2008-02-29

THE SAGA CONTINUES Majita nizongivuma

Umzansi Ngisazowushukumisa
Sekunyuka iminyakanyaka ngithi ngiyakunyakazisa
ngithi ngiyakunyonyobela khona uzoxakaziseka
kepha wena uyangixaka nje ngob’ungitshela inyakanyaka
Ungixolele uma kuwukuthi ngiyangxambukela
Noma ungazama ukungixukuza uthi uyangixakazisa

Ngeke ngikuxebuke
Ukuthi inhliziyo yami ixakekile
Angisakwazi ngisho ukuxoxa okungaphakathi
Enhliziyweni yami ngoba wena uzongixoxa bese
uyangixokiza bese kuxoveka inhliziyo yami
Uyazi angiqondile ukukubangela izixakaxaka,
angiqonde kukuxaka
Kodwa wena walokhu uzixaka uzixukuza nje
ngoba uyasazi isixazululo salengxoxo … uthando

Hey bafethu kunalomntwana engimfunayo
engifuna ayithole yonke into ayifunayo
ngesikhathi asithandayo ngoba konke nginakho;
Umlomo … soxoxa ngothando,
Ibhayisikili ngizomuhambisa emajukujukwini okujula
kwenhliziyo yami, uthando ngizomuthanda.
Uma ngingase ngimuthole ophezulu wongithethelela

ngoba for sure ngizowuphula umuthetho owodwa
kwelishumi.

Pho ngizokwenzenjani?
Ngoba nonke nina majita niyabanjwa niyabamba

kusuka ezimbanjeni udilike njalo uze ufike edawa.
Hey bafethu akeningimbuleleni izimfihlo zenu
Hey bafethu akeningivuleleni izimfihlo zenu
Nami ngiyafuna ukubhukula ngihambe ngimamatheka,
ngihleka..nyi..nyi..nyi..nyi..nyi …ngisineka
nothandiweyo wami.
Pho ngizomutholaphi ngoba ngiphethwe isifo esingalapheki?
... ngiphethwe isifo esingalapheki
... ngiphethwe ubushimane

Angifuni ukuyivuma induku ukuthi lomntwana
ngi…ya…mu…shi…shiliza
Ngiphethwe ubushimane.

Hey bafethu musani ukungisukela, hey bafethu musani
ukungibiza ngesishimane ngoba mina ngiziphethe kahle
ngisaba uNgculazi
Hhayi ngoba ubushimane bumi ngenxa …
angiphethwe ubushimane

Hey bafethu musani ukungisukela, hey bafethu musani
ukungibiza ngesishimane ngoba ngizothi uma sengishoshela
sengimushela lomntwana nizoshwabana nizoqala
nilokhu ningishalazela abanye benu boze bavukwe umona
baze bafune ukungishaya

Phela lomntwana angisamusheli ngoba ngiyabona
ngizogcina sengishelela.
Okungcono angimushova … shove nale nkulumo
mhlambe uzosho into ezongishukumisa

Hey bafethu umzansi ngisazowushukumisa

Kusazoshuba uma sengishosholoza nalomtwana
esefake umshuqulo wasekhaya
Nofisa ngisho ukumushutha uma esenehlulile

esenishukile nithi niyamucharma.

Hey bafethu umzansi ngisazowushukumisa

Shh … shh … shh thulani vele ngoba

anazi ngisazoshosholoza
nale nkondlo; leli vangeli ngisazolishumayela

ngalenkondlo kophela zonke izinkulumo, koba
khona ukugedla kwamazinyo uma sesifakana
imilomo sixoxa ngefuture bese kubanjeya
kuphinde kube njeya bese siyajikajika
siphinde sijikajike kube angathi omunye
wethu uphuze ijiki kanti cha
siyajikijelana nje

Hey bafethu umzansi ngisazowushukumisa

Ngisazohamba ngihambe, ngishone ngivumbuke
noze nithi nine shobolo kanti cha ngasho ngathi
oshukumayo asibhej’ishumi
Lomntwana ngeke ngimushwebe … ngizombamba
ngizo … mbamba

