesababa

Idlani masoka kobola kodwa ngiyanazisa
is’shimane revolution is imminent watch
this space ubani owathi angithandwa
ngoba ngithanda
… nami angizenzi ukuqina kolimu, inkwethu

igcwel'ulimu

OK angikhohliwe getting back to ngiyamfuna

lomntwana theme uma ngingase ngithole
ivelabahleke for sure ngeke aphunyule ngibuye
ngezinkani angisasheli sengiya adviser, angisesona
is’shimane sengiyisithixo sazo
… kodwa nginenkinga

Eh mntwana nginesicelo;
Eh bafethu nginenkinga: lo mntwana akazishayi
usizi lwesishimane … senzenjani isishimane … dlala
Hhah ngiyesababa

Ibhayibheli elisha eliphume izolo Chapter 1818
ngoKwezishimane verse 90 & a half lithi
kuyoba khona ukugedla kwamazinyo uma leli
likaMthaniya selibuswa izishimane
Angivale ngomthandazo wezishimane


“Somandla baba oyigcwele mnini mandla
wonke wathi abantu abathandane kodwa
mina angithandwa ngiyafunake manje ngoba uma ngicela awuzwa

phela awenze lapho bonke labantwana
engibathafunayo abamane bazizele bona”

Unamanga s'shimane usiza ozisizayo

Eh mntwana nginesicelo;
Eh bafethu nginenkinga: lo mntwana akazishayi
usizilwesishimane… senzenjani isishimane … dlala
Hhah ngiyesababa

2008-03-20

Ngicela ningidedele

Awusho … awungitshele … khuluma
Isho uma kuwukuthi njengoba ngikushela
sengiyashumayela njengomfundisi ethi ushaka
wagwinya uJohn waphinde waphuma kodwa
noma sesingayiyeka eyeNtalashishi neMenerva
ngoba vele iyefana nesathunywa ugwayi sabuya
neboza phela futhi yona
ayi-apply kulecontext yethu phela mina njengoba
ngilakuwena ngithunywe uNku …
inkululeko freedom of choice

Angidukile njengoJohn,
sengikukhethile njengoAubrey futhi angifune
muntu ozongibangisa uJesu angamane abuye
azolanda ibandla lakhe kusale
thina sobabili for sure ngeke uphunyule
uma sesisobabili ngeke ngikushele soshelana
uma ngithi ngiyazishaya ngawe
wena uthi yazi nami bengifuna ukusho njalo.

Ngeke ngisakupheckaja kodwa ngizopheckajwa uwena
ngale ngiresiste futhi uma ngithanda.
WeJesu angabe uyilamulile phela uNkulunkulu
wathi abantu abathandane lo mntwana ulokhu engizulisela.

Eh majita ngicela ningidedele ngishele lomntwana
mhlambe uzongiqathazela

Qinisa amabhathini s’shimane amathunzi ayewukela,
Qinisa inkulumo s’shimane labolova bayashoshela
futhi bacharma ngesilungu abalunguzi bayangena
“what’s up girl give me a hug babygirl”
wee ..geh uzosala uncela ithupha s’shimane

Ngicel’indlela dedan’endleleni masoka I’m looking for
isokakazi

Ungalokhu ukhalaza ngokuthi i-apartheid idlu munyu
ngasendimeni yezothando, i-apartheid ibuye ngenkani
abakhuluma isilungu banikezwa amathuba amaningi
Kwenzenjani nge-affirmative shelling?
Webantu nguvulavala sengigadle zaqhephuka
ngicela i-advice khona ngizocaba lendlela
eya kulomntwana wemzansi akeningidedele

Eh majita ngicela ningidedele ngishele lomntwana
mhlambe uzongiqathazela

Gadla, gadla jikijela s’shimane khona lomabebeza
ezogudla nawe … wadlala kancane lomjita
umdedelelani? Mvimbeni uyashishiliza
idlozi lezishimane

Eh majita ngicela ningamudedeli ashele lomntwana
Ngoba for sure uzolooza
Dedela banye s’shimane ayingangawe

Please ngicela ningidedele

2008-03-17

Duduzile my fohloza ngizokubamba (in collaboration with Master)

Me in collaboration with Master (Thee my African diamond)

Aubrey: sithath’ipoetry sibeka ezingeni eliphezulu
khona nophezulu ezosisikelela.
Is’shimane in collaboration with the Master
of poetry; thee my African gold,
thee my Iragian oil the feeling says
deejaya s'gwadi,
the feeling says deejaya s’gwadi
Duduzile my fohloza ngizokubamba

Master: Saturday afternoon
Maximum temperature at 37 degrees Celsius
The scorching rays of the sun
Editing my plans and wishes
To see duduzile my fohloza
Another broken promise
Extending the line of dishonesty
Ok what is done is done
Let me just
Scroll the first pages of pantsulas diary
ngkutjele nasi I story

Aubrey: Dudu … duduzile my fohloza nasi
istory ubungasilaleli uzoba udumazile mdumazi
wenhliziyo yami kanti wena ungiqathazela nini,
kanti wena uqhuma nini … heh eh ungaqhumi
kodwa bengase ngiqhunyelwe uwena ngingaba yini

Master: Taking it down to memory lane
It was 12 may 2006
Where I first saw duduzile my fohloza
Yes yes duduzile my fohloza
I was on my way to the cinema

Aubrey: nyihihihi ngiyosineka

Master: When I saw u with your man
With my poetic signature my love I endorse
declaring him totally unfit to be your lover
Two weeks later I saw the two of you at a mall
kissing holding hands
Consciously I was like nami ngizobamba

Aubrey: heh kade ngabona ukuthi akumina
ngedwa enginovalo uma kuyiwa ngasesimameni
Master ufisa ukubamba kodwa uyashishiliza;
kanti kwakhala nyonini la kuwena ubugwala
lakuwena has became a legacy,
okungcono asimhlasele sobabili for sure ngeke
aphunyule … kuzoqala wena kodwa.
Duduzile my fohloza I'll catch you offguard

Master: Besides I only do it better when I’m
drunk.
But I swear to the man above ngizokubamba
That’s my long term goal
I better keep it alive
While waiting for the right time
But taking u from your man is part of the plan;
A short term project
I better work hard on my strategy
Cause believe it or not nami ngizombamba
Duduzile my fohloza
I will never give up (never give up ngizombamba)

Aubrey: nami ngizombamba uma sikhompitha for
sure ngizowina phela mina ngishela ngezinga
eliphezulu kunawe futhi wena unezifiso ezidlula
izenzo, owesi 10 lonyaka ulokhushumayela.
duduzile my fohloza ngizokubamba ungamnaki lo
ufuna ukugainer i-experience ngawe angikaze
ngimubone ehamba nomuntu wesimame ngaphandle
kwasisi wakhe.

Imina umampela isoka for sure.
Ngiyawushukumisa umzansi for sure uma ngihamba
nawe uzolokhu encoma uthando lwami nawe ethi
the feeling is de javu.
Duduzile my fohloza ngizokubamba.