Hey bafethu umzansi ngisazowushukumisa

But not for now, for now I will forever, ever be isishimane
Because I shall never be umashiyakukhalwa
Hey ezweni kushubile ikakhulukazi uma ushoshela ngasemzansi
Okungcono ngibe isishimane khona umashayabhuqe ungeke
ungishobozele.
Intsha ivukelwe … uthando olungayi ndawo

Hey bafethu umzansi ngisazowushukumisa





Sengihlomile


IQEMBU LEZISHIMANE

Shukuma shukuma
Ngishilo ngathi umzansi ngisazowushukumisa
Manje sengihlome ngiyizingovolo
Angichomi phela angilona icharma
Yonke lento ihlangene la kumina
Ichakalaka ihalaal imix masala
ungasali asambe sgwadi let's
make a collaboration asakhe iqembu
lezishimane

Nizozibonela ngo “si” …
Hhayi angathi ngiyalahla manje
Nizobona ngamehlo
Hhayi ngoba ngiyisigwadi ukuthi
ngisaqinisa leliqembu lezishimane
ngisazulisile ngisafund’imove
ngibuka amamovie non-stop
ukuthi labantwana bamuva kanjani
ukuthi lamapantsula amuva kanjani

Uvalo obelungivalile ngiluvule
Nge-upper cut lahamba laya phezulu
Phela lolu valo beselingihluphe very much
okungcono angimashe
Besengikhathele izimpintshi zami zingipitshiza
noma ngabe sisemnyango uma sezikhuluma
ngaloluthandwana lazo lomaBebe …bhe ..beza
engingabazi futhi abangekho
bathi mina angiphumele emnyango
Ngoba mina angizazi lezi ezothando

Hhe! … ungaze ufunge ukuthi bayabanjwa
kanti basuke benikana amaqhinga okushela
IShelling 101
Abaz’ukuthi mina sengishaya am “Shukumising
Skills” 501;
I’m a veteran, senguMaster kwezokushela
Majita ngimdala kulendima nizongivuma

Shayan’ihlombe sengihlome ngiyizingovolo
Sengihlome ngiphelele
Shayan’ihlombe senguProffessor kwezokushela
Ngipheth’ovolo bothando … ehhe niyangizwa
Isheling ka-Aubrey iyavuthela … uvutha amalangabi

Zethameli, zebukeli, ngibukeni
I’m a rising Sheling Machine
Lo mshini wokushela nguthathe eChina;
the headquarters of ama-charma

Okay angingakhulumi kakhulu
phela manje sengikhuluma indab’enkulu
ukhulu uhleli yedwa ekhaya
Ngifuna umabhebeza ozomuphekela
Phela umsebenzi kababes ukupheka
bese ngenza “sure” ukuthi wandisa
umndeni ekhaya
Uma ehluleka ijazi ligcwala umoya
Phela elam’ijazi ngiliqgoka njalo
Angipheli moya.
Hhayi angathi sengikhuluma
ezabantu abadala manje ingane
ezincane aziphumele emnyango
abantu abadala abasale.

Shayan’ihlombe sengihlome ngiyizingovolo
Shayan’ihlombe senguProffessor kwezokushela
Sengihlome ngiphelele
Ngipheth’ovolo bothando … ehhe niyangizwa
Isheling ka-Aubrey iyavuthela … uvutha amalangabi


Thulani-ke sengiyamqala lamaskills
ami kuleSheling 101 ningawaplagiarazi.
Hu hahaha …nizoloosa iDP,
Copyright is
Before ngiqale …

Shayan’ihlombe ninginike umdlandla
Ngipheth’ovolo bothando …. For sure ngiyayithatha lewini

Mina-ke angizulisi ngihlala odabeni
Sure maBebeza igama nguAubrey
(Africa Unite Because Reconciliation and Enlightenment is for You)
Wangcwala umtwana ngibona ngokungikhophozela
Ngicela … ukukushela … ublind yezwa
Angisho ukuthi awuboni ukuthi nje hhayi ublind

Okay …Alright …Alleft
Ungakhophozi kanti uzokhophoza kanjena
Yini uma sesenzana … uthando?
Wezingane ngithe phumelani emnyango

Ikhala lakho liyangichaza angathi
ingqakala yomlungu
Isiphongo sakho eiiishhh… angath’ibhodlela
leSmirnoff livele esikhotheni
Cha uyangichaza …
Lomntwana akamuhle … kakhulu umedium nje
Ngeke ngibangiswe umuntu kuyena
umnyamanyamana angathi
umuthi wokuhlehisa icala


Shayan’ihlombe sengiwinile
ISkill nginaso
Shayan’ihlombe kulomaBebeza ngeke
ngibangiswe umuntu.
Lo maBebeza usezoncikwa yimina

Shayan’ihlombe sengihlome ngiyizingovolo
Shayan’ihlombe sengiyabanjwa … ukuthi
uma ngishela ngiyabheda
Shayan’ihlombe hhayi izandla is’shimane esishukumisa
ngezinga eliphezulu sesiyayideda lenkundla






Ngishelise
Uyabona manje sengihlome ngiphelele
amaSheling Skills ami ase-edithwe
i-expert ene-experience
ka-over 20 years, all the way from enhliziyweni
yami.
Hhiyo futhi le nhliziyo engibekele umnqamula juqu
ukuthi uma ngingayithathi le wini ngeke iphinde
ivibrate, isizogxuma manje.

Okay nami ngithe okungcono angizijwibe
Habe! It will drink to know me
Yazi le nhliziyo izophuza ukungazi.
Okungcono sengosala khona; heyi
azilime ziye etsheni
Let izilima cultivate to the stone

Lomntwana namhlanje ngizomucharma
Ngizomshela ngesiNgisi
I love you’s okusho ukuthi ngimugcwala
kaningi … ningi

Namhlanje usuku lokuthi ngikucharme, ufunani?
Ngizokunikeza phela mina ukucharma
ngakufundela le phesheya … komfula wangasekhaya
Lapho ngangithi uma nginyakazisa isiqu sesihlahla
ngibone kushaker ngisho amahlamvu azo.
Ima kanjalo ngikushuthe ngefoni yami
irole model entsha uzovela kuTV
Uchocolate kodwa ngeke uwuthole usulate

Uma uqoma ukungiqoma ngizokuthengela
Iphinifa le leather
Mina-ke nginodelela we adi …didas
Sizoba nezingane eziwu-12 khona sizoba
neteam kanobhujuzwayo, kodwa thina sobhubha
singezwa
Igama layo kuzoba Ikhuluma S’shimane FC
Unga ‘worry’ amareserves sizowa adopta

Nginayo imoto kodwa ihlale ikusevirce
futhi ayibonwa, phela ayiguli izolunga ngo2010
Hho sisakhuluma ngo2010 imali enginayo
leyo ebank, eMzansi account
Ezansi le eduze kwaseposini
Hhayi ngoba kuphakathi eposini
ukuthi iPosi Office noMzansi kuyazwana
Izindlu zabo zindawonye, zihlangene

Lomntwana namhlanje ngizomucharma
Ngizomshela ngesiNgisi
I love you’s okusho ukuthi ngimugcwala
Kaningi … ningi

Ngizokukhisa … ngizokukhisa uma uyokha
amanzi emfuleni.
Ngeke silale ocansini luyahlaba lubuhlungu
Sizolala kutriple bed, iKing Aubrey
Sizosizana, okusho ukuthi wena uzoba imemory
card yami uma ngikhohlwa.
Uyifake ekhaleni khona uzo-increasa ukucabanga
kwakho phela wena ingqondo yakho angiyitholi kahle
angathi isemthunzini; khona ungeke uze
ukhohlwe ukuthi imina ngedwa uBig Boy wakho.