Master: Not until the fat lady sings
No it won’t be over till the wedding bell rings
Standing Before pope Benedict exchanging rings
Me and u counted among queens and kings
Bafethu I would never give up ngizombamba
Going to Jamaica for honeymoon
Sitting under tropical shadows
Birds playing jazz for us

Aubrey: hey hey ndoda vuka waphupha emini
manje ziyabhora lezo zinyoni ezidlala ijazz
Mina naye zizosidlalela ihouse sidanse
umakarina makarina neskere bese sisika ikhekhe

Life without u is like poetry without an author
U are like the poetry I never wrote
We complement complete each other
( duduzile my fohloza ngizombamba)

Poetry is u and I (that’s a true lie)
Accepted in the name of love
(duduzile my fohloza ngizombamba

Aubrey: Bengidlala wena awukho kwistandard
sami ukuthi ngingakhompitha nawe
that competition will be unlawful since
uthando lwami luhlolwe abakwa SABS.
Duduzile my fohloza ngizokubamba.

2008-03-12

Blogger Buzz: Learn how to add an image to your blog's header

Blogger Buzz: Learn how to add an image to your blog's header

vote for me

what's up I am a poet you know and my first poem has already been published on poetry.com, a network for international poets, click here to rate my poem or copy and paste it and cast your vote I wanna publish the second one Rate my poem, Go here

2008-02-29

NOW I'M SERIOUS

Tokolo themba
Thokola themba amathunzi ayewukela
Thokola yimvu yolahleko
Thokola ntandane naba bekuhleka … thokola
Thokola nawe mfelokazi ezivathweni zakho ezimnyama
Thokola themba … kuzolunga
Thokola uyingelosi umuhle phansi kwegama lakhe
Unkulunkulu ubathanda bonk’abantu bakhe
Bekezela kuzolunga akuvelwa kanyekanye
entabeni njengamadleb”embongolo
Kuzolunga … bazukujaha usujabule… thokola themba
… thokola themba amathunzi ayewukela thokola

Themba, idla ngedolo phansi thandaza… themba … uzothokoza
Obuza uMandela wahlala ejele waze wadela
Obuza uMbeki ukuthi kulukhuni kanjani ukubheka izwe
elinabantu ababhekile njengathi
Obuza uSteve Biko ukuthi uma ubika ukunganeliseki ngesiBhunu
noma bangakubulala abosala bodla izifiso zakho … ngisho inkululeko
Obuz’uZuma ukuthi uma ugebhile bakuzuma kanjani
ngonondindwa khona bezokudida
Eh muntu omnyama ngithi ungadideki bazofun’ukukudida
bese kuba uwena umdidi wendaba
Phel’ipolitiki idida abantu … iwumdidi … wabantu
…nempilo injalo …thokola themba amathunz’ayewukela
Obuz’uMadlala ukuthi umudlalela ngaseqinisweni they
said they will fix you maybe now they have fixed you.
Wozithol’usufile.

Obuza uMugabe ukuthi uma uwugimbela kwesakho
Omalugaju ababili double B, iBB uBush
Ne side-kick yakhe uBlair bazongxambukela
kodwa ungesabi ngeke bakwenze lutho awunawo uwoyela wena.
Ubuze umama wakho ukuthi ukhalela kanjani ngaphakathi
uma ubaba wakho engasayithumel’imali ekhaya;
esephenduke iATM, AT sebethimulela kuyena
Obuz’izinkophe zakho ukuthi zikhophoza kanjani
uma ungalalanga ekhaya.
Obuza mina, lo, naloyo oseceleni, phambi, emuva kwakho
ukuthi uma ehaya le nkondlo abamzondi yini?
Thokola themba amathunzi ayewukela thokola… uzothokoza

Thokola themba
Ithemba alibulali
Kepha kokunye lifakan’eweni uzibone usuqothukile
Kushabalal’izethembiso
Kushabalal’amathemba
Thokola themba

Phokophela ntandane
Um’uvulindlebe indlela iyavuleka,
Ndlelanhle, mpilonhle, mpilonde
Phokophela ntandane nenja ize iwaqede ngolimi
Putshuka ntandane, putshuka mfelokazi, putshuka
Khokhovula, putshuka skhotheni
Putshuka malugaju
kuloko okubi okukubambile

Khula Aubrey, all is yo’s ola, ola Aubrey
Khula Aubrey khuluma okukhungethe inhliziyo yakho
Ishaye le nkondlo kushukume umzansi
Ungakholwa abakukhohlisayo
Khumbula izinkulumo zikamkhulu wakho
uKhomba 7.
Ukhule uze ungakhokhobi, sesikhathele okhokhovula

Thokola themba amathunzi ayewukela
Thokola … Thokola … thandaza … thanda … themba …uzothokoza


Awudede
Awusondele … ngikuhlebele
Dlala ngizokubukela
Ndlala ngizokufica khona
Qala lahle imina ubhontshisi kuzogcina mina; ngizolandela
Lahlihla ilahle sekuyinto yokulahlwa
Asidlale umagida sibhekane, bheka bheka … ummmhu…
Dunu dunu…
Cha udlala kahle… umamatheka kahle,
uhleka kahle futhi; asiphinde futhi
Noma sebengangishaya emuva kwendlebe
Anginendaba kodwa ngidlalile nawe

Ngibuke-ke manje … ngibheke … uphind’ungibheke
Asithuleni khona engifuna ukukwenza kona
Uyezwa angithi?
Ngifuna ukukuqa…la uzogcina wena; uzolandela
Bese ngidelile… Uyezwa angithi?
Angithi uyazi ngifuna ukukwenzani?
Hawu! Uyazi nje? Angithi uyayazi iBold and Bloodyful?
Cimeza-ke ungabheki uzozwa ngami sengenza.
Cimeza phela … ngizoze ngicasuke phela
… Hho awufuni?

Angisadlalike ungaphinde ungikhulumise
Lento engakwaz’ukwenza lena … walala
Uyakwazi? ngenze phela sibone.
Nxi!!!!!

Yazin? Nganginawe ngiphucwa uwallet wami
Wangisekela ngingenamali
Wangithoba ngisezinhlungwini
Ngasengithole umqamelo esifubeni
sakho ngiphethwe ikhanda futhi wawuhleli eceleni
kwami egumbini labagulelukufa esibhedlela namanje usenami
sengibezwa ngendaba abangani

They’ve thrown me away like a piece of trash
Like yesterday’s garbage
Kodwa … yazin? Inkinga ikuwena.
Ungibangel’ibhadi … awudede … asihlukane

Uwena owathi angingene
Ngewindi lakini ebusuku
Uyayibona lengozi esesiphundu … ngashaywa uyihlo ngebhawodi
Lengozi ela emlenzeni ngayithola ngicashela yena phansi
kombhede
Kwasho wena….
Lesifo enginaso ingenxa yokuqethukaqethuka kwakho
… awudede … asihlukane…
Odede wemuntu … awudede

Ikona ebengifuna ukukwenza kona lokhu
Noma ungabheka-ke
Awudede … sengikhathele
Awudede … ngishaywe umoya
Awudede … hhayi asihlukane
Ungibangela iminciza uyangicika
Awudede …
Awungidedele ngiphokophele phambili
Awudede … ngifuna ukuba nodeda
Ngendlale wabantwana




Usebhobokile

Sekungena ngala, kuphume ngale
Zandil’uyaphi?
‘Ngyaphambili umile wena Weh! No future”
Zandile buya zandile izifo.
“Ongiyeke”
Zanel’uyaphi
Haw Mah ngyazula awukahle
Mhhhhh! … zula nje uzozala.
Uzothi bakuzumile kanti uwena ubuzulelwa ikhanda.