Yazi angikholwa ukuthi kukhona umfana
owake wakushela ngezinga eliphezulu kanje njengami
Mi nawu uR10 ohlangene uthenge iburger eJubs,
ngisho igwinya.
Ungibuyisele ushintshi ka R8.50 ungaligwinyi lonke
lelo gwinya ozolithenga - ungishiyele

Lomntwana namhlanje ngizomucharma
Ngizomshela ngesiNgisi
I love you’s okusho ukuthi ngimugcwala
Kaningi … ningi


Mmmmmhu ohho awufuni … awugcwali
You are not full ngami
Kodwa vele nami bengizidlalela nje
Mina angikaka graduate kuShelling 501
bengithi nawe ngikwenza umuntu ebantwini
phela kuwena sekwaba ilegacy ukungashelwa

Eishi … kanti koze kube nini ngiyacharma
Ngiyashela kodwa ngiyaloosa njalo
Angathi kufanele ngihlabe imbuzi emhlophe
Ngirounde indlu yasekhaya ngikhiphe ibhadi
Mhlambe nelakithi lizongibheka
NgiyaGraduatha kuleShelling Course
uma ngike ngabanjwa



Dlala S’shimane
Heeh eh majita kudala ngigudla
Ngithe ngihamba ngahlangana nemodel C
Ngilibone ngo “si”
Alilihle kakhulu limedium nje
Ngathi ‘eita’ lathi ‘hi’
Ngimane ngabona ukuthi liqond’ukuthi ngihigh
ngisezingeni eliphezulu nani niyazi nizongivuma
Ngasengimane ngiyalinyusa ngaliph’imendlela
ngathi wena awulona imodel C wimodel Z manje
ukuthi awazi.

Lathi Oh! My god that’s an insult
Ngacishelwa ngadinwa ngagana iselesele,
leli model Z lithi ngigodi likasathane
Licathi angisifici isingisi kanti alazi
ngiyasifica isingisi: I reach English
Lizophuz’ukungazi: she will drink to know me
Hey wena …
Ngiyasishaya isingisi ngisikhipha ngamakhala
I hit English and I release by noses

Lathi lizongivulel’icase
Kulungile inqobo nje uma lelokesi linezinkwa
Nayi neprize yesinkwa imb’eqolo
ngibe ngingayiholi ngisho imali yeqolo
Futhi angithule kungaze kuthiwe ngenza
imodel C abuse kanti mina angi ‘abuzi’
ngiqondisa amagwegwe ezicwicwicwi
ziyangicika

Angilona Imodel C phela mina abantu abangiboni
ngo “si” bangibona ngamehlo ngimodel s’shimane
Dlala s’shimane
IDean yezishimane phela mina ngishela ngefacebook
Irole model yami uOsama Bin Laden.
Hey bolova al’bhubhe

Pibip pibip; basop basop ded’endleleni
ngifak’uforward ureverse udukile
Ngizodlala; dlala, dlala s’shimane
Hlokoma South Africa, hlokoma mzansi

Idiploma yokushukumisa ngiyiphothule sengibambe ongezansi
amasupps engibambe phansi ngiyasola nabaphansi
bebengibhekisele phansi
nalo mntwana ushaya phansi ngedolo uthi
ngeke amqome umfana onebala elimnyama njengami
ngizomandisela inzalo emnyama njengomlomo
kaJammie Foxx angaz’abizelwe amasosha
netear-gas kuthiwe ufuye imikhovu, weh!

Lo mntwana uthi inkomo ingazala iChina
ngeke as’khiye isishimane ngifuna ukugainer
i-experience la kuyena phela yena
akafundisi uyaphasisa,
akayibhemi uyayidayisa
boo al’bhubhe Zulu opink

Pibip pibip basop basop ded’endleleni ngifak’uforward
ureverse udukile
Ngizodlala; dlala, dlala s’shimane
Hlokoma South Africa, hlokoma mzansi

Imina umc hey bomrapper thulani umsindo
ngilindeni kakhulu ngisathumel’umsindo
wemms ngalecellphone
yami yakwaCell C “I miss u sindi”
the message is sent and then sengisineka lapho
kuze kuvele elomhlathi angathi kade ngihlafuna
ushwamu

Uma kuthiwa ukude angabe ngithi ntaba zikude
umasithela manje ukhona khona la kamakhelwane
usithwe yizihlahla kushukuthi angimane
ngithi zihlahla useduze umasithela.
Noma angazulisa laph’ekhona ngiyazi utholile
lo myalezo nayi nenetwork is full okushukuthi kahle kahle
imin’isilima im a fool.

Okwamanje ngiyazi mina naye sifana noMugabe noGeorge
Dabul’uBhushi kodwa mhlambe ngelinye ilanga sofana
noZuma ne Cosatu.
Sengingaze ngigez’izandla njengo Pppppppiiiiiilatu
ngiyazi ngeke angishaye nango call backs owodwa yize
uCell C unabawu7 ngoba her back is for izinkinsela.
Kodwa angipheli moya njengemilenze yomgijimi wase-Ethopia
(njengabafundi bakwa engineering betelekela amaDP)
phela mina ngineziqu zokushela manje sengenz’iMasters
ngi-expert kwezokusukumisa.

Pibip pibip basop basop ded’endleleni ngifak’uforward
ureverse udukile
Ngizodlala; dlala, dlala s’shimane
Hlokoma South Africa, hlokoma mzansi

Ibhayibheli elisha eliphume izolo Chapter 1818
ngokwezishimane verse 90 & a half lithi qom’u-Aubrey
ukuze izinsuku zakho zande ezweni. Albhubhe
Dlala s’shimane



Umntwan’osharp
Uma ngithi ngithath’ukubheka ngithi ngiyamubheka
lo mabebeza akabhekeki ubuso bakhe buhlale
bubhizi buyavibreta angathi bubhaziwe.
Okungcono angimubhalele inwadi ngesiBhunu
ngoba angathi akangizwa ngesiZulu.
Ek is … eish ngingaze ngizilum’ulimi.
Ngifun’ukubhula lamazolo abhabhadisa imedulla oblongata yakhe.
Useze washitsh’ishape yekhanda ngengebhola lombhoxo.

Kwathi angibhukule ngishay’itoyi toyi njengezayoni
zizungeze insika.
Nami phela ngiyamufuna owami khona ngizofudumala
ebusika njengofudu ngimbathe ingubo enamehlo nekhanda.
Inhliziyo yami idabukile njengamansense esangoma.
Lo muntu useze wabopha amagoda agqagqene uma
kuthiwa nguweatherman angabe ngithi lithe gqabagqaba
ngamafu.

Ekse majita kudala ngifun’umntwana osharp
Lo mntwan’ogrand one degree yo thando necare

Ngifuna lo mntwana oziphethe kahle ongalokhu ehla
enyuka njengeprice kapetrol.
Okungcono akehle wayawaya njengedollar laseZimbabwe.
Ngisho lo ngane ongasineki kodwa o’smila’ angathi une
BA yoku‘smila’ ayithola e-university of smiling and love.
Engizothi uma ngicula unkosi sikelel’i-Afrika athi
maluphakanyiswe uphondo lwakho Aubrey.

Angizishayi ngodla amakota angaze akhulume
kakhulu njengoLekota.
Mangithath’ukubheka umntwana osharp ilo ongayifuni
imali yempesheni yo grandfather ngoba yena usharp.
Othi bephethwe ikhanda angyigwinyi igrandpa kodwa
uphuza iskwashu neginger stone
ezama ukuzenza uSharone Stone
ngezikhathi zakhe nezinwele zakhe ezigingiwe.
Angagijimi ngoba uzohlangana nezimbila zithutha
ziholwa epink neyello phambili.