Nonhlanhla unhlanhlathek’uyaphi ebusuku?
Weeeeh nakoke… yini kodwa.
Bazokuhlaba … ngenhlamvu uzobuy’usunhlanhlatheka.
Wena Nhlanhla umufunani-ke uNhlaka
Ngithe 1, 2, 1, 2 Mah wavuma ngesikhathi, nginenhlanhla
phela mina kush’ukuthi ngifuze ubaba, NGIYISOKA.
Mhhhhu …. Idlani masoka kobola … sesibala izinsuku
Sokungcwaba kodwa.

Sekungena ngala, kuphume ngale.
Usebhobokile … mubhekeni usebhobokile.
Useqala ukuqaqeka sebemqaqile … abangani bakhe
Usebhobokile … mubhekeni …usebhobokile
Mqamben’igama “Nang’uQaqeka” eqaqeka kabi Bo!
Bazokuchutha sthutha.
Ayihambi leyondlela.

Mubhekeni usebhobokile.
Take care

Democracy
Okay … I’ve got something to mention and I’m gonna say’em
Siphila impilo lapho ngoR7 umuntu engalahlekelwa impilo yakhe
R7 ONE beer, TWO to THREE sips,
One, Two, One, Two FOUR slopes kudidek’ikhanda
Usuzwa FIVE different men on top of you for more than
SIX times.
Kushaya uSEVEN ekuseni abasazishayi ngawe
Ngo EIGHT uyaphaphama usuthola ukuthi uneAIDS
No-one wants to give an AID to you,

A.S.S (Attention Seeking Syndrome) isiphelile
Usesele yedwa neAIDS yakhe.
Unengculazi useyigcuba.
Ingenxa yenkululeko engayisindawo
I mean … don’t get me wrong
It’s the truth don’t conceal it.
What does DEMOCRACY mean to you?
Is it a DEMO where anyone can try his best on it?
If it’s that DEMO who tests and weighs it?
Is it a DEMON that lures the youth to booze and dope?
If it a DEMON abanjani abanalo?
Is it a DEAL between life and death?
Yebo it’s a deal naba bantu bedidiswa ubala

No, ayikho impendulo so Democracy is Democracy.
Democracy to a Black man means Death.
Democracy to a Black woman means Dizzy.
Democracy to a White man is a Demon.
Democracy Demeans a Boer man.
Democracy Darkens the mind of a Blackman.
It’s the Blackness of ours that activates the Demons of Democracy.
Let’s DEAL with democracy ngoba iyasiDIDA.
Democracy … is lethal

It’s only that we don’t know that we don’t know


Ungavumi
Nangu uVusi evuka esithubeni evuthulula
ulwembu oluvimbe emehlweni akhe
Nangu uVusi eveza uthando lwakhe
oluvumbuka kuyena

Nangu habe! Nangu uVusi
Eviva eveva ekuvusa uhlevane
Nawe uze uvoveke
Nangu nangu uVusi ekuvuthela
Khona uzovuleka bese uyavuma

Pho uvinjwe yini?
Ngoba vele usekuvovile
Usufuna ukuvuma.

Hhayi bo! Ungavumi
Vuka uvantele engakavakashi
Vuka … uvuthe amalamgabi
Uvale … nangu eveza unyawo
Vala …. Angaze avule ngoba ngeke
Umuvimbe uma esekuvuthela
Uzovele uvaleke umlomo

Ungavumi uVusi, uVincent, uVictor benoVukani
Bakuvule … uthando olungekho ngoba
Uzovula bese beyakuvula bese uyavuleka

Vimba naba beza beyisithalavane.
ITsunami kavusi iyavuthela
…. UNGAVUMI …. UNGAVULI
Hey wena VULA …amehlo uvaleleni
UNGAVUMI

Mane uvive, uvuke indlobane weVicky
Naba bekuvezela bekugabisela ngothandwana
Sebevukelwe … uthando

Vala …UNGAVUMI
VALA … thaqa

Ngoba uma usuvezile bakuvezela .UZO…VE…VE…ZELA
Uvuvukal’isisu bese kuvumbuka umuntu
Akuvukele umbhejazane usuwedwa
Bese uvukelwa kakhulu … amahloni

Nangu uVusi … nanguya … (wavuma-ke wena)
Akasekho uVusi usekuhebeza njengevondwe emasimini

Vala … vuka
Ungavezi … ubuphukuphuku

VALA …UNGAVUMI
VUKA …UNGAVUMI …VALA
Watch out

Ngivumele
Ngibazwile bethi unguphuma langa sikothe
Cha he…eeh phela wena awukwazi ukothwa uwonkewonke
Ngivumele ngikothe ngedwa
Angikothe ngedwa, woza

Ngiyabezwa bethi ungusuka sambe
Thina-ke sobabili sukuma sambe
Ngiyabezwa ngibazwile futhi ngisabezwa
Bethi unyathela ngabantwana
Nyathela minake manje sengikhathele inzwabethi
Nyathela mina asinyathelane
Ngeke ngithi “ashu” uma nginyathelwa uwena
Ngizoforca ukuhleka noma ngabe sekubuhlungu

Ngivumele ngikwazise iqiniso eliqinile
Ngivumele … ngivumele ngikwazise
Okusemajukujukwini okujula kwenhliziyo yami
Ngivumele … ngivumele ngikuthathe ngikubeke
Wena uzongiph’indlebe
Ngivumele …

Ngivumele ngiwaqaqe lamaketango
Noma ngabe sekuhlengezela izinyembezi
Angiwaphimise la mazwi
Angupheqe lo mqingo wamafayela
Engingawufunda kuze kube ngiyawafulathela
Anhlamvana
Okwamanje ngivumele okungcono ngikwazise
Isihloko sale ndaba enkulu
Ngeke, ngikubheke ngoba kuzobuya le micabango
Engenza ngingalali ebusuku

Ngivumele ngikwazise iqiniso eliqinile
Ngivumele … ngivumele ngikwazise
Okusemajukujukwini okujula kwenhliziyo yami
Ngivumele … ngivumele ngikuthathe ngikubeke
Wena uzongiph’indlebe
Ngivumele …

Ngiyazi baningi beza kuwena
Ubagixabeza abanye ubagudlula
Ngicela ungangifanisi nabo mina, bona
Angikhohlisani … kholwa imina
Angidlali …angizile ukuzodlala la kuwena
Ngiyadlula kodwa uma ungivumela ngizohlala
Angiqambi amanga ngawafica ekhona
Kulomzuzu ngikhuluma iqiniso ngoba
Lona liyakha uma umuntu evunyelwa
Ababaningi abajwayele ukulikhuluma
Uma befuna ukuvunyelwa.