Ekse majita kudala ngifun’umntwana osharp
Lo mntwan’ogrand one degree yo thando necare

Hhilo oneskill sokuphika uma eshelwa ngezinga
eliphansi izishimane.
Mangane asibe munye njengezinweloe zeNdiya lase Bombay.
Angaphazami ngoba ngizomgqema ingozi engeqiwa
mpukane woze axoxele amagwababa echachana
ukuthi yena uyiwar veteran surviva idomestic
civil war … war … war violence
Woza asambe sengiqedile


Ngisazodudula
Selokhu ngibathe ngibathe ngithi ngithi
bangishaya emvakwendlebe onhlenhle
nabamsukelayo akamuhle-hle
uqhelelene nobuhle
Kushukuthi labolova abangithathi serious
ukuthi nami ngisezingeni eliphezulu
lokuthi ngibambe ngibanjwe
ngivale ngivalwe, ngincike ngincikwe
hey ngithande ngithandwe

Phela lo mntwana engibona sengimubanga
nabo ngazivusela ngazikhulisela yena
enganakwe umuntu.
Okokuqala lo ngane uyen’uyena, owokuqala
owokugcina mhlambe futhi uyena kuphela uMdali
ayedale ukuthi abe ubambo lwami.

Wayengashongo ophezulu ukuthi asimubange lo mtwana.
Bolova an’dede … an’dede otherwise nizokubona
okwehlel’uSaddam.
Angithuli ngoba nginishishiliza ngisazama
amaqhinga okunichiliza noze nichifize nizongizwa.

Ningibangiselani ngoba niyazi ukuthandwa kuyivela
kancane la kumina kuhle kwamazinyo eqhude.
Nith’omunye ngomthathaphi ngoba nalona
ngamthola ngoba eswele abazomkhulumisa
phela ngase ngiyagalela mina s’shimane esishukumisa
ngezinga eliphezulu kodwa manje labolova
sebeyangihlukumeza.
Niyazi is’shimane abuse lento eniyenzayo?

Shh … shhh du … du dudu nina thulani du;
Ngisazodudula
Ningabaduduzi uma sebedumele
Hey bafethu ngisazodudula

Lo mabebeza ungowami
Konk’okwakhe kungokwami
Udalelwe mina hhayi nina
Asingambangi-ke
Ngi-investe amashares kuyena
I’m the one and only shareholder,
Umbuz’umuthanda nay’uyazi amaterms and conditions
othando lwami naye akwicontract ebhalw’enhliziyweni yakhe.

Ngi-owna 99,9 and a half percent wothando lwakhe.
No50% wezindebe zakhe, u50% osalayo owokusmila,
ukukhuluma nyi … hi hi hi nokusineka, hhay’okunye.
Imilenze anyathela ngayo angiyi-owni-ke yona ngingudirector.
Konk’akwenzayo smiling included uproducelwa imina
Ungambuki um’ekhuluma ngizokucharg’ ivat netax
phela mina ngusound engineer wezwi lakhe.

Hey bafethu asingambangini lomabe … be … bebeza
Phela nina aninamashare kulomuntu
Futhi ngeke nikubone lokho lingawa licoshwe uKhanyisile Mbau.
Ngilifunge idlozi lezishimane
Hey majita an’dede

Shh … shhh du … du dudu nina thulani du;
Ngisazodudula
Ningabaduduzi uma sebedumele
Hey bafethu ngisazodudula

Bolova an’dede … an’dede … an’dede
Okungcono ngizonithengela isitimela ujantshi nizozizamela;
noma ibhanoyi uphephela nizozizamela.
Phela lo mntwana ngimthanda okudlula inyoka ithanda igundane.
OkukaGorge Bush ethanda imali kawoyela.
OkukaMbeki ethanda isikhundla sobumengameli.