Ngivumele ngikwazise iqiniso eliqinile
Ngivumele … ngivumele ngikwazise
Okusemajukujukwini okujula kwenhliziyo yami
Ngivumele … ngivumele ngikuthathe ngikubeke
Wena uzongiph’indlebe
Ngivumele …

Vula indlebe ngifake lo myalezo
Lokhu akusikona ukudla kwendlebe
Kepha indlebe yakho iyona edla la mazw’ami
Lalela ngizokuxoxela ukuthi
Zizoba khona izinkinga, kepha sizofunda
Kulona lonke iphutha elizokwenzeka
Asilenzeni … asilusukele yize lungenze lutho
Kodwa bese silenzile sizoba utho
Kulona sizowuthola umfutho njengebutho
Asulenzeni mina sengivumile

Ngivumele … ngivumele
Ngikubonise nawe okubonayo
Ngivumele ngikwazise ngothando
Ngivumele ngikwazise ukuthi ngiyakuthanda
Ngivumele.

Uthando lwami ngawe
Sekunyuka iminyaka-nyaka
Ngizama ukukunyakazisa ngithi
Ngiyakunyonyobela khona uzoxakaziseka
Kepha wena uyangixaka nje ngoba
Umane ungitshele inya-ka-nya-ka
Noma ungangixakazisa uthi uyangixukuza
Ngeke ngikuxebuke
Ungixolele uma kuwukuthi ngiyangxambukela

Ukuthi nje inhliziyo yami i-xa-ke-ki-le
Angisakwazi nokuxoxa okungaphakathi
Enhlizweni yami ngoba wena uzongixoxa
Bese uyangixokiza
Nyi… Nx! Nyi… Nx! Nyi… Nx! …
Bese kuxoveka inhliziyo yam’
Uyazi angiqondile ukukubangela izixakaxaka
Ukuthi ngikhulumela umlomo wami
Phela umlomo wami uyisithunywa
Senhliziyo yami

Ha…hayi Ha…hayi
Hhayi ngoba ngikusaba… ungazikhohlisi
Phela wena angikushi..shi..lizi
Phela manje angisakusheli
Ngoba ngiyabona ngizogcina sengishelela
Okungcono angikushebe ngikushova-shove
Nalenkulumo mhlambe uzosho
Into ezongishukumisa.

Ocabange nje mina nawe, ehhe, mina nawe
Sesigibele igusheshe sidlala igumbagumba
sithi uma siligibele ezinye izimoto zisisigudlukele
kanti cha ukuth’imigwaqo iyaphambana
Ngithi uma ngifaka igiya namba 1, ngiphinde
ngifake u2 no3, sithi isandla sami uma
Sigudluka siwele kuwena bese uyahleka
Nami ngihleke besengihleka
Ukuthi uyahleka

Wena angifuni ukukukhohlisa kepha
Ngifuna sihlanganise izindebe sixoxe
Bese siphushan’izinyevu sivumelane
Kubenjeya kuphinde kube njeyaya
Bese siyajikajika sijikajike kube
Angathi siphuze ijiki kanti cha
Siyajikijelana nje.

Sekwale ngisho sengithumela otikoloshe
Ukuba bakuto..to..bise bakutotobisele ngakumina
Kwala ngisho inhliziyo isigqagqazelisa
Isifuba ishaya itoyiyoyi ngize
Ngithi “Uthando lwami ngawe” *3
“Thando ngawe, thando ngawe” *5
Yazi uma ngicabanga wena inhliziyo
Yami iyancibilika.

Sengiphelelwe amaqhinga sengicabanga
Ukuqhoqhobala uqhoqhoqho wakho
[crying] Kanti wena ungiqathazela nini?
Kanti wena uqhuma nini?.....
Ngyadlala ungaqhumi kodwa bengase
Ngiqhunyelwe uwena ngingaba yini?

Uma ngingcofoza izinombolo
Zikamakhalekhukhwini ngithi ngikuthinta
Emoyeni, wena umane ungiphendule
NgeSingisi.
Ngithi “Hi” wena uthi “Low”
Ngithi “How are you?” wena uthi “I’m cool”
Khuluma phela into ezongikhulula uma ucool
Bese ukhula ngokomqondo

Kepha ukhulele ngakumina phela.
Hhayi kulaba banye
Udlala ngami ngoba iNgilishi is not my
Mother’s tongue it’s my mother’s teeths
Ngithi “Hello mabebeza … swidadi… thambo
Lami lekhentakhi… Ngiyadlala
Thambo lami ehhe thambo lami
Kulowo mzuzu kumane kusuke ubuzukuzuku
Ngize ngifake ama-airtimes ami amabili, amathathu,
Amane, ayisithupha….
Hhay min’angisazi!

Ngiyaqeqemuka, ngiyaqeketha, ngiqaqa umqondo
Wami ngawe, angikufuni usuqothukile
Uzoqethukela bani uma usuqothukile?
Ngisho manje useyisibutubutu usamamatheka
Kuhle kwembali entwasahlobo
Angikufuni usukhathele, usukhwehlela,
…… ungaze ungikhahlele……
phela umkhuhlane uya..khu..khu..la
kuhle kwezikhukhula maybe kuhle kweTsunami

Girl come with me
You’ll never weakness
God is my witness
I’m not heartless
Although I may be penniless
But you’ll never depress
Your hips and lips will never feel loneliness
My lips, my nose, my eyes, my chest are
All the fans of togetherness

Woza… woza… ngipheth’iwozawoza
Ngiyazi uyazishaya ngami ukuthi
Awufuni ukuveza
Ngithande haw…
Lolu Uthando lwami ngawe


blind womans illusioned love song by THEMBEKA
they call me insane for saying i will see
for from my birth i have never seen
they say i am illussioned by these
conclusions of unfinished experiments
forgetting that i am not for experimenting
for through this darkness i will peep
through this blindness i will see
yes through your love i will conquer

i do not know you but the sound
of your voice comforts me
i have never seen you but the smile
on your face vanquishes my insecurities
giving birth to a new state of hope
i do not know you but by your touch
you have led me down my pathg
i now i know that i will see

i will see the sun rise above the horizon
live to see the lillies so, white so pure, so just like our love
yes I will live to see the stars adorning the velvety skies
and to see your face next to my face, under these stars as we...
yes my love i will see tomorrow
and tomorrow i will see because of you

BY Thembeka Madondo

When I speak I speak in tongues, but not tongues of prophecy but tongues of blamesphy
Even then I do not speak in my mother tongue but the tongue of those that are my oppressors
For my mother tongue they have come to term a sinful language
So you see I am not a product of nature or that of my mother
But I am a by-product of these sinful oppressions
So I embrace their sinful oppression with pride knowing that my pride is all I have

I am a child of AFRICA so when I speak with my elders I look down as a sign of respect
I bite my nails I write wordless words on the floor just to avoid their eyes
But they came from the west and told me that my respect was a sign of cowardice
That my gestures of respect told them that I am lying...
So which do I embrace... their teaching or my culture
For when I speak I speak in tongues but not tongues of prophecy but tongues blamesphy
Even then I do not speak in my mother tongue but the tongue of those that are my oppressors
For my mother tongue they have come to term a sinful language
And since I fear eternal condemnation I embrace their language with pride and I forget my oppression
So you see I am not a product of nature or that of my mother but I am a by-product of these sinful oppressions

umlomo ishoba lokuziphungela so I use this sword of words
Until they complement me on my culture blinding me with their smiles to the jokes they share
They say my words are pregnant with hope and they will feed me one day
They promise to take me international for my words represent me
My words are full of the respect that they condemn; they are full of my culture
But how can they if they are not the words that my mother fed me
How can they if they are written in a foreign language
ulimi engingaluncelanga kumama
But still I speak in tongues in the tongues of those that are my oppressors
Praying that their language which is sinfully oppressing me will yield to the words that produced

When I speak I speak in tongues, but not tongues of prophecy but tongues of blamesphy
Even then I do not speak in my mother tongue but the tongue of those that are my oppressors
For my mother tongue they have come to term a sinful language
So you see I am not a product of nature or that of my mother
But I am a by-product of these sinful oppressions
So I embrace they sinful oppression with pride knowing that my pride is all I have

I’m stuck between my culture and civilization I have to choose between my roots and the fruits I produced
But these fruits are results of thee roots and these roots were made for these fruits …
So which do I choose do I enjoy these pleasures of my labour and forget about who I am or do I stick to me and waste the fruits of my hard labour
I am but am no longer

By Thembeka Madondo



Hloma Hlomuka

Uma ngithi ngiyanhlanhlatheka kwamhlaba
ngizwa inhlokomo ngihletshelwa yizihlahla
onqenqemeni lwale ndlela zingazisa
ngokuhluma kwenhlakanipho kumuntu omnyama.
Ngizwa kuhlengezela izinyembezi uma
ngibona sekuhluma uqhekeko.
Ngibona, ngizwa kuheleza umoya wenhlukano.
Lwashonaph’uhleko lapho
kwakusineka ngisho umntwana engazi nanto?

Ngisho lapho ngisho ixhegu lexhegukazi
lalihleka linsinsitheke kuze kuvele elomhlathi
yize noma sekudlange izisini.
Laf’elihle kakhulu sekwavel’ogimbela kwezabo.
Ngisho esami, esakho nesaloyo; isisu
Isisusa sale ndaba phela ihlo
Liyahlola, lidlulise emqondweni, mlomo bese uyakhamisa
Ngasho, ngishilo, ngiyasho ngisazosho; isho nawe.

BoHlomuka ngicel’ukuhaya inkondlo …
Ngicel’ukumemeza lenkondlo kuhlum’ubumbano
Kuvuke izindlondlo nezindlovukazi zakoHlomuka
Ngizohlasela ngalamazwi wen’uzongipha indlebe
Hloma Hlomuka uzohlomula … hlokoma Hlomuka
Hlokoma Hlomuka alihlokome ibandla

Alingivumele ibandla bandla nami ngivule
ngivale, ngihlanganise ngehlukanise
izinyama ezingaphansi kwekhala.
Ngiqekethe ngiqephuze uze uqethuke.
Nginawo umlomo nawe futhi unawo
pho uthi mina angithuleleni ngoba angithwele
Ngiyakhuluma nje? Lalela Hlomuka.

Asazi mbhantshi kujiya phela lendaba
ijiyile kuhle kwesiqatha esigaywe kwanomasibanibani;
ngisho kwasibongo awaziwa.

Ngithi sengila weNgidi onginike ingidi
ngivale ngikhiye zonke lezi ezinye
izibongwana, zibongwa ubani?
Vele uma uphakama zonke lezi
ezinye izibongo ziyakhothama zibonge.
Zibonga nje zibophekile phela wena unguBophela.

Bopha izinkumbi ngebhande lobumbano
ngadlangadla edla ngamabala bese
sidla size sifinye ngendololwane sixoshe
ikati eziko.
Aliboni yini lona lizosha phela lomlilo
unganyelwe ubukhosi bangunaphakade.
Hheyi ngasho, ngasho, ngaphinde ngasho, ngishilo
futhi ngisazosho, awusho nawe.

BoHlomuka ngicel’ukuhaya inkondlo
Ngicel’ukumemeza lenkondlo kuhlum’ubumbano
Kuvuke izindlondlo nezindlovukazi zakoHlomuka
Ngizohlasela ngalamazwi wen’uzongipha indlebe
Hloma Hlomuka uzohlomula … hlokoma Hlomuka
Hlokoma Hlomuka alihlokome ibandla


Ngiyindlondlo nginguHlomuka
Ngingumlomo ongathethimanga
Ngiyinkosi ngokudalwa angibekwa
uzothi ungibekelani, ngizovuma ngoba
ngijabulisa wena ngiyabonga ukungcotshwa
kaninginingi ngibe ngingedwa.
NginguHlomuka. Lalela uzohlomula.
Hhayi ngoba ngiziqhenya ukuthi ngimuhle
nginguHlomuka, noma sengidiniwe ngeke
ungibone phela kugqitshwa ubuhle.
Angizenzi nami ungangizondi uzobe
uzihlukumeza ubuwena. NginguHlomuka.

Uma ngihaya lenkondlo phela uzongivumela
Angimenywa ngiyazifikela phela ukuvela
kwekhanda lami kuhlokoma izindimbane.

Hloma Hlomuka mina sengihlomile
Washonaph’u-Amen? …
Noma angabe angiwucelanga lo-Amen
vele inhliziyo yakho kade iwumemeza
kusukela ngivula umlomo ngihaya lenkondlo.
Ngasho, ngishilo, ngiyasho ngisazosho; isho nawe.

BoHlomuka ngicel’ukuhaya inkondlo
Ngicel’ukumemeza lenkondlo kuhlum’ubumbano
Kuvuke izindlondlo nezindlovukazi zakoHlomuka
Ngizohlasela ngalamazwi wen’uzongipha indlebe
Hloma Hlomuka uzohlomula … hlokoma Hlomuka
Hlokoma Hlomuka alihlokome ibandla

Ngibambe Hlomuka, ngibambe dade
phela wena wigazi lami.
Asiwanqamule lamathafa nezintabakazi
njengoba babenza obabomkhulu
Hloma Hlomuka … bambanani maHlomuka.


INSPIRED BY SEPARATION
LOVE ……..?!
Yes I mean love
L………..O……V……E
UTHANDO……?!
Yebo ngikhuluna ngothando.
Uyazi luyangidida uthando
Lungidida lungishiye ngididizela
Lungenza ngikhuluma izinto nami engingaziqondi
Kepha ngilindele ukuthi abanye baziqonde.

Love is an easy thing,
Easy to start but…. Wow it so hard to stop.