Lo mtwana akamfuni umakhwapheni; ideputy yami,
phela mina ngupresident wothando lwakhe.
Isterling senjabulo nendumalo yakhe.
Hey mina ngizogijimis’indoda an’dede

Shh … shhh du … du dudu nina thulani du;
Ngisazodudula
Ningabaduduzi uma sebedumele
Hey bafethu ngisazodudula

Oqhubekayo ngizomvulel’icala for interrupting the
ends of love and contempt of ubushimane affair

Kusazoshuba

Wenzani lo angidlali nawe
Angijwibi ngiyajikijela
Injalo le ndabandaba ayijiki.
Le ndaba uma ngithi ngiyayijulela iyangijulukisa.
Mjita noma ungajabula kusazoshuba
ngisadl’amathambo engqondo.

Ngizogijimisa indoda akukho zinyane
lemvubu ladliwa ingwenya kwacweba iziziba.
Uthini lo anginyatheli ngiyagxoba,
angisheli ngiya-adviser

Kwaphela iminyakanyaka ngishela lo ngane
kwala ngisho sengimucharma 33 times
nge3310 ngine airtimes ka33c.
Ngimuthembisa izulu nomhlaba ngibe ngisahluleka
ngisho ukuzithengela i-All Star.
Wena umucharma ngemoto enesondo emhlane;
Hummhu cha cha sengiyaflopa phela manje;
imoto ayinawo umhlane uwena onomhlane
oqinile njengenyama yomhlwehlwe.
Umuthatha umufaka indandatho.

Hhawu ngeke … kusazoshuba
Oyishayile akakayosi
Oyosile akakayidli
Oyidlile udl’icala

‘Intsha zanamhlanje’ hhayi mtomdala awkahle
ngangingekho ebusheni bakho.
Lo mangane muhle ngokudlulele uma ungamuqhathanisi
namuntu phela uma umqhathanisa nabanye akafit
bona bagqok’u-extra large yena ugqoka umedium uma
bethi bayamkhava bethi nabo bagqok’umedium
yena ugqok’u-extra extra medium no extra small
kanyekanye.

Ningaqambi amanga nithi unyathela ngabantwana
ngoba yena unyathela ngezinyawo ukuthi lapho
enyathele khona kusalela amafootsteps ezinkanyezi
hho kambe khona nezinzwane ezinyaweni
phela nazo ziyanyathela kushukuthi kusalela
nezinzwane steps.

Ungamlandeli ngomfutho uzovukwa ihigh high bese
wehlelwa icd 4 counter sishay’icount down
namahumusha …
7, 6, mhhu kuyashuba, 54321 zawushaya kulova
… wayejah’intombi.

Heeh bolova fundani imove
ungazidonseli iloose uyibhekile.

Hhawu ngeke … kusazoshuba
Oyishayile akakayosi
Oyosile akakayidli
Oyidlile udl’icala

Hhhi … ngahlanya inhliziyo yami idabukile
njengamansense esangoma.
Ubuso bami bunyukubele angathi ngikhoth’imbiza.
Wenzani lo ngihlinyile angathi imbuzi ihlafun’ameva.
UMaster uma ethi thee my African diamond mina
ngithi though my South African load shedding.

Hhawu ngeke … kusazoshuba
Oyishayile akakayosi
Oyosile akakayidli
Oyidlile udl’icala

Hhawu ngeke …
The one who hit had not fried, the one who
fried had not eating, who eating,
eat the case.
Kusazoshuba.

3 comments:

Anonymous said...

Who knows where to download XRumer 5.0 Palladium?
Help, please. All recommend this program to effectively advertise on the Internet, this is the best program!

Anonymous said...

tаntric mаsѕageѕ aгe typicallу performed in a
inԁividual's can give each other as a Christian married pair. Pere has light depressed in the the skin, and softly hugging the hairs on his blazonry, legs and dresser or back is a marvelous way to awaken all his nervus endings. As we age we are gifted with a greater apprehension carry a figure of risks and side of meat effects that can be very dangerous. That is why men oftentimes experience sensations related to purgation.

Here is my web blog: website
My site >

Anonymous said...

hhola shimane , u rock broe ,