Sipho: Sthandwa sami ngiyathemba
Ngelinye lamalanga futhi ngiyalangazelela
Yebo hleze kuyokwenzeka
Lemifula esiyasha iyophinde igeleze
Uthando lwethu luyophinda luvuthe amalangabi
Njengoba kwakunjalo nasekuqaleni

Nomathemba: No ….no ….no my ex-lover
Ngiyavuma yayimnandi leyomnyaka
Zazinoju lezonsuku
Yayiwubisi leyomizuzu
Usangifumbathisa ithemba ngethembe
Kepha kusempilweni lapha
Akubuyelwa emumva kungemgqigqo
Kakusenakubuya kube njalo.

Sipho: Kodwa ntokazi emhlophe okwezihlabathi zolwandle
Ungakusho kanjani lokho?
Lapho ngisaluzwa luvutha amalangabi kweyami inhliziyo na?

Nomathemba: Mtanomuntu kangisenawo amaningi,
Kuphela-nje sala usuhlanza ngedela
Ubisi oluchithekile alusenakubuthwa
Izinyembezi nokubalisa kwakho akusenakungijika
Sala kahle sengiyahamba!

Sipho: Amaqhinga esekuphelele
Ungasenamumva naphambili
Lapho ilanga selikushonele
Namathunzi esewukela
Uyongikhumbula Nomathemba
Ithemba lakho selithambeme
Oqholosha ngabo sebekuqhelele
Ngaleyomihla yenhlupheko,
Usungiqalaza ngingasenakuqhamuka
Lapho usizi nomunyu sekuyingoma yakho
Yemihla ngemihla
Uyongifisa ngingasenakufumaneka
Lapho izinyembezi seziyisinkwa sakho semihla
Isililo sesiyihubo olihuba ubusuku nemini
Uyongikhumbula Nomathemba

Closing Stanza: Love is like a violin.
The music may stop now and then, but the strings remain forever

BY SIHLE NGIDI



Lo muntu

Kunalomuntu.
hhayi loyo, hhayi futhi loyaya.
Ngisho lo, lo muntu.
Angisho kodwa wena nhliziyo nawe
ngqondo ukuthi cabangani ngaye
phela imina kuphela okufanele
acabange ngaye lo muntu, lo.

Nhliziyo nawe ngqondo phela nina
ningakhohlwa ukuthi nakhelwa kimima
kodwa lokho akusho ukuthi kufanele
ningxambukele ezindabeni zami.
Niyezwa?
Asingaxabani-ke uma sengihaya lenkondlo.
Nawe ndlebe ngokunjalo ungangizwisi
izinto ezizongenza ngihline uma ngithi
ngiyajula ngicabanga lo muntu.
Okuzwile akugcine kuwena.
Angidinge spy and translator.

Ngisho lo muntu, lo
Hhayi loyo, hhayi futhi loyaya nalabo
Ngisho lo muntu yedwa,
Ngisho lo muntu, ehhe, lo.

Akukho suku lapho ngangiqala khona
ukumbona phela mina
naye before sizalwe seza la
emhlabeni saqale sahlangana
ezulwini sihlanganiswa uMdali omdala.
Ngoba sesila emhlabeni sesihamba
phezu kweziyalo zomdala.

Labo nalabaya ngiyababona kodwa bona
abangiyisi ndawo ngoba phela bona
ngabafica la emhlabeni sebevele behlabekile.
Mina ngihamba nalo, lo muntu.
Phela lo muntu uyahleka uma ngihleka,
ukuthi ngihlekani akayigqizi qakala leyo yena
phela kokunye uke ahleke ukuthi ngiyahleka
noma ngabe sengiqephuqephuza okungesemahlaya.

Uma ngivukelwa … ulaka ngihlanya
naye uvukelwa … ulaka ahlanye kodwa
asixabani phela thina isilona iqhude
nesikhukhukazi lapho uma uqhude
enganikwa aye ajahe usikhukhukazi
kube mapeketwane; singabakhulukazi.
Nomhlaba uyazi.

Uma ngisezinhlungwini isifuba sakhe
siphenduka sibe umqamelo wami.
Sihlanganise izindebe sixoxe ngetomorrow.
Ngisho yena, lo, lo muntu.
Kazi ubani owoba nesibindi nephaphu laso
asihlukanise ngoba thina asihlukani
sicomplex instead we re-combine and regather
uma sengibeka ngolimi londlebe zikhany’ilanga.

Hhayi ngoba sihlangene kepha sahlangana
nalo muntu.
Sahlangana kwabonakala ukuthi sihlangene.
Sahlala kwangahlambalazeka muntu.
Ungadideki angididekile dade:

Ngisho lo muntu
Hhayi loyo, hhayi futhi loyaya nalabo
Ngisho lo muntu yedwa,
Ngisho lo muntu, ehhe, lo.

Uma lo muntu ezamula phambi kwami
ngibona inhliziyo yakhe icakwe
ngokumhlophe kepha uma ezamula phambi
kwabanye bona ababoni nhliziyo futhi
isuke ibomvu.
Nabo bamane bafunde kwezabo phela
umbala obomvu usho igazi okusho ukuthi
uma bezihlanganisa naye uzobadla abafele.

Hheyi madoda lo muntu ngeke ngifa naye
noma kungafika iTsunami thina ngeke
isikhukhule nayo iyababheka abantu
enamandla yokubahlukanisa.

Lo muntu … lo muntu … lo muntu

Imemory yami isifull kodwa ngisaqhubeka
ngicabanga ngaye phela esengikucabangile
ngeke ngikususe uJesu angamane abuye
azolanda ibandla lakhe; kungal’ukwenza.

Elakubo limubhekile phela nalo liyayifunda imove.
Lo muntu ngiyacabanga ukuthi elakubo
limubhekile phela nenkukhu iyawusola umgqakazo:
Uyazi ukuthi ngicabanga ngaye.
Ngimuthanda okudlula yonk’into -
ngaphandle kwemali.

Nesilungu phela ngisikhipha ngamehlo
uma sengikhuluma ngezothando lokuthanda
lo muntu kuphela isiZulu bese
ngigoqa ngala mazwi.

Muntu come with me, come with me
You’ll never weakness
God is my witness
I’m ain’t heartless
I’m ain’t promiscuous
Hey you’ll never stress
Although I may be penniless
but you’ll never depress
Your hips and lips will never feel loneliness
My lips, my chest, my eyes
are all the fans of togetherness
For now it may seem less but one day if not weeks
you will see my love … my loveness …
ness … ness ngiyakuthanda moss.

Lo muntu … lo .. lo
Ngisho wena muntu
Ngiyamu …… uthando
Hey lo muntu




Ngiyawadabula
Excuse you mntwana okongihlahlele
le ndlela indlebe ngiyivulile.
Namhlanje akuhlukane inhloko nesixhanti,
kwenzenjani kanti? Kanti kwenzekani?
La mazwi ami ayizigidigidi
engikuposela wona imihla namalanga kanti aphelelaphi?
Loku kugidagida kwenhliziyo yami ungakubizi
ngesikhwele angikaze ngikukhwele kepha njalo njalo
ngikhwela ngidilika ngifuna ukufunda ubuso
bakhonjengencwadi kamasihambisane mtwana
mina ngihamba nawe, asambeni.

Excuse you ungangibizi ngesesheli;
angikusheli ngiyakubonisa phela mina angisheli
I’m a professional advicer kwezokushela.
Noma ungangincisha lolu thandwana lakho kodwa
ngesikhathi sisebancane uma sidlala umas’gcozi ngangiba
ubaba wena ube umama sixosh’ingane sithi azihambe
ziyothenga esitolo mbumbulu manje usuyangigolozela.

Hho excuse you mntanomuntu ngicela ungivulele amasango
enhliziyo yakho kungenjalo ngiyawadabula la mafind’othando

Uyangifaka noma uyangikhipha?
Uma ungifaka ngiyabonga ukungifaka enhliziyweni yakho.
Uma ungikhipha ngiyabonga ukungikhipha osizini lomzwangedwa.
Ungazinyezi phela wena umuhle njengonyezi
uma ngibona wena ngifikelwa usizi angizenzi.

Ntombazane ilotto phela le engikukhethisa yona.
Imain draw ukuthi uyangikhipha noma uyangifaka.
Ilotto plus ukuthi uyangigcwala noma uyangithanda;
uyangifaka noma uyangishutheka uma
ushaye esikhonkosini uzowina ivoucher yothando lwami

Ungesabi levoucher isezingeni eliphezulu ihlolwe
abakwaSABS for more informatan ungathinta mina
ku Aubrey@s’shimaneland.co.zimbabwe ngizokubamba.

Hho excuse you mntanomuntu ngicela ungivulele amasango
enhliziyo yakho kungenjalo ngiyawadabula la mafind’othando

Mangane usuyiphulile imithetho ka Jehova elishumi
uNkulunkulu wathi abantu abathandane wena ulokhu ungizulisela.
Ngizwile futhi kuthiwa uJesu uyabuya uzolanda ibandla
lakhe namhlanje ebusuku ngohalf past thengelakho
ngiqome lingaze libhubhe unesono ongasiavoida.
Futhi this time uma selibhubha uzobe engekho
uNorwa nomkhumbi wakhe khona mina nesikebhe esakhiswe
okwebhodlela lemellow-wood.

Ngiyazi uyazishaya ngoba usuzwile la mazwi ami ayashaya
usufuna ukuwaforwadela irazo yakho esihlanganis’ikhalenda
kodwa umuntu wesifazane imuzwa ngendaba njengoJosefa.
Hho nganeyendoda nowesifazane ukuqala kokuhlakanipha
ukuqom’u-Aubrey phela akasheli ngefacebook ushela ngezinga eliphezulu

Ngiyawadabula … dabula … ngisazowadabula


Umphako wendlela
Akuwona lo mtwalo okuwisa phansi
indlela indlela owuphethe ngayo ekuwisa phansi.
Bese uthi ufulathelwe abaphansi
kant’uwena awunamaphupho uzibukela phansi.
Bese abantu banshaya phasi
ngonyawo bakubhekisela phansi.
Awuna direction abazali bakho bahlale bebamb’ongezansi.
Ngithi vuka emaqandeni muntu waseMzansi
koze kube nini ukhothamela omaddam nobasi.
Bhukula seluchithekile ungalukhaleli lolu bisi.
Akugqame izenzo ungakhulumi kakhulu ungaze umile amapapisi,
azishe.

Muntu zama uhluleke kodwa ungehluleki ukuzama.
Ungabanaki abakuphushel’egodini noJesu wakhashelwa.
Uma unezifiso kodwa uvilapha zoshabalala
kuhle kombethe uthamel’ilanga;
kuhle kwamazolo ebalekel’ilanga.
Ayikh’imana eyophinde iqhamuke ezulwini bhukula
induku elukhuni ima esiweni.
Kunzima la emhlabeni
hhey wake-up wake-up ingane engakhali
ifela embelekweni.

Ake sithule lo mthwalo sibhukule sihlomele le ndlela.
Yize uvalo inqobo isibindi. Asishoshele nalo mphako wendlela.

Bathi intsha yanamhlanje ikhulelwa ubuthaphuthaphu
abasho kodwa ukuthi abesilisa bamithisa ubuthaphuthaphu
babizwa ngamasoka.
Abesifazane ibona abaningi abahola imali
yeqolo ngoba ibona abathwala izingane.
Mmmmhu angabe bazikhulelisa bona yini?

Upetrol unyuka cishe inyanga nenyanga ngaleyondlela
nemali yokugibela inyuka njalo kodwa uma
sewehlile upetrol imali yokugibela ayehli.
Kuhlale kugqugquzelwa ukuthi blacks must be
selected in our rugby and cricket national teams.
Kodwa angikaze ngizwe kuthiwa kuBafana Bafana akufakwe
abamhlophe.
Is it still affirmative action?

Mihla namalanga it is reported ukuthi abantu besifazane
bayahlukunyezwa kodwa uma umuntu wesilisa ehlukunyeziwe
kuthiwa indoda enjani eshaywa umfazi?
Abanazo yini izandla nematerial yokuhlukumeza bona?

Ake sithule lo mthwalo sibhukule sihlomele le ndlela.
Yize uvalo inqobo isibindi. Asishoshele nalo mphako wendlela.

It have been said and written ukuthi intsha
ihushula noma ikipha izisu.
Iziphi lezi zisu ezikhishwayo ngoba kusuke
kubulawa izingane ezingakazalwa.
Uma kukhishwa izisu kusho ukuthi phela
bonke laba abakhipha izisu abasenazo.

Lindani nibekezele noma kunzima ungaboni benza
bese uyenza nawe.
Liyez’elakho ithuba; asihlomele lolu hambo esingazi
ukuthi luyaphi futhi ligcinaphi, asambe kodwa.
Inkawu iyoze ihlangane nesikhwebu.
Noma ungaphumelelanga zama futhi ithunga
liyagcwala ngomphehlu.
Yizo Zulu, yizo mfethu ningasheshe nilahle ithemba
nenkonjane ize iqede indlu ngodaka kanjalo nomgodoyi
uze uwaqede amanzi ngolimi. Asambe

Ake sithule lo mthwalo sibhukule sihlomele le ndlela.
Yize uvalo inqobo isibindi. Asishoshele nalo mphako wendlela.

Asambe.




Laf’elihle kakhulu
Sekungena ngala kuphume ngale kuphume ngale
kube kungene ngala okusho ukuthi kufana nokuthi
akushiwongo ndlebe ndlebe kawuzwa
Yebo igula lendlela kaligcwali kodwa
eletsha yanamhlanje angathi alikho lona leli gula;
igulelwa amakhanda.
Ngisho sona lesi sizukulwane sama cereals,
amasamsung umsangano lo sizulelwa amakhanda.
Uyadela owaziyo.
Kazi iyozala nkomoni?

Hho laf’elihle kakhulu
kwakungenje ngezikhathi zobab’omkhulu
babengebakhulu kodwa isiko babelazi kakhulu.
Hhe lentsha yanamhlanje uthi uma uyithela uswazi
ithi inkomo kayimithi ingaphindwanga akanti
isinamalungelo ifuna ukukuqhatha nabakwasigonyela.
Ungaze ufunge ukuthi impi kamabonabulawe, inkukhu
nempaka kanti ingane nomzali.
Phela letsha yanamhlanje isifaka inyongo nesinye,
isithwal’ishoba.

Laf’elihle kakhulu
okusaketshezi sekuphuzwa njengamanzi,
asazi, abazi heyi angazi.
Intsha nezidakamizwa sekuwudwendwe lolimu namathe.
Usethi umzali uma ekhuluma nengane imane imgqolozele
emehlweni angathi angayingquzula ngempama ebe
engeke phela sekwaba khona umqulu womuthetho
sisekelo namalungelo akhona iBill eRight phela.
Umzali akaselutho umpheki usedla intuthu.
Ukuzala ukuzelula amathambo kwakushiwo njalo endulo
manje sebewuphemba bengawothi.

Hho laf’elihle kakhulu ngeke uzithinte uma
seziqephuqephuza ulimu londlebe zikhanya ilanga.
Angabe lingcono ngani lona?
Amaparties nasemanight clubs sekudanswa okwasa
Kwasa ngisho kungakasi.
Otsipa tsipa nodunu dunu kunwetshwe imilenze,
kuketukwe kuqethukwe kuthiwe woza wengculaza
sofa ngalokhu vele esafika ngakho.
Bhasobhani wetsha phela igqala ngobuhle ingcina ngobubi.

WeSihle ndoda emadodeni ngivumele ngithi angiyona
imbongi phela angibhongi, angiyena umfundisi phela
angifundisi ngiyaphasisa ha … ha hallelujah.
Ngivumeleni ngigeqe amagula nina nizongiph’indlebe.
Ngasho, ngishilo, ngisazosho, ngisasho namanje isho
… nawe intsha ididekile.

Sekwafika amacharma kwakhona abacharmekayo.
Ngeke ngisaligqoka ibhesho nesinene sami kuzothiwa ngiqaba.
Angabe ngiqale bani?
Phela abantu bamanje sebande ngemilomo njengembenge.
Imilomo yabo ihlal’ivulekile njengmilenze kaKelly Khumalo.

Uma ngibeka udaba kowesimame sekufanele ngitshengise
engenginako.
Hhayi ingamane ingangiqomi phela mina angingeni
kaEdigazi nakaMarkhamusi. Yey wentombi.
Mina ngithi Gegelegege ntombi ziyamugegela akukho
ntombi yaqoma izinyamazane sikhona.
Dudlu madolo kanyoko angithuki wena ngithuka lenhliziyo
yakho engithandayo kodwa umlomo wakho
awufuni ukuvuma.

Ononkiloyi, ondingasithebeni nosikhotheni sekwaba
insakavukela umchilo wesidwaba.
Ukudakwa sekwaba yisitayela uma ngingadakwa
kuzothiwa ngi-old fashioned.
Nisho yiphi ifashion, ubutabani?
Ubudoda nibusabani, kanti le mpilo ekabani?
Kanti emhlabeni nifunani?

Indoda nendoda yeyeni ubutabani;
owesifazane nowesifazane mamo ubutabani.
Kanti kwenzekani?

Okungcono azilime ziye etsheni ngoba akuyeki ebusheni
abantu sebesuka ebunganeni babeamakhehla nezalukazi.
Kanti we ma-Afrika sibhekephi.
Thina sabafana sibhekephi ngoba nina anazi nibhekephi
kodwa sobona nawa amehlo ekake umbombo.

WeSihle ndoda emadodeni ngivumele ngithi angiyona
imbongi phela angibhongi, angiyena umfundisi phela
angifundisi ngiyaphasisa ha … ha hallelujah.
Ngivumeleni ngigeqe amagula nina nizongiph’indlebe.
Ngasho, ngishilo, ngisazosho, ngisasho namanje isho
… nawe intsha ididekile.


WE ARE DIFFERENT
They draw an inference of what she did and does.
They draw an inference of him. An inference creation
created by a non-creator creature is to that creature’s
preference and perspective with a biased motive.

But the acceptance of the mind and the reluctance
of the brain b rainstorm a false mission backed by
jealously that jell-up the constituents and ingredients
of hatred.
She doesn’t mind of what their brains digest
wherenever she’he passes; whenever she’he crosses.
She differ in conduct and words because she is unique.
Different

I am being differed by their differences and inferences
of diffemation and the deafness of their minds and souls.
Whilst I’m being differed, she differ, he differ, yeah,
they differ because we are different.

We are different in words and acts.
I differ with these poetic words using different words
like Gxabhashe who is being called different names
in different areas.
I use these swords of words to murder their minds
with one tongue but to different people in one world
with different words.
Words of redemption and liberation of the people’s minds
of this nation have conquered my unique thinkings.

I don’t rent for these words
I am a poet I act in words so I utter these words
with no restriction.
They are quick to criticize but lazy and late to give
credit where it due because they fail to weigh the size
of I say, of what you say and they say of what
hey … we differ, we are different.

I am being differed by their differences and inferences
of defamation and the deafness of their minds and souls.
Whilst I’m being differed, she differ, he differ, yeah,
they differ because we are different.

Deceptions, life deductions, and downs of life differ.
You know wherenever there is light darkness cast
but through passion, patience, perseverance and pride
we pull progress to us and head forward.
Although forward we don’t know the wayward.
But we keep on walking like Johnny Walker who
intoxicates their minds and they fail to walk forward
and end-up following Mr Walker who is no longer
walking but he keep on dreaming as if he is walking in hell.

I’m a poet I use these swords of words of verbs
to address the residents.
Differed from a pornstar who use that body and get
fucked in front of underage children who enjoys looking
for as long as she knows she won’t reproduce she keeps
on screaming.
I am differed from a rapstar who use those words of insult
to insult whoever will buy the label.
And the blind world with no direction buys the label.
Differed from a male prisoner who is convicted of raping a
84 year old women and in jail learn the skill of sodomising
other male prisoners.
Differed from Black people who attend model C schools
and think they are white and forget who they are.
Let me remind you Black is black and that will never change.
I repeat myself Black is Black and that shall never change
don’t deceive yourself.
We differ in misconducts and conducts we conduct because
we are different.

If any of these words demean or defame your dignity
and well-being hey I don’t apologize for that or this.
I’ll rather apologize to the dictionary for almost using all its
verbs and subjects that make sense.
I’ll rather say sorry to the one who missed these poetic words,
the words that build and break.

Hey hey good people we differ. Differences,
inferences they draw, in our preferences, reluctance and the
acceptance of the mind and on our conscience we differ
in confidence.


I am being differed by their differences and inferences
of defamation and the deafness of their minds and souls.
Whilst I’m being differed, she differ, he differ, yeah,
they differ because we are different